U-Isaya
45 Yilokhu uJehova akushoyo kogcotshiwe wakhe, kuKoresi, +
Abambe isandla sakhe sokudla, +
Ukuze anqobe izizwe phambi kwakhe, +
Aphuce amakhosi izikhali,*
Avule iminyango enezicabha ezimbili phambi kwakhe,
Ukuze amasango angavalwa:
3 Ngizokunika ingcebo esebumnyameni
Nengcebo efihlwe ezindaweni ezisekusithekeni, +
Ukuze wazi ukuthi nginguJehova,
UNkulunkulu ka-Israyeli, okubiza ngegama lakho. +
4 Ngenxa yenceku yami uJakobe nangenxa ka-Israyeli okhethiwe wami,
Ngikubiza ngegama lakho.
Ngikunika igama lodumo, nakuba ubungangazi.
5 NginguJehova, akekho omunye.
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami. +
Ngizokuqinisa* nakuba ubungangazi,
6 Ukuze abantu bazi
Kusukela empumalanga kuya entshonalanga
Ukuthi akekho omunye ngaphandle kwami. +
NginguJehova, akekho omunye. +
7 Ngenza ukukhanya + ngidale nobumnyama, +
Ngenza ukuthula + ngidale nenhlekelele; +
Mina Jehova, ngenza zonke lezi zinto.
Umhlaba mawuvuleke uthele insindiso,
Mawubangele ukuba kumile ukulunga ngasikhathi sinye. +
Mina Jehova, ngikudalile.”
9 Maye kulowo ophikisana* noMenzi* wakhe,
Ngoba uwudengezi lobumba nje
Phakathi kwezinye izindengezi ezisemhlabathini!
Kufanele yini ubumba luthi kuMbumbi: “Yini oyenzayo?” +
Noma lokho okwenzile kuthi: “Akanazandla”?*
10 Maye kulowo othi kuyise: “Yini le oyizalayo?”
Nakowesifazane: “Yini le oyibelethayo?”*
11 Yilokhu uJehova akushoyo, oNgcwele ka-Israyeli, + Lowo owambumba:
“Ungangibuza yini ngezinto ezizayo
Ungiyale ngamadodana ami + nangemisebenzi yezandla zami?
12 Ngenza umhlaba + ngadala nomuntu okuwo. +
Nguye oyokwakha idolobha lami +
Akhulule abantu bami abadingisiwe + ngaphandle kwenkokhiso noma kwesifumbathiso,” + kusho uJehova wamabutho.
14 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Inzuzo* yaseGibhithe nokuthengiswayo* kwaseTopiya namaSabheya, abantu abade,
Bayoza kuwe babe ngabakho.
Bayohamba ngemva kwakho beboshwe ngamaketanga.
Bayofika bakukhothamele. +
Bayothandaza kuwe bathi, ‘Impela uNkulunkulu unawe, +
Akekho omunye; akekho omunye uNkulunkulu.’ ”
17 Kodwa uJehova uyomsindisa u-Israyeli ngensindiso yaphakade. +
Nina ngeke nibe namahloni noma nihlazeke phakade. +
18 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo,
UMdali wamazulu, + uNkulunkulu weqiniso,
UMbumbi womhlaba noMenzi wawo, owawumisa waqina, +
Ongawudalelanga ize* kodwa owawubumba ukuze kuhlalwe kuwo: +
“NginguJehova, akekho omunye.
19 Angizange ngikhulume ngisendaweni yokucasha, + ezweni lobumnyama;
Angizange ngithi enzalweni* kaJakobe,
‘Ngifuneni kodwa imizamo yenu iyoba yize.’*
NginguJehova, okhuluma okulungile, omemezela okuqotho. +
20 Buthanani nize.
Sondelani nonke, nina abaphunyukile abavela ezizweni. +
Abazi lutho, labo abahamba bephethe izithombe ezibaziwe
Abathandaza kunkulunkulu ongeke akwazi ukubasindisa. +
21 Lethani umbiko wenu nodaba lwenu.
Mababonisane ndawonye ngobunye.
Ngubani owakubikezela lokhu kusukela kudala
Nowakumemezela esikhathini esidlule?
Akumina yini, uJehova?
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami;
UNkulunkulu olungile noMsindisi, + akekho omunye ngaphandle kwami. +
22 Phendukelani kimi nisindiswe, + nonke nina mikhawulo yomhlaba,
Ngoba nginguNkulunkulu, akekho omunye. +
Wonke amadolo ayoguqa kimi,
Wonke umuntu uyofunga ukuthi uzoba qotho kimi +
24 Athi, ‘Ngokuqinisekile kuJehova kukhona ukulunga kweqiniso namandla.
Bonke abamthukuthelele bayoza phambi kwakhe benamahloni.