Umsebenzi Ongakwenza Ujabule
“NGANGIWUTHANDA ngempela umsebenzi wami wokuba ngumnyathelisi,” kusho uAntonio waseGenoa, eItaly. “Ngangihola kahle, futhi lokhu kwangenza ngasebenza amahora amaningi engeziwe. Eminyakeni embalwa nje, naphezu kobuncane bami ngeminyaka, ngaba isekela lomqashi wami.” UAntonio wabonakala eyifinyelele imigomo ebangela abaningi ukuba basebenze kanzima: umcebo, isikhundla, nomsebenzi ojabulisayo ayewujabulela.
Ingabe uAntonio ‘wayekubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe’? (UmShumayeli 3:13) Futhi ingabe umsebenzi onjalo ngempela wawumenza ajabule? “Ngenxa yokukhungatheka okwakubangelwa indlela yethu yokuphila yobuhlanya,” uyaqhubeka, “saqala ukuba nezinkinga njengomkhaya. Lokhu kwasenza sangajabula.” UAntonio nomkakhe babengajabule naphezu kwemisebenzi yabo eyanelisayo. Kuthiwani ngawe? Ingabe ‘uyakubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakho’? Ingabe umsebenzi wakho ngempela ukwenza ujabule?
Ingabe Kuyizisusa Ezizwakalayo?
Isizathu esiyinhloko sokusebenza kanzima siwukuba siziphilise. Kwamanye amazwe, abantu kumelwe basebenze amahora amaningi ukuze nje baqhubeke bephila. Abanye bagqilazeka ubusuku nemini ukuze abantwana babo baphile impilo engcono. Abanye futhi basebenza ngokuziphoqelela ukuze baqongelele ingcebo.
ULeonida wasePhilippines wayenemisebenzi emibili. Wayesebenza ebhange emini kuthi kusihlwa afundise ekholiji amahora amathathu noma amane. Ingabe lemali eyengeziwe yayiwufanele umzamo? “Ngangihlala ngibheke iwashi,” uyachaza. “Nganginesithukuthezi. Ngangikwenza ngingenakho ukwaneliseka.”
Cha, ukusebenzela imali nje kuphela akukubangeli ukwaneliseka kwangempela nenjabulo. “Ungakhandlekeli ukuceba,” kweluleka iNkosi ehlakaniphile uSolomoni, “ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.” (IzAga 23:4, 5) Ezinye izinkozi kubikwa ukuthi zindiza ngejubane lamakhilomitha ayi-130 ngehora. Lokhu kuyibonisa kahle indlela ingcebo etholakale kanzima engandizela kude ngokushesha ngayo. Ngisho noma umuntu ewuqongelela umcebo, lapho efa akanakuhamba nalutho.—UmShumayeli 5:15; Luka 12:13-21.
Ukunaka kakhulu ukuziphilisa ngezinye izikhathi kubeka izingozi ezinkulu. Kungase kuholele ekuthandeni imali. Ekhulwini lokuqala leminyaka, kwakukhona iqembu labathandi benkolo elalibizwa ngokuthi abaFarisi elalaziwa ngothando lwalo lwemali. (Luka 16:14) NjengowayengumFarisi ngaphambili, umphostoli uPawulu ongumKristu wayeyazi kahle indlela yabo yokuphila. (Filipi 3:5) “Abafuna ukuceba,” kuxwayisa uPawulu, “bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa, . . . bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Yebo, “ukuthanda imali,” ukwenza noma yini nokwenza yonke into ngenxa yayo, kungakonakalisa ukuphila komuntu. Inkambo enjalo ayiphumeli enjabulweni.
Ngabanye, isisusa sabo sokuzikhandla siwukukhuphukela ezikhundleni ezinkampanini. Nokho, ekugcineni babhekana namaqiniso. “Abajahi bezikhundla abasebancane,” kusho umagazini iFortune, “abazidela beseseminyakeni yama-20 nalapho besanda kweva kwengama-30 ukuze bafinyelele izikhundla zokuphatha eziphakathi nendawo bafinyelela esiphethweni esicasulayo kodwa esingenakubalekelwa sokuthi, naphezu komsebenzi omningi onzima, akubona bonke abantu abayofinyelela ezikhundleni eziphakeme. Sebekhathele ngenxa yokuzikhandla, bayalingeka ukuba babuze ukuthi iyini injongo yakho konke. Kungani belwa kanzima kangaka? Ubani onendaba?”
Ukuphila kwenye indoda enjalo, uMizumori, kwakugxile ekuqhubekeleni phambili ezweni. Njengoba ayephishekela umsebenzi ezikhundleni zokuphatha kwelinye lamabhange amakhulu eJapane, wayengenaso isikhathi somkhaya wakhe. Ngemva kokusebenza kanzima iminyaka engaphezu kwama-30, impilo yakhe yawohloka, futhi ngokuqinisekile wayengajabule. Uthi: “Ngaqaphela ukuthi ukubangisana ngezikhundla phakathi kwabantu abazama ukuvelela ‘kuyize nokufuna umoya.’”—UmShumayeli 4:4.
Kodwa kuthiwani ngalabo abanjengoAntonio, abawujabulelayo umsebenzi wabo? Ehlatshwe umxhwele umsebenzi wakhe, uAntonio wanikela ngokuphila komkhaya wakhe ealtare lomsebenzi. Abanye banikela ngempilo yabo ngisho nangokuphila kwabo, njengoba kuboniswa ukufa okuzumayo kwabaphathi baseJapane abaningi abavelele nabasebenza kanzima. Umnyango wokweluleka abashonelwe wamukela inani elimangalisayo lezingcingo eziyi-135 ngosuku olulodwa kuphela.
Abanye banikela ukuphila kwabo ekusizeni abanye. UJesu wawukhuthaza lomoya. (Mathewu 7:12; Johane 15:13) Ukuzigcina umatasa emsebenzini owusizo wokusiza abanye ngempela kuyayiletha injabulo.—IzAga 11:25.
Nokho, inkuthalo enjalo ehloniphekile inezihibe zayo. Ngokwesibonelo, inkosi yakwaJuda u-Uziya yangenela umsebenzi omkhulu womphakathi wokumba imigodi yamanzi ehlane. Kumelwe ukuba u-Uziya wayecabanga ngezinzuzo zabantu bakhe, njengoba ngalesosikhathi ‘ayemfuna uNkulunkulu’ futhi ngokusobala wayelalele umyalo waphezulu wokuba amakhosi angabi nobugovu. (2 IziKronike 26:5, 10; Duteronomi 17:14-20) Lokhu kwathuthukisa impumelelo yakhe empini, futhi “igama lakhe laphumela ekudeni.” Kodwa lapho eba namandla, waqhosha, kwaphumela ekuweni kwakhe. (2 IziKronike 26:15-20; IzAga 16:18) Umuntu ozinikele ekusizeni abanye kodwa oshukunyiswa isifiso sokuzanelisa nokuqhosha naye angagcina ngenhlekele. Khona-ke, kungani umuntu kufanele afune ukusebenza kanzima?
Umuntu Wenzelwa Ukuba Asebenze
Singafunda okuningi ngomsebenzi kumuntu owafeza okuhle kakhulu kunanoma imuphi omunye owake waphila emhlabeni. NguJesu Kristu. (Mathewu 20:28; Johane 21:25) Lapho efa esigxotsheni sokuhlushwa, wamemeza: “Kufeziwe.” (Johane 19:30) Ukuphila kwakhe kweminyaka engama-33 1/2 kwakube okwanelisayo.
Ukuphila kukaJesu kusisiza ukuba siphendule lombuzo: “Imuphi umsebenzi ongakwenza ujabule?” Kwakuwukufeza intando kaYise wasezulwini okwamlethela injabulo engenakuqhathaniswa. Ngokufanayo, ukwenza intando yoMdali wethu kungasinikeza umuzwa wokufeza okuthile futhi kusenze sijabule. Ngani? Ngoba wazi ukwakhiwa kwethu nezidingo zethu ngisho nangaphezu kokuba thina sikwazi.
Lapho uNkulunkulu edala umuntu wokuqala, uAdamu, wamnikeza kokubili umsebenzi wezandla kanye nowengqondo ukuba awenze. (Genesise 2:15, 19) Njengoba ‘ayebusa’ zonke izidalwa zasemhlabeni, uAdamu kwakumelwe enze nomsebenzi wokuqondisa. (Genesise 1:28) Uma nje uAdamu ayehambisana nalelilungiselelo, umsebenzi wakhe wahlala unengqondo futhi unenzuzo. Isabelo ngasinye esincane somsebenzi sasisho ithuba lokujabulisa oPhakeme.
Nokho, lokhu akuhlalanga kunjalo ngoAdamu. Wanquma ukuhlubuka elungiselelweni likaNkulunkulu. UAdamu akabange esakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu kodwa wafuna ukwenza akuthandayo. Wona kuMdali. Ngenxa yesinqumo sakhe, uAdamu, umkakhe, nayo yonke inzalo yakhe ‘babekwa ngaphansi kobuze.’ (Roma 5:12; 8:20) Esikhundleni sokuba ulethe injabulo, umsebenzi waba isicefe. Isigwebo sikaNkulunkulu kuAdamu sahlanganisa lamazwi: “Umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini.” (Genesise 3:17-19) Umsebenzi, okwakufanele ube nesithunzi ngokuba kwawo nomgomo wokujabulisa uMdali womuntu, manje wawususho ukukhandleka okubuhlungu kuphela ukuze nje umuntu athole isinkwa sakhe.
Yisiphi isiphetho esingafinyela kuso ngalamaqiniso? Yilesi: Umsebenzi onzima uletha ukwaneliseka nenjabulo ehlala njalo kuphela uma sigxilisa ukuphila kwethu ekwenzeni intando yaphezulu.
‘Bona Okuhle’ Ekwenzeni Intando KaNkulunkulu
Ukwenza intando yaphezulu kwakunjengokudla kuJesu Kristu—okuthile kokujatshulelwa nokusekela ukuphila kwakhe okungokomoya. (Johane 4:34) Ukujabulela umsebenzi okunjalo kungaba kanjani okwakho?
Kumelwe uqonde “okuyintando yeNkosi” ngawe. (Efesu 5:17) Intando yakhe iwukuba isintu sibuyiselwe ‘enkululekweni yenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21; 2 Petru 3:9) Manje kwenziwa umsebenzi wokubutha emhlabeni wonke ukuze kufezwe lokhu. Nawe futhi ungaba nengxenye kulomsebenzi owanelisayo. Ngokuqinisekile umsebenzi onjalo uyokwenza ujabule.
UAntonio, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, kamuva wakuthola ukwaneliseka nenjabulo. Ngenkathi yena nomkakhe bebeka phambili imisebenzi yabo yokuziphilisa ‘eyize’ futhi behileleke ngokujulile kuyo, ukuphila kwabo okungokomoya kwalimala. Kwakungalesosikhathi lapho baqala khona ukuba nezinkinga zasekhaya. Eqaphela isimo, umkakhe wanquma ukuwuyeka umsebenzi wakhe futhi waqala ‘ukuphikelela’ ekwenzeni umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu isikhathi esigcwele.—Luka 13:24.
“Ngokushesha,” kusho uAntonio, “saphawula ushintsho olukhulu. Kwakungasekho ukulwa njalo. Ukuthula kwabuyela emkhayeni wethu.” Umkakhe wavuna injabulo yokusiza abanye ukuba bathole ulwazi olusho “ukuphila okuphakade.” (Johane 17:3) Injabulo yakhe yabangela ukuba uAntonio abheke kabusha ukuthi ikuphi okunenzuzo ngempela. Isifiso sakhe sokukhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wonke sanqoba. Wenqaba ukukhushulwa esikhundleni futhi wasula emsebenzini wakhe wokuziphilisa. Nakuba loloshintsho lwasho ukuthi kumelwe enze umsebenzi ophansi, bobabili uAntonio nomkakhe bayajabula ngokusebenzisa esiningi sesikhathi sabo enkonzweni yobuKristu, benza intando kaNkulunkulu.
Yiqiniso, akubona bonke abasesimweni sokwenza izinguquko ezinkulu kangako. UMizumori, isisebenzi sasebhange esingumJapane esiphawulwe ekuqaleni, uyayijabulela inkonzo yakhe njengomdala ebandleni lobuKristu futhi usawondla umkhaya wakhe ngomsebenzi wakhe wokuziphilisa, lapho esebenza khona njengomphathi. Nokho, ukuphila kwakhe akusagxilile emsebenzini wakhe wokuziphilisa kodwa kugxile ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Umsebenzi wakhe wokuziphilisa uyindlela yokumondla futhi umenza akwazi ukufeza leyonjongo. Manje ukusebenza emsebenzini wokuziphilisa nakho sekunenjongo.
Uma uhlakulela lombono ngomsebenzi wakho, ngokungangabazeki uyozikhandla “kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, [u]yesabe iNkosi.” (Kolose 3:22) Ubuqotho obunjalo bungase bungabonakali buhamba ibanga elide kulomphakathi oncintisanayo, kodwa, njengoba uMizumori evuma, ngokusebenzisa izimiso ezinjalo, uyokwethenjwa futhi waziswe. Nakuba akuyeka ukusebenzela ukukhushulelwa esikhundleni, kwazizela.—IzAga 22:29.
Yebo, ukugxilisa ukuphila kwakho ekwenzeni intando kaNkulunkulu kuyisihluthulelo sokuthola injabulo emsebenzini onzima. Yingakho iNkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphetha ngokuthi: “Akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.”—UmShumayeli 3:12, 13.
[Isithombe ekhasini 7]
Ukugxilisa ukuphila komkhaya wakho esifundweni seBhayibheli nasekwenzeni intando kaNkulunkulu kuyisihluthulelo sokujabulela isithelo somsebenzi onzima