Babalwa Njengabakufanelekele Ukuqondiswa Emithonjeni Yamanzi Okuphila
“IWundlu . . . liyobelusa, futhi liyobaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila.”—ISAM. 7:17.
1. IZwi likaNkulunkulu liwabiza ngokuthini amaKristu agcotshiwe, futhi uJesu wawanika muphi umthwalo wemfanelo?
IZWI LIKANKULUNKULU libiza amaKristu agcotshiwe anakekela izinto zikaKristu emhlabeni ngokuthi “inceku ethembekileyo neqondayo.” Lapho uKristu ehlola leyo “nceku” ngo-1918, wathola la maKristu agcotshiwe emhlabeni ekulungiselela ngokwethembeka “ukudla” okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” Ngemva kwalokho, uJesu, iNkosi yawo, wakujabulela ukuwamisa ‘phezu kwakho konke okungokwakhe.’ (Funda uMathewu 24:45-47.) Ngakho, ngaphambi kokuba bathole ifa lasezulwini, abagcotshiweyo bakhonza abakhulekeli bakaJehova abakanye nabo emhlabeni.
2. Chaza ukuthi okungokukaJesu kuyini.
2 Inkosi inegunya lokusebenzisa okungokwayo, noma impahla yayo, futhi ingayisebenzisa ngendlela ethanda ngayo. Lokho okungokukaJesu Kristu, iNkosi ebekwe uJehova esihlalweni sobukhosi, kuhlanganisa zonke izinto eziphathelene noMbuso emhlabeni. Lezo zinto zihlanganisa ‘nesixuku esikhulu’ esabonwa umphostoli uJohane embonweni. UJohane usichaza kanje: “Bheka! isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sigqoke izembatho ezimhlophe; kukhona amagatsha esundu ezandleni zaso.”—IsAm. 7:9.
3, 4. Iliphi ilungelo elikhulu abesixuku esikhulu abanalo?
3 Amalungu aleso sixuku esikhulu aphakathi kwalabo uJesu ababiza ngokuthi “ezinye izimvu” zakhe. (Joh. 10:16) Anethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Ayaqiniseka ukuthi uJesu ‘uyowaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila’ nokuthi ‘uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni awo.’ Enalelo themba, aye ‘ahlanza izembatho zawo zaba mhlophe egazini leWundlu.’ (IsAm. 7:14, 17) Abonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu, futhi ngenxa yalokho agqoke ‘izembatho ezimhlophe’ emehlweni kaNkulunkulu. Kuthiwa alungile njengabangane bakaNkulunkulu, njengo-Abrahama.
4 Ngaphezu kwalokho, njengoba uNkulunkulu ebheka isixuku esikhulu esandayo sezinye izimvu njengesilungile, singaba nethemba lokusinda lapho lesi simiso sezinto sibhujiswa osizini olukhulu. (Jak. 2:23-26) Singasondela kuJehova, futhi njengeqembu, sinethuba elimangalisayo lokusinda e-Armagedoni. (Jak. 4:8; IsAm. 7:15) Asizenzeli umathanda, kodwa sizimisele ukukhonza ngaphansi kokuqondisa kweNkosi yasezulwini nabafowabo abagcotshiwe emhlabeni.
5. Abesixuku esikhulu babasekela kanjani abafowabo bakaKristu abagcotshiwe?
5 Izwe likaSathane liye lawaphikisa kanzima amaKristu agcotshiwe futhi lisazoqhubeka liwaphikisa. Noma kunjalo, angathembela ekusekelweni abangane bawo besixuku esikhulu. Nakuba amaKristu agcotshiwe esembalwa, isixuku esikhulu sanda ngamakhulu ezinkulungwane minyaka yonke. Abagcotshiwe abakwazi ukwengamela mathupha ngalinye lamabandla obuKristu angaba ngu-100 000 asemhlabeni wonke. Ngakho, enye indlela ezinye izimvu ezisekela ngayo abagcotshiwe iwukukhonza kwamadoda afanelekayo esixuku esikhulu njengabadala bamabandla. Asiza ekunakekeleni izigidi zamaKristu manje “inceku ethembekileyo neqondayo” eziphathisiwe.
6. Sathini isiprofetho ngokusekelwa kwamaKristu agcotshiwe abangane bawo bezinye izimvu?
6 Umprofethi u-Isaya wakubikezela lokho kusekelwa ngokuzithandela kwamaKristu agcotshiwe ngabangane bawo bezinye izimvu. Wabhala: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Izisebenzi ezingakhokhelwa zaseGibhithe nabathengisi baseTopiya namaSabheya, abantu abade, bayofika nokufika kuwe, futhi bayoba ngabakho. Bayohamba ngemva kwakho.’” (Isaya 45:14) Ngomqondo ongokomfanekiso, namuhla amaKristu anethemba lasemhlabeni ahamba ngemva kwesigaba senceku egcotshiwe neNdikimba yaso Ebusayo, elandela ukuhola kwaso. ‘Njengezisebenzi ezingakhokhelwa,’ ezinye izimvu zisebenzisa amandla nezinto zawo ngokuzithandela nangenhliziyo yonke ekusekeleni umsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke uKristu awabela abalandeli bakhe abagcotshiwe emhlabeni.—IzE. 1:8; IsAm. 12:17.
7. Isixuku esikhulu siqeqeshelwa ini?
7 Njengoba amalungu esixuku esikhulu esekela abafowabo abagcotshiwe, aqeqeshelwa ukuba isisekelo somphakathi omusha oyoba khona ngemva kwe-Armagedoni. Leso sisekelo kumelwe sibe esiqinile, amalungu aso azimisele futhi akwazi ukwenza lokho okushiwo iNkosi. UmKristu ngamunye unikezwa ithuba lokubonisa ukuthi angasetshenziswa iNkosi, uKristu Jesu. Ngokubonisa ukholo nobuqotho manje, ubonisa ukuthi uyolalela lapho iNkosi imnikeza iziqondiso ezweni elisha.
Isixuku Esikhulu Sifakazela Ukholo Lwaso
8, 9. Abesixuku esikhulu balufakazela kanjani ukholo lwabo?
8 Abezinye izimvu abangabangane bebandla lamaKristu agcotshiwe bafakazela ukholo lwabo ngezindlela ezihlukahlukene. Okokuqala, basekela abagcotshiwe ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Math. 24:14; 28:19, 20) Okwesibili, bazithoba ngokuzithandela esiqondisweni seNdikimba Ebusayo.—Heb. 13:17; funda uZakariya 8:23.
9 Okwesithathu, amalungu esixuku esikhulu asekela abafowabo abagcotshiwe ngokuphila ngokuvumelana nezimiso zikaJehova zokulunga. Alwela ukuhlakulela “uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Gal. 5:22, 23) Namuhla ukubonisa izimfanelo ezinjalo, kunokwenza “imisebenzi yenyama,” kungase kungathandeki. Noma kunjalo, amalungu esixuku esikhulu azimisele ukugwema “ubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi.”—Gal. 5:19-21.
10. Amalungu esixuku esikhulu azimisele ukwenzani?
10 Njengoba singaphelele, kungaba inselele ukuveza izithelo zomoya, ukugwema imisebenzi yenyama nokumelana nokucindezela kwezwe likaSathane. Noma kunjalo, sizimisele ukuba singavumeli ukudangala okubangelwa ubuthakathaka bomuntu siqu, ukwehluleka okwesikhashana ukwenza okulungile, noma ubuthakathaka bomzimba ukuba kulwenze buthaka ukholo lwethu noma kunciphise uthando lwethu ngoJehova. Siyazi ukuthi uJehova uyokwenza njengoba ethembisile—uyosilondoloza isixuku esikhulu osizini olukhulu.
11. Imaphi amacebo uSathane aye wawasebenzisa emizamweni yakhe yokwenza ukholo lwamaKristu lube buthaka?
11 Noma kunjalo, sihlale siqaphile ngoba siyazi ukuthi isitha sethu sangempela nguDeveli, futhi asideli kalula. (Funda eyoku-1 Petru 5:8.) Siye sasebenzisa izihlubuki nabanye ukuze sizame ukusenza sikholelwe ukuthi izimfundiso esizikholelwayo zingamanga. Kodwa ngokuvamile lelo cebo liye labhuntsha. Ngokufanayo, nakuba ngezinye izikhathi ushushiso luye lwawuthikameza umsebenzi wokushumayela, ngokuvamile luye lwaqinisa ukholo lwalabo abashushiswayo. Ngakho, uSathane usebenzisa kakhulu indlela cishe anomuzwa wokuthi izophumelela ngokwengeziwe ekwenzeni ukholo lwethu lube buthaka. Usizakala ngemizwa yokudangala. AmaKristu ekhulu lokuqala ayexwayiswa ngale ngozi lapho etshelwa: “Cabangisisani [ngoKristu] okhuthazelele inkulumo enjalo yezoni ephikisayo emelene nezinzuzo zazo siqu.” Ngani? “Ukuze ningakhathali niphele amandla emiphefumulweni yenu.”—Heb. 12:3.
12. Iseluleko seBhayibheli sibaqinisa kanjani abadangele?
12 Wake wazizwa yini kuthi shiya phansi? Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa uyisehluleki? Uma kunjalo, ungamvumeli uSathane ukuba asebenzise leyo mizwa ukuze akuthiye ekukhonzeni uJehova. Ukutadisha iBhayibheli ngokujulile, ukuthandaza ngobuqotho, ukuba khona njalo emihlanganweni nokuba nobudlelwane nesikholwa nabo kuyokuqinisa futhi kukusize ‘ungapheli amandla emphefumulweni wakho.’ UJehova uthembise ukubasiza labo abamkhonzayo ukuba bathole amandla kabusha, futhi uyasifeza isithembiso sakhe. (Funda u-Isaya 40:30, 31.) Gxila enkonzweni yoMbuso. Gwema izithikamezo ezidla isikhathi futhi ugxile ekusizeni abanye. Khona-ke, uyoba namandla okukhuthazela naphezu kokudangala.—Gal. 6:1, 2.
Siphuma Osizini Singene Ezweni Elisha
13. Imuphi umsebenzi olindele labo abayosinda e-Armagedoni?
13 Ngemva kwe-Armagedoni, izigidigidi zabantu abangalungile eziyovuswa kuyodingeka zifundiswe izindlela zikaJehova. (IzE. 24:15) Kuyodingeka zifunde ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo; ngaphezu kwalokho, kuyomelwe zifundiswe ukuba zibonise ukholo kulowo mhlatshelo ukuze zithole izinzuzo zawo. Kuyodingeka ziyeke ukukholelwa emangeni angokwenkolo, zishiye nendlela ezaziphila ngayo ngaphambili. Kuyomelwe zifunde ukugqoka ubuntu obusha obubonakalisa amaKristu eqiniso. (Efe. 4:22-24; Kol. 3:9, 10) Abezinye izimvu abayosinda bayoba nomsebenzi omningi. Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukukhonza uJehova ngaleyo ndlela, zingasekho izingcindezi nezithikamezo zaleli zwe elibi!
14, 15. Chaza izingxoxo eziyoba khona phakathi kwabasinde osizini olukhulu nabalungile abayobe bevusiwe.
14 Izinceku zikaJehova ezithembekile ezafa ngaphambi kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni nazo kuyobe kukuningi okumelwe zikufunde. Ziyokwazi ukuthi ngubani owaba uMesiya othenjisiwe ezazilangazelela ukumbona kodwa zangakwazi. Ngaphambi kokuba zificwe ukufa, zazibonisile ukuthi zizimisele ukufundiswa uJehova. Cabanga nje ukuthi kuyoba injabulo nelungelo elingakanani ukuzisiza—ngokwesibonelo, ukuchazela uDaniyeli ngokugcwaliseka kweziprofetho azibhala kodwa ayengaziqondi!—Dan. 12:8, 9.
15 Yebo, nakuba kukuningi abavusiwe abayothanda sibaxoxele kona, nathi kunemibuzo eminingi esiyobabuza yona. Bayokwazi ukusitshela imininingwane yezenzakalo okukhulunywe ngazo eBhayibhelini kodwa ezingachazwanga ngokugcwele. Cabanga ukuthi kuyothakazelisa kangakanani ukuthola imininingwane ethile ngoJesu kumzala wakhe, uJohane uMbhapathizi! Ngokungangabazeki, izinto esiyozithola kofakazi abathembekile abanjalo ziyosenza siliqonde nakangcono iZwi likaNkulunkulu ngaphezu kokuba siliqonda manje. Izinceku zikaJehova ezithembekile eziye zafa—kuhlanganise nalabo besixuku esikhulu abafa phakathi nesikhathi sokuphela—ziyothola “uvuko olungcono.” Zaqala ukukhonza uJehova ezweni elalibuswa uSathane. Yeka ukuthi ziyokujabulela kangakanani ukuqhubeka nenkonzo yazo ezimweni ezingcono kakhulu zezwe elisha!—Heb. 11:35; 1 Joh. 5:19.
16. Isiprofetho sithi kuyokwenzekani phakathi noSuku Lokwahlulela?
16 Esikhathini esithile phakathi noSuku Lokwahlulelwa, kuyovulwa imiqulu. Yona kanye neBhayibheli, iyoba isisekelo sokwahlulela bonke abaphilayo ukuthi bayakufanelekela yini ukuthola ukuphila okuphakade. (Funda isAmbulo 20:12, 13.) Lapho uSuku Lokwahlulela luphela, umuntu ngamunye uyobe ethole ithuba elanele lokubonisa ukuthi umiphi ngokuqondene nempikiswano yobukhosi bendawo yonke. Uyolisekela yini ilungiselelo loMbuso, avumele iWundlu limqondise “emithonjeni yamanzi okuphila”? Noma ingabe uyokwenqaba ukuzithoba eMbusweni kaNkulunkulu? (IsAm. 7:17; Isaya 65:20) Ngaleso sikhathi, bonke emhlabeni bayobe bethole ithuba lokwenza isinqumo somuntu siqu, bengathiywa isono esasizuza ngofuzo noma izwe elibi. Akekho oyokungabaza ukufaneleka kwesahlulelo sikaJehova sokugcina. Ngabantu ababi kuphela abayobhujiswa phakade.—IsAm. 20:14, 15.
17, 18. Yini amaKristu agcotshiwe nabezinye izimvu abayilangazelela ngenjabulo njengoba bebheke oSukwini Lokwahlulela?
17 Namuhla, njengoba amaKristu agcotshiwe eye abalwa njengakufanelekele ukuthola uMbuso, alangazelela ukubusa phakathi noSuku Lokwahlulela. Yeka ilungelo elihle ayoba nalo! Ukucabanga nje ngalo kuwashukumisela ukuba alalele iseluleko uPetru asinikeza abafowabo bekhulu lokuqala: “Yenzani . . . konke okusemandleni enu ukuze niziqinisekisele ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngoba uma niqhubeka nenza lezi zinto anisoze nahluleka nanini. Kanjalo, niyophiwa ngokucebile ukungena embusweni waphakade weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu.”—2 Pet. 1:10, 11.
18 Ezinye izimvu zijabula nabafowabo abagcotshiwe. Zizimisele ukubasekela. Njengabangane bakaNkulunkulu namuhla, zishukumiseleka ukwenza konke okusemandleni enkonzweni yakhe. Phakathi noSuku Lokwahlulela, ziyokujabulela ukuwasekela ngenhliziyo yonke amalungiselelo kaNkulunkulu njengoba uJesu eziqondisa emithonjeni yamanzi okuphila. Khona-ke—ekugcineni—ziyobalwa njengezikufanelekelayo ukuba izinceku zikaJehova emhlabeni kuze kube phakade!—Roma 8:20, 21; IsAm. 21:1-7.
Uyakhumbula?
• OkungokukaJesu kuhlanganisani?
• Abesixuku esikhulu babasekela kanjani abafowabo abagcotshiwe?
• Imaphi amalungelo namathemba abesixuku esikhulu abanawo?
• Ulubheka kanjani uSuku Lokwahlulela?
[Isithombe ekhasini 25]
Abesixuku esikhulu baye bahlanza izembatho zabo bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu
[Isithombe ekhasini 27]
Iziphi izinto olangazelela ukuzizwa kwabathembekile abavusiwe?