“Noma Ngubani Okunakayo Ukusolwa Ukhaliphile”
IZAGA 23:12 zithi: “Letha inhliziyo yakho esiyalweni nendlebe yakho emazwini olwazi.” Igama elithi, ‘isiyalo,’ noma ukuqeqeshwa kuleli vesi linomqondo ohlanganisa kokubili ukuzikhuza kanye nokusolwa esikuthola kwabanye. Ukuze isiyalo sibe esifanele, umuntu kufanele azi ukuthi yisiphi iseluleko esidingekayo nokuthi kufanele asinikeze kanjani. Ngakho, kudingeka athole ‘amazwi olwazi’ avela emthonjeni onokwethenjelwa ukuze akwazi ukuyala.
Incwadi yeBhayibheli yezAga iwumthombo omuhle kakhulu wamazwi ahlakaniphile. Izaga ezikule ncwadi zisiza “umuntu azi ukuhlakanipha nesiyalo, . . . amukele isiyalo esinika ukuqondisisa, ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho.” (IzAga 1:1-3) Sisuke sihlakaniphile uma ‘siletha indlebe yethu’ kuzo. IzAga isahluko 15 zinikeza isiqondiso esisebenzayo sokulawula intukuthelo, ukusebenzisa ulimi nokupha abanye ulwazi. Ake sicabangele amavesi athile akuleso sahluko.
Yini ‘Enqanda Ukufutheka’?
Ichaza indlela amazwi anomthelela ngayo entukuthelweni noma ekufuthekeni, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni ithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.” (IzAga 15:1) Igama elithi “intukuthelo” lichaza umuzwa onamandla noma ukucasuka. “Ukufutheka” kuchazwa ngokuthi “umuzwa wentukuthelo enkulu kakhulu okungelula ukuyilawula.” Lesi saga singasisiza kanjani ukuba sibhekane nokuthukuthela komunye umuntu futhi sikwazi ukulawula okwethu?
Amazwi anokhahlo nazwisa omunye ubuhlungu angenza isimo esibi sishube. Ngakolunye uhlangothi, impendulo emnene ngokuvamile yehlisa ulaka. Noma kunjalo, ukumphendula ngomusa umuntu othukuthele akulula ngaso sonke isikhathi. Nokho, ukuzama ukuqonda ukuthi yini emthukuthelisile kuyasiza. IBhayibheli lithi: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe, futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.” (IzAga 19:11) Kungenzeka yini ukuthi lo muntu uthukuthele ngenxa yokuthi uzizwa engalondekile noma ufuna ukunakwa? Kungenzeka ukuthi into emthukuthelisayo ayihlangene nhlobo nokuthile esikushilo noma esikwenzile. Lapho sisenkonzweni yobuKristu futhi umuntu othile esithukuthelela, ukusabela kwakhe ngaleyo ndlela akuvamile yini ukwenziwa ukuthi uye watshelwa izinto ezingelona iqiniso ngezinkolelo zethu noma kunokuthile angakuqondi kahle? Kufanele yini sithathe lokho njengokungathi uhlose ukuhlasela thina, bese simphendula ngokhahlo? Ngisho noma kungase kungabi sobala ukuthi umuntu uthukutheliswe yini, ukumphendula ngamazwi abuhlungu kungabonisa ukuthi asikwazi ukuzikhuza. Kufanele sikugweme ukwenza ngale ndlela.
Iseluleko sokuphendula ngamazwi amnene asive sisebenza nalapho kufanele silawule eyethu intukuthelo. Singasebenzisa lesi seluleko ngokufunda ukuveza imizwa yethu ngezindlela ezingeke zimphathe kabi umuntu esikhuluma naye. Lapho sikhuluma namalungu omkhaya, kunokuwakhahla noma siwabize ngamagama angemahle, singazama ukuveza imizwa yethu ngomoya omuhle. Ukulwa ngamazwi kumane nje kwenze omunye afune ukuziphindiselela. Ukutshela umuntu imizwa yethu ngomoya omuhle ngeke kumenze azizwe sengathi siyamsola futhi lokho kungase kumenze alungise lapho kufanele alungise khona.
“Ulimi Lwabahlakaniphile Lwenza Okuhle”
Ukuzikhuza kuthonya indlela esikhuluma ngayo kanye nalokho esikushoyo. USolomoni uthi: “Ulimi lwabahlakaniphile lwenza okuhle ngolwazi, kodwa umlomo weziphukuphuku uphuphuma ubuwula.” (IzAga 15:2) Lapho siba nesifiso sokusiza abanye, sibatshele ngenjongo kaNkulunkulu nangamalungiselelo aKhe amahle kakhulu, sisuke ‘singenzi yini okuhle ngolwazi’? Isiwula siyehluleka ukukwenza lokhu ngoba sintula ulwazi.
Ngaphambi kokunikeza esinye isiqondiso ngokuqondene nokusebenzisa ulimi, uSolomoni uveza iphuzu elisenza sicabanga, elithanda ukuhluka kulokhu abekhuluma ngakho. “Amehlo kaJehova akuyo yonke indawo, aqapha ababi nabahle.” (IzAga 15:3) Singajabula ngalokhu ngoba naku esiqinisekiswa ngakho: “Ngokuqondene noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) UNkulunkulu uyazi uma senza okuhle. Uyababona nalabo abenza okubi, abenze balandise.
USolomoni uyaqhubeka egcizelela ubuhle bokuba nolimi olumnene: “Ukuzola kolimi kungumuthi wokuphila, kodwa ukuhlanekezela kwalo kusho ukuphuka emoyeni.” (IzAga 15:4) Inkulumo ethi “umuthi wokuphila” isikisela ukuphulukisa nokunika amandla. (IsAmbulo 22:2) Amazwi anomusa omuntu okhaliphile ayabaqabula abalalele. Abenza bafune ukwenza nakangcono. Kodwa ulimi olukhohlisayo noma oluphambene lubadumaza kakhulu abalalele.
Ukuthola Isiyalo ‘Nokusakaza Ulwazi’
Inkosi ehlakaniphile iyaqhubeka: “Noma ngubani oyisiwula uyasedelela isiyalo sikayise, kodwa noma ngubani okunakayo ukusolwa ukhaliphile.” (IzAga 15:5) Umuntu ‘angakunaka kanjani ukusolwa’ uma engakutholanga? Lo mBhalo awusho yini ukuthi uma umuntu edinga isiyalo kumelwe asithole? Ekhaya, kungumthwalo wabazali—ikakhulukazi ubaba—ukunikeza isiyalo, futhi ingane inesibopho sokusamukela. (Efesu 6:1-3) Nokho, zonke izinceku zikaJehova ziyasithola isiyalo ngandlela-thile. AmaHebheru 12:6 athi: “UJehova uyamyala lowo amthandayo; eqinisweni, ujezisa wonke umuntu amamukela njengendodana.” Indlela esisabela ngayo lapho selulekwa ibonisa ukuthi sihlakaniphile noma siyiziwula.
USolomoni uveza elinye iphuzu elihlukile: “Izindebe zabahlakaniphile ziqhubeka zisakaza ulwazi, kodwa inhliziyo yabayiziphukuphuku ayinjalo.” (IzAga 15:7) Ukupha abanye ulwazi kufana nokusakaza imbewu. Ezikhathini zasendulo, umlimi wayengatshali imbewu yakhe endaweni eyodwa. Kunalokho, wayeyisakaza ezindaweni ezithile aze ayihlanganise yonke insimu. Kunjalo nangokupha abanye ulwazi. Ngokwesibonelo, lapho sithola umuntu ensimini, ngeke kube ukuhlakanipha ukumtshela konke esikwaziyo ngeBhayibheli ngesikhathi esisodwa. Kunalokho, umuntu ohlakaniphile uyazikhuza lapho ekhuluma. ‘Usakaza’ ulwazi ngokunika umuntu iqiniso leBhayibheli elilodwa ngesikhathi abese akhela kulo, ecabangela ukusabela kwalowo muntu. UJesu Kristu, iSibonelo sethu, wakwenza lokhu lapho ekhuluma nowesifazane ongumSamariya.—Johane 4:7-26.
Ukupha abanye ulwazi kuhlanganisa nokukhuluma izinto ezakhayo nezizuzisayo. Ukukhuluma amazwi azuzisayo nakhuthazayo kudinga ukuba umuntu acabange. Ngakho, “inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.” (IzAga 15:28) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba amazwi ethu afane nezihlambi zemvula ezingena emhlabathini zibe usizo, hhayi isikhukhula esingathandeki esikhukhula kwasani!
‘Ukuba Ngcwele Ekuziphatheni’
Kuwukuhlakanipha impela ukusakaza ulwazi ngoJehova nangenjongo yakhe nokunikela kuye ‘isithelo sezindebe njengomhlatshelo wokudumisa.’ (Hebheru 13:15) Nokho, ukuze lowo mhlatshelo wamukeleke kuJehova, kumelwe ‘sibe ngcwele kukho konke ukuziphatha kwethu.’ (1 Petru 1:14-16) Esebenzisa izaga ezimbili ezinamaphuzu angefani, uSolomoni wenza silibone leli qiniso elibalulekile: “Umhlatshelo wababi uyinto enengekayo kuJehova, kodwa umthandazo wabaqotho uyamjabulisa. Indlela yomubi iyinto enengekayo kuJehova, kodwa uyamthanda ophishekela ukulunga.”—IzAga 15:8, 9.
Abashiya indlela eya ekuphileni bakubheka kanjani ukusolwa, futhi balindelwe yini? (Mathewu 7:13, 14) “Isiyalo sibi koyishiyayo indlela; noma ngubani ozonda ukusolwa uyokufa.” (IzAga 15:10) Kunokwamukela isiyalo esiwusizo esivela kubantu abanikwe imithwalo yemfanelo ebandleni lobuKristu nokuphenduka ngempela, abanye abenza okubi bakhetha ukushiya indlela yokulunga. Yeka ubuwula! Ngokwe-American Translation, lesi saga sithi: “Umuntu oshiya indlela elungile ulindelwe isiyalo esiqinile; ozonda isiyalo uyokufa.”
Kuthiwani uma umuntu enza sengathi uyasamukela isiyalo, ebe empeleni esizonda? Nalokhu kuwubuwula. Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “IShiyoli nendawo yokubhubha kuphambi kukaJehova. Kakhulu kangakanani-ke izinhliziyo zamadodana abantu!” (IzAga 15:11) Ngomqondo ongokomfanekiso, iShiyoli, indawo yabafileyo, ikude kakhulu noNkulunkulu ophilayo. Noma kunjalo, iphambi kwakhe. Uyabazi bonke abantu abalele lapho. Wazi nobuntu babo futhi uyakwazi ukubavusa. (IHubo 139:8; Johane 5:28, 29) Yeka indlela okulula ngayo ngoJehova ukwazi okusezinhliziyweni zabantu! Umphostoli uPawulu wabhala: “Zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Hebheru 4:13) Abantu bangase bangabuboni ubuzenzisi, kodwa uNkulunkulu uyabubona.
Umuntu owenqaba isiyalo akazondi ukuyalwa kuphela, kodwa uyabadelela nalabo abamyalayo. USolomoni uthi: “Ohleka usulu akamthandi omsolayo.” Ukuze aligcizelele ngokwengeziwe leli phuzu uSolomoni usho okunye okucishe kufane nalokhu: “Ngeke aye kwabahlakaniphileyo.” (IzAga 15:12) Yeka ukuthi mancane kanjani amathemba okuthi umuntu onjalo uyokwenza indlela yakhe iqonde!
Umbono Oqondile
Izaga zikaSolomoni ezintathu ezilandelayo zikhuluma ‘ngenhliziyo.’ Echaza indlela imizwelo yethu ebonakala ngayo ebusweni, inkosi ehlakaniphile ithi: “Inhliziyo ejabulayo inomphumela omuhle ebusweni, kodwa ngenxa yobuhlungu benhliziyo kuba khona umoya omunyu.”—IzAga 15:13.
Yini engenza inhliziyo ibe buhlungu? IBhayibheli lithi: “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale [ngenxa yokudabuka].” (IzAga 12:25) Singazivimbela kanjani izinto ezimbi ezenzeka ekuphileni ukuba zisibhocobalise? Kunokuhlala sicabanga ngezinto esingenamandla okwenza utho ngazo, singacabanga ngezibusiso ezicebile uJehova asibusise ngazo manje, sicabange nangalokho azosenzela khona esikhathini esizayo. Lokhu kuyosisondeza kuye. Yebo, ukusondela ‘kuNkulunkulu ojabulayo’ kuyosijabulisa nakanjani, singabi nenhliziyo ebuhlungu.—1 Thimothewu 1:11.
Ngaphezu kwalokho, isigijimi seBhayibheli singumthombo omuhle kakhulu wenduduzo nenjabulo. Umhubi wathi uyajabula umuntu ‘onjabulo yakhe isemthethweni kaJehova, owufunda ngezwi eliphansi imini nobusuku.’ (IHubo 1:1, 2) Ngisho nalapho siba nenhliziyo ebuhlungu, ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalokho elikushoyo kuyosikhuthaza. Okunye esinakho inkonzo esiyinikwe uNkulunkulu. Siqinisekiswa ukuthi “labo abahlwanyela imbewu ngezinyembezi bayovuna ngokukhamuluka kwenjabulo.”—IHubo 126:5.
USolomoni uthi: “Yinhliziyo eqondayo efuna ulwazi, kodwa ngumlomo wabantu abayiziphukuphuku obabela ubuwula.” (IzAga 15:14) Lesi saga sisenza sibone umahluko omkhulu phakathi kweseluleko somuntu ohlakaniphileyo nesomuntu oyisiwula. Ngaphambi kokunikeza iseluleko, umuntu onenhliziyo eqondayo uqala ngokufuna ulwazi. Uyalalelisisa, awathole kahle wonke amaqiniso endaba. Uya emiBhalweni ukuze athole imithetho nezimiso ezisebenza kuleso simo. Iseluleko sakhe usisekela ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. Nokho, oyisiwula akazihluphi ngokufuna ukuthola amaqiniso endaba, uvele akhulume okufika engqondweni. Ngakho, lapho sifuna iseluleko, kuwukuhlakanipha ukuya kubantu abanolwazi nabavuthiwe, kunokuya kubantu abangase bathambekele ekusitsheleni esifuna ukukuzwa. Yeka indlela okuyisibusiso ngayo ukuba ‘nezipho ezingabantu’ ebandleni lobuKristu, ‘ezifuna ulwazi’ ngaphambi kokunikeza isiyalo!—Efesu 4:8.
Isaga esilandelayo sibonisa indlela okuzuzisa ngayo ukuba nombono oqondile. Inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.” (IzAga 15:15) Ukuphila kuba nezikhathi ezimnandi nezibuhlungu, ukujabula nokukhala. Uma sicabanga kuphela ngezinto ezibuhlungu, siyogajwa usizi, futhi zonke izinsuku zethu ziyoba muncu. Nokho, uma sicabanga njalo ngezibusiso nangethemba uNkulunkulu asinike lona, izinto ezisenza sibe lusizi ekuphileni ngeke zisiqede amandla, futhi siyoba nenjabulo yangaphakathi. Ukuba nombono oqondile kwenza sikwazi ukuba “nedili njalo.”
Ngakho-ke, masenze konke okusemandleni ukuba sisazise isiyalo. Kwangathi singegcine ngokuthonya imizwa, inkulumo nezenzo zethu kuphela, kodwa kwangathi singathonya nendlela esibheka ngayo izinto.
[Isithombe ekhasini 13]
“Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka”
[Isithombe ekhasini 15]
Kungumthwalo wabazali ukuyala izingane zabo
[Isithombe ekhasini 15]
“Izindebe zabahlakaniphile ziqhubeka zisakaza ulwazi”