Isahluko Samashumi Amabili Nesithupha
‘Jabulani Kuze Kube Phakade Ngalokho Engikudalayo’
1. Yimaphi amazwi aqinisekisayo alotshwa umphostoli uPetru, futhi kuphakama muphi umbuzo?
INGABE ukungabi nabulungisa nokuhlupheka kuyoke kuphele? Eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule, umphostoli uPetru waloba la mazwi aqinisekisayo: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) UPetru, kanye nezinye izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile phakathi namakhulu eminyaka edlule, babebheke phambili osukwini olukhulu oluvame ukulunga oluyobe lungasenakho ukungabi namthetho, ukucindezela nobudlova. Singaqiniseka yini ukuthi lesi sithembiso siyogcwaliseka?
2. Yimuphi umprofethi owayekhulume ‘ngamazulu amasha nomhlaba omusha,’ futhi yikuphi ukugcwaliseka esinakho leso siprofetho sasendulo?
2 Yebo, singaqiniseka! Lapho uPetru ekhuluma ‘ngamazulu amasha nomhlaba omusha,’ wayengakhulumi ngento entsha. Eminyakeni cishe engu-800 ngaphambili, uJehova ngomprofethi u-Isaya washo amazwi afanayo. Leso sithembiso sakuqala sagcwaliseka ngezinga elincane ngo-537 B.C.E. ngesikhathi amaJuda ekhululwa ekuthunjweni yiBabiloni, okwawenza akwazi ukuphindela ezweni lawo. Kodwa isiprofetho sika-Isaya sinokugcwaliseka okukhulu namuhla, futhi sibheke phambili ekugcwalisekeni okujabulisa ngokwengeziwe emhlabeni omusha ozayo kaNkulunkulu. Ngempela, isiprofetho esithinta inhliziyo esanikezwa ngo-Isaya sisinikeza amazwibela ezibusiso uNkulunkulu azibekele abamthandayo.
UJehova Unxusa ‘Isizwe Esinenkani’
3. Yimuphi umbuzo esiphendulelwa wona ku-Isaya isahluko 65?
3 Khumbula ukuthi ku-Isaya 63:15–64:12 kunomthandazo ka-Isaya ongokwesiprofetho ayewuthandaza egameni lezithunjwa ezingamaJuda eBabiloni. Njengoba amazwi ka-Isaya ekwenza kucace, amaJuda amaningi awamkhulekeli ngenhliziyo yonke uJehova, kodwa akhona athile aphendukile futhi abuyela kuye. Ingabe manje uJehova uzosivuselela isizwe ngenxa yaleyo nsali ezisolayo? Impendulo siyithola ku-Isaya isahluko 65. Kodwa engakasisho isithembiso sokukhulula labo abayidlanzana abathembekile, uJehova uchaza isahlulelo esiyotholwa abaningi abangenalukholo.
4. (a) Ngokungafani nabantu bakhe abadlubulundayo, obani abayofuna uJehova? (b) Umphostoli uPawulu wamsebenzisa kanjani u-Isaya 65:1, 2?
4 UJehova uye wababekezelela abantu bakhe abaphikelela nokudlubulunda. Kodwa siyeza isikhathi ayobalahlela ngaso ezitheni zabo futhi ngenhliziyo enhle amukele abanye emseni wakhe. Ngo-Isaya, uJehova uthi: “Ngivumile ukuba ngithungathwe yilabo ababengazange bangifune. Ngivumile ukuba ngitholwe yilabo ababengazange bangifune. Ngithé: ‘Nangu mina, nangu mina!’ esizweni esasingalibizi igama lami.” (Isaya 65:1) Kubabeka esimweni esidabukisayo abantu bakaJehova besivumelwano, uJuda onenkani, ukuthi abezizwe bayoza kuJehova kodwa yena njengesizwe uyokwenqaba. Akuyena u-Isaya yedwa obikezela ukuthi uNkulunkulu ekugcineni uyokhetha isizwe esasingaziwa ngaphambili. (Hoseya 1:10; 2:23) Umphostoli uPawulu wacaphuna u-Isaya 65:1, 2 kuyi-Septuagint ukuze abonise ukuthi abantu bezizwe babeyothola “ukulunga okuvela okholweni” yize amaJuda emvelo akwenqaba.—Roma 9:30; 10:20, 21.
5, 6. (a) Yisiphi isifiso esiqotho uJehova asibonisile, kodwa abantu bakhe basabele kanjani? (b) Yini esingayifunda ekusebenzelaneni kukaJehova noJuda?
5 UJehova uyachaza ukuthi kungani eyovumela abantu bakhe behlelwe inhlekelele: “Ngelulelé izandla zami usuku lonke esizweni esinenkani, esihamba ngendlela engeyinhle, esilandela imicabango yaso.” (Isaya 65:2) Ukwelula izandla kubonisa ukubiza othile noma ukunxusa. UJehova welule izandla zakhe usuku lonke, hhayi nje isikhashana. Unesifiso esisuka enhliziyweni sokuba uJuda abuyele kuye. Kodwa lesi sizwe esinenkani siyenqaba.
6 Saze sathinta inhliziyo isifundo esisifunda kula mazwi kaJehova! Ufuna sisondele kuye ngoba unguNkulunkulu ongenekayo. (Jakobe 4:8) La mazwi aveza nokuthi uJehova uthobekile. (IHubo 113:5, 6) Ngomqondo ongokomfanekiso, uyaqhubeka elule izandla zakhe, enxusa abantu bakhe ukuba babuyele kuye naphezu kweqiniso lokuthi inkani yabo ‘imuzwise ubuhlungu.’ (IHubo 78:40, 41) Kwaze kwaba ngemva kokubanxusa amakhulu amaningi eminyaka lapho agcina esebalahle ezitheni zabo. Nalapho, akabaxoshi abathobekile phakathi kwabo.
7, 8. Abantu bakaJehova abanenkani bamchukuluze ngaziphi izindlela?
7 AmaJuda anenkani achukuluze uJehova ngokuphindaphindiwe ngokuziphatha kwawo okuyihlazo. UJehova uchaza izenzo zawo ezinengayo: “Isizwe esakhiwa yilabo abangicasula njalo phambi kobuso bami, abenza imihlatshelo emasimini bashunqise umusi womhlatshelo phezu kwezitini, abahlala emangcwabeni, abachitha ubusuku besezindlwaneni zokulinda, bedla inyama yengulube, kukhona ngisho nomhluzi wezinto ezingcolile ezitsheni zabo; labo abathi, ‘Mela kude. Ungasondeli kimi, ngoba ngokuqinisekile ngizodlulisela ubungcwele kuwe.’ Laba bawumusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.” (Isaya 65:3-5) Laba abazibona bengcwele bacasula uJehova ‘phambi kobuso bakhe’—inkulumo engase isho ukuchwensa nokungahloniphi. Abenzi mzamo wokufihla izinengiso zabo. Akufanele yini kusolwe nakakhulu ukona phambi kwakhe kanye Lowo okufanele ahlonishwe futhi alalelwe?
8 Kufana nokuthi lezi zoni ezizishaya abalungile zithi kwamanye amaJuda: ‘Melani kude, ngoba mina ngingcwele kunani.’ Yeka ubuzenzisi! Laba “abangcwele” banikela imihlatshelo nempepho eshisiwe konkulunkulu bamanga, labo abalahlwa uMthetho kaNkulunkulu. (Eksodusi 20:2-6) Bahleli emangcwabeni, okubenza babe abangahlanzekile ngokusho koMthetho. (Numeri 19:14-16) Badla inyama yengulube, ukudla okungcolile.a (Levitikusi 11:7) Noma kunjalo, imisebenzi yabo yenkolo ibenza bazizwe bengcwele kunamanye amaJuda, futhi bafuna ukuba abanye abantu baqhele ukuze bangabi ngcwele noma bahlanzeke ngokuzimatanisa nabo. Kodwa lena akuyona neze indlela abheka ngayo izinto uNkulunkulu, yena ofuna “ukuzinikela kuye kuphela”!—Duteronomi 4:24.
9. UJehova uzibheka kanjani izoni ezizibona zilungile?
9 Kunokuba ababheke njengabangcwele laba abazibona belungile, uJehova uthi: “Bawumusi emakhaleni ami.” Igama lesiHeberu elisho “impumulo” noma “ikhala” livame ukusetshenziswa ngokomfanekiso libhekisela entukuthelweni. Umusi nawo uhlanganiswa nentukuthelo kaJehova evuthayo. (Duteronomi 29:20) Ukukhonza izithombe okunyanyekayo abantu bakaJehova abawele kukho kumvusele intukuthelo evuthayo.
10. UJehova uyobavuza kanjani abakwaJuda ngezono zabo?
10 Ngenxa yobulungisa bakhe, uJehova akasoze aziyeka lezi zoni zangamabomu zingajeziswa. U-Isaya uyabhala: “‘Bheka! Kulotshiwe phambi kwami. Ngeke ngithule, kodwa ngiyonika umvuzo; ngiyonika umvuzo ngisho nasesifubeni sabo, ngenxa yeziphambeko zabo nangenxa yeziphambeko zokhokho babo ngasikhathi sinye,’ kusho uJehova. ‘Ngenxa yokuthi benze umusi womhlatshelo ezintabeni, bangihlambalaza nasemagqumeni, nami ngiyolinganisa inkokhelo yabo esifubeni sabo kuqala.’” (Isaya 65:6, 7) La maJuda ahlambalaze uJehova ngokuhlanganyela ekukhulekeleni kwamanga. Enze ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso kwabonakala kufana nokwezizwe eziwazungezile. ‘Ngenxa yeziphambeko zawo,’ ezihlanganisa ukukhonza izithombe nokusebenzisa imimoya, uJehova uyowabuyisela ngokulinganayo ‘esifubeni sawo.’ Igama elithi ‘isifuba’ ngokusobala libhekisela emifingcizweni yengubo yangenhla yabathengi eyayakha isikhwanyana abathengisi ababengase bafake kuso umkhiqizo okaliwe. (Luka 6:38) AmaJuda ayizihlubuki azi kahle ukuthi kusho ukuthini lokhu—uJehova uzolinganisa “inkokhelo” yawo, noma isijeziso. UNkulunkulu wobulungisa uyofuna ukuba kuphindiselwe. (IHubo 79:12; Jeremiya 32:18) Njengoba uJehova engaguquki, singaqiniseka ukuthi ngesikhathi sakhe esifanele, uyosilinganisa ngendlela efanayo isijeziso kulesi simiso esibi sezinto.—Malaki 3:6.
“Ngenxa Yezinceku Zami”
11. UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyoyisindisa insali ethembekile?
11 Ingabe uJehova uyobabonisa isihe abantu bakhe abathembekile? U-Isaya uyachaza: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Njengoba nje iwayini elisha litholakala ehlukuzweni futhi kudingeke ukuba umuntu athi, “Ungaloni, ngoba kukhona isibusiso kulo,” ngiyokwenza kanjalo ngenxa yezinceku zami ukuze ngingachithi wonke umuntu. Ngiyoveza kuJakobe inzalo futhi kwaJuda ngiveze oyindlalifa yezintaba zami; abakhethiweyo bami bayolithatha, izinceku zami ziyohlala khona.’” (Isaya 65:8, 9) Ngokuqhathanisa abantu bakhe nehlukuzo lamagilebhisi, uJehova usebenzisa umfanekiso abazowuqonda kalula. Amagilebhisi ayinala kuleli zwe, futhi iwayini elenziwe ngamagilebhisi liyisibusiso kubantu. (IHubo 104:15) Kungenzeka ukuthi lapha kushiwo ihlukuzo elinamagilebhisi angemahle wonke. Noma kungenzeka ukuthi kushiwo ukuthi ihlukuzo elithile lihle, kanti amanye awakavuthwa noma abolile. Kunoma ikuphi, umgcini-sivini ngeke awalahle amagilebhisi amahle. Ngaleyo ndlela uJehova uqinisekisa abantu bakhe ukuthi ngeke asibhubhise sonke isizwe kodwa uyoyishiya insali ethembekile. Uthi insali yakhe ayithandayo iyothatha ‘izintaba’ zakhe, okusho iJerusalema nezwe lakwaJuda, izwe elinamagquma uJehova athi lingelakhe.
12. Yiziphi izibusiso ezilindele insali ethembekile?
12 Yiziphi izibusiso ezilindele le nsali ethembekile? UJehova uyachaza: “ISharoni liyoba idlelo lezimvu nethafa eliphansi lase-Akori libe yindawo yokuphumula yezinkomo kubantu bami abayobe bengifunile.” (Isaya 65:10) Imfuyo inendima ebalulekile ekuphileni kwamaJuda amaningi, kanti amadlelo amakhulu enza kube nokuchuma ngezikhathi zokuthula. UJehova ukhuluma ngezindawo ezimbili ezikude kunazo zonke kuleli zwe ukuze akhe umfanekiso wokuthula nokuchuma. IThafa LaseSharoni elisentshonalanga, elaziwa ngobuhle nokunotha kwalo, lize liyofika oGwini LweMedithera. ISigodi Sase-Akori sakha ingxenye yomngcele wezwe osenyakatho-mpumalanga. (Joshuwa 15:7) Ngesikhathi sokuthunjwa esizayo, lezi zindawo ziyobe ziyincithakalo kanye nalo lonke izwe. Kodwa uJehova uthembisa ukuthi uma sesidlulile isikhathi sokuthunjwa ziyoba amadlelo amahle ensali eyobuya.—Isaya 35:2; Hoseya 2:15.
Ukuthembela ‘Kunkulunkulu WeNhlanhla’
13, 14. Yimiphi imikhuba ebonisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu bamshiyile, futhi ngenxa yalokho kuyokwenzekani kubo?
13 Isiprofetho sika-Isaya manje siphendukela kulabo abashiye uJehova futhi baphikelela nokukhonza izithombe. Sithi: “Nina niyilabo abamshiyayo uJehova, abayikhohlwayo intaba yami engcwele, labo abahlelela unkulunkulu weNhlanhla itafula futhi abagcwalisela unkulunkulu weSimiselo iwayini elixutshiwe.” (Isaya 65:11) Ngokubekela “unkulunkulu weNhlanhla” ‘nonkulunkulu weSimiselo’ itafula elinokudla nesiphuzo, la maJuda ahlubukayo asengene emikhubeni yokukhonza izithombe yezizwe ezingamaqaba.b Kuyokwenzekani ngalabo okuthi ngobuwula bathembele kulab’ onkulunkulu?
14 Ngokungagwegwesi uJehova uyabaxwayisa: “Ngizonimisela inkemba, futhi nina nonke ngothi lwenu niyokhothama ukuba nihlatshwe; ngenxa yokuthi nganibiza, kodwa anizange niphendule; ngakhuluma, kodwa anizange nilalele; futhi naqhubeka nenza okwakukubi emehlweni ami, nakhetha into engingajabuli ngayo.” (Isaya 65:12) Etekula ngegama lesiHeberu sokuqala likankulunkulu weSimiselo, uJehova uthi labo abakhulekela lo nkulunkulu wamanga ‘bayomiselwa inkemba,’ okusho ukuthi bayobhujiswa. Sekukaningi uJehova ebizela laba bantu ekuphendukeni esebenzisa abaprofethi bakhe, kodwa abazange bamnake, futhi ngenkani baye bakhetha ukwenza lokho abaziyo ukuthi kubi emehlweni akhe. Yeka indelelo abayibonisa uNkulunkulu! Mhla kugcwaliseka isixwayiso sikaNkulunkulu, isizwe siyoshaywa ngembibizane enkulu ngo-607 B.C.E. lapho uJehova evumela ukuba abaseBabiloni babhubhise iJerusalema nethempeli lalo. Ngaleso sikhathi “unkulunkulu weNhlanhla” uyokwehluleka ukuvikela labo abazinikele kuye kwaJuda naseJerusalema.—2 IziKronike 36:17.
15. AmaKristu eqiniso namuhla asilalela ngayiphi indlela isixwayiso esiku-Isaya 65:11, 12?
15 Namuhla amaKristu eqiniso alalela isixwayiso esiku-Isaya 65:11, 12. Awakholelwa ‘eNhlanhleni,’ njengokungathi ingamandla athile angaphezu kwavamile akwazi ukunikeza abantu izinto ezinhle. Njengoba engafuni ukusaphaza izinto zawo ezibonakalayo ezama ukushweleza ‘kunkulunkulu weNhlanhla,’ agwema zonke izinhlobo zokugembula. Ayaqiniseka ukuthi labo abazinikele kulo nkulunkulu ekugcineni bayolahlekelwa yikho konke, ngoba kwabanjalo uJehova uthi: “Ngizonimisela inkemba.”
“Bhekani! Izinceku Zami Ziyojabula”
16. UJehova uyozibusisa ngaziphi izindlela izinceku zakhe ezithembekile, kodwa kuyokwenzekani kulabo abaye bamshiya?
16 Lapho sisola labo abashiye uJehova, lesi siprofetho sichaza izimo ezingafani ezilindele labo abakhulekela uNkulunkulu ngobuqotho nalabo abamkhulekela ngokuzenzisa: “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo: ‘Bhekani! Izinceku zami ziyodla, kodwa nina niyolamba. Bhekani! Izinceku zami ziyophuza, kodwa nina niyokoma. Bhekani! Izinceku zami ziyojabula, kodwa nina niyoba namahloni. Bhekani! Izinceku zami ziyokhamuluka ngenjabulo ngenxa yesimo esihle senhliziyo, kodwa nina niyokhala ngenxa yobuhlungu benhliziyo futhi niyohewula ngenxa yokwaphuka umoya okukhulu.’” (Isaya 65:13, 14) UJehova uyozibusisa izinceku zakhe ezithembekile. Ziyokhamuluka ngezinhliziyo eziphuphuma injabulo. Amagama athi ukudla, ukuphuza nokujabula abonisa ukuthi uJehova uyozanelisa ngokugcwele izidingo zabakhulekeli bakhe. Kanti labo abakhethe ukushiya uJehova bayolamba futhi bome ngokomoya. Izidingo zabo ngeke zaneliswe. Bayokhala futhi bahewule ngenxa yosizi nokucindezeleka okuyobehlela.
17. Kungani abantu bakaNkulunkulu namuhla benesizathu esihle sokukhamuluka ngenjabulo?
17 Amazwi kaJehova asichaza kahle isimo esingokomoya salabo namuhla abasho ngomlomo ukuthi bakhonza uNkulunkulu. Nakuba izigidi zeLobukholwa zikhathazekile, abakhulekeli bakaJehova bona bakhamuluka ngenjabulo. Futhi banesizathu esihle sokuthokoza. Bondliwa kahle ngokomoya. UJehova ubanikeza inala yokudla okungokomoya ngezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini nangemibuthano yobuKristu. Ngempela, amaqiniso akhayo nezithembiso eziduduzayo zeZwi likaNkulunkulu kusenza sibe ‘nesimo esihle senhliziyo’!
18. Bayosalelwa yini labo abashiye uJehova, futhi kungase kusho ukuthini ukufunga ngegama labo?
18 UJehova uyaqhubeka ekhuluma nalabo abamshiyile: “Nina niyobekelela igama lenu ukuba libe yisifungo ngakwabakhethiweyo bami, futhi iNkosi EnguMbusi uJehova ngempela iyonibulala ngabanye, kodwa izinceku zayo iyozibiza ngelinye igama; kangangokuthi wonke umuntu ozibusisayo emhlabeni uyozibusisa ngoNkulunkulu wokholo, nanoma ubani ofungayo emhlabeni uyofunga uNkulunkulu wokholo; ngoba izingcindezi zangaphambili impela ziyolibaleka ngoba futhi ziyosithezwa impela emehlweni ami.” (Isaya 65:15, 16) Ngokuqondene nalabo abaye bamshiya uJehova, kuyosala igama labo nje kuphela, igama okuyofungwa ngalo noma kuqalekiswe ngalo. Lokhu kungase kusho ukuthi labo abafisa ukuzibopha ngesifungo, empeleni bayobe bethi: ‘Uma ngingasifezi lesi sithembiso, mangithole isijeziso esatholwa yilezo zihlubuki.’ Kungase kusho nokuthi igama labo liyosetshenziswa njengesisho, kuhle kweSodoma neGomora, esiyobe sisho ukujezisa kukaNkulunkulu ababi.
19. Izinceku zikaNkulunkulu ziyobizwa ngelinye igama ngamuphi umqondo, futhi kungani ziyomethemba uNkulunkulu wokwethembeka? (Bheka nombhalo waphansi.)
19 Yeka indlela esiyohluka ngayo isimo sezinceku zikaNkulunkulu! Ziyobizwa ngelinye igama. Lokho kubonisa isimo esibusisekile nodumo eziyoluthola ezweni lazo. Ngeke zifune isibusiso kunoma imuphi unkulunkulu wamanga noma zifunge isithombe esingaphili. Kunalokho, lapho zizibusisa noma zenza isifungo, ziyokwenza lokho ngoNkulunkulu wokwethembeka. (Isaya 65:16, umbhalo waphansi we-NW) Izakhamuzi zezwe ziyoba nesizathu sokumethemba ngokuphelele uNkulunkulu, ngoba uyobe ebonisile ukuthi uyazigcina izithembiso zakhe.c Lapho esephephile ezweni lawo, amaJuda ayokukhohlwa ngokushesha ukucindezeleka kwangaphambili.
“Ngidala Amazulu Amasha Nomhlaba Omusha”
20. Sagcwaliseka kanjani isithembiso sikaJehova ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ ngo-537 B.C.E.?
20 UJehova manje unikeza imininingwane yesithembiso sakhe sokuvuselela insali ephendukayo lapho isibuyile ekuthunjweni eBabiloni. Ngo-Isaya, uJehova uthi: “Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” (Isaya 65:17) Isithembiso sikaJehova sokuvuselela siyogcwaliseka nakanjani, ngakho ukhuluma ngalokho kuvuselela okusazokwenzeka njengokungathi sekuyenzeka kakade. Lesi siprofetho sagcwaliseka okokuqala ngo-537 B.C.E. ngesikhathi insali yamaJuda ibuyiselwa eJerusalema. Yini eyayakha “amazulu amasha” ngaleso sikhathi? Ukubusa kukaZerubabele eseJerusalema esizwa umPristi Ophakeme uJoshuwa. Le nsali yamaJuda evuselelwe yakha ‘umhlaba omusha,’ umphakathi ohlanziwe owawuzithoba kulokhu kubusa futhi wasiza ekumiseni kabusha ukukhulekela okumsulwa ezweni. (Ezra 5:1, 2) Intokozo eyabangelwa yilokho kuvuselelwa yadlula konke ukuhlupheka kwangaphambili; ukucindezeleka kwangaphambili akukhunjulwanga nhlobo.—IHubo 126:1, 2.
21. Yimaphi amazulu amasha aba khona ngo-1914?
21 Nokho, khumbula ukuthi uPetru waphinda isiprofetho sika-Isaya futhi wabonisa ukuthi sasizogcwaliseka esikhathini esizayo. Lo mphostoli wabhala: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Ngo-1914 kwaba khona amazulu amasha ayesenesikhathi eside elindelwe. UMbuso KaMesiya owazalwa ngalowo nyaka ubusa usezulwini uqobo, futhi uJehova uwunike igunya phezu kwawo wonke umhlaba. (IHubo 2:6-8) Lo hulumeni onguMbuso ophethwe uKristu nabusa nabo abangu-144 000, ungamazulu amasha.—IsAmbulo 14:1.
22. Obani abayokwakha umhlaba omusha, futhi abantu balungiselelwa kanjani ngisho kwamanje ukuba babe ingxenye ebalulekile yalowo mhlaba?
22 Kuthiwani ngomhlaba omusha? Lo mhlaba omusha uyokwakhiwa abantu abakujabulelayo ukuzithoba ekubuseni kukahulumeni omusha wasezulwini, njengoba kwaba njalo ekugcwalisekeni kwasendulo. Ngisho kwamanje, izigidi zabantu abanokuthambekela okufanele bazithoba kulo hulumeni futhi balwele ukulandela imithetho yawo njengoba itholakala eBhayibhelini. Bavela kuzo zonke izizwe, izilimi nezinhlanga, futhi basebenza ndawonye ngenjongo yokukhonza iNkosi ebusayo uJesu Kristu. (Mika 4:1-4) Lapho sesidlulile lesi simiso sezinto samanje esonakele, leli qembu liyokwakha ingxenye eyinhloko yomhlaba omusha eyogcina isingumphakathi wembulunga yonke wabantu abesaba uNkulunkulu abazuza njengefa indawo yoMbuso kaNkulunkulu ewumhlaba.—Mathewu 25:34.
23. Yikuphi ukwaziswa esikuthola encwadini yesAmbulo ‘ngamazulu amasha nomhlaba omusha,’ futhi lesi siprofetho siyogcwaliseka kanjani?
23 Incwadi yesAmbulo ichaza umbono owabonwa umphostoli uJohane wosuku lukaJehova oluzayo, okuyosuswa ngalo lesi simiso sezinto. Ngemva kwalokho, uSathane uyophonswa kwalasha. (IsAmbulo 19:11–20:3) Ngemva kwaleyo ncazelo, uJohane uphinda amazwi ka-Isaya angokwesiprofetho, ebhala: “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha.” Amavesi alandelayo alandisa ngalo mbono okhazimulayo akhuluma ngesikhathi uJehova uNkulunkulu ayozishintsha kakhulu ngaso izimo zalo mhlaba zibe ngcono. (IsAmbulo 21:1, 3-5) Ngokusobala, isithembiso sika-Isaya ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ siyogcwaliseka ngokumangalisayo emhlabeni omusha kaNkulunkulu! Ngaphansi kwamazulu amasha awuhulumeni, umphakathi omusha wasemhlabeni uyojabulela ipharadesi elingokomoya nelingokwenyama. Siyaduduza ngempela isithembiso esithi “izinto zangaphambili [ukugula, ukuhlupheka nosizi oluningi abantu ababhekene nalo] ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” Noma yini esingayikhumbula ngaleso sikhathi ngeke isiphathe kabi noma isizwise ubuhlungu obujulile obucindezela izinhliziyo zabantu abaningi manje.
24. Kungani uJehova eyojabula ngokubuyiselwa kweJerusalema, futhi yini engeke iphinde izwakale emigwaqweni yalowo muzi?
24 Isiprofetho sika-Isaya siyaqhubeka: “Yethabani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo. Ngoba bhekani ngidala iJerusalema libe yisizathu sokujabula nabantu balo babe yisizathu sokwethaba. Ngiyojabula ngeJerusalema ngethabe ngabantu bami; ngeke kusazwakala kulo umsindo wokulila noma umsindo wokukhala okulusizi.” (Isaya 65:18, 19) Akuwona amaJuda kuphela ayojabulela ukubuyiselwa ezweni lawo kodwa noNkulunkulu uqobo uyojabula, ngoba uyokwenza iJerusalema libe lihle—liphinde libe isikhungo sokukhulekela kweqiniso emhlabeni. Ngeke uphinde uzwakale umsindo wokukhaliswa inhlekelele, owazwakala emigwaqweni yalo muzi emashumini amaningi eminyaka edlule.
25, 26. (a) Osukwini lwethu, uJehova ulenza kanjani iJerusalema libe “isizathu sokujabula”? (b) UJehova uyolisebenzisa kanjani iJerusalema Elisha, futhi kungani singethaba namuhla?
25 Nanamuhla uJehova wenza iJerusalema libe “isizathu sokujabula.” Kanjani? Njengoba sesibonile, amazulu amasha aba khona ngo-1914 ayogcina enababusi abangu-144 000 abayobusa ngokubambisana, babe uhulumeni wasezulwini. Babizwa ngokwesiprofetho ngokuthi “iJerusalema Elisha.” (IsAmbulo 21:2) UNkulunkulu usho ngokuqondene neJerusalema Elisha ukuthi: “Ngidala iJerusalema libe yisizathu sokujabula nabantu balo babe yisizathu sokwethaba.” UNkulunkulu uyolethela isintu esilalelayo izibusiso eziningi, esebenzisa iJerusalema Elisha. Ngeke uphinde uzwakale umsindo wokulila noma wokukhala okulusizi, ngoba uJehova uyokwanelisa “izicelo zenhliziyo [yethu].”—IHubo 37:3, 4.
26 Yiqiniso, sinesizathu sokwethaba namuhla! Maduze nje uJehova uzongcwelisa igama lakhe elikhazimulayo ngokubhubhisa bonke abaphikisi. (IHubo 83:17, 18) Ngemva kwalokho amazulu amasha ayobusa ngokuphelele. Yeka ukuthi yizizathu ezinhle kanjani lezi zokwethaba nokujabula kuze kube phakade ngalokho uNkulunkulu akudalayo!
Isithembiso Sekusasa Elilondekile
27. U-Isaya ukuchaza kanjani ukulondeka okuyotholwa amaJuda abuyela ezweni lawo?
27 Ekugcwalisekeni kokuqala, ngaphansi kwamazulu amasha kuzoba njani ukuphila kwamaJuda abuyayo? UJehova uthi: “Ngeke kuphinde kube khona umntwana osancela oba nezinsuku ezimbalwa nje kuphela ubudala kuleyo ndawo, ngeke futhi kusaba nexhegu elingazigcwalisi izinsuku zalo; ngoba umuntu uyofa enjengomfana nje, nakuba eneminyaka eyikhulu ubudala; isoni sona, nakuba sineminyaka eyikhulu siyoqalekiswa.” (Isaya 65:20) Yeka isithombe esihle sokulondeka okuyotholwa izithunjwa ezibuyela ezweni lazo elibuyiselwe! Usana olunezinsuku ezimbalwa nje ngeke lufe kungakabi isikhathi. Indoda endala engakaphili isikhathi eside nayo ngeke ife kungakabi isikhathi.d Yeka ukuthi amazwi ka-Isaya awaqinisa idolo kanjani amaJuda azophindela kwaJuda! Lapho esephephile ezweni lawo, ngeke kudingeke akhathazeke ngokuthi izitha zizothatha abantabawo noma zibulale amadoda.
28. Sifundani emazwini kaJehova ngokuphila emhlabeni omusha ngaphansi koMbuso wakhe?
28 La mazwi kaJehova asitshelani ngokuphila emhlabeni omusha ozayo? Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, zonke izingane ziyoba nethemba lekusasa elilondekile. Ukufa ngeke kudlule nomuntu owesaba uNkulunkulu esemusha. Kunalokho, isintu esilalelayo siyovikeleka, silondeke, futhi sikwazi ukujabulela ukuphila. Kuthiwani nganoma ibaphi abakhetha ukuhlubuka kuNkulunkulu? Bayolahlekelwa ilungelo lokuphila. Ngisho noma isoni esihlubukayo ‘sineminyaka eyikhulu ubudala,’ siyofa. Siyobe ‘singumfana nje’ uma kuqhathaniswa nalokho ebesingaba yikho—umuntu onokuphila okungapheli.
29. (a) Yini abantu bakaNkulunkulu abalalelayo abayoyijabulela ezweni lakwaJuda elibuyiselwe? (b) Kungani imithi ikufanekisela kahle ukuphila isikhathi eside? (Bheka umbhalo waphansi.)
29 UJehova uyaqhubeka echaza izimo eziyoba khona ezweni lakwaJuda elibuyiselwe: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; ngokuqinisekile bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo, abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.” (Isaya 65:21, 22) Ngemva kokubuyela ezweni lakwaJuda eliyincithakalo futhi ngokungangabazeki elingenamizi nazivini, abantu bakaNkulunkulu abalalelayo bayojabulela ukuhlala emizini ethi bona nokudla izithelo zezivini zabo. UNkulunkulu uyowubusisa umsebenzi wabo, futhi bayophila isikhathi eside—njengezinsuku zomuthi—bejabulela imivuzo yokuzikhandla kwabo.e
30. Izinceku zikaJehova zikusiphi isimo esijabulisayo namuhla, futhi yini eziyoyijabulela emhlabeni omusha?
30 Osukwini lwethu, siye sagcwaliseka lesi siprofetho. Abantu bakaJehova baphuma ekuthunjweni okungokomoya ngo-1919 futhi baqala ukuvuselela “izwe” labo, noma indawo yokusebenzela nokukhulekela. Bakha amabandla futhi bahlakulela izithelo ezingokomoya. Umphumela uwukuthi ngisho kwamanje abantu bakaJehova bajabulela ipharadesi elingokomoya nokuthula okuvela kuNkulunkulu. Singaqiniseka ukuthi lokho kuthula kuyodlulela nasePharadesi elingokoqobo. Asikwazi nakukucabanga nje lokho uJehova ayokufeza ngezinhliziyo nezandla ezivumayo zabakhulekeli bakhe emhlabeni omusha. Yeka intokozo okuyoba yiyo ukwakha umuzi othi wena futhi uhlale kuwo! Ngaphansi kokubusa koMbuso, ngeke siwuswele umsebenzi owanelisayo. Yeka indlela okuyovuza ngayo ‘ukubona okuhle’ njalo nje ngezithelo zemisebenzi yakho! (UmShumayeli 3:13) Ingabe siyoba nesikhathi esanele sokuwujabulela ngokugcwele umsebenzi wezandla zethu? Yebo kunjalo! Ukuphila okungapheli kwabantu abathembekile kuyofana ‘nezinsuku zomuthi’—kube izinkulungwane zeminyaka, nangaphezulu!
31, 32. (a) Yiziphi izibusiso eziyotholwa izithunjwa ezibuyela ekhaya? (b) Emhlabeni omusha, yini abayobheka phambili kuyo abantu abathembekile?
31 UJehova uchaza izibusiso ezengeziwe ezilindele izithunjwa ezibuyayo: “Ngeke bakhandlekele ize, noma bazalele ukuhlupheka; ngoba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nozalo lwabo kanye nabo.” (Isaya 65:23) UJehova uyowabusisa lawo maJuda abuyiselwe, ngakho ngeke akhandlekele ize. Abazali ngeke bazale izingane bese zinqotshwa ukufa kungakabi isikhathi. Lezi zithunjwa ziyobe zingazijabuleli zodwa izibusiso zokubuyiselwa; ziyobe zinezingane zazo. UNkulunkulu uzimisele kakhulu ukwanelisa izidingo zabantu bakhe kangangokuba wenza lesi sithembiso: “Empeleni kuyothi ngaphambi kokuba bamemeze mina ngiphendule; lapho besakhuluma, mina ngiyozwa.”—Isaya 65:24.
32 UJehova uyozifeza kanjani lezi zithembiso emhlabeni omusha ozayo? Kuzodingeka silinde sibone. UJehova akayishongo yonke imininingwane, kodwa singaqiniseka ukuthi abantu abathembekile ngeke baphinde “bakhandlekele ize.” Isixuku esikhulu sabasinde e-Armagedoni nanoma iziphi izingane abangase bazizale siyobheka phambili ekuphileni isikhathi eside kakhulu nasekuphileni okwanelisayo—ukuphila okuphakade! Labo abayovuswa futhi bakhethe ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu nabo bayothola intokozo emhlabeni omusha. UJehova uyozizwa izidingo zabo futhi azanelise, uyobe ezilindele nokuzilindela. Ngempela, uJehova uyovula isandla sakhe anelise “isifiso [esifanele] sayo yonke into ephilayo.”—IHubo 145:16.
33. Lapho amaJuda ebuyela ezweni lawo, izilwane ziyoba nokuthula ngamuphi umqondo?
33 Kuyohlanganisani ukuthula nokulondeka okuthenjisiwe? UJehova uyayiphetha le ngxenye yesiprofetho: “‘Impisi newundlu kuyoklaba ndawonye, ingonyama iyodla utshani njengenkomo; inyoka yona, ukudla kwayo kuyoba uthuli. Ngeke zilimaze noma zibangele noma iyiphi incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele,’ kusho uJehova.” (Isaya 65:25) Lapho insali yamaJuda ethembekile ibuyela ezweni layo, iyobe inakekelwa uJehova. Empeleni ingonyama iyodla utshani njengenkomo ngoba ngeke iwalimaze amaJuda noma imfuyo yawo. Lesi sithembiso siqinisekile ngoba siphetha ngamazwi athi, “kusho uJehova.” Futhi izwi lakhe liyagcwaliseka ngaso sonke isikhathi!—Isaya 55:10, 11.
34. Amazwi kaJehova agcwaliseka kanjani ngendlela evusa amadlingozi namuhla, futhi ayogcwaliseka kanjani emhlabeni omusha?
34 Amazwi kaJehova agcwaliseka ngendlela evusa amadlingozi phakathi kwabakhulekeli beqiniso namuhla. Kusukela ngo-1919, uNkulunkulu uye walibusisa izwe elingokomoya labantu bakhe, waliguqula laba ipharadesi elingokomoya. Labo abangena kuleli pharadesi elingokomoya benza izinguquko ezimangalisayo ekuphileni kwabo. (Efesu 4:22-24) Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, abantu ababeke baba nobuntu obunjengobezilwane—mhlawumbe ababexhaphaza noma bedlala ngabanye abantu—bayathuthuka ekunqobeni izici ezingathandeki. Ngenxa yalokho, bakhulekela ngokuthula nobunye namanye amakholwa. Izibusiso ezijatshulelwa abantu bakaJehova manje epharadesi elingokomoya ziyodlulela nasePharadesi elingokwenyama, lapho ukuthula phakathi kwabantu kuyofana nokuthula abayoba nakho nezilwane. Singaqiniseka ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, umyalo wakhe wasekuqaleni kubantu uyofezwa ngendlela efanele: “Niwunqobe [umhlaba], nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.”—Genesise 1:28.
35. Kungani sinazo zonke izizathu ‘zokujabula kuze kube phakade’?
35 Asive sibonga ngesithembiso sikaJehova sokudala “amazulu amasha nomhlaba omusha”! Leso sithembiso sagcwaliseka ngo-537 B.C.E. futhi sisagcwaliseka nanamuhla. Lokhu kugcwaliseka okubili kukhomba esikhathini esizayo nesikhazimulayo isintu esilalelayo esiyoba naso. Ngomusa, esebenzisa isiprofetho sika-Isaya, uJehova usinikeze amazwibela alokho akubekele abamthandayo. Ngempela, sinazo zonke izizathu zokulalela la mazwi kaJehova: “Nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo”!—Isaya 65:18.
[Imibhalo yaphansi]
a Abaningi bacabanga ukuthi lezi zoni zazisemangcwabeni zizama ukukhuluma nabafileyo. Ukudla kwabo inyama yengulube kungenzeka kwakuhlangene nokukhulekela izithombe.
b Ephawula ngaleli vesi, umhumushi weBhayibheli uJerome (owazalwa ngekhulu lesine C.E.) ulandisa ngomkhuba wasendulo owawenziwa abakhonzi bezithombe ngosuku lokugcina lwenyanga yokugcina yonyaka wabo. Uyaloba: “Babegcwalisa itafula ngazo zonke izinhlobo zokudla nendebe enewayini elimnandi elixutshiwe ukuze baqikelele ukuthi unyaka odlule noma ozayo uba nesivuno esihle nenzalo.”
c Ngokuka-Isaya 65:16 embhalweni wesiHeberu wamaMasorete, uJehova “unguNkulunkulu ka-Amen.” Elithi “Amen” lisho ukuthi “makube njalo,” noma “ngokuqinisekile,” futhi libonisa ukuvuma noma isiqinisekiso sokuthi into ethile iyiqiniso noma iyokwenzeka nakanjani. Ngokufeza konke akuthembisile, uJehova ubonisa ukuthi akushoyo kuyiqiniso.
d I-Jerusalem Bible ihumusha u-Isaya 65:20 ngale ndlela: “Ngeke kuphinde kutholakale usana oluphila izinsuku ezimbalwa nje kuphela, noma indoda endala engaphili ize iqede izinsuku zayo.”
e Imithi ikufanekisela kahle ukuphila isikhathi eside ngoba iphakathi kwezinto eziphilayo ezihlala isikhathi eside kakhulu ezaziwayo. Ngokwesibonelo, isihlahla seminqumo sithela izithelo amakhulu amaningi eminyaka futhi singase siphile iminyaka engaba inkulungwane.
[Isithombe ekhasini 389]
Emhlabeni kaNkulunkulu omusha, siyoba nesikhathi esanele sokujabulela umsebenzi wezandla zethu