Ingabe Unomoya Ongafi?
“UMPHOSTOLI UPAWULU wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16) Yebo, iBhayibheli liyincwadi yeqiniso evela kuNkulunkulu weqiniso, uJehova.—IHubo 83:18.
Njengoba uJehova enguMdali wazo zonke izinto, kuhlanganise nabantu, wazi kahle ukuthi kwenzekani kithi lapho sifa. (Heberu 3:4; IsAmbulo 4:11) Futhi eZwini lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli, uye wasinika izimpendulo eziyiqiniso nezanelisayo zemibuzo ephathelene nokuphila kwangemva kokufa.
Uyini Umoya?
EBhayibhelini amagama ahunyushwe ngokuthi “umoya” ngokuyisisekelo asho “ukuphefumula.” Kodwa lokhu kusho okungaphezu kwesenzo sokuphefumula. Ngokwesibonelo, umlobi weBhayibheli uJakobe, uthi: “Umzimba ngaphandle komoya ufile.” (Jakobe 2:26) Ngaleyo ndlela, umoya uyilokho okwenza umzimba uphile.
La mandla enza umzimba uphile ngeke nje amane abe ukuphefumula noma umoya, ohamba emaphashini. Kungani kungenjalo? Ngoba ngokwe-World Book Encyclopedia, lapho ukuphefumula kunqamuka, ukuphila kuyaqhubeka isikhashana emangqamuzaneni omzimba—“imizuzu embalwa.” Ngenxa yalesi sizathu imizamo yokusiza umuntu ukuba aphefumule ingase iphumelele. Kodwa uma inhlansi yokuphila isicishile emangqamuzaneni omzimba, yonke imizamo yokubuyisela ukuphila iyize. Noma umuntu angasizwa kanjani ukuba aphefumule futhi afakwe umoya kangakanani ngeke kuvuswe ngisho nelilodwa ingqamuzana. Khona-ke, umoya, ungamandla okuphila angabonakali—inhlansi yokuphila egcina amangqamuzana nomuntu kuphila. La mandla okuphila alondolozwa ukuphefumula.—Jobe 34:14, 15.
Ingabe lowo moya usebenza kubantu kuphela? IBhayibheli lisisiza ukuba sifinyelele isiphetho esinengqondo mayelana nalokhu. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yavuma ukuthi abantu nezilwane “kunomoya munye,” futhi yabuza: “Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?” (UmShumayeli 3:19-21; qhathanisa ne-NW.) Ngakho, izilwane nabantu kukhulunywa ngazo njengezinomoya. Kungaba kanjani lokho?
Umoya, noma amandla okuphila, angaqhathaniswa nogesi ohamba emshinini. Ugesi ongabonakali ungase wenze imisebenzi ehlukahlukene, kuye ngohlobo lomshini owunikeza amandla. Ngokwesibonelo, isitofu ungasenza sikhiphe ukushisa, i-computer ihlaziye ukwaziswa, ithelevishini uyenze iveze imifanekiso nomsindo. Nokho, ugesi awubi umshini owenza usebenze. Ulokhu ungamandla nje. Ngokufanayo, amandla okuphila awabi yizidalwa, lezo azenza ziphile. Awanabo ubuntu, awanalo ikhono lokucabanga. Abantu nezilwane “kunomoya munye.” (UmShumayeli 3:19, NW) Ngakho-ke, lapho umuntu efa, umoya wakhe awuqhubeki uphila kwenye indawo njengesidalwa somoya.
Khona-ke, siyini isimo sabafileyo? Futhi kwenzekani kulowo moya lapho umuntu efa?
“Uyakuphenduka Umhlabathi”
Lapho umuntu wokuqala, u-Adamu, engawulaleli ngamabomu umyalo kaNkulunkulu, uJehova wathi kuye: “Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” (Genesise 3:19) Wayekuphi u-Adamu ngaphambi kokuba uJehova amdale ngomhlabathi? Phela, wayengekho ndawo! Kalula nje wayengekho. Ngakho lapho uJehova uNkulunkulu ethi u-Adamu ‘wayeyobuyela emhlabathini,’ wayesho ukuthi u-Adamu wayezokufa aphindele ekubeni yizakhi zomhlabathi. U-Adamu wayengeke awelele endaweni yomoya. Lapho efa, u-Adamu wayezophinda angabi khona. Isijeziso sakhe sasiwukufa—ukungabi khona kokuphila—hhayi ukudluliselwa kwenye indawo.—Roma 6:23.
Kuthiwani ngabanye abaye bafa? Isimo sabafile sicacisiwe kumShumayeli 9:5, 10, lapho sifunda khona ukuthi: “Abafileyo abazi lutho . . . Akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo.” Ngakho-ke, ukufa kuyisimo sokungabi khona. Umhubi waloba ukuthi uma umuntu efa, “umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.”—IHubo 146:4.
Ngokusobala, abafileyo abekho. Abanakwazi lutho. Abakwazi ukukubona, ukukuzwa noma ukukhuluma nawe. Abakwazi ukukusiza noma ukukulimaza. Ngokuqinisekile akudingeki ubesabe abafileyo. Pho kushiwo kanjani ukuthi umoya ‘uyaphuma’ kumuntu lapho efa?
Umoya ‘Ubuyela KuNkulunkulu’
IBhayibheli lithi uma umuntu efa, ‘umoya ubuyela kuNkulunkulu owawunikayo.’ (UmShumayeli 12:7) Ingabe lokhu kusho ukuthi kunento engumoya enqamula ngokoqobo emkhathini iye kuNkulunkulu? Lutho neze! Indlela iBhayibheli elilisebenzisa ngayo igama elithi ‘buyela’ ayidingi ukuhamba okungokoqobo usuka kwenye indawo uya kwenye. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli angathembekile atshelwa: “‘Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.” (Malaki 3:7) ‘Ukubuyela’ kwama-Israyeli kuJehova kwakusho ukuguquka enkambweni embi aphinde azivumelanise nezindlela zikaNkulunkulu ezilungileyo. Futhi ‘ukubuyela’ kukaJehova kuma-Israyeli kwakusho ukuba aphinde ababheke kahle abantu bakhe. Kuzo zombili izimo ‘ukubuyela’ kwakuhilela isimo sengqondo, hhayi ukuhamba ngokoqobo usuka endaweni ethile uya kwenye.
Ngokufanayo, ekufeni akukho ukuhamba okungokoqobo okwenzekayo usuka emhlabeni uya endaweni yasezulwini lapho umoya ‘ubuyela’ kuNkulunkulu. Lapho lawo mandla okuphila engasekho kumuntu, uNkulunkulu kuphela onamandla okuwabuyisela kuye. Ngakho umoya ‘ubuyela kuNkulunkulu’ ngomqondo wokuthi noma yimaphi amathemba alowo muntu okuphila esikhathini esizayo manje axhomeke ngokuphelele kuNkulunkulu.
Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho imiBhalo ekushoyo ngokufa kukaJesu. Umlobi wevangeli uLuka uyalandisa: “UJesu wamemeza ngezwi elikhulu wathi: ‘Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.’ Lapho esekushilo lokhu, wafa.” (Luka 23:46) Njengoba umoya kaJesu uphuma kuye, wayengahambi ngokoqobo eya ezulwini. UJesu akavuswanga kwabafileyo kwaze kwaba usuku lwesithathu, futhi waze wenyukela ezulwini ngemva kwezinsuku ezingu-40. (IzEnzo 1:3, 9) Nokho, lapho efa, uJesu washiyela umoya wakhe ezandleni zikaYise ngokuqiniseka, ethembele ngokuphelele emandleni kaJehova okumbuyisela ekuphileni.
Yebo, uNkulunkulu angambuyisela ekuphileni umuntu. (IHubo 104:30) Yeka ithemba elihle lokhu okulivulayo!
Ithemba Eliqinisekile
IBhayibheli lithi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume.” (Johane 5:28, 29) Yebo, uJesu Kristu wathembisa ukuthi bonke abasenkumbulweni kaJehova bayovuswa, noma babuyiselwe ekuphileni. Phakathi kwabo bayoba khona nakanjani labo abaye baphishekela inkambo yokulunga njengezinceku zikaJehova. Kodwa izigidi zabanye abantu ziye zafa zingazange zibonise ukuthi zingavumelana yini nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. Abanye babengazazi izimfuneko zikaJehova kanti abanye ababanga nesikhathi esanele sokwenza izinguquko ezidingekayo. Nabantu abanjalo basenkumbulweni kaNkulunkulu futhi bayovuswa, ngoba iBhayibheli lithi: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
Namuhla, umhlaba ugcwele inzondo nemibango, ubudlova nokuchithwa kwegazi, ukungcoliswa nezifo. Uma abafileyo bengabuyiselwa ekuphileni emhlabeni onjalo, injabulo abebengaba nayo ibingaba eyesikhashana ngempela. Kodwa uMdali uthembise ukuthi maduze nje uzowuqeda lo mphakathi wezwe olawulwa nguSathane uDeveli. (IzAga 2:21, 22; Daniyeli 2:44; 1 Johane 5:19) Kuyobe sekuba nomphakathi wesintu olungile—‘umhlaba omusha.’—2 Petru 3:13.
Ngaleso sikhathi “abakhe khona abayikusho ukuthi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) Ngisho nosizi lokufa luyosuswa, ngoba uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abo], futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:4) Yeka ukuthi yithemba elihle kanjani leli ngalabo “abasemathuneni ayisikhumbuzo”!
Lapho uJehova eshanela ububi emhlabeni, ngeke abhubhise abalungile kanye nababi. (IHubo 37:10, 11; 145:20) Eqinisweni, “isixuku esikhulu” sabantu ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi’ siyosinda “osizini olukhulu,” oluyobhubhisa leli zwe elibi. (IsAmbulo 7:9-14) Ngakho, kuyoba noquqaba olukhulu oluyokwamukela abafileyo.
Ingabe uyakulangazelela ukuphinda ubone abathandekayo bakho? Uyafuna yini ukuphila phakade ePharadesi emhlabeni? Uma ufuna, kumelwe ungenise ulwazi olunembile lwentando nezinjongo zikaNkulunkulu. (Johane 17:3) Kuyintando kaJehova ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.”—1 Thimothewu 2:3, 4.
[Isithombe ekhasini 4]
“Ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi”
[Isithombe ekhasini 5]
Umoya singawuqhathanisa nogesi
[Isithombe ekhasini 7]
Uvuko luyoletha injabulo ehlala njalo