Bhekani KuJehova Ukuze Nithole Ukuqonda
“Ngizokwenza ube nokuqonda futhi ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo.”—IHUBO 32:8, “NW.”
1. Yiziphi ezinye zezici ezinqumayo ukuthi izinqumo esizenzayo ziyoba ngezihlakaniphile yini? (Qhathanisa noDuteronomi 32:7, 29.)
NSUKU zonke sibhekana nezinqumo—ezinye zazo zibonakala zizincane, ezinye ngokusobala zibalulekile. Ingabe izinqumo zethu ziyoba ngezihlakaniphile? Lokho kuxhomeke ikakhulukazi ekutheni sinamawala yini noma siyacabanga ngaphambi kokuba sikhulume noma senze. Nokho, kunezindaba eziningi lapho ukwenza izinqumo ezihlakaniphile kudinga ukuba sikwazi ukubona ngale kokusobala. Lokhu kungase kudinge ukuba sazi ukuthi uyoba yini umphumela wezenzakalo zezwe zanamuhla, ngisho nokuba sazi lokho okwenzekayo endaweni yomoya. Ingabe singakwenza lokho? Kungenzeka yini nganoma yimuphi umuntu ukuba akwenze lokhu ngendlela engekhona nje ukuqagela?
2. Ukuze siqondise inkambo yethu ngokuphumelelayo, yiluphi usizo esiludingayo, futhi ngani? (IzAga 20:24)
2 Abantu baphiwe amandla engqondo aphawuleka ngempela, kodwa abadalwanga benekhono lokuqondisa inkambo yabo yokuphila ngokuphumelelayo ngaphandle kokwamukela ngentobeko usizo oluvela kuNkulunkulu. Njengoba umprofethi ophefumlelwe uJeremiya abhala: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.
3. Uma sihluleka ukubheka kuJehova ukuze sithole isiqondiso, uyoba yini umphumela? (Qhathanisa noGenesise 3:4-6, 16-24.)
3 Uba yini umphumela uma singalinaki leloqiniso futhi sithembela kithi ngokwethu noma kwabanye abantu ukuze senze izinqumo zokuthi kuyini okuwukuhlakanipha noma okuwubuwula, okulungile nokungalungile? Ngenxa yokuqondiswa ukucabanga okungokwenyama, kuyoba nezikhathi lapho singase sikubone kukuhle lokho uNkulunkulu athi kubi, lapho singase siyibone ihlakaniphile inkambo uNkulunkulu athi iwubuwula. (Isaya 5:20) Ngisho noma lokhu singase sikwenze singahlosile, singase sibe isikhubekiso kwabanye. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 8:9.) Ngokuqondene nomphumela kulabo abaphikelelayo behluleka ukubheka kuJehova ukuze bathole isiqondiso, iZwi lakhe lithi: “Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.”—IzAga 14:12.
4. Yiluphi usizo uJehova aluthembisa ngomusa ezincekwini zakhe? (Qhathanisa noJeremiya 10:21.)
4 Ngokucabangela lokhu yini esiyidingayo? Kalula nje, sidinga usizo uJehova alunikezayo. Ngokukhuthazayo, uthi: “Ngizokwenza ube nokuqonda futhi ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonikeza iseluleko amehlo ami ekubhekile.”—IHubo 32:8, NW.
Lokho Ukuqonda Okukuhlanganisayo
5. Kuyini “ukuqonda”?
5 Kuyini ngempela “ukuqonda” njengoba kubhekiselwa kukho emiBhalweni? Yikhono lokubona emnyombweni wesimo, lokubheka ngale kokusobala. NgokweTheological Wordbook of the Old Testament, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “ukuqonda” lihlobene ‘nolwazi olukhaliphile lwesizathu’ sezinto. Uhlobo lolwazi olwenza umuntu akwazi ukwenza ngokuhlakanipha futhi aphumelele. Ngokuvumelana nalowomqondo oyisisekelo futhi ukuze kudluliselwe umongo wesenzo esifanayo sesiHeberu, iNew World Translation, ngaphandle kokuhumusha ngokuthi ‘yiba nokuqonda,’ isebenzisa amazwi anjengokuthi ‘yenza ngobuhlakani,’ ‘yenza ngokuqapha,’ nokuthi ‘yiba nempumelelo.’—IHubo 14:2.
6. Kungani kungathiwa “obamba umlomo wakhe” wenza ngobuhlakani, noma ngokuqonda?
6 Kanjalo, “obamba umlomo wakhe” kuthiwa ‘wenza ngobuhlakani,’ noma ngokuqonda. (IzAga 10:19) Uyacabanga ngaphambi kokuba akhulume, ecabangela indlela abanye abazokuqonda ngayo lokho akushoyo, nokuthi ingabe lokho angase akusho ngomunye umuntu kuyoba ngokuhlakaniphile yini, okunothando, noma kudingekile. (IzAga 12:18; Jakobe 1:19) Ngenxa yokuthi ushukunyiswa uthando ngezindlela zikaJehova nayisifiso esiqotho sokusiza umakhelwane wakhe, akushoyo kuyakha kwabanye.—IzAga 16:23.
7. Yini eyenza ukuba uDavide athole idumela lokuba ngumuntu owenza ngokuqapha?
7 Ngokuqondene noDavide indodana kaJese, kulotshiwe: “UDavide . . . waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha,” okungukuthi, ngokuqonda. UDavide waqonda ukuthi emsebenzini wakhe kwakuhileleke okwengeziwe kunokulwa phakathi kwamabutho angabantu. Waqaphela ukuthi yena namadoda ayenaye babelwa izimpi zikaJehova. Ngakho, uDavide wabheka kuJehova ukuze athole isiqondiso nesibusiso. (1 Samuweli 17:45; 18:5; 2 Samuweli 5:19) Ngenxa yalokho, izimpi zikaDavide zaphumelela.
8. EmiBhalweni yamaKristu yesiGreki, imiphi eminye imiqondo equkethwe isenzo esihunyushwa ngokuthi ‘yiba nokuqonda’?
8 EmiBhalweni yamaKristu yesiGreki, isenzo esihunyushwe ngokuthi ‘yiba nokuqonda’ sihunyushwe ngokuthi futhi, ‘thola umqondo’ nangokuthi, ‘qaphelisisa.’ (Roma 3:11; Mathewu 13:13-15; Efesu 5:17, NW) Lokho uNkulunkulu akuthembisa izinceku zakhe yikhono lokwenza lezizinto. Kodwa uzinikeza kanjani ukuqonda okunjalo?
Indlela UJoshuwa AbaNokuqonda Ngayo
9. KwaIsrayeli wasendulo, uJehova wabanikeza kanjani abantu ukuqonda?
9 KwaIsrayeli wasendulo, uJehova wathuma amaLevi ukuba afundise isizwe uMthetho wakhe. (Levitikusi 10:11; Duteronomi 33:8, 10) UMthetho wawuphefumlelwe uNkulunkulu, futhi umoya kaJehova wawusebenza elungiselelweni lenhlangano eyayabelwe ukuwufundisa. (Malaki 2:7) Ngalendlela, uJehova ‘wenza ama-Israyeli aba ngaqaphile,’ noma wawanika ukuqonda, njengoba kushiwo kuNehemiya 9:20, NW.
10, 11. (a) Njengoba kuboniswe kuJoshuwa 1:7, 8, yini eyayiyokwenza uJoshuwa ukuba enze ngokuqonda? (b) Yiliphi ilungiselelo lemfundo okwakubalulekile ngoJoshuwa ukuba aliqaphele? (c) Imuphi umzamo womuntu siqu owawudingekile kuJoshuwa?
10 Kodwa ingabe abantu ngabanye esizweni babeyokwenza ngokuqonda? Ukuze benze kanjalo, kwakudingeka okuthile kubo. Ngesikhathi uJoshuwa anikezwa ngaso umthwalo wemfanelo wokuhola uIsrayeli amngenise eZweni Lesithembiso, uJehova wamtshela: “Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenze ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube-nempumelelo [“wenze ngokuhlakanipha,” NW] nomaphi lapho uya khona. Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwé kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle [“wenze ngokuhlakanipha,” NW].” Igama lesiHeberu lapha elihunyushwe ngokuthi “wenze ngokuhlakanipha” lisho futhi ukuthi “wenze ngokuqonda.”—Joshuwa 1:7, 8.
11 UJehova wayeyomnika kanjani uJoshuwa ukuqonda okunjalo? Hhayi ngokukufaka ngokuyisimangaliso. IZwi likaNkulunkulu elilotshiwe laliyisihluthulelo sokukuthola. UJoshuwa wayedinga ukugcwalisa ingqondo yakhe nenhliziyo ngalo, ngokufunda nangokuzindla ngalo njalo. Njengoba uJoshuwa ayazi, iZwi likaNkulunkulu lalithi ukufundisa ngoMthetho kwakuyokwenziwa amaLevi. Ngakho, uJoshuwa wayedinga ukukuqaphela lokhu, angazehlukanisi njengokungathi wayengase akwazi ukuwuqonda eyedwa ngenxa yokuthi wayesesikhundleni somthwalo wemfanelo esizweni. (IzAga 18:1) Kwakubalulekile ngoJoshuwa ukuba akhuthalele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. Uma ayekwenza lokho, engadebeseleli noma iyiphi ingxenye yalo, futhi uma elilalela, khonake wayeyokwenza ngokuqonda.—Qhathanisa nawoku-1 AmaKhosi 2:3.
Indlela UJehova Anikeza Ngayo Ukuqonda Namuhla
12. Ukuze sizuze ekuqondeni uJehova akwenza kutholakale kithi, iziphi izinto ezintathu ezidingekile?
12 Kuze kube sesikhathini sethu, uJehova uye waqhubeka enikeza izinceku zakhe isiqondiso ezisidingayo ukuze zenze ngokuhlakanipha. Ukuze sizuze kulesosiqondiso, kudingeka izinto eziningana kithi njengabantu ngabanye: (1) Sidinga ukuqaphela inhlangano kaJehova, njengoba kwenza uJoshuwa. Ngokuqondene nathi, ukuqaphela okunjalo kuhilela ukubambisana nebandla lobuKristu labagcotshiwe, “inceku ethembekileyo neqondayo,” kanye neNdikimba yayo Ebusayo. (Mathewu 24:45-47; qhathanisa nezEnzo 16:4.) Futhi lokhu kuqaphela kuhlanganisa ukuba khona njalo emihlanganweni. (Heberu 10:24, 25) (2) Kumelwe sikhuthale ekutadisheni komuntu siqu iZwi likaNkulunkulu kanye nezincwadi ezilungiselelwe yisigaba ‘senceku,’ ezisisiza ukuba siliqonde. (3) Kubalulekile futhi ngathi ukuba sizinike isikhathi sokuzindla ngendlela esingazisebenzisa ngayo izinto esizifundayo ekuphileni kwethu siqu nasekusizeni abanye.
13. Sisho ukuthini isithembiso esilotshwe kuJeremiya 3:15?
13 Ngokuqondene nohlobo lokwengamela nokondliwa okungokomoya ayeyosilungiselela khona osukwini lwethu, uJehova wathi, kuJeremiya 3:15: “Ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha [“ngokuqonda,” NW].” Ngempela, lesimiso sokondliwa okungokomoya sasiyosinikeza ikhono eliphawulekayo lokuqaphela izimo nokuqonda ukuthi iyiphi inkambo okumelwe siyithathe ukuze siphumelele. Ubani ongumthombo walokho kuqonda? UJehova uNkulunkulu.
14. Kungani isigaba ‘senceku ethembekileyo’ sinokuqonda?
14 Kungani isigaba ‘senceku ethembekileyo’ sinokuqonda okunjalo? Kungenxa yokuthi siye salikhathalela ngobuqotho iZwi likaNkulunkulu futhi silandela ukuqondisa kwalo. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi siye sazithoba ekuqondiseni kukaJehova, uye wathululela umoya wakhe phezu kwaso, esisebenzisa ngokuvumelana nenjongo yakhe. (Luka 12:43, 44; IzEnzo 5:32) Njengoba umhubi ophefumlelwe abhala kudala: “Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.”—IHubo 119:99.
15. (a) Uyini umongo weseluleko isigaba ‘senceku’ esisinika Bona njalo? (b) Eminyakeni eminingi edlule, kwenzeka kanjani ngesigaba ‘senceku’ ukuba sinikeze ‘ulwazi nokuqonda’ okudingekile ngokuqondene nombono womKristu ngokumpontshelwa igazi?
15 Lapho iphendula imibuzo eqondene nokuthi kuyini okulungile okumelwe kwenziwe, “inceku ethembekileyo neqondayo” njalo iye yeluleka: ‘Sebenzisa okubhalwe eBhayibhelini. Thembela kuJehova.’ (IHubo 119:105; IzAga 3:5, 6) Lapho ukumpontshelwa igazi kuqala ukubhekwa njengendlela emisiwe yokwelapha futhi kuba impikiswano ebhekene noFakazi BakaJehova, INqabayokulinda yesiNgisi kaJuly 1, 1945, yachaza umbono wobuKristu ngokuqondene nobungcwele begazi. Yabonisa ukuthi igazi lakho kokubili izilwane nabantu lalihlanganisiwe ekunqatshelweni kwaphezulu. (Genesise 9:3, 4; IzEnzo 15:28, 29) Kulesosihloko akuzange kuxoxwe ngemiphumela engokomzimba; ulwazi ngemiphumela enjalo lwalulinganiselwe kakhulu ngalesosikhathi. Impikiswano yangempela yayiwukuthobela umthetho kaNkulunkulu, futhi kuseyiyo. Namuhla, abantu abaningi bayakubona ukuhlakanipha okunenzuzo kokwenqaba ukumpontshelwa igazi futhi bayanda abenza kanjalo. Kodwa sonke lesikhathi oFakazi BakaJehova bebekwazi ukwenza ngokuqonda ngoba bayamethemba uMdali, owazi okuningi kakhulu ngegazi ukudlula noma yimuphi umuntu.
16. Kungani iseluleko esikuNqabayokulinda ngezindaba ezinjengokuziphatha ngokobulili, imikhaya enomzali oyedwa, nokucindezeleka sabonakala siyilokho kanye okwakudingeka?
16 Njengoba izimo zokuyekelela ngokuqondene nokuziphatha ngokobulili ziye zaba sobala ngokwandayo, INqabayokulinda iye yanikeza isiqondiso esingokomBhalo esinengqondo, esikhundleni sokusekela inkambo ethandwayo. Lokhu kusiza abaningi ukuba balondoloze ubuhlobo babo obuyigugu noJehova nokuba bagxilise ukunakekela enjabulweni ehlala njalo kunasentokozweni edlulayo. Ngokufanayo, izihloko zeNqabayokulinda eziqondiswe emikhayeni enomzali oyedwa nakulabo abalwisana nokucindezeleka ziye zabonisa ukuqonda okungatholwa kuphela yilabo imicabango kaJehova eyigugu kubo nabathandaza ngobuqotho bathi: “Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami.”—IHubo 143:10; 139:17.a
17. (a) Emashumini eminyaka ngaphambili, yini izinceku zikaJehova ezaziyazi ngo-1914? (b) Nakuba kwakunemininingwane abantu bakaNkulunkulu ababesenemibuzo ngayo ngemva kuka-1914, yini ababeyazi eyanikeza isiqondiso esinengqondo ekuphileni kwabo?
17 ‘Ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ uJehova futhi uye wasiza izinceku zakhe ukuba ziqaphele, emashumini eminyaka kusengaphambili, ukuthi unyaka ka-1914 wawuyophawula ukuphela kweZikhathi Zabezizwe. (Luka 21:24) Njengoba zingenela inkathi elandela iMpi Yezwe I, yiqiniso, kwakunemibuzo eyayizidida. Kodwa ezazikwazi kwakwanele ngazo ukuba zenze ngokuhlakanipha. Zazazi ngokwemiBhalo ukuthi isikhathi sikaNkulunkulu esifanele sasiseduze sokuba isimiso esidala sibhujiswe; ngakho kwakuyoba ubulima ukuthembela kuso noma ukuvumela izindinganiso zaso zempumelelo engokwezinto ezibonakalayo zibuse ukuphila kwazo. Zazazi futhi ukuthi uMbuso kaJehova uyikhambi langempela lazo zonke izinkinga ezikhathaza isintu. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:33) Zabona ngokucacile ukuthi kuwumthwalo wemfanelo wawo wonke amaKristu eqiniso ukumemezela iNkosi kaJehova egcotshiwe, uJesu Kristu, noMbuso waKhe. (Isaya 61:1, 2; Mathewu 24:14) Ngo-1925, ngesihloko seWatch Tower esithi “Ukuzalwa Kwesizwe,” zaqiniswa ngokuqonda okucace kangcono kwesAmbulo isahluko 12; ngakho manje zaziqonda ukuthi yini ebeyenzeka emazulwini, engabonakali emehlweni abantu. Ukuqonda okunjalo kwanikeza isiqondiso esinengqondo ekuphileni kwazo.
18. Yiliphi ilungelo nomthwalo wemfanelo esinakho manje, futhi yimuphi umbuzo okufanele sizibuze wona?
18 Zenza ngokholo, izinkulungwane ezimbalwa ezazikhonza uJehova njengoFakazi bakhe ngalesosikhathi zahola ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngokomphumela, izigidi zabantu ziye zamazi futhi zamthanda uJehova futhi zinethemba lokuphila okuphakade. Sonke esiye sathola iqiniso ngenxa yokukhandleka kwabo kothando siye saboniswa ukuthi nathi futhi sinelungelo nomthwalo wemfanelo wokuhlanganyela kulomsebenzi, ngokunikeza ubufakazi obuphelele kubo bonke esingabafinyelela nangokuqhubeka senza kanjalo uJehova aze athi umsebenzi usufeziwe. (IsAmbulo 22:17; qhathanisa nezEnzo 20:26, 27.) Ingabe indlela osebenzisa ngayo ukuphila kwakho iyabunikeza ubufakazi bokuthi uyakwazisa ukuqonda uJehova akunikeze ngenhlangano yakhe?
19. (a) Nikeza isibonelo sothile okuphila kwakhe kubonisa ukwazisa ngokuqonda uJehova akunikezayo ngenhlangano yakhe. (b) Yini esingayifunda kulesosibonelo?
19 Ukuphila kwesixuku esikhulu sabantu kuzo zonke izingxenye zomhlaba kufakazela ukuthi kubona impendulo inguyebo. Ngokwesibonelo, cabangela uJohn Cutforth. Eminyakeni engaba ama-48 edlule, waqaphelisisa iseluleko esingokomBhalo isigaba ‘senceku ethembekile’ esasiqondisa ukunakekela kuso ngalesosikhathi njengoba senza namanje, okungukuthi: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. Ningakhathazeki ngengomuso.” (Mathewu 6:33, 34) Ngemva kweminyaka eminingi yokuhlangenwe nakho enkonzweni kaJehova, uMzalwan’ uCutforth wathi: ‘Enye yezinto eziye zagcizeleleka ngokunamandla engqondweni yami ukuthi uJehova unenhlangano emhlabeni ayiqondisayo, ukuthi ngingasebenza kanye naleyonhlangano, nokuthi uma ngingalandela ngokugcwele ukuhola nokuqondisa kwayo, kungangilethela ukuthula, ukwaneliseka, nabangane abaningi,kanye nezinye izibusiso eziningi ezicebile.’ Lokho kuqiniseka kuye kwaqiniswa ngokuphindaphindiwe njengoba eye wajabulela ukuphila okucetshiswe izibusiso ezingokomoya eUnited States, eCanada, e-Australia, nasePapua New Guinea.b Ngempela, ngathi sonke indlela yokuhlakanipha yileyo ebonisa ukuqaphela indlela uJehova anikeza ngayo ukuqonda kubantu bakhe.—Mathewu 6:19-21.
Xwaya Ukulahlekelwa Ukuqonda
20, 21. (a) Abanye abantu baye balahlekelwa kanjani ukuqonda kokwesaba uNkulunkulu abake baba nakho? (b) Yini eyosiza ekusivikeleni enkambweni elimazayo?
20 Ukuqonda uJehova akunikezayo kuwumcebo okumelwe siwazise. Nokho, kufanele siqaphele ukuthi kungasilahlekela uma singaqhubeki enkambweni eye yasenza sathola lokho kuqonda kokwesaba uNkulunkulu. Ngokudabukisayo, abanye baye baba nokuhlangenwe nakho okunjalo. (IzAga 21:16; Daniyeli 11:35) Benqaba ukuyalwa okwakuthinta bona siqu, bazama ukuthethelela lokho ababekwenza. Ukuqhosha kwaba ugibe kubo. Baqala ukukubheka njengokuhle lokho iZwi likaNkulunkulu elibonisa ukuthi kubi, futhi bahlehlela kude nenhlangano kaJehova. Yeka ukuthi kudabukisa kanjani!
21 Izimo zomuntu onjalo zinjengoba zichazwe kumaHubo 36:1-3, lapho sifunda khona ukuthi: “Inkulumo yesiphambeko komubi, isekujuleni kwenhliziyo [yakhe].” Okungukuthi, imicabango yakhe yobugovu nezifiso kumholela ekoneni. “Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe,” kuqhubeka umhubi. “Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho. Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso.” Futhi uba yini umphumela kuye? ‘Uyayeka ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.’ Eqinisweni uyaziqinisekisa ngokuthi akwenzayo kulungile, futhi uyenga abanye ukuba bamlandele. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba singabi nokuqonda kuphela kodwa sikulondoloze ngokuqaphela indlela uJehova aye wasenza ngayo ukuba sikuthole!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka iWatch Tower Publications Index 1930-1985, ngaphansi kwezihloko ezithi “Marriage,” “Families,” “Moral Breakdown,” nesithi “Depression (Mental).”
b Bheka INqabayokulinda yesiNgisi kaJune 1, 1958, amakhasi 333-6.
Yini Oyikhumbulayo?
◻ Yini eyosisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile?
◻ Yini ehlanganiswe egameni “ukuqonda”?
◻ UJehova ukunikeza kanjani ukuqonda ezincekwini zakhe esikhathini sethu?
◻ Yini edingekayo kithi ukuze sizuze ngokugcwele ekuqondeni uJehova akunikezayo?
[Isithombe ekhasini 16]
Ukuze ekuqondeni uJehova akunikezayo, sidinga ukuqaphela inhlangano yakhe, sikhuthalele ukutadisha komuntu siqu, futhi sizindle ngendlela yokusebenzisa lokho esikufundayo