Okwenza Ububi Buqhubeke
“UJEHOVA [UNKULUNKULU] ulungile kuzo zonke izindlela zakhe,” kusho iBhayibheli. (IHubo 145:17; IsAmbulo 15:3) Ngokuqondene naye, umprofethi uMose wamemezela: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) UJakobe 5:11 uthi: “UJehova unothando futhi unesihe.” UNkulunkulu akanakububangela ububi futhi akabubangeli.
Umfundi uJakobe wabhala: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) UJehova uNkulunkulu akabalingi abantu ngokubi futhi akabayengi ukuba benze izenzo ezimbi. Ubani-ke kanti okufanele asolwe ngobubi nangokuhlupheka obukubangelayo?
Ubani Okufanele Asolwe?
Umlobi weBhayibheli uJakobe uthi abantu kufanele basolwe ngezinga elithile ngobubi obukhona. Uthi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono; isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.” (Jakobe 1:14, 15) Abantu bangase benze ngokuvumelana nezifiso zabo ezingafanele. Cabanga nangesono umuntu asizuze njengefa. Amandla esono angakhulisa izifiso ezimbi alethe nemiphumela emibi kakhulu. (Roma 7:21-23) Ngempela, isono esisizuze njengefa siye “sabusa . . . njengenkosi” phezu kwesintu, sagqilaza abantu ngokubenzisa imisebenzi emibi ebangela okukhulu ukuhlupheka. (Roma 5:21) Ngaphezu kwalokho, abantu ababi bangenza nabanye abantu ukuba babe babi.—IzAga 1:10-16.
Nokho, umuntu okufanelwe asolwe du ngobubi uSathane uDeveli. Nguye owaletha ububi kulo mhlaba. UJesu Kristu wabiza uSathane ngokuthi “omubi” nangokuthi “umbusi waleli zwe,” okungukuthi isintu esingalungile. Imvama yesintu ilandela uSathane ngokumlalela lapho esinxenxela ekubeni singazinaki izindlela ezilungile zikaJehova uNkulunkulu. (Mathewu 6:13; Johane 14:30; 1 Johane 2:15-17) Eyoku-1 Johane 5:19 ithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” Empeleni, uSathane namademoni akhe ‘badukisa umhlaba wonke owakhiwe,’ bebangela “umayé” wodwa. (IsAmbulo 12:9, 12) Ngenxa yalokho, nguSathane uDeveli ngokuyinhloko okufanele asolwe ngobubi obukhona.
Ekhanyisa esinye isizathu sosizi nokuhlupheka, umShumayeli 9:11 uthi: “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile [sisehlela sonke].” UJesu Kristu wakhuluma ngenhlekelele eyabulala abantu abangu-18 ngenkathi umbhoshongo uwela phezu kwabo. (Luka 13:4) Behlelwa yilo mshophi ngoba babesendaweni embi ngesikhathi esibi. Kwenzeka okufanayo namuhla. Ngokwesibonelo, kungase kuqhephuke isitini le phezulu esakhiweni esiphakeme siwele phezu komuntu ozihambelayo. Ingabe uNkulunkulu kufanele asolwe ngalokho? Cha. Yinto ebingahleliwe nebingalindelwe. Kungase kushiwo okufanayo nalapho ukugula kuhlasela umndeni noma ukufa okuzumayo kushiya abantu beyizintandane nabafelokazi.
Ngokusobala-ke, uNkulunkulu akabubangeli ububi; futhi akakubangeli ukuhlupheka. Kunalokho, injongo kaJehova iwukuqeda ububi nalabo ababubangelayo. (IzAga 2:22) Empeleni, uzokwenza okungaphezu kwalokho. ImiBhalo ithi injongo kaNkulunkulu ngoKristu ‘iwukubhidliza imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Isimiso sezinto esikhona manje—esisekelwe ekuhaheni, enzondweni nasezenzweni ezimbi—siyobe sesingasekho. UNkulunkulu uyoze ‘esule zonke izinyembezi emehlweni’ abo bonke, kanjalo aqede ukuhlupheka. (IsAmbulo 21:4) Kodwa ungase ubuze: ‘Kungani uNkulunkulu engakakwenzi lokhu? Ubuvumeleleni ububi nokuhlupheka kwaqhubeka kwaze kwaba usuku lwethu?’ Isihluthulelo sempendulo sitholakala ekulandiseni kweBhayibheli ngo-Adamu no-Eva.
Kuphakama Impikiswano Ebalulekile
Isizathu sokuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ububi baqhubeka kwaze kwaba sosukwini lwethu, sihlobene nezenzakalo ezenzeka ekuqaleni komlando wesintu. Okuthile okwenzeka emuva ngaleso sikhathi kwaphakamisa impikiswano ebalulekile ethinta uMdali uqobo—impikiswano eyayingeke ixazululwe ngokushesha noma kalula. Ake sihlolisise lokho okwenzeka.
UJehova uNkulunkulu wadala indoda nowesifazane bokuqala abaphelele, wababeka ePharadesi. Banikezwa isipho esabehlukanisa ezilwaneni—isipho senkululeko yokuzikhethela. (Genesise 1:28; 2:15, 19) Njengezidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, u-Adamu no-Eva babengasebenzisa amandla abo okucabanga ukuze bakhethe ukuthanda, ukukhonza nokulalela uMdali wabo. Noma, babengakhetha inkambo yokuzibusa, bangamlaleli ngamabomu uNkulunkulu.
Ukuze abanikeze ithuba lokuba babonise ukuthi bayamthanda, kunento eyodwa uNkulunkulu weqiniso athi bangayenzi. Wayala u-Adamu: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla usuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Ukuze bahlale besemseni kaNkulunkulu, bazizuzise bona kanye nomkhaya wabo wesikhathi esizayo, u-Adamu no-Eva kwakuyodingeka bangasidli isithelo salowo muthi. Ingabe babeyolalela?
IBhayibheli liyasitshela okwenzeka. Esebenzisa inyoka njengomkhulumeli wakhe, uSathane uDeveli waya ku-Eva wathi: “Ingabe uNkulunkulu ushilo ngempela ukuthi akumelwe nidle kuyo yonke imithi yensimu?” Ngemva kokuba u-Eva ewuphindile umyalo kaNkulunkulu, uSathane wathi kuye: “Ngokuqinisekile ngeke nife. Yingoba uNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” Ngenxa yalokho umuthi waqala ukunxaneleka kakhulu ku-Eva kangangokuba “wathatha isithelo sawo wadla.” Ukulandisa kuyaqhubeka: “Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wadla.” (Genesise 3:1-6) Ngokwenza kanjalo, bobabili u-Adamu no-Eva bayisebenzisa kabi inkululeko yabo yokuzikhethela futhi bona ngokungamlaleli uNkulunkulu.
Uyabona ukuthi kwakuyinto embi kanjani lena eyenzeka lapho? UDeveli waphikisa lokho uNkulunkulu ayekutshele u-Adamu. Amazwi kaSathane ásikisela ukuthi u-Adamu no-Eva babengamdingi uJehova ukuze banqume ukuthi yikuphi okubalungele nokungabalungele. Ngakho inselele kaSathane yangabaza ukufaneleka kukaJehova ukubusa umuntu. Ngakho-ke impikiswano enkulu uSathane ayiphakamisa kwaba eyokufaneleka kobukhosi bukaJehova. UNkulunkulu weqiniso wasabela kanjani kule nselele?
Isidingo Sokuba Kudlule Isikhathi Esanele
UJehova wayenawo amandla okubhubhisa lawo mambuka amathathu—uSathane, u-Adamu no-Eva. UNkulunkulu wayenamandla ngokungenakuqhathaniswa kunabo. Kodwa uSathane wayengazange angabaze amandla kaNkulunkulu. Kunalokho, wangabaza ukufaneleka kokubusa kukaJehova. Le mpikiswano yathinta zonke izidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela. Kwakudingeka zibone ukuthi isipho senkululeko yokuzikhethela kwakufanele sisetshenziswe ngokufanele—ngokuvumelana neziqondiso ezingokwenyama, zokuziphatha nezingokomoya ezivela kuNkulunkulu. Ngaphandle kwalokho, zingalimala, njengoba nje eyolimala nomuntu ongawunaki umthetho wamandla adonsela phansi ogxuma esuka esakhiweni esiphakeme. (Galathiya 6:7, 8) Zonke izidalwa ezihlakaniphile zazingazuza ngokuzibonela ngokwazo imiphumela emibi yokukhetha inkambo yokuzibusa. Lokhu kwakudinga isikhathi.
Iqiniso lokuthi kudingeka isikhathi ukuze kuxazululwe izimpikiswano ezithile lingase lifaniswe kanje: Ake sithi indoda yomuzi iphonsela enye indoda inselele yokuba kubonakale ukuthi iyiphi enamandla kunenye. Lokhu kungaxazululwa ngokushesha. Ukuthi iyiphi enamandla kungabonakala ngokuqukula amatshe. Indoda ephakamisa itshe elisinda kakhulu iyona okungathiwa inamandla. Kodwa ake sithi inselele iwukuthi imuphi ubaba ozithanda ngempela izingane zakhe nothandwa izingane zakhe. Noma iwukuthi imuphi ubaba owuphatha kahle umkhaya wakhe? Ukuveza amandla noma ukukhuluma ngomlomo nje ngeke kwanele. Ukuze le mpikiswano ixazululwe kahle, kungadingeka kudlule isikhathi esanele, kubhekisiswe kahle futhi kufinyelelwe iziphetho ezinembile.
Okuye Kwaboniswa Ukudlula Kwesikhathi
Sekudlule iminyaka engaba ngu-6 000 kusukela uSathane angabaza ukufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu. Umlando uye wembulani? Cabangela izici ezimbili zenselele kaSathane kuNkulunkulu. USathane watshela u-Eva ngokuqiniseka: “Ngokuqinisekile ngeke nife.” (Genesise 3:4) Ngokuthi u-Adamu no-Eva ngeke bafe uma bedla isithelo esenqatshelwe, empeleni uSathane wayebiza uJehova ngokuthi umqambimanga. Wayemsola ngento embi ngempela! Uma uNkulunkulu ayengakhulumi iqiniso kule ndaba, wayengathenjwa kanjani kwezinye izinto? Nokho, ukudlula kwesikhathi kuboniseni?
U-Adamu no-Eva bagula, bezwa ubuhlungu, baguga futhi ekugcineni bafa. “Zizonke izinsuku zika-Adamu aziphila zaba iminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu, wayesefa,” kusho iBhayibheli. (Genesise 3:19; 5:5) Leli fa elidabukisayo liye ladluliselwa kuso sonke isintu lisuka ku-Adamu. (Roma 5:12) Ukudlula kwesikhathi kuye kwabonisa ukuthi uSathane “ungumqambimanga noyise wamanga” nokuthi uJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’—Johane 8:44; IHubo 31:5.
USathane wabuye watshela u-Eva: “UNkulunkulu uyazi ukuthi ngalo kanye usuku enidla ngalo kuwo [umuthi owenqatshelwe] nakanjani amehlo enu ayovuleka futhi nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:5) Ngalawo mazwi obuqili, uSathane wanikeza isintu ithuba-mbumbulu lokuzibusa. USathane wabakhohlisa wasikisela ukuthi kwakuyoba ngcono ngabantu uma bezibusa. Ingabe kuye kwaba njalo?
Kuwo wonke umlando, imibuso ifikile yadlula. Zonke izinhlobo zohulumeni babantu ongazicabanga ziye zazanywa. Kodwa isikhathi ngasinye kuye kwenzeka izinto ezibuhlungu emkhayeni wesintu. Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule umbhali weBhayibheli wafinyelela kulesi siphetho esihlakaniphile: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Umprofethi uJeremiya wabhala: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Ngisho nenqubekela-phambili yamuva kwezesayensi nezobuchwepheshe ayizange ibushintshe ubuqiniso bala mazwi. Ukudlula kwesikhathi kumane nje kwafakazela ukuthi ayiqiniso.
Yini Wena Ozoyenza?
Isikhathi esivunyelwe uNkulunkulu ukuba sidlule siye sabonisa ukuthi uSathane ushaye phansi odabeni lokufaneleka kobukhosi bukaJehova. UJehova uNkulunkulu unguMbusi wendawo yonke ongenakuphikiswa. Unelungelo lokubusa phezu kwendalo yakhe, futhi indlela yakhe yokubusa iyona engcono kunazo zonke. Zivuma leli qiniso, izidalwa zomoya eziye zazibonela ngokwazo ukubusa kukaNkulunkulu, ziyamemezela: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”—IsAmbulo 4:11.
Wena umi kuphi odabeni lokufaneleka kokubusa kukaNkulunkulu? Ingabe uyavuma ukuthi uNkulunkulu uyakufanelekela ukuba akubuse? Uma uvuma, kumelwe ubuqaphele ubukhosi bukaJehova. Lokhu ungakwenza ngokuwasebenzisa kuzo zonke izici zokuphila kwakho amaqiniso nezeluleko ezimangalisayo ezitholakala eZwini lakhe, iBhayibheli. “UNkulunkulu uluthando,” futhi imithetho nemiyalo yakhe isekelwe othandweni analo ngezidalwa zakhe. (1 Johane 4:8) UJehova akasincishi lutho olusizuzisayo. Ngakho ungasisebenzisa ngokuphelele lesi siyalo seBhayibheli: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.
[Isithombe ekhasini 7]
Ungakhetha ukubusa kukaNkulunkulu ngokutadisha iBhayibheli bese ukusebenzisa ekuphileni kwakho lokho elikushoyo
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
© Jeroen Oerlemans/Panos Pictures