“Wonke Umuntu Onokuqonda Uyokwenza Ngolwazi”
ISIQONDISO esivela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ‘kumelwe sifiswe kakhulu kunegolide—kunegolide eliningi elicwengiweyo.’ (IHubo 19:7-10) Ngani? Ngoba “umthetho wohlakaniphileyo [uJehova] ungumthombo wokuphila, ukuba asuke ezingibeni zokufa.” (IzAga 13:14) Uma sisetshenziswa, iseluleko esivela emiBhalweni asigcini ngokuthuthukisa isimo sokuphila kwethu, kodwa sisisiza nokuba sigweme izingibe ezifaka ukuphila kwethu engozini. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukulufuna ulwazi lwemiBhalo futhi senze ngokuvumelana nalokho esikufundayo!
Njengoba kulotshwe encwadini yezAga 13:15-25, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni, yanika iseluleko esisisiza ukuba senze izinto ngolwazi ukuze sijabulele ukuphila okungcono nokude.a Isebenzisa izaga ezimfushane, ibonisa indlela iZwi likaNkulunkulu elingasisiza ngayo samukelwe abanye, sihlale sithembekile enkonzweni yethu, sibe nesimo sengqondo esifanele ngesiyalo, futhi sibakhethe ngokuhlakanipha abantu esizihlanganisa nabo. Ibuye ikhulume ngokuhlakanipha kokushiyela abantwana bethu ifa kanye nokubayala ngothando.
Ukuqondisisa Okuhle Kunika Umusa
USolomoni uthi: “Ukuqondisisa okuhle kunika umusa, kodwa indlela yalabo abenza ngokukhohlisa imagebhugebhu.” (IzAga 13:15) Enye incwadi ithi inkulumo yolimi lokuqala esho “ukuqondisisa okuhle,” noma ukuyiqonda kahle into, “ichaza ikhono lokuba nengqondo, ukwahlulela okunengqondo, nemibono ewukuhlakanipha.” Umuntu onalezi zimfanelo akakutholi kunzima ukwamukelwa abanye.
Cabanga ngendlela enokuqonda umphostoli uPawulu asebenzelana ngayo nomKristu ayekhonza naye uFilemoni lapho embuyisela isigqila esasibalekile, esigama laso lingu-Onesimu, kodwa manje esase singumKristu. UPawulu wanxusa uFilemoni ukuba amamukele ngomusa u-Onesimu, ngendlela ayengamukela ngayo umphostoli ngokwakhe. Empeleni, uPawulu wathi uyomkhokhela uFilemoni uma kukhona ayemkweleta kona u-Onesimu. Yebo, uPawulu wasengase asebenzise igunya lakhe atshele uFilemoni ukuba enze okufanele. Kodwa umphostoli wakhetha ukuyisingatha ngokuhlakanipha nangothando le ndaba. Ngokwenza kanjalo, uPawulu waqiniseka ukuthi uFilemoni wayezobambisana naye kule ndaba, kuholele ekutheni enze okungaphezu kwalokho ayecelwe ukuba akwenze. Akufanele yini nathi sisebenzelane ngale ndlela nesikholwa nabo?—Filemoni 8-21.
Ngakolunye uhlangothi, indlela yabakhohlisi imagebhugebhu, noma “ilukhuni.” (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngamuphi umqondo? Ngokwesazi esithile, igama elisetshenziswe lapha lisho “ukuqina, okusho ukuziphatha okungenazwela kwabantu ababi. . . . Umuntu ozimisele ukuhlala ezindleleni zakhe ezimbi, ongenandaba nongazigqizi qakala iziqondiso eziwukuhlakanipha zabanye, uphokophele ekubhujisweni.”
USolomoni uyaqhubeka: “Wonke umuntu onokuqonda uyokwenza ngolwazi, kodwa oyisiphukuphuku uyosakaza ubuwula yonke indawo.” (IzAga 13:16) Ukuqonda lapha kuhlotshaniswa nolwazi futhi kuhlanganiswa nomuntu ohlakaniphile, ozicabangisisa kahle izinto ngaphambi kokuthatha isinyathelo. Lapho esolwa ngokungafanele noma ngisho ethukwa, umuntu onokuqonda uyaqaphela ukuthi uthini. Ngomthandazo, uzama ukubonisa izithelo zomoya ongcwele ukuze angacasuki ngokweqile. (Galathiya 5:22, 23) Ohlakaniphile akamvumeli omunye umuntu noma isimo ukuba kumlawule. Kunalokho, uyazibamba futhi azigweme izingxabano avame ukungena kuzo umuntu othukuthela agan’ unwabu lapho oniwa othile.
Onokuqonda ubuye enze ngolwazi lapho enza izinqumo. Uyazi ukuthi izinyathelo eziwukuhlakanipha azivamile ukuvela ngokuqagela, ngokwenza izinto eqhutshwa imizwelo, noma nje ngokulandela umbimbi. Ngakho-ke, uzinika isikhathi sokusihlolisisa kahle isimo abhekene naso. Uwahlolisisa wonke amaqiniso abese ethola ukuthi yini angayenza. Ube esehlola imiBhalo anqume ukuthi imiphi imithetho noma izimiso zeBhayibheli ezisebenzayo kuleso simo. Indlela yomuntu onjalo ihlala iqondile.—IzAga 3:5, 6.
“Isithunywa Esithembekile Singukuphulukiswa”
NjengoFakazi BakaJehova, siphathiswe umyalezo oyisimemezelo esiwunikwe uNkulunkulu. Isaga esilandelayo sinamazwi asisiza ukuba sihlale sithembekile ekufezeni ukuthunywa kwethu. Sithi: “Isigijimi [noma, isithunywa] esibi siyowela ebubini, kodwa isithunywa esithembekile singukuphulukiswa.”—IzAga 13:17.
Lapha kugcizelelwa izimfanelo zesithunywa. Kungathiwani lapho isithunywa, ngenhloso embi, sisonta noma siphendukezela umyalezo? Angeke yini sithole isijeziso esinzima? Cabanga ngoGehazi, inceku yomprofethi u-Elisha, ngobugovu owahambisa umyalezo ongamanga esikhulwini sempi saseSiriya, uNahamani. Uchoko uNahamani ayephulukiswe kulo lwanamathela kuGehazi. (2 AmaKhosi 5:20-27) Kuthiwani lapho isithunywa singathembeki futhi siyeka ngokuphelele ukumemezela umyalezo? IBhayibheli lithi: “[Uma] wena ungakhulumi umxwayise omubi endleleni yakhe, yena njengomuntu omubi uyofa esiphambekweni sakhe, kodwa igazi lakhe [mina Jehova] ngiyolibiza esandleni sakho.”—Hezekeli 33:8.
Ngakolunye uhlangothi, isithunywa esithembekile siwukuphulukiswa kuso ngokwaso nakulabo abasilalelayo. UPawulu wanxusa uThimothewu: “Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:16) Cabanga ngokuphulukisa ukumenyezelwa ngokwethembeka kwezindaba ezinhle zoMbuso okukufezayo. Kushukumisa abantu abanesimo esihle senhliziyo futhi kubaholele eqinisweni elibakhululayo. (Johane 8:32) Ngisho noma abantu benqaba ukulalela lowo myalezo, isithunywa esithembekile ‘siyowukhulula umphefumulo waso.’ (Hezekeli 33:9) Kwangathi singelokothe sikudebeselele ukufeza ukuthunywa kwethu ukuyoshumayela. (1 Korinte 9:16) Futhi masiqikelele njalo ukuba ‘sishumayele izwi,’ singalokothi sililulaze noma sithambise umyalezo walo ukuze lithandwe abantu.—2 Thimothewu 4:2.
‘Ogcina Ukusolwa Uyakhazinyuliswa’
Kufanele yini umuntu ohlakaniphile acasukele noma isiphi isiyalo esiwusizo asitholayo? IzAga 13:18 zithi: “Ongasinaki isiyalo ungena ebumpofwini nasehlazweni, kodwa ogcina ukusolwa nguye okhazinyuliswayo.” Siyobe sihlakaniphile lapho sikwamukela ukusolwa ngisho nalapho singakucelanga. Iseluleko esinengqondo singase sibe usizo olukhulu lapho singaqapheli ukuthi siyasidinga. Ukusilalela leso seluleko kungasivikela osizini futhi kusisize sigweme inhlekelele. Ukungasinaki kuyoletha ihlazo.
Lapho kufaneleka, ukuncoma kuyasakha futhi kuyakhuthaza impela. Kodwa kudingeka sikulindele, futhi sikwamukele ukusolwa. Cabanga ngezincwadi ezimbili umphostoli uPawulu azibhalela uThimothewu. Nakuba emncoma ngokwethembeka kwakhe, lezi zincwadi zigcwele nezeluleko ezeluleka uThimothewu. Ngomusa, uPawulu weluleka le nsizwa mayelana nokuba nokholo nonembeza omuhle, ukusebenzelana nabanye ebandleni, ukwakha ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu nokwaneliseka, ukufundisa abanye, ukwenqaba izihlubuki, nokufeza inkonzo yayo. Amalungu asemasha ebandleni kufanele asifune futhi asamukele iseluleko esivela kwabanokuhlangenwe nakho.
‘Hamba Nabahlakaniphile’
Inkosi ehlakaniphile ithi: “Isifiso lapho sigcwaliseka siyawujabulisa umphefumulo; kodwa kuyinto enengekayo eziphukuphukwini ukusuka kokubi.” (IzAga 13:19) Mayelana nencazelo yalesi saga, enye incwadi iyaphawula: “Lapho umgomo usufinyelelwe noma isifiso sesigcwalisekile, umuntu ugcwala umuzwa wokwaneliseka . . . Njengoba ukufinyelela komuntu umgomo wakhe kuyinto ejabulisayo, khona-ke, kumelwe ukuba kuyinto enengekayo eziphukuphukwini ukusuka kokubi. Izifiso zazo zingagcwaliseka kuphela ngokusebenzisa izindlela ezimbi, futhi ukube bezingashiya ububi, bezingancisheka injabulo yokubona izifiso zazo zigcwaliseka.” Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sihlakulele izifiso ezifanele!
Yeka indlela abantu esizihlanganisa nabo abanethonya ngayo emicabangweni, ezintweni esizithandayo, nasezintweni esingazithandi! USolomoni ukhuluma iqiniso elingasoze labuna lapho ethi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Ngempela, esizihlanganisa nabo, ngisho nangokuzijabulisa, nge-Internet, nalokho esikufundayo, kunethonya ohlotsheni lwabantu esiyilo nesiyoba yilo. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukubakhetha ngokuhlakanipha abantu esizihlanganisa nabo!
‘Shiya Ifa’
Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Yizoni ezixoshwa inhlekelele, kodwa ngabalungile abavuzwa okuhle.” (IzAga 13:21) Ukuphishekela ukulunga kuyazuzisa, ngoba uJehova uyabakhathalela abalungile. (IHubo 37:25) Nokho, kumelwe sazi ukuthi “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” kusehlela sonke. (UmShumayeli 9:11) Kukhona yini esingakwenza ukuze sizilungiselele izenzakalo ezingalindelekile?
USolomoni uthi: “Omuhle uyoshiyela abazukulu ifa.” (IzAga 13:22a) Yeka ifa eliyigugu abazali abalishiyela izingane zabo lapho bezisiza ukuba zingenise ulwazi ngoJehova futhi zihlakulele ubuhlobo obuhle naye! Kodwa bekungeke yini kube ukuhlakanipha nokwenza amalungiselelo, uma kungenzeka, okuba umkhaya ube nenhlalakahle ngezinto ezibonakalayo lapho umzali eshona ngokungalindelekile? Ezindaweni eziningi, izinhloko zemikhaya zingase zikwazi ukuthatha umshwalense, zenze incwadi yefa, futhi zibekele eceleni imali ethile.
Kungathiwani ngefa lababi? USolomoni uyaqhubeka: ‘Ingcebo yesoni iyinto ebekelelwe olungileyo.’ (IzAga 13:22b) Ngaphezu kwanoma iziphi izinzuzo zamanje, lokho kuyoba iqiniso lapho uJehova egcwalisa isithembiso sakhe sokudala “amazulu amasha nomhlaba omusha” lapho ‘kuyohlala khona ukulunga.’ (2 Petru 3:13) Ngaleso sikhathi, ababi bayobe sebebhujisiwe futhi “abamnene bayodla ifa lomhlaba.”—IHubo 37:11.
Umuntu ohlakaniphile wenza izinto ngolwazi ngisho nalapho engenako okutheni. IzAga 13:23 zithi: “Umhlabathi olinyiwe wabantu abanokuncane uthela ukudla okuningi, kodwa kukhona okhukhulwayo ngenxa yokuntula ukwahlulela.” Abantu abangenako okutheni bayoba nokuningi ngokusebenza kanzima nangesibusiso sikaNkulunkulu. Nokho, lapho ubulungisa bungekho, izahlulelo ezingafanele zingayiqeda ingcebo.
‘Yifune Ukuze Uyiyale’
Abantu abangaphelele badinga isiyalo, futhi basidinga kusukela beyizingane kuqhubeke. Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ogodla induku yakhe uyayizonda indodana yakhe, kodwa ngoyithandayo oyifunayo ukuze ayiyale.”—IzAga 13:24.
Induku iwuphawu lwegunya. KuzAga 13:24, ibhekisela egunyeni lomzali. Kulo mongo, ukusebenzisa induku yokuyala akusho ngempela ukuyishaya ingane. Kunalokho, kumelela ukuyiqondisa, nganoma iyiphi indlela. Kwesinye isimo, ukuyikhuza ngomusa ingane kungase kwanele ukuba kulungise ukuziphatha okungafanele. Enye ingane ingase idinge ukusolwa okuthé ukuqina. IzAga 17:10 zithi: “Ukukhuza kungena kujule konokuqonda kunokushaya oyisiphukuphuku kayikhulu.”
Ukuyala kwabazali kufanele njalo kulawulwe uthando nokuhlakanipha ukuze izingane zizuze. Umzali onothando akawashalazeli amaphutha engane yakhe. Kunalokho, uyawafuna ukuze alungiswe ngaphambi kokuba akhele kakhulu enganeni. Yebo, umzali onothando uyasilalela isiyalo sikaPawulu: “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.
Kuthiwani lapho umzali etotosa futhi ehluleka ukunikeza ukulungisa okufunekayo? Uyobongwa yini kamuva lowo mzali ngokutotosa kwakhe? Lutho! (IzAga 29:21) IBhayibheli lithi: “Yinduku nokusola okunika ukuhlakanipha; kodwa umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.” (IzAga 29:15.) Ukungalisebenzisi igunya lobuzali kubonisa ukungabi nandaba noma ukuntula uthando. Nokho, ukulisebenzisa ngomusa kodwa ngokuqinile igunya kubonisa ukuthi umzali ukhathalela ngothando.
Umuntu ohlakaniphile noqotho owenza izinto ngolwazi lweqiniso uyobusiswa. USolomoni uyasiqinisekisa: “Olungileyo udla kuze kwaneliseke umphefumulo wakhe, kodwa isisu sababi ngeke sibe nalutho.” (IzAga 13:25) UJehova uyazi ukuthi yini esilungele kunoma yisiphi isici sokuphila—ezindabeni zemikhaya yethu, ebuhlotsheni bethu nabanye, enkonzweni yethu, noma lapho sinikwa iseluleko. Futhi ngokusisebenzisa ngokuhlakanipha iseluleko esitholakala eZwini lakhe, akungabazeki ukuthi siyojabulela indlela engcono kakhulu yokuphila.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo yezAga 13:1-14, bheka amakhasi 21-5 kumagazini INqabayokulinda ka-September 15, 2003.
[Isithombe ekhasini 28]
Lapho esolwa ngokungafanele noma ngisho ethukwa, umuntu onokuqonda uyaqaphela ukuthi uthini
[Isithombe ekhasini 29]
Ummemezeli woMbuso othembekile ufeza okuningi okuhle
[Isithombe ekhasini 30]
Nakuba ukuncoma kwakha, kumelwe sikwamukele nokusolwa
[Isithombe ekhasini 31]
Umzali onothando akawashalazeli amaphutha engane yakhe