Ukuvikela Ukholo Lwethu
“Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nilungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini.”—1 PETRU 3:15.
1, 2. Kungani oFakazi BakaJehova bengamangazwa ukuphikiswa, kodwa yini abayifisayo?
EMAZWENI amaningi, oFakazi BakaJehova ngokuvamile babhekwa njengabantu abathembekile nabaziphethe kahle. Abaningi bababheka njengomakhelwane abakahle abangadali zinkathazo. Nokho, kuyindida ukuthi la maKristu athanda ukuthula aye ashushiswa ngokungafanele—ngezikhathi zempi nezokuthula. Akuwamangazi ukuphikiswa okunjalo. Eqinisweni, akulindele. Kakade, ayazi ukuthi amaKristu athembekile ekhulwini lokuqala C.E. ‘ayeyizinto zokuzondwa,’ ngakho yini engenza labo abazama ukuba abalandeli bakaKristu beqiniso namuhla balindele ukuphathwa ngokuhlukile? (Mathewu 10:22) Nangale kwalokho, iBhayibheli lithi: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ebuhlotsheni noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.”—2 Thimothewu 3:12.
2 OFakazi BakaJehova abazifuneli ukushushiswa, futhi ababujabuleli ubunzima—ukuhlawuliswa, ukuboshwa, noma ukuphathwa ngokhahlo—okungase kubulethe. Bafisa ‘ukuphila ukuphila okuzolile nokunokuthula’ ukuze bakwazi ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngaphandle kwesithiyo. (1 Thimothewu 2:1, 2) Bayayazisa inkululeko engokwenkolo abanayo emazweni amaningi yokuqhuba ukukhulekela kwabo, futhi ngokwethembeka benza abangakwenza ukuze ‘babe nokuthula nabantu bonke,’ kuhlanganise nababusi bohulumeni babantu. (Roma 12:18; 13:1-7) Pho, kungani ‘beyizinto zokuzondwa’?
3. Yisiphi esinye sezizathu esiye senza oFakazi BakaJehova bazondwa ngokungafanele?
3 Ngokuyisisekelo, oFakazi BakaJehova baye bazondwa ngokungafanele ngenxa yezizathu ezifanayo nalezo amaKristu okuqala ashushiselwa zona. Okokuqala, oFakazi BakaJehova benza ngokuvumelana nezinkolelo zabo ezingokwenkolo ngezindlela ezibenza bangathandeki kwabanye. Ngokwesibonelo, bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko, kodwa abantu ngokuvamile bayiqonda kabi intshiseko yabo, babheke ukushumayela kwabo ‘njengokuguqula abantu ngodlakalasi.’ (Qhathanisa nezEnzo 4:19, 20.) Futhi abathathi hlangothi kwezombangazwe nezimpi zezizwe, futhi ngezinye izikhathi lokhu kuye kwathathwa kabi njengokusho ukuthi oFakazi bayizakhamuzi ezingathembekile.—Mika 4:3, 4.
4, 5. (a) OFakazi BakaJehova baye baba kanjani yizisulu zokumangalelwa ngamanga? (b) Obani ngokuvamile abaye baba abashoshozeli abayinhloko bokushushiswa kwezinceku zikaJehova?
4 Okwesibili, oFakazi BakaJehova baye baba yizisulu zokumangalelwa ngamanga—amanga uqobo lwawo nokusontwa kwezinkolelo zabo. Ngenxa yalokho, kwamanye amazwe baye bahlaselwa ngaphandle kwesizathu. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi bafuna ukwelashwa ngaphandle kwegazi ngokuvumelana nesifiso sabo sokulalela umyalo weBhayibheli ‘wokudeda egazini,’ baye babizwa ngokungafanele ngokuthi “ababulali bezingane” nokuthi “ihlelo labantu abazibulalayo.” (IzEnzo 15:29) Kodwa iqiniso liwukuthi oFakazi BakaJehova bakwazisa kakhulu ukuphila, futhi bafuna ukutholela bona nezingane zabo ukwelashwa okungcono kakhulu okutholakalayo. Ukumangalelwa ngokuthi unyaka ngamunye kufa izingane eziningi zoFakazi BakaJehova ngenxa yokwenqaba ukumpontshelwa igazi akunaso nesincane isisekelo. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi iqiniso leBhayibheli alibi nomphumela ofanayo kuwo wonke amalungu omkhaya, oFakazi baye bamangalelwa nangokuthi bachitha imikhaya. Nokho, labo ababajwayele oFakazi BakaJehova bayazi ukuthi bakuhlonipha kakhulu ukuphila komkhaya futhi bazama ukulandela imiyalo yeBhayibheli ethi indoda nomkayo mabathandane futhi bahloniphane futhi izingane zilalele abazali bazo kungakhathaliseki ukuthi bangamakholwa noma cha.—Efesu 5:21–6:3.
5 Ezimweni eziningi, kuye kwahlaluka ukuthi abashoshozeli abayinhloko bokushushiswa kwezinceku zikaJehova ngabaphikisi abangokwenkolo abaye basebenzisa ithonya abanalo kuziphathimandla zezombangazwe nakwabemithombo yezindaba ukuze bazame ukuvimbela imisebenzi yoFakazi. Ingabe thina boFakazi BakaJehova kufanele sisabele kanjani kulokho kuphikiswa—kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa yizinkolelo nemikhuba yethu noma kubangelwa ukumangalelwa ngamanga?
“Ukuba Nengqondo Kwenu Makwaziwe Yibo Bonke Abantu”
6. Kungani kubalulekile ukuba nombono olinganiselayo ngalabo abangaphandle kwebandla lobuKristu?
6 Okokuqala, kudingeka sibe nombono ofanele—umbono kaJehova—ngalabo abanezinkolelo ezingokwenkolo ezingafani nezethu. Ngale kwalokho, singase sizibangele ukuzondwa noma ukuhlanjalazwa abanye ngokungadingekile. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukuba nengqondo kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) Ngakho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibe nombono olinganiselayo ngalabo abangaphandle kwebandla lobuKristu.
7. Yini ehilelekile ekuzigcineni ‘singenalo ibala elivela ezweni’?
7 Ngakolunye uhlangothi, imiBhalo isiyala ngokucacile ukuba ‘sizigcine singenalo ibala elivela ezweni.’ (Jakobe 1:27; 4:4) Igama elithi ‘izwe’ lapha, njengakwezinye izindawo eziningi eBhayibhelini, libhekisela oquqabeni lwesintu olungahlanganisi amaKristu eqiniso. Siphila phakathi kwawo lo mphakathi wabantu; sithintana nawo emsebenzini, esikoleni nasendaweni esihlala kuyo. (Johane 17:11, 15; 1 Korinte 5:9, 10) Nokho, sizigcina singenalo ibala elivela ezweni ngokugwema izimo zengqondo, inkulumo nokuziphatha okungqubuzana nezindlela zikaNkulunkulu zokulunga. Kubalulekile futhi ukuba siqaphele ingozi yokuba nobuhlobo obuseduze naleli lizwe, ikakhulukazi labo ababonisa ukungazishayi mkhuba nakancane izindinganiso zikaJehova.—IzAga 13:20.
8. Kungani iseluleko sokuhlala singenalo ibala elivela ezweni singasiniki sizathu sokubukela phansi abanye?
8 Nokho, iseluleko sokuba sihlale singenalo ibala elivela ezweni asisiniki nesincane isizathu sokubeya labo abangebona oFakazi BakaJehova. (IzAga 8:13) Khumbula isibonelo sabaholi benkolo abangamaJuda, okuxoxwe ngabo esihlokweni esandulele. Uhlobo lokukhulekela alwakha aluzange luthandeke kuJehova; futhi aluzange lukhuthaze ubuhlobo obuhle nabangewona amaJuda. (Mathewu 21:43, 45) Ngombono wawo wokuzibona elungile, la madoda ashiseka ngokweqile ayebabukela phansi abeZizwe. Thina asibi nombono ovalekile njengalowo, siphathe abangebona oFakazi sakubeya. Njengomphostoli uPawulu, isifiso sethu siwukuba bonke abezwa isigijimi seBhayibheli seqiniso bathole umusa kaNkulunkulu.—IzEnzo 26:29; 1 Thimothewu 2:3, 4.
9. Umbono olinganiselayo nongokomBhalo kufanele uyithonye kanjani indlela esikhuluma ngayo ngalabo abanezinkolelo ezingafani nezethu?
9 Umbono olinganiselayo ongokomBhalo kufanele uthonye indlela esikhuluma ngayo ngabangebona oFakazi. UPawulu wayala uThithu ukuba akhumbuze amaKristu asesiqhingini saseKrethe ukuba ‘angakhulumi kabi nganoma ubani, angabi izilwi, abe nengqondo, ebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’ (Thithu 3:2) Phawula ukuthi amaKristu kwakufanele angakhulumi kabi “nganoma ubani”—ngisho nangabantu baseKrethe ababengewona amaKristu, abanye babo ababaziwa ngokuqamba amanga, ukuminza nokuvilapha. (Thithu 1:12) Ngakho akunakuvumelana nemiBhalo ukuba sisebenzise amagama alulazayo lapho sibhekisela kubantu abanezinkolelo ezingafani nezethu. Ukubukela abanye phansi ngeke kubadonsele ekukhulekeleni kukaJehova. Kunalokho, lapho sibheka futhi siphatha abanye ngokuvumelana nezimiso ezinengqondo zeZwi likaJehova, ‘sihlobisa imfundiso’ kaNkulunkulu.—Thithu 2:10.
Lapho Kufanele Sithule, Nalapho Kufanele Sikhulume
10, 11. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayazi ukuthi sinini (a) “isikhathi sokuthula”? (b) ‘isikhathi sokukhuluma’?
10 UmShumayeli 3:7 uthi kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” Nansi-ke inselele: ukunquma ukuthi kunini lapho kumelwe singabanaki khona abaphikisi nalapho kumelwe sikhulume khona sivikele ukholo lwethu. Singafunda lukhulu esibonelweni salowo owayephelele ngaso sonke isikhathi ekuqondeni—uJesu. (1 Petru 2:21) Wayazi uma ‘kuyisikhathi sokuthula.’ Ngokwesibonelo, lapho abapristi abaphakeme namadoda amadala emmangalela ngamanga phambi kukaPilatu, uJesu “akaphendulanga.” (Mathewu 27:11-14) Wayengafuni ukusho lutho olwalungase luphazamise ukufezeka kwentando kaNkulunkulu ngaye. Kunalokho, wakhetha ukuvumela idumela lakhe lizikhulumele. Wayazi ukuthi ngisho neqiniso lalingeke lizishintshe izingqondo nezinhliziyo zabo eziqhoshayo. Ngakho akakunakanga ukumangalela kwabo, waqhubeka ethule ngenjongo.—Isaya 53:7.
11 Nokho, uJesu wayazi futhi ukuthi kunini lapho ‘kuyisikhathi sokukhuluma.’ Ngezinye izikhathi, wayephikisana obala nabagxeki bakhe engagunci, echitha amanga ababemmangalela ngawo. Ngokwesibonelo, lapho ababhali nabaFarisi bezama ukumhlaza phambi kwesixuku ngokummangalela ngokuthi uxosha amademoni ngoBelzebule, uJesu wakhetha ukungakuyeki kanjalo lokho kumangalelwa. Ngokucabanga okunengqondo okukhungathekisayo nangomfanekiso onamandla, wawachitha lawo manga. (Marku 3:20-30; bheka noMathewu 15:1-11; 22:17-21; Johane 18:37.) Ngokufanayo, lapho uJesu elethwa phambi kweSanhedrini ngemva kokukhashelwa nokuboshwa kwakhe, umPristi Ophakeme uKayafase ngobuqili wathi: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele ukuthi unguye yini uKristu iNdodana kaNkulunkulu!” Nalesi ‘kwakuyisikhathi sokukhuluma,’ ngoba ukuqhubeka ethule kwakungase kuthathwe njengokuphika ukuthi unguKristu. Ngakho uJesu waphendula: “Nginguye.”—Mathewu 26:63, 64; Marku 14:61, 62.
12. Yiziphi izimo ezashukumisela uPawulu noBarnaba ukuba bakhulume ngesibindi e-Ikoniyu?
12 Cabanga nangesibonelo sikaPawulu noBarnaba. IzEnzo 14:1, 2 zithi: “E-Ikoniyu bangena ndawonye esinagogeni lamaJuda futhi bakhuluma ngendlela yokuthi uquqaba olukhulu kokubili lwamaJuda namaGreki lwaba amakholwa. Kodwa amaJuda angakholwanga abhebhezela futhi athonya kabi imiphefumulo yabantu bezizwe ngokumelene nabafowethu.” I-New English Bible ithi: “Kodwa amaJuda angaphendukanga abhebhezela abeZizwe futhi adunga izingqondo zabo ukuze bamelane namaKristu.” Benganelisekile ngokwenqaba isigijimi bona ngokwabo, abaphikisi abangamaJuda bangenela umkhankaso wokunyundela, bezama ukwenza amaKristu angathandeki kwabeZizwe.a Yeka ukuthi kumelwe ukuba babebuzonda ngokujule kangakanani ubuKristu! (Qhathanisa nezEnzo 10:28.) UPawulu noBarnaba baba nomuzwa wokuthi lesi ‘kwakuyisikhathi sokukhuluma,’ funa abafundi abasha badikibaliswe ukuhlanjalazwa emphakathini. “Ngakho-ke [uPawulu noBarnaba] basebenzisa isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngegunya likaJehova,” owabonisa ukukwamukela lokhu ngokubanika amandla okwenza izibonakaliso eziyisimangaliso. Lokhu kwabangela ukuba abathile babe ‘ngakumaJuda kodwa abanye babe ngakubaphostoli.’—IzEnzo 14:3, 4.
13. Lapho sisingatha ukuhlanjalazwa, ngokuvamile kunini lapho ‘kuyisikhathi sokuthula’ khona?
13 Khona-ke, kufanele sisabele kanjani lapho sihlanjalazwa? Lokho kuxhomeke ezimweni. Ezinye izimo zifuna sisebenzise isimiso sokuthi kukhona “isikhathi sokuthula.” Lokhu kuyiqiniso ngokukhethekile lapho abaphikisi abazimisele bezama ukusifaka ezimpikiswaneni ezingenanjongo. Akumelwe sikhohlwe ukuthi abanye abantu bamane nje abafuni ukulazi iqiniso. (2 Thesalonika 2:9-12) Ukuzama ukubonisana nalabo abazinhliziyo zabo zigxile ngokuqhosha ekubeni abangakholwa akuzuzisi. Ngaphezu kwalokho, uma singalibala nokuphikisana nabo bonke abamangaleli bamanga abasihlaselayo, singathikamezeka emsebenzini obaluleke novuza kakhulu—wokusiza abanhliziyo ziqotho abafuna ngempela ukwazi iqiniso leBhayibheli. Ngakho lapho sibhekene nabaphikisi abazimisele ukusakaza amanga ngathi, iseluleko esiphefumulelwe sithi: “Nibagweme.”—Roma 16:17, 18; Mathewu 7:6.
14. Singaluvikela ngaziphi izindlela ukholo lwethu phambi kwabanye?
14 Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi asiluvikeli ukholo lwethu. Kakade, kukhona “nesikhathi sokukhuluma.” Sikhathazeka ngokufanele ngabantu abaqotho abaye bachayeka emazwini okusigxeka asijivazayo. Sizimisele ukuchazela abanye ngokucacile izinkolelo zethu ezisuka enhliziyweni; yebo, siyalijabulela lelo thuba. UPetru wabhala: “Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, ngaso sonke isikhathi nilungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) Lapho abantu abanesithakazelo esiqotho befuna ubufakazi bezinkolelo esizazisayo, lapho bebuza ngokumangalelwa ngamanga okwenziwa abaphikisi, kuwumthwalo wethu wemfanelo ukuvikela ukholo lwethu, sinikeze izimpendulo ezinengqondo ezisekelwe eBhayibhelini. Ngaphezu kwalokho, ukuziphatha kwethu okuhle kungasho lukhulu. Lapho abantu abanezingqondo ezivulekile abasibhekile bephawula ukuthi sizama ngempela ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga, bangabona ngokushesha ukuthi ukumangalelwa kwethu kungamanga.—1 Petru 2:12-15.
Kuthiwani Ngokusakazwa Kwamanga Anyundelayo?
15. Yisiphi esinye sezibonelo zendlela oFakazi BakaJehova abaye baba ngayo yizisulu zokwaziswa okuhlanekezelwe okuvela kwabezindaba?
15 Ngezinye izikhathi, oFakazi BakaJehova baye baba yizisulu zokwaziswa okuhlanekezelwe okuvela kwabezindaba. Ngokwesibonelo, ngo-August 1, 1997, iphephandaba laseRussia lashicilela isihloko esinyundelayo, phakathi kokunye, esasithi oFakazi bafuna amalungu ‘alahle’ ngaphandle kwemibandela ‘omkawo, abayeni nabazali uma bengaluqondi ukholo lwawo futhi bengavumelani nalo.’ Noma ubani obajwayele ngempela oFakazi BakaJehova uyazi ukuthi lokhu kumangalelwa kungamanga. IBhayibheli libonisa ukuthi amaKristu kumelwe aphathe amalungu omkhaya angakholwa ngothando nangenhlonipho, futhi oFakazi bazama ukulandela leso siqondiso. (1 Korinte 7:12-16; 1 Petru 3:1-4) Ngisho noma kunjalo, lesi sihloko sanyatheliswa, futhi kanjalo abafundi abaningi batshelwa okungeyikho. Singaluvikela kanjani ukholo lwethu lapho simangalelwa ngokungamanga?
16, 17, nebhokisi elisekhasini 16. (a) Yikuphi INqabayokulinda eyake yakusho ngokusabela ekwazisweni okungamanga okuvela kwabezindaba? (b) Kungaphansi kwaziphi izimo lapho oFakazi BakaJehova bengase basabele khona emibikweni emibi yabezindaba?
16 Nalapha futhi, kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” INqabayokulinda yake yakubeka kanje: “Ukuthi asikunaki ukwaziswa okungamanga emithonjeni yezindaba noma silwela iqiniso ngezindlela ezifanele kuxhomeke ezimweni, kumshoshozeli wokugxeka, nasemgomweni wakhe.” Kwezinye izimo kungase kube ngcono kakhulu ukungayinaki imibiko emibi, kanjalo singenzi amanga asakazwe nakakhulu.
17 Kwezinye izimo kungase kube ‘yisikhathi sokukhuluma.’ Umlobeli wephephandaba noma intatheli ethembekile kungenzeka iye yanikezwa ukwaziswa okungeyikho ngoFakazi BakaJehova futhi ingase ikujabulele ukwaziswa okuyiqiniso mayelana nathi. (Bheka ibhokisi elithi “Ukulungisa Ukumelelwa Kabi.”) Uma imibiko emibi yabezindaba ibangela ukubhekwa kabi okuthiya umsebenzi wethu wokushumayela, abameleli behhovisi legatsha le-Watch Tower Society bangase bathathe isinyathelo sokuvikela iqiniso ngezindlela ezithile ezifanelekayo.b Ngokwesibonelo, abadala abafanelekayo bangase babelwe ukuba banikeze amaqiniso, njengasohlelweni lwe-TV, lapho ukungayi kungase kusikisele ukuthi oFakazi BakaJehova abanampendulo. OFakazi ngabanye babambisana ngokuhlakanipha nesiqondiso se-Watch Tower Society nabameleli bayo ezindabeni ezinjalo.—Heberu 13:17.
Ukuvikela Izindaba Ezinhle Ngokomthetho
18. (a) Kungani singadingi mvume yawohulumeni babantu ukuze sishumayele? (b) Senzenjani lapho senqatshelwa ukushumayela?
18 Sigunyazwe ngokwasezulwini ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. UJesu, owasithuma ukuba senze lo msebenzi, unikwe ‘lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.’ (Mathewu 28:18-20; Filipi 2:9-11) Ngakho, asidingi mvume yawohulumeni babantu ukuze sishumayele. Noma kunjalo, siyaqaphela ukuthi ukuba nenkululeko engokwenkolo kuyasiza ekusakazeni isigijimi soMbuso. Emazweni esinenkululeko yokuqhuba ukukhulekela kwethu kuwo, siyosebenzisa umthetho ukuze siyivikele. Lapho siye sancishwa khona leyo nkululeko, siyozama ukuyithola ngezindlela ezivumelana nomthetho. Umgomo wethu awukona ukwenza ushintsho lwezenhlalo, kodwa ‘ukuvikela nokumisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’c—Filipi 1:7.
19. (a) Ungase ube yini umphumela lapho ‘sibuyisela izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu’? (b) Yini esizimisele ukuyenza?
19 NjengoFakazi BakaJehova samukela uJehova njengoMbusi Wendawo Yonke. Umthetho wakhe uphakeme kunayo yonke. Ohulumeni babantu sibalalela ngokwethembeka, kanjalo ‘sibuyisela kuKesari izinto zikaKesari.’ Kodwa ngeke sivumele lutho luphazamise ukufeza kwethu umthwalo wethu wemfanelo obaluleke nakakhulu—‘ukubuyisela izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’ (Mathewu 22:21) Sikuqonda ngokugcwele ukuthi ukwenza kanjalo kuyosenza “izinto zokuzondwa” yizizwe, kodwa lokhu sikwamukela njengengxenye yezindleko zokuba umfundi. Umlando ongokomthetho woFakazi BakaJehova ekhulwini lama-20 uwubufakazi bokuzimisela kwethu ukuvikela ukholo lwethu. Ngosizo nokusekela kukaJehova, siyoqhubeka ‘ngaphandle kokuyekethisa sifundisa futhi simemezela izindaba ezinhle.’—IzEnzo 5:42.
[Imibhalo yaphansi]
a I-Matthew Henry’s Commentary on the Whole Bible ichaza ukuthi laba baphikisi abangamaJuda “babekwenza umsebenzi wabo ukuya ngenjongo [kwabeZizwe] abanjalo ababebajwayele, bafike basho konke okwakufika ezingqondweni zabo noma okwakushukunyiswa yisifiso esibi ukuze bafake kubo hhayi nje umbono wokubenyanya kodwa wokububheka kabi ubuKristu.”
b Ngemva kokuba leso sihloko esinyundelayo sishicilelwe ephephandabeni laseRussia (okukhulunywe ngaso esigabeni 15), oFakazi BakaJehova bafaka isicelo kuyi-Russian Federation Presidential Judicial Chamber for Media Disputes sokuba kubukezwe ukumangalelwa okungamanga okwakwenziwe kuleso sihloko. Muva nje inkantolo ikhiphe isinqumo esijezise lelo phephandaba ngokushicilela leso sihloko esinyundelayo.—Bheka i-Phaphama! ka-November 22, 1998, amakhasi 26-7.
c Bheka isihloko esithi “Ukuvikela Izindaba Ezinhle Ngokomthetho,” esisemakhasini 19-22.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ Kungani oFakazi BakaJehova ‘beyizinto zokuzondwa’?
◻ Kufanele sibabheke kanjani labo abanezinkolelo ezingokwenkolo ezingafani nezethu?
◻ Yisiphi isibonelo esilinganiselayo uJesu asibeka lapho esebenzelana nabaphikisi?
◻ Lapho sihlanjalazwa, singasisebenzisa kanjani isimiso esithi kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma”?
[Ibhokisi ekhasini 16]
Ukulungisa Ukumelelwa Kabi
“EYacuiba, eBolivia, iqembu labavangeli bendawo lahlela ukuba isiteshi esithile se-TV sibonise ifilimu ngokusobala eyayenziwe izihlubuki. Ngenxa yethonya elibi lalolo hlelo, abadala banquma ukuba bavakashele iziteshi ezimbili ze-TV futhi bacela ukukhokha okuthile ukuze umphakathi ubukiswe i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name nethi The Bible—A Book of Fact and Prophecy. Ngemva kokubukela lama-video eNhlangano, umnikazi wesiteshi somsakazo wacasuka ngenxa yamanga ayeboniswe ohlelweni lwezihlubuki wabe esecela ukuba phakathi nezinhlelo zomsakazo enze izaziso eziphathelene nomhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova. Abeza baba baningi ngendlela engavamile, futhi abaningi abanhliziyo ziqotho baqala ukubuza imibuzo eqotho lapho oFakazi bebahambela enkonzweni yasensimini.”—INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1997, amakhasi 61-2.
[Isithombe ekhasini 17]
Ngezinye izikhathi, uJesu wayewachitha obala amanga abagxeki bakhe ababemmangalela ngawo