Izidakwa Ezingokomoya—Zingobani?
“Wo kuwo umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwaEfrayimi.”—ISAYA 28:1.
1. Yikuphi ukuba nethemba ngekusasa abaningi abaye baba nakho, kodwa ingabe amathemba abo ayogcwaliseka?
SIPHILA ezikhathini ezivusa amadlingozi. Abantu abaningi baye bathakazeliswa izinguquko eziphawulekayo ezingokombangazwe ezenzeka emhlabeni wonke kanye nokubona ukuhileleka okwengeziwe kwenhlangano yeZizwe Ezihlangene. NgoDecember 1989 iDetroit Free Press yathi: “Njengoba imbulunga ingena eminyakeni yawo-1990, kuye kwaqubuka ukuthula.” Umagazini waseSoviet wamemezela: “Sesilungiselela ukukhanda izinkemba zibe amakhuba,” ngenkathi unobhala-jikelele wenhlangano yeZizwe Ezihlangene ethi: “Asisekho empini yokubhekana ngeziqu zamehlo.” Yebo, amathemba aye aba makhulu, futhi ngokungangabazeki, isimo sezwe siyashintsha. Muva nje, impi yaseGulf iye yabonisa indlela izinguquko ezingenzeka ngayo ngokushesha. Kodwa ingabe lelizwe lamanje liyoke liyijabulele inkathi yokuthula nokulondeka kwangempela, kanye nazo zonke izinzuzo ezihambisana nakho? Impendulo ingucha. Eqinisweni, kunenhlekelele enkulu esongela isintu eyokwenza kuvalwe ngehlahla emhlabeni! Iyinhlekelele inkolo ehileleke kuyo ngokujulile.
2. Isimo sanamuhla safanekiselwa kanjani kuIsrayeli nakuJuda wasendulo?
2 Lenhlekelele yafanekiselwa izenzakalo zakwaIsrayeli noJuda wasendulo ekhulwini lesishiyagalombili nelesikhombisa leminyaka B.C.E. Futhi, emuva ngalesosikhathi abantu babecabanga ukuthi ngokunokwenzeka base bekutholile ukuthula. Kodwa uNkulunkulu, ngomprofethi wakhe uIsaya, waxwayisa ukuthi ithemba labo lokuthula laliyinkohliso, eyayizodalulwa ngokushesha. Ngendlela efanayo namuhla, uJehova, ngoFakazi bakhe, uxwayisa isintu ukuthi siyakhohliseka uma sethemba ukufinyelela ukuthula okuhlala njalo ngemizamo yomuntu. Ake sifunde isixwayiso sikaJehova esingokwesiprofetho futhi sibone ukuthi sisebenza kanjani namuhla. Sitholakala esahlukweni sama-28 sencwadi kaIsaya futhi salotshwa ngaphambi kuka-740 B.C.E., cishe phakathi nokubusa kweNkosi embi uPheka yakwaIsrayeli neNkosi edukayo uAhazi yakwaJuda.
‘Izidakwa ZakwaEfrayimi’
3. Yikuphi ukulahlwa okumangalisayo uIsaya akumemezela?
3 Evesini 1 lesahluko 28, sethuswa yilenkulumo emangalisayo: “Wo kuwo umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwaEfrayimi, nakuyo imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo, esenhloko yesigodi esivundileyo sabanqotshwé yiwayini.” Yeka ukuthi amaIsrayeli kumelwe ukuba ayethuke kanjani lapho ezwa lokho kulahlwa okunamandla! Zazingobani lezi ‘zidakwa zakwaEfrayimi’? Wawuyini “umqhele” wazo “wokuziphakamisa”? Futhi iyini ‘inhloko yesigodi esivundileyo’? Okubaluleke nangaphezulu, lamazwi asho ukuthini kithi namuhla?
4. (a) Wayengubani uEfrayimi futhi yayiyini inhloko yesigodi esivundile? (b) Kungani uIsrayeli azizwa elondekile?
4 Njengoba uEfrayimi ayeyisizwe esikhulu ezizweni eziyishumi zakwaIsrayeli, igama elithi “Efrayimi” ngezinye izikhathi lalibhekisela kuwo wonke umbuso wasenyakatho. Ngakho ‘izidakwa zakwaEfrayimi’ empeleni zaziyizidakwa zakwaIsrayeli. Inhloko-dolobha yakwaIsrayeli kwakuyiSamariya, eyayisendaweni ephakeme kakhulu esihlokweni sesigodi esivundile. Ngakho amazwi athi “enhlokweni yesigodi esivundileyo” abhekisela eSamariya. Lapho lamazwi ebhalwa, umbuso wakwaIsrayeli wawonakele kakhulu ngokuqondene nenkolo. Ngaphezu kwalokho, wawenze isivumelwano esingokombangazwe neSiriya ngokumelene noJuda futhi manje wawuzizwa ulondekile. (Isaya 7:1-9) Lokho kwase kuzoshintsha. Kwakusondela inhlekelele, okwabangela uJehova amemezele u“wo kuwo umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwaEfrayimi.”
5. (a) Wawuyini umqhele kaIsrayeli wokuziphakamisa? (b) Zazingobani izidakwa zakwaEfrayimi?
5 Wawuyini “umqhele wokuziphakamisa”? Umqhele uwuphawu lwegunya lobukhosi. Ngokusobala, “umqhele wokuziphakamisa” wawuyisikhundla sikaIsrayeli njengombuso ozimele, ongancikile kuJuda. Kunokuthile okwakuzokwenzeka okwakuzobhubhisa ukuba kobukhosi bakwaIsrayeli ngobuzimele. Khona-ke, zazingobani ‘izidakwa zakwaEfrayimi’? Ngokungangabazeki, zazikhona izidakwa zangempela kwaIsrayeli, njengoba iSamariya laliyisikhungo sokukhulekela okungcolile kobuqaba. Nokho, iBhayibheli likhuluma ngohlobo lobudakwa olubi nakakhulu. KuIsaya 29:9, siyafunda: “Badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.” Lobu kwakuwubudakwa obungokomoya, obungcolile nobubulalayo. Abaholi bakaIsrayeli—ikakhulukazi abaholi bakhe benkolo—ngokusobala babedakwe ngayo kanye leyondlela engokomoya.
6. Yini eyabangela ukuba uIsrayeli wasendulo adakwe?
6 Babubangelwa yini ubudakwa obungokomoya bukaIsrayeli wasendulo? Ngokuyisisekelo, kwakuyisivumelwano sakhe neSiriya ngokumelene noJuda, okwanikeza abaholi besizwe umuzwa wokwaneliseka wokuthi ulondekile. Lobudakwa obungokomoya benza uIsrayeli walahlekelwa isimo esingokoqobo. Njengesidakwa sangempela, wayenethemba ngekusasa nakuba sasingekho isizathu sokuba abe nalo. Ngaphezu kwalokho, uIsrayeli wasigqoka ngokuqhosha isivumelwano sakhe esidakayo ayesenze neSiriya, njengembali yobuhle. Kodwa, njengoba uIsaya esho, sasiyimbali ebunayo eyayingeke ihlale isikhathi eside.
7, 8. Naphezu kwemizwa yakhe yokwaneliseka, yini uIsrayeli wasendulo ayezobhekana nayo?
7 UIsaya ugcizelela lokhu esahlukweni 28, ivesi 2: “Bheka, iNkosi inaye oqinileyo nonamandla; uyakuwisa phansi ngamandla njengesivunguvungu esinesichotho, nesiphepho esichithayo, nesiphihli samanzi esinamandla esikhukhulayo.” Wayengubani lona “oqinileyo nonamandla”? Esikhathini sikaIsrayeli wasendulo, kwakuwuMbuso onamandla waseAsiriya. Lombuso wezwe ononya wawuyofika phezu kukaIsrayeli njengesivunguvungu esinesichotho samanzi anamandla nakhukhulayo. Wawuyoba yini umphumela?
8 UIsaya uyaqhubeka uthi: “Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwaEfrayimi uyakunyathelwa ngezinyawo, imbali ebunayo yobuhle bakhe obukhazimulayo, esenhloko yesigodi esivundileyo, ibe-njengekhiwane elivuthiwe kungakafiki ukuvuna; olibonayo uyalibuka, aligwinye, lisesesandleni sakhe.” (Isaya 28:3, 4) Inhloko-dolobha yakwaIsrayeli, iSamariya, yayinjengekhiwane elivuthiwe kuyiAsiriya, ilungele ukukhiwa nokugwinywa. Isivumelwano sikaIsrayeli esinjengembali ayesenze neSiriya sasizonyathelwa ngezinyawo. Sasiyoba esingenamsebenzi lapho kufika usuku lokwahlulela. Okubi nakakhulu, inkazimulo yakhe enjengomqhele yokuzibusa yayiyogandaywa isitha saseAsiriya. Yeka inhlekelele!
‘Umpristi Nomprofethi Badukile’
9. Kungani uJuda kungenzeka ukuthi wayelindele isigijimi esivela kuJehova esingcono kunesatholwa uIsrayeli wasendulo?
9 Yebo, ukwahlulelwa okwesabekayo kwakulindele uIsrayeli, futhi njengoba nje uJehova uNkulunkulu ayexwayisile, lokho kwahlulela kwafika ngonyaka ka-740 B.C.E. lapho iSamariya libhujiswa yiAsiriya futhi umbuso wasenyakatho uyeka ukuba isizwe esizimele. Okwenzeka kuIsrayeli wasendulo kuyisixwayiso esinamandla enkolweni yamanga engathembekile namuhla, njengoba sizobona. Kodwa kuthiwani ngombuso ongudadewabo kaIsrayeli oseningizimu, uJuda? Esikhathini sikaIsaya ithempeli likaJehova lalisasebenza eJerusalema, inhloko-dolobha yakwaJuda. Ubupristi babusasebenza lapho, futhi abaprofethi abanjengoIsaya, uHoseya noMika babekhuluma egameni likaJehova. Khona-ke isiphi isigijimi uJehova ayesiphathele uJuda?
10, 11. Yisiphi isimo esinyanyekayo esasikhona kwaJuda?
10 UIsaya uyaqhubeka esitshela: “Nalabo [okungukuthi, abapristi nabaprofethi baseJerusalema] baduka ngewayini; ngophuzo olunamandla bayatengezela; abapristi nabaprofethi bayaduka ngophuzo olunamandla.” (Isaya 28:7a) Ngokusobala, abaholi benkolo bakwaJuda nabo babedakiwe. NjengakwaIsrayeli, cishe abanye babeyizidakwa ngomqondo ongokoqobo, futhi uma kunjalo, lokhu kwakuyihlazo. UMthetho kaNkulunkulu wawulwenqabela ngokukhethekile uphuzo olunamandla kubapristi lapho bekhonza ethempelini. (Levitikusi 10:8-11) Ubudakwa obungokoqobo endlini kaNkulunkulu babuyoba ukwephulwa okuthusayo koMthetho kaNkulunkulu.
11 Nokho, okubi nakakhulu ukuthi kwakunobudakwa obungokomoya kwaJuda. Njengoba nje uIsrayeli ayenze isivumelwano neSiriya ngokumelene noJuda, kanjalo noJuda wafuna ukulondeka ngokwenza isivumelwano neAsiriya. (2 AmaKhosi 16:5-9) Naphezu kokuba khona kwethempeli likaNkulunkulu nabaprofethi bakhe, uJuda wakholelwa kubantu esikhundleni sokwethemba uJehova. Ngaphezu kwalokho, ngemva kokwenza isivumelwano esinjalo sobuwula, abaholi bakhe bazizwa bengenandaba njengomakhelwane babo basenyakatho ababedakiwe ngokomoya. Isimo sabo sengqondo sokungawunaki umthwalo wemfanelo sasinyanyeka kuJehova.
12. Wawuyoba yini umphumela wobudakwa obungokomoya bukaJuda?
12 UIsaya uyaqhubeka uthi: “Bayatengezela ngophuzo olunamandla; bayaduka ekuboneni, bakhubeka ekwahluleleni. Yebo, onke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola, kungabe kusabakho-ndawo.” (Isaya 28:7b, 8) Ngokunokwenzeka, lapho bedakiwe, abanye babehlanzela ethempelini ngokoqobo. Kodwa okubi nakakhulu, abapristi nabaprofethi okwakufanele banikeze isiqondiso esingokwenkolo babehlanza ukungcola okungokomoya. Ngaphezu kwalokho, ngaphandle kwezabambalwa abathembekile, izahlulelo zabaprofethi zazisontekile, futhi babebonela isizwe izinto ezingamanga. UJehova wayezomjezisa uJuda ngenxa yalokhu kungcola okungokomoya.
Izidakwa Ezingokomoya Namuhla
13. Yikuphi ukufana okukhona phakathi kwesimo sikaIsrayeli noJuda nesimo esasikhona ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., futhi yikuphi ukufana okukhona namuhla?
13 Ingabe iziprofetho zikaIsaya zagcwaliseka kuIsrayeli nakuJuda wasendulo kuphela? Lutho neze. Bobabili uJesu nomphostoli uPawulu bacaphuna amazwi akhe aphathelene nobudakwa obungokomoya futhi bawasebenzisa kubaholi benkolo besikhathi sabo. (Isaya 29:10, 13; Mathewu 15:8, 9; Roma 11:8) Nanamuhla, kuye kwaphakama isimo esinjengesesikhathi sikaIsaya—kulokhu kweLobukholwa, inhlangano yenkolo yomhlaba wonke ethi imelela uNkulunkulu. Esikhundleni sokumelela iqiniso ngokuqinile nokuthembela kuJehova, eLobukholwa, ubuKatolika nobuProtestani, libeka ukholo lwalo ezweni. Ngakho liyadiyazela, njengezidakwa zakwaIsrayeli nezakwaJuda. Izidakwa ezingokomoya zakulezozizwe zasendulo zibafanekisela kahle abaholi abangokomoya beLobukholwa namuhla. Ake sibone ukuthi kanjani.
14. Kungayiphi indlela abaholi benkolo beLobukholwa bedakwe njengabaholi beSamariya neJerusalema lasendulo?
14 NjengeSamariya neJerusalema, eLobukholwa liye lazitika ngokuphuza iwayini lezivumelwano zezombangazwe. Ngo-1919 laliphakathi kwabagqugquzeli abavelele beNhlangano Yezizwe. Nakuba uJesu athi amaKristu ayengeke abe ingxenye yezwe, abaholi beLobukholwa bahlakulela ubuhlobo nabaholi bezombangazwe. (Johane 17:14-16) Leliwayini elingokomfanekiso lesenzo esinjalo liyabashukumisa abefundisi. (Qhathanisa nesAmbulo 17:4.) Bayakujabulela ukubhunga nosombangazwe futhi bazihlanganise nabantu abavelele balelizwe. Ngenxa yalokho, abanaso isiqondiso esingokomoya seqiniso abangasinikeza. Bahlanza ukungcola esikhundleni sokukhuluma isigijimi esihlanzekile seqiniso. (Zefaniya 3:9) Njengoba bebona kalufifi futhi bedidekile, ababona abaholi abaphephile besintu.—Mathewu 15:14.
“Isiyalezelo Phezu Kwesiyalezelo”
15, 16. Abantu ababephila esikhathini sikaIsaya basabela kanjani ezixwayisweni zakhe?
15 Ekhulwini lesishiyagalombili leminyaka B.C.E., uIsaya wadalula inkambo engalungile yabaholi abangokomoya bakwaJuda ngokuyinhloko. Basabela kanjani? Bakuzonda! Lapho uIsaya ephikelela ememezela izixwayiso zikaNkulunkulu, abaholi benkolo baphendula: “Ngubani ayakumfundisa ukwazi, aqondise-bani umbiko, na? Yibo abalunyuliweyo obisini, basuswa emabeleni, na?” (Isaya 28:9) Yebo, ingabe uIsaya wayecabanga ukuthi ukhuluma nezinsana? Abaholi benkolo baseJerusalema babezibheka njengamadoda akhulile, akufanelekela kahle ukuzenzela izinqumo. Ayengadingi ukulalela izikhumbuzo zikaIsaya eziyisicefe.
16 Lezo zazi zenkolo zahlekisa ngisho nokuhlekisa ngomsebenzi kaIsaya wokushumayela. Zamculela: “Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, lapha ingcosana, nalapho ingcosana.” (Isaya 28:10) Zazithi: ‘UIsaya ulokhu ephindaphinda akushoyo. Ulokhu ethi: “Nakhu uJehova akuyalile! Nakhu uJehova akuyalile! Nawu umthetho kaJehova! Nawu umthetho kaJehova!”’ EsiHeberwini sokuqala, uIsaya 28:10 uyisigqi esiphindaphindayo, noma unjengesigqi sokulolozela ingane. Yileyondlela lomprofethi ayebonakala ngayo kulabaholi benkolo, engophindaphindayo nonobuntwana.
17. Abaningi namuhla basabela kanjani esigijimini esiyisixwayiso esimenyezelwa oFakazi BakaJehova?
17 Ekhulwini lokuqala leminyaka C.E., ukushumayela kukaJesu nabafundi bakhe kwazwakala kuphindaphinda futhi kungaphucukile ngendlela efanayo. Labo ababelandela uJesu babebhekwa abaholi benkolo bamaJuda njengabaqalekisiwe, abantu basemaphandleni abangaphucukile, abantu abangafundile nabavamile. (Johane 7:47-49; IzEnzo 4:13) OFakazi BakaJehova namuhla ngokuvamile babhekwa ngendlela efanayo. Abayanga ezikoleni zeLobukholwa zokufundela ubufundisi, futhi abazisebenzisi iziqu ezizwakala ziphakeme noma ulimi lwenkolo njengoba kwenza abefundisi. Ngakho abantu abavelele kweLobukholwa bababukela phansi, becabanga ukuthi kufanele bayazi indawo yabo futhi banikeze labaholi benkolo inhlonipho eyengeziwe.
18. Yini abaholi benkolo abangayinaki namuhla?
18 Nokho, kunokuthile labo baholi benkolo abangakunaki. Ngisho nakuba abantu abavelele bosuku lukaIsaya basenqaba isigijimi sakhe, wayekhuluma iqiniso, futhi izixwayiso zakhe zagcwaliseka! Ngokufanayo, izixwayiso oFakazi BakaJehova abazimemezelayo namuhla ziyiqiniso, zisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu leqiniso, iBhayibheli. (Johane 17:17) Ngakho, zizogcwaliseka nakanjani.
Ukwahlulela
19. UJuda waphoqeleka kanjani ukuba alalele abantu bakwamanye amazwe abakhuluma ulimi olungingizayo?
19 KuIsaya 28:11, siyafunda: “Yebo, ngezindebe ezingingizayo nangolunye ulimi uyakukhuluma kulababantu.” Ukufundisa kukaIsaya kwazwakala njengombhedo wolimi lwakwelinye izwe kuJuda. Nakuba uJuda asinda osongweni lweAsiriya olwahlula uIsrayeli, ngokuhamba kwesikhathi uJehova wathatha isinyathelo ngokuqondene noJuda ngomuntu wakwelinye izwe, uNebukadinesari. (Jeremiya 5:15-17) Ulimi lwaseBabiloni lwazwakala lunokhahlo futhi lungingiza kulawomaHeberu. Kodwa aphoqeleka ukuba alulalele lapho iJerusalema nethempeli lalo kubhujiswa ngo-607 B.C.E. futhi izakhamuzi zihudulwa ziyiswa ebugqilini baseBabiloni. Ngendlela efanayo namuhla, eLobukholwa ngokushesha kuzodingeka lihlupheke, ngoba njengoJuda wakudala, likushaya indiva ukunxusa kukaJehova.
20, 21. Yini oFakazi BakaJehova abayimemezela ngokuphindaphindiwe, kodwa yini abaholi beLobukholwa abenqabayo ukuyenza?
20 Isiprofetho sithi ngabanjalo: “Akade esho kubo ukuthi: Lokhu kungukuphumula; phumuzani abayethileyo; lokhu kungukuhlunyelelwa; kepha abathandanga ukuzwa. Ngalokho izwi likaJehova liyakuba-kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, lapha ingcosana, nalapho ingcosana, ukuze bahambe, bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.”—Isaya 28:12, 13.
21 Ngokuphindaphindiwe, njengoba nje uIsaya akhuluma ngesigijimi sikaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova batshela eLobukholwa ukuthi kufanele libeke ithemba lalo ezwini likaJehova. Kodwa liyenqaba ukulalela. Kulo, oFakazi babonakala bebheda ngolimi lwakwelinye izwe. Bakhuluma ulimi elingaluqondi. ELobukholwa liyenqaba ukuphumuza okhathele ngokuba likhulume ngoMbuso kaNkulunkulu nangezwe elisha elizayo. Kunalokho, lidakwe yiwayini lobuhlobo balo nalelizwe. Likhetha ukusekela amakhambi ezombangazwe okuxazulula izinkinga zesintu. NjengamaJuda osuku lukaJesu, aliyifunanga indawo yokuphumula yoMbuso, futhi ngeke libatshele abanye ngayo.—Mathewu 23:13.
22. Yini uJehova ayazisa abaholi beLobukholwa?
22 Ngakho, amazwi kaIsaya angokwesiprofetho azisa abefundisi ukuthi uJehova ngeke elokhu ekhuluma ngoFakazi baKhe abangenangozi. Ngokushesha, uJehova uyofeza “isiyalezelo” sakhe “phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho,” futhi umphumela uyoba inhlekelele kweLobukholwa. Abaholi balo benkolo nemihlambi yabo ‘bayophuka, bacushwe futhi babanjwe.’ Yebo, njengeJerusalema lakudala, izimiso zenkolo zeLobukholwa ziyobhujiswa ngokuphelele. Yeka isenzakalo esithusayo nesingalindelekile lokho okuyoba yiso! Futhi yeka umphumela owesabekayo obangelwa ukuthi abefundisi bakhetha ubudakwa obungokomoya esikhundleni sezikhumbuzo zikaJehova!
Ingabe Ungachaza?
◻ Zazingobani izidakwa zakwaEfrayimi, futhi yini eyabangela ukuba zidakwe?
◻ Imiqhele yokuziphakamisa yezidakwa zakwaEfrayimi yanyathelelwa kanjani phansi?
◻ Yisiphi isimo esihlazisayo esasikwaJuda uIsaya asidalula?
◻ Sibubonaphi namuhla ubudakwa obungokomoya?
◻ Kungani eLobukholwa kufanele lilalele okwenzeka esizweni sakwaJuda sasendulo?