UJeremiya
10 Yizwani izwi uJehova alikhulumile ngokumelene nani, nina ndlu ka-Israyeli. 2 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Ningayifundi imikhuba yezizwe, +
Ningesatshiswa yizinkanyiso ezisemkhathini
Ngoba izizwe ziyazesaba. +
Umbazi ugawula isihlahla ehlathini,
Bese enza ngaso isithombe esibaziwe. +
5 Zinjengesithusamagwababa ensimini yamakhukhamba, azikwazi ukukhuluma; +
Kufanele zithwalwe, ngoba azikwazi ukuhamba. +
Ningazesabi, ngoba azinakulimaza muntu,
Futhi azikwazi kwenza lutho oluhle.” +
6 O Jehova akekho onjengawe. +
Wena umkhulu, igama lakho likhulu linamandla.
7 Ngubani okungafanele akwesabe, Nkosi yezizwe, + ngoba kufanele wesatshwe;
Ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphile kuyo yonke imibuso yomhlaba,
Akekho nhlobo onjengawe. +
8 Bonke abanangqondo bayiziphukuphuku. +
Ukufundiswa yisithombe esibaziwe akusizi ngalutho. *+
9 Kulethwa isiliva eliyizingcwecwe elivela eTharishishi, + negolide elivela e-Ufazi,
Umsebenzi wengcweti, wezandla zosebenza ngensimbi.
Izembatho zazo zenziwe ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka noboya obuphephuli.
Zonke zenziwe yizingcweti.
10 Kodwa uJehova unguNkulunkulu ngempela.
UnguNkulunkulu ophilayo + neNkosi yaphakade. +
Ngenxa yentukuthelo yakhe umhlaba uyozamazama, +
Azikho izizwe eziyokwazi ukumelana nentukuthelo yakhe.
11 * Yilokhu okufanele nikusho kuzo:
“Onkulunkulu abangawadalanga amazulu nomhlaba
Bayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwala mazulu.” +
12 Wenza umhlaba ngamandla akhe,
Yena owamisa izwe elikhiqizayo ngokuhlakanipha kwakhe +
Nowelula amazulu ngokuqonda kwakhe. +
13 Lapho kuzwakala izwi lakhe,
Amanzi emazulwini ayahlokoma, +
Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba. +
Wenzela imvula umbani,
Akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe. +
14 Wonke umuntu wenza ngokungacabangi nangokungabi nalwazi.
Wonke umuntu osebenza ngensimbi uyohlazeka ngenxa yesithombe esibaziwe; +
Ngoba isithombe sakhe sensimbi* singamanga,
Awukho umoya kuzo. +
15 Ziyinkohliso,* umsebenzi wokwenziwa inhlekisa. +
Lapho usuku lokubhujiswa kwazo lufika, ziyoshabalala.
16 OyiSabelo SikaJakobe akafani nalezi zinto,
Ngoba nguYe owadala zonke izinto,
U-Israyeli uyingxenye eyigugu kakhulu yefa lakhe. +
NguJehova wamabutho igama lakhe. +
17 Phakamisa umthwalo wakho uwususe emhlabathini,
Wena wesifazane obhekene nosizi.
18 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo:
19 Maye ngenxa yokwephuka kwami! +
Inxeba lami alelapheki.
Ngithe: “Impela lokhu kuyisifo sami, ngizosibekezelela.
20 Itende lami licekelwe phansi, nezintambo zetende lami zigqashuliwe zonke. +
Amadodana ami angishiyile, awasekho. +
Akusekho muntu ozokwelula itende lami noma ozophakamisa izindwangu zetende lami.
Yingakho bengenzanga ngokuqondisisa,
Yonke imihlambi yabo ihlakazekile.” +
22 Lalela! Umbiko! Uyeza!
Ukuzamazama okukhulu okuvela ezweni elisenyakatho, +
Ukuze amadolobha akwaJuda enziwe incithakalo, indawo ehlala izimpungushe. +
23 Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu akuyona eyakhe.
Akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe. +
24 Ngiqondise, Jehova, ngendlela oyibona ifanele,