U-Isaya
28 Maye kuwo umqhele* ovelele* wezidakwa zakwa-Efrayimi, +
Nembali ebunayo yobuhle bazo obukhazimulayo,
Ephezu kwekhanda lesigodi esivundile salabo abadakwe yiwayini!
2 Bheka! UJehova unomuntu onamandla futhi oyiqhawe.
Njengesichotho esihambisana nokuduma, isiphepho esicekela phansi,
Njengokuduma okunezikhukhula ezinamandla,
Uyokuphonsa phansi emhlabeni ngamandla.
4 Imbali ebunayo yobuhle bazo obukhazimulayo,
Esekhanda lesigodi esivundile,
Iyoba njengekhiwane elivuthwe kuqala kungakabi yihlobo,
Lapho umuntu elibona, uyalikha alidle ngokushesha.
5 Ngalolo suku uJehova wamabutho uyoba njengomqhele omuhle okhazimulayo nanjengomhlobiso omuhle kubantu bakhe abasele. + 6 Uyoba njengomoya wobulungisa kohlezi ekwahluleleni nanjengomthombo wamandla kwabaxosha izitha ezihlaselayo esangweni. +
7 Umpristi nomprofethi bayaduka ngenxa yewayini;
Utshwala babo bubenza badiyazele.
Bayaduka ngenxa yotshwala;
Iwayini liyabaphithanisa,
Badiyazeliswa utshwala babo;
Umbono wabo uyabadukisa,
Bahlulela ngendlela engafanele. +
8 Wonke amatafula agcwele umhlanzo onyanyisayo
—Ugcwele yonke indawo.
9 Umuntu uyoludlulisela kubani ulwazi,
Uyowuchazela bani umyalezo?
Labo abayekiswe ukuncela,
Labo abasuswe ebeleni?
10 Ngoba “ngumyalo phezu komyalo, umyalo phezu komyalo,
Umthetho* phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, *+
Kancane lapha, kancane laphaya.”*
11 Uyokhuluma nalesi sizwe esebenzisa labo abanamalimi* nabakhuluma ulimi oluhlukile. + 12 Wake wathi kubo: “Lena yindawo yokuphumula. Okhathele makaphumule; lena yindawo yokunethezeka,” kodwa abalalelanga. + 13 Kubo izwi likaJehova liyoba:
“Ngumyalo phezu komyalo, umyalo phezu komyalo,
Umthetho phezu komthetho, umthetho phezu komthetho, *+
Kancane lapha, kancane laphaya,”
14 Ngakho yizwani izwi likaJehova, nina eniqhoshayo,
Nina babusi balesi sizwe eniseJerusalema,
15 Ngoba nina madoda nithi:
Lapho isikhukhula esinamandla sidlula,
Ngeke sifinyelele kithi,
Ngoba senze amanga aba yisiphephelo sethu
Sizifihle emangeni.” +
16 Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Bheka ngibeka itshe njengesisekelo eZiyoni, itshe elivivinyiwe, +
Akekho obonisa ukholo kulo oyokwethuka. +
Isichotho siyosikhukhula isiphephelo samanga,
Namanzi akhukhule indawo yokucasha.
Lapho isikhukhula esinamandla sidlula,
Siyonikhukhula.
Ukwesaba kuphela okuyobenza baqonde umyalezo.”*
20 Ngoba umbhede mfushane kakhulu ukuba umuntu angenaba kuwo,
Nengubo incane kakhulu ukuba umuntu angazisonga ngayo.
21 Ngoba uJehova uyovuka njengaseNtabeni iPherazimi;
Uyovuka njengasesigodini esiseduze* kweGibheyoni, +
Ukuze enze isenzo sakhe—isenzo sakhe esiyinqaba—
Ukuze enze umsebenzi wakhe—umsebenzi wakhe ongajwayelekile. +
Ukuze izibopho zenu zingaqiniswa kakhulu,
Ngoba ngizwile ngeNkosi EnguMbusi uJehova wamabutho,
23 Bekani indlebe, nilalele izwi lami;
Nakani nilalele engikushoyo.
24 Ingabe umlimi ulima usuku lonke ngaphambi kokuba ahlwanyele imbewu?
Ingabe ulokhu evukuza futhi ehlelemba inhlabathi? +
25 Lapho eseyihlelembile,
Akasakazi yini ikhumini elimnyama ahlwanyele ikhumini,
Akahlwanyeli yini ukolweni, unyaluthi nebhali endaweni yako,
Nesipelite + emingceleni?
Kunalokho, ikhumini elimnyama libhulwa ngenduku,
Nekhumini ngodondolo.
28 Lapho kubhulwa, umuntu uyakugaya yini ukudla okusanhlamvu kuze kucoliseke ukuze enze isinkwa?