UJehova Ufanelwe Ukudunyiswa Phakade
“Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.”—IHUBO 145:2.
1. Kungani uDavide ayenezizathu eziningi zokudumisa uJehova?
INCEKU kaJehova ethembekile uDavide yayinezizathu eziningi zokudumisa uNkulunkulu. Lenkosi eyaziwayo yakwaIsrayeli wasendulo yayazi ngobukhulu nangobuhle bukaJehova futhi yaqaphela ukuthi ubukhosi baKhe bungobaphakade. OPhezukonke wayefanelwe ukudunyiswa ngenxa yokwanelisa isifiso sakho konke okuphilayo nangenxa yokubonisa izinceku zakhe ezithembekile umusa.
2. (a) Lihlelwe kanjani iHubo 145? (b) Imiphi imibuzo esizoyicabangela?
2 UDavide wanika uNkulunkulu udumo olunjalo kumaHubo 145. Ivesi ngalinye lalelihubo elinamavesi aqala ngezinhlamvu zokuzikhumbuza liqala ngohlamvu lohlu lwezinhlamvu zesiHeberu ngokulandelana kwazo, nakuba uhlamvu olulodwa oluthi (nun) lungafakwanga. Lokhu kuhlelwa ngokulandelana kwezinhlamvu zokuzikhumbuza kungenzeka kwakwenzelwe ukuba kusize ekukhumbuleni. IHubo 145 lidumisa uJehova, njengasemazwini athi: “Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.” (IHubo 145:2) Kodwa lelihubo lingasithinta kanjani? Lingabenzelani ubuhlobo bethu noNkulunkulu? Ukuze sithole, ake sicabangele okokuqala amavesi 1 kuya ku-10.
Ubukhulu BukaJehova Abuphenyeki
3. NjengoDavide, yini esiyikweleta ‘uNkulunkulu wethu oyiNkosi,’ futhi ngani?
3 UDavide wayeyiNkosi, kodwa wabuvuma ubukhosi bukaJehova phezu kwakhe, ethi: “Ngiyakukuphakamisa wena-Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade.” (IHubo 145:1) Ngenhlonipho efanayo, oFakazi BakaJehova baphakamisa igama likaNkulunkulu futhi bamdumise emhlabeni wonke. Ukuphila kwethu kuyacetshiswa njengoba sihlanganyela emsebenzini onjalo. NjengoDavide, sikweleta uJehova ukulalela nokuzithoba ‘njengoNkulunkulu neNkosi yethu.’ Kungani singemlalele? ‘UyiNkosi yaphakade.’ (IsAmbulo 15:3, NW) Ngaphezu kwalokho, uDavide Omkhulu, uJesu Kristu, obelokhu ebusa eseNtabeni iSiyoni yasezulwini kusukela ngo-1914, usinikeza isibonelo esihle kakhulu sokuzithoba kuJehova, iNkosi Yaphakade.
4. ‘Singalidumisa’ kanjani ‘igama likaNkulunkulu’?
4 UDavide wathi ‘uyolidumisa igama likaNkulunkulu.’ Lokhu kungenzeka kanjani ngomuntu nje? Nokho, phakathi kwezinye izinto, ukudumisa umuntu kusho ukukhuluma kahle ngaye. Ukudumisa igama likaNkulunkulu kubonisa ukuthi sinothando olunamandla ngaye nangegama lakhe elingcwele, elinguJehova. Asilokothi sikhononde ngoNkulunkulu, asilokothi simbone iphutha, asilokothi sibungabaze ubuhle bakhe. Kulapho sinalesosimo sengqondo kuphela, siye sazinikezela kuJehova, futhi salondoloza ubuqotho njengoFakazi bakhe ababhapathiziwe lapho singasho khona kanye noDavide ukuthi ‘siyakudumisa igama likaNkulunkulu phakade.’ Uma sizigcina othandweni lukaNkulunkulu, siyothola isipho sokuphila okuphakade futhi kanjalo sikwazi ukudumisa uJehova phakade.—Juda 20, 21.
5. Isifiso sokudumisa uJehova “mihla yonke” kufanele sisithonye kanjani?
5 Uma simthanda ngempela uMniki-kuphila wethu, siyosho lokhu kanye noDavide: “Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.” (IHubo 145:2) Yeka ukuthi lungaba lubi kanjani usuku uma singazange simdumise uNkulunkulu! Sengathi singelokothe sibe matasa noma sikhathazeke kangako ngezinto ezibonakalayo kangangokuba sihluleke ukukhuluma kahle ngoBaba wethu wasezulwini noma sithandaze kuye nsuku zonke. UJesu wasikisela ukuthi kufanele sithandaze nsuku zonke lapho ethi emthandazweni oyisibonelo: “Usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla.” (Luka 11:3) Abaningi abasenkonzweni yesikhathi esigcwele badumisa uNkulunkulu nsuku zonke njengoba behlanganyela enkonzweni yobuKristu. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu ziyini, izinhliziyo zethu kufanele zisishukumisele ukuba sidumise uNkulunkulu ngandlela-thile usuku ngalunye. Futhi cabanga nje! NjengoFakazi BakaJehova abazinikezele abanethemba lokuphila okuphakade, sinethemba elihle lokudumisa igama lakhe phakade.—Johane 17:3.
6. Kungani uJehova ‘kumelwe adunyiswe’?
6 Ngokuqinisekile sinaso isizathu sokudumisa uNkulunkulu usuku lonke, ngoba uDavide wenezela: “Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.” (IHubo 145:3) UJehova mkhulu kangangokuthi akekho olingana naye, futhi ubukhosi bakhe buphelele. Inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari yaphoqeleka ukuba ivume: “Akakho ongavimbela isandla [sikaNkulunkulu], noma athi kuye: Wenzani na?” (Daniyeli 4:34, 35) UJehova “uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.” (IHubo 96:4) Kungakho nje ‘kumelwe adunyiswe.’ Phela, awekho amazwi okudumisa okungathiwa aphakeme kakhulu lapho sidumisa uJehova! Ufanelwe ukudunyiswa okunganqamuki nokwaphakade.
7. Yini efakazela ukuthi “ubukhulu” bukaNkulunkulu “abuphenyisiseki”?
7 “Ubukhulu” bukaJehova “abuphenyisiseki.” Kungakhathaliseki ukuthi mkhulu kangakanani ngomzimba, ubukhulu bakhe busohlotsheni lukaNkulunkulu ayilo. Yebo, izinto azidalile zimangalisa kakhulu ukuba singaziqonda, futhi nathi ngokwethu ‘senziwe ngokumangalisayo.’ (IHubo 139:14; Jobe 9:10; 37:5) Ngaphezu kwalokho, yeka indlela uJehova uNkulunkulu aziphatha kahle ngayo! Izithembiso zakhe uzigcwalisa ngokwethembeka futhi izinjongo zakhe uzembula ngothando. Nokho, asisoze sazi konke ngoNkulunkulu. Kulo lonke iphakade, siyokwazi ukukhula ekwazini yena, indalo yakhe, nezinjongo zakhe.—Roma 11:33-36.
Tusani Imisebenzi KaJehova
8. (a) ‘Isizukulwane ngemva kwesizukulwane siye sayitusa kanjani imisebenzi kaJehova’? (b) Uma sifundisa abantwana bethu ngemisebenzi nangezenzo zikaJehova, ngokunokwenzeka bayokubheka kanjani ukukhulekelwa kwakhe? (c) ‘Njengesizukulwane’ esijabulayo, yini insali egcotshiwe eye yayenza?
8 Kuningi okungashiwo lapho kudunyiswa uNkulunkulu wethu omkhulu ngokungaphenyisiseki kangangokuthi uDavide washukunyiselwa ukuba athi: “Isizukulwane siyakubabaza [siyakutusa, “NW”] kwesinye imisebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.” (IHubo 145:4) Izizukulwane zesintu ngokulandelana kwazo ziye zatusa imisebenzi kaJehova futhi zalandisa ngezenzo zakhe zamandla. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukulandisa ngalezizinto kulabo esibaqhubela izifundo zeBhayibheli zasemakhaya! Ngokwesibonelo, singabatshela ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto. (Genesise 1:1–2:25; IsAmbulo 4:11) Singakhuluma ngezenzo zakhe zamandla ngenkathi ekhulula amaIsrayeli ebugqilini baseGibithe, ewasiza ukuba anqobe izitha ezingamaKhanani, ewalondoloza ekuqothulweni njengesizwe ePheresiya lasendulo, nangokunye okwengeziwe. (Eksodusi 13:8-10; AbAhluleli 4:15; Esteri 9:15-17) Ingabe asishukumiseleki ukuba sitshele abantwana bethu ngemisebenzi nangezenzo zikaJehova? Uma sinikeza inzalo yethu imfundo enjalo futhi isibona sikhonza uNkulunkulu ngenjabulo, ngokunokwenzeka iyobheka ukukhulekelwa kwakhe njengento ejabulisayo futhi ikhule ‘inenjabulo kaJehova njengenqaba yayo.’ (Nehemiya 8:10; IHubo 78:1-4) Insali egcotshiwe yakha “isizukulwane” esisodwa esijabulayo soFakazi BakaJehova esitusa imisebenzi kaNkulunkulu ‘esixukwini esikhulu,’ ingxenye yesizukulwane esiyohlala emhlabeni oyiPharadesi.—IsAmbulo 7:9.
9. Njengoba sicabanga ngemisebenzi nangezenzo zamandla zikaNkulunkulu, yini esingaqiniseka ngayo?
9 Njengoba sicabanga ngemisebenzi nangezenzo zamandla zikaNkulunkulu, siqiniseka ngisho nangokwengeziwe ukuthi “uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu.” (1 Samuweli 12:22; IHubo 94:14) Lapho sibhekana nokulingwa, ubunzima, noshushiso, singaba nokuthula futhi siqiniseke ukuthi “ukuthula kukaNkulunkulu” kuyolondoloza izinhliziyo namandla ethu engqondo. (Filipi 4:6, 7) Ngakho yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba sitshele abanye ngoBaba wethu wasezulwini onothando novikelayo!
10. Zihlanganisani “izimangaliso” zikaJehova, futhi sizuza kanjani ngokuzindla ngazo?
10 Kufanele sizinike isikhathi sokuzindla ngobukhulu nangemisebenzi kaJehova, ngoba uDavide wanezela: ‘Ngiyakuzindla [ngobuhle obukhazimulayo, “NW”] bobukhosi bakho nangezimangaliso zakho.’ (IHubo 145:5) Ubukhosi bukaNkulunkulu buyasabeka futhi abunakulinganiswa nalutho. (Jobe 37:22; IHubo 148:13) Kanjalo, uDavide wazindla ngobuhle benkazimulo yobukhosi bukaJehova. Umhubi futhi wazindla nangezindaba ‘zezimangaliso’ zikaNkulunkulu. Lezi zihlanganisa ukuboniswa kokwahlulela ngokulunga kwaphezulu ekubhubhiseni izoni nasekulondolozeni abesaba uNkulunkulu, njengakuZamcolo. (Genesise 7:20-24; 2 Petru 2:9) Ukuzindla ngezindaba ezinjalo kuqinisa ubuhlobo bethu noJehova futhi kusenza sikwazi ukutshela abanye ngobukhosi nangezimangaliso zakhe. Phakathi nezinsuku ezingu-40 esehlane, uJesu waqiniswa ukuba amelane nesilingo ngokuzindla ngezinto amazulu avuliwe ayemqaphelise zona. (Mathewu 3:13–4:11) Ngemva kwalokho wakhuluma nabanye ngobukhosi nangezimangaliso zikaJehova.
11. (a) Kungani ukwesaba kwakwehlele izakhamuzi zaseJeriko? (b) Yimuphi umoya oFakazi BakaJehova abakhuluma ngawo ‘ngezenzo’ zikaNkulunkulu ‘ezesabekayo’ ‘nangobukhulu’ bakhe?
11 Lapho sikhuluma ngobukhosi nangemisebenzi kaNkulunkulu, sishukumisela abanye ukuba bakhulume ngakho. UDavide wathi: “Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo; ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.” (IHubo 145:6) URahabi wakhuluma ngokwesaba okwehlela izakhamuzi zaseJeriko lapho zizwa indlela uNkulunkulu ayesindise ngayo amaIsrayeli oLwandle Olubomvu futhi wawenza anqoba amakhosi amabili ama-Amori. Kumelwe ukuba kwakukhulunywa kakhulu “ngezenzo” ezinjalo “ezesabekayo” eJeriko. (Joshuwa 2:9-11) Futhi ngokuqinisekile “usizi olukhulu” oluseduze luyokwesabeka. (Mathewu 24:21) Kodwa izinto ezesabisa kanjalo kubantu abadediselwe kude noNkulunkulu zibangela ukuba izinhliziyo ezilungile ‘zimesabe uJehova,’ ukwesaba okunempilo. (IzAga 1:7) Benomoya onjalo wenhlonipho, oFakazi BakaJehova bakhuluma ngokubonakaliswa kwamandla kaNkulunkulu. Ingani uMenzi Wezimanga omkhulu ungundab’ uzekwayo phakathi kwabagcotshiwe nabangane babo basemhlabeni! Futhi ngisho noshushiso alubavimbeli ukuba batshele abanye ngalezizinto ‘nangobukhulu’ bukaJehova.—IzEnzo 4:18-31; 5:29.
Dumisa UJehova Ngobuhle Bakhe
12. Ubuhle bukaJehova busenza kanjani ukuba ‘siphuphume’?
12 UNkulunkulu ufanelwe udumo hhayi kuphela ngenxa yobukhulu bakhe kodwa futhi nangenxa yobuhle nokulunga kwakhe. Ngakho uDavide wathi: “[Bayakuphuphuma, “NW”] inkumbulo yobuhle bakho obukhulu, bahube ngokulunga kwakho.” (IHubo 145:7) Ubuhle bukaJehova bukhulu kangangokuthi ‘siphuphuma’ amazwi enjabulo ngokuqondene nabo. NgesiHeberu, umqondo ungowamanzi aphuphuma esiphethwini. Ngakho sengathi nathi singaphuphuma indumiso yokwazisa eya kuNkulunkulu, njengomfula. (IzAga 18:4) AmaIsrayeli abukhohlwa ubuhle bukaJehova, ngaleyondlela azilimaza kakhulu ngokomoya. (IHubo 106:13-43) Nokho izinhliziyo zethu mazichichime ngokubonga okunjalo kangangokuba abanye baphenduke ngemva kokuzwa ukuthi uJehova muhle kangakanani koFakazi bakhe abazinikezele.—Roma 2:4.
13. Ukubonakaliswa kokwahlulela ngokulunga kwaphezulu kufanele kusithonye kanjani?
13 Kwangathi ukubonakaliswa kokwahlulela ngokulunga kwaphezulu nakho kungasishukumisela ukuba simemeze ngenjabulo. Uma sizizwa ngalendlela, ngeke sifune kuphela uMbuso kaNkulunkulu kuqala kodwa siyofuna nokulunga kwakhe. Ngaso sonke isikhathi siyofuna ukuba ukuziphatha kwethu kulethe udumo kuJehova. Yebo, siyoba abamemezeli boMbuso basikhathi sonke abanokuningi abangakwenza enkonzweni kaNkulunkulu. Ngeke singalukhulumi udumo lwethu oluya kuJehova.—Mathewu 6:33; 1 Korinte 15:58; qathanisa neNW; Heberu 10:23.
UJehova Unomusa
14. Kunabuphi ubufakazi bokuthi “uJehova unesihe nomusa”?
14 Ephawula izimfanelo ezengeziwe zikaNkulunkulu ezifanele ukudunyiswa, uDavide wathi: “UJehova unesihe [nomusa, “NW”] uyephuza ukuthukuthela, mkhulu ngomusa.” (IHubo 145:8) UNkulunkulu unesihe ngokuthi muhle ngokuphelele futhi uyaphana. (Mathewu 19:17; Jakobe 1:5) Ubenzela izinto ezinhle ngisho nalabo abangamkhonzi. (IzEnzo 14:14-17) UJehova futhi unomusa, unozwela, “uyakhumbula ukuthi siluthuli.” Akayideleli inhliziyo eyaphukile noma asebenzelane nathi ngokwezono zethu kodwa unomusa kakhulu ngaphezu kukababa ongumuntu onothando olukhulu. (IHubo 51:17; 103:10-14) Phela, ekubonakaliseni umusa okukhulu, wathumela iNdodana yakhe ethandekayo ukuba izosifela ukuze sibuyisane noNkulunkulu futhi sisinambithe ngempela isihe sakhe!—Roma 5:6-11.
15. Kungani kungase kushiwo ukuthi uJehova uNkulunkulu “uyephuza ukuthukuthela” nokuthi “mkhulu ngomusa [wothando, NW]”?
15 UBaba wethu wasezulwini uyephuza ukuthukuthela. Akadedeli ulaka olungalawulwa. UJehova futhi “mkhulu ngomusa [wothando, NW].” Lapha igama lesiHeberu libonisa umusa ovela othandweni futhi uzihlanganise nento ethile. Wenza njalo kuze kube yilapho injongo yawo ngaleyonto ifezeka. Lingahunyushwa futhi nangokuthi “uthando oluqotho.” Phakathi kwezinye izinto, umusa kaNkulunkulu wothando, noma uthando oluqotho, ubonakaliswa ezenzweni zokukhulula, ukulondoloza, ukuvikela, ukukhulula ezinkingeni, nokusindisa esonweni ngesihlengo. (IHubo 64; 25:7; 31:16, 21; 40:11; 61:7; 119:88, 159; 143:12; Johane 3:16) Iqiniso lokuthi uJehova akazange alethe iArmagedoni ngokushesha ngemva ‘kwempi yasezulwini’ kwenza izixuku zithole ukusindiswa, ukubonakaliswa okukhulu komusa wothando waphezulu.—IsAmbulo 12:7-12; 2 Petru 3:15.
16. UJehova uye waba kanjani “muhle kubo bonke”?
16 Ngenxa yomusa kaNkulunkulu, kungashiwo ukuthi unenhliziyo enhle. UDavide wathi: “UJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.” (IHubo 145:9) Yebo, uNkulunkulu wayemuhle kumaIsrayeli. Eqinisweni, “uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.” (Mathewu 5:43-45) E-Edene, uJehova wathembisa ukuthi kwakuyoba ‘nembewu’ eyayiyoba isibusiso. Kamuva watshela uAbrahama: “[Ngembewu, NW] yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.” (Genesise 3:15, NW; 22:18) Futhi ubuhle bukaNkulunkulu bukhulu ‘kulesikhathi sokugcina’ kangangokuthi wonke umuntu ‘angeza athabathe amanzi okuphila ngesihle.’ (Daniyeli 12:4; IsAmbulo 22:17) UJehova uzimisele ukwenzela zonke izidalwa ezihlakaniphile okuhle, futhi ubuhle bakhe kufanele busisondeze eduze naye.
17. Kungamuphi umqondo uJehova ‘ehawukela yonke imisebenzi yakhe’?
17 UJehova “uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke” ngokuthi wenzela abantu nezilwane amalungiselelo amaningi. Uyena “onika inyama yonke ukudla.” (IHubo 136:25; 147:9) UNkulunkulu akadumisi ocebile abese eklolodela ocindezelekile, aphakamise oqhoshayo futhi adelele othobekile, aphakamise isiwula futhi ehlise ohlakaniphile. Abantu abanesono benza njalo kodwa hhayi uBaba wethu wasezulwini onomusa. (IHubo 102:17; Zefaniya 3:11, 12; UmShumayeli 10:5-7) Futhi yeka ukuthi mkhulu kangakani umusa, ubuhle nomusa wothando kaNkulunkulu ekwenzeni ukusindisa kube nokwenzeka ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ethandekayo!—1 Johane 4:9, 10.
Abathembekile Badumisa UJehova
18. (a) Imisebenzi kaNkulunkulu ‘imdumisa kanjani’? (b) Kunini lapho kufanele sishukunyiselwe khona ukuba sidumise uJehova?
18 UNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa okuvela ndawo zonke. Njengoba uDavide akubeka: “Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa, [abathembekile, “NW”] bakho bakubonge.” (IHubo 145:10) Imisebenzi kaNkulunkulu yendalo ‘iyamdumisa,’ njengoba nendlu eyakhiwe kahle iwudumo kumakhi wayo nesitsha sezimbali esihle siwudumo kumbumbi waso onekhono. (Qhathanisa namaHeberu 3:4; Isaya 29:16; 64:8.) Imisebenzi kaJehova yokudala imangalisa kangangokuthi iye yashukumisela izingelosi nabantu ukuba zimdumise. Amadodana kaNkulunkulu ayizingelosi amemeza ngenjabulo ehalalisa lapho emisa umhlaba. (Jobe 38:4-7) UDavide wathi “amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” (IHubo 19:1-6) Singamdumisa uJehova lapho sibona ukhozi lundiza emazulwini noma insephe itshakadula egqumeni eliluhlaza. (Jobe 39:26; IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:17) Ukumdumisa kufanelekile lapho sivuna isivuno noma sijabulela ukudla nabangane. (IHubo 72:16; IzAga 15:17) Imizimba yethu eklanywe ngokumangalisayo nayo ingabangela amazwi okudumisa kokwazisa aya kuNkulunkulu.—IHubo 139:14-16.
19. Bangobani “abathembekile,” futhi yini abayenzayo?
19 Namuhla, “abathembekile” bakaJehova abagcotshwe ngomoya emhlabeni bayamdumisa. Bakhuluma kahle ngaye futhi balangazelela ukubona intando yakhe yenziwa emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini. (Mathewu 6:9, 10) Njengoba abagcotshiwe betshela abanye ngemisebenzi kaNkulunkulu emangalisayo, isixuku esikhulu sisabela ngamanani anda njalo. Sikanye nabathembekile abagcotshiwe, sikhonza ngentshiseko njengabamemezeli boMbuso. Ingabe ukubonga kuyakushukumisa ukuba ube nengxenye yasikhathi sonke kulomsebenzi wokudumisa uNkulunkulu?
20. (a) Igama likaJehova liyongcweliswa kanjani? (b) Ngokuqondene neHubo 145, imiphi imibuzo esazocatshangelwa?
20 NjengoFakazi BakaJehova, sinjengoDavide ekunikeni uNkulunkulu udumo. Kithina ukungcweliswa kwegama likaJehova elingcwele nokudunyiswa kwalo kuyizinto ezibaluleke kakhulu. Njengoba igama laphezulu liyongcweliswa uMbuso kaNkulunkulu, lemfundiso yeBhayibheli ngoMbuso iyisici esivelele sezindaba ezinhle esizimemezelayo. Ingabe iHubo 145 linika ukukhanyiselwa okungokomoya kulokhu? Yini eyovezwa ukuxoxa kwethu ngalo lonke lelihubo? Kungaziphi ezinye izindlela elikufakazela ngazo ukuthi uJehova ufanelwe ukudunyiswa phakade?
Ubungathini?
◻ Singalidumisa kanjani igama likaJehova?
◻ Imiphi eminye yemisebenzi kaNkulunkulu etusekayo?
◻ Yini esiyoyenza uma sibazisa ubuhle bukaJehova?
◻ Umusa kaNkulunkulu uye waboniswa ngaziphi izindlela?
[Isithombe ekhasini 12]
Ingabe uyabatshela abantwana bakho ngezenzo zikaJehova zamandla, njengoba kwenza abazali abesaba uNkulunkulu kwaIsrayeli wasendulo?
[Isithombe ekhasini 15]
Njengoba indlu eyakhiwe kahle iwudumo kumakhi wayo, nemisebenzi yokudala kaJehova imlethela udumo