Duteronomi
5 UMose wabe esebiza wonke u-Israyeli wathi kuye: “O Israyeli, yizwa iziqondiso nezinqumo zokwahlulela engizimemezela kuwe namuhla, uzifunde futhi uzigcine ngokucophelela. 2 UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe. + 3 UJehova akasenzanga nokhokho bethu lesi sivumelwano, kodwa wasenza nathi, sonke thina esiphilayo lapha namuhla. 4 UJehova wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, emlilweni. + 5 Ngangimi phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi + ukuze ngidlulisele izwi likaJehova kini, ngoba nanesaba ngenxa yomlilo futhi anikhuphukelanga entabeni. + Wathi:
6 “‘NginguJehova uNkulunkulu wakho, owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila. + 7 Ungalokothi ube nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. *+
8 “‘Ungazenzeli umfanekiso obaziwe + nanoma yini efana nento ephezulu emazulwini noma esemhlabeni noma esemanzini ngaphansi komhlaba. 9 Ungakukhothameli futhi ungayengelwa ukuba ukukhonze, + ngoba mina Jehova uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu ofuna abantu bazinikele kuye kuphela, + oletha isijeziso ngenxa yesiphambeko soyise kubantwana, esizukulwaneni sesithathu nesesine salabo abangizondayo, + 10 kodwa obonisa uthando oluqotho* esizukulwaneni senkulungwane salabo abangithandayo bagcine imiyalo yami.
11 “‘Ungalisebenzisi kabi igama likaJehova uNkulunkulu wakho, + ngoba uJehova ngeke angamjezisi olisebenzisa kabi igama lakhe. +
12 “‘Gcina usuku lweSabatha ukuze luhlale lungcwele, njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile. + 13 Uyosebenza, wenze wonke umsebenzi wakho izinsuku eziyisithupha, + 14 kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha kuJehova uNkulunkulu wakho. + Akumele wenze noma imuphi umsebenzi, + wena noma indodana yakho noma indodakazi yakho noma isigqila sakho noma isigqilakazi sakho noma inkabi yakho noma imbongolo yakho noma isiphi isilwane sakho osifuyile noma isifiki esihlala emadolobheni* akho, + ukuze isigqila nesigqilakazi sakho nabo baphumule njengawe. + 15 Khumbula ukuthi waba isigqila ezweni laseGibhithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha lapho ngamandla amakhulu. + Yingakho uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba ugcine usuku lweSabatha.
16 “‘Hlonipha uyihlo nonyoko, + njengoba nje uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze uphile isikhathi eside futhi uchume* ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. +
20 “‘Ungafakazi amanga ngomunye umuntu. +
21 “‘Ungafisi umfazi womunye umuntu. + Ungabi nobugovu ufise indlu yomunye umuntu noma insimu yakhe noma isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe noma inkomo yakhe noma imbongolo yakhe nanoma yini engeyomunye umuntu.’ +
22 “Le miyalo* uJehova wayikhuluma kulo lonke ibandla lenu entabeni, emlilweni nasemafwini amnyama, + ngezwi elikhulu futhi akanezelanga lutho; ngemva kwalokho wayibhala ematsheni amabili ayizicaba wanginika wona. +
23 “Kwathi nje lapho senilizwile izwi elaliphuma ebumnyameni, ngesikhathi intaba ivutha umlilo, + zonke izinhloko zezizwe zenu namadoda amadala beza kimi. 24 Nathi, ‘UJehova uNkulunkulu wethu usibonise inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, futhi sizwe izwi lakhe liphuma emlilweni. + Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu angakhuluma nomuntu futhi aqhubeke ephila. + 25 Manje kungani kufanele sife? Ngoba lo mlilo omkhulu ungase usiqothule. Uma siqhubeka sizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, nakanjani sizofa. 26 Ngoba ubani kubo bonke abantu oke wezwa izwi likaNkulunkulu ophilayo likhuluma emlilweni njengoba thina silizwile kodwa waqhubeka ephila? 27 Wena ngokwakho kumele usondele uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu azokusho, nguwe ozositshela konke lokho uJehova uNkulunkulu wethu akushoyo kuwe, thina sizokulalela futhi sikwenze.’ +
28 “Ngakho uJehova wawezwa amazwi enawakhuluma kimi, uJehova wathi kimi, ‘Ngiwazwile amazwi akhulunywe yilesi sizwe kuwe. Konke esikushilo kuhle. + 29 Ukube nje besiyohlale sinenhliziyo engesabayo, + sigcine yonke imiyalo yami; + bekuyosihambela kahle sona nabantwana baso kuze kube phakade! + 30 Hamba uthi kuso: “Buyelani ematendeni enu.” 31 Kodwa wena kufanele uhlale lapha nami, ngikutshele yonke imiyalo, iziqondiso nezinqumo zokwahlulela okufanele usifundise zona nokufanele sizigcine ezweni engisinika lona ukuba silithathe.’ 32 Manje kufanele niqikelele ukuthi nenza njengoba nje uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile. + Akumele niphendukele kwesokudla noma kwesobunxele. + 33 Kufanele nihambe ngayo yonke indlela uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, + ukuze niphile futhi nichume, nandise izinsuku zenu ezweni enizolithatha. +