INceku KaJehova—‘Yahlatshwa Ngenxa Yeseqo Sethu’
“Wayehlatshwa ngenxa yeseqo sethu; echotshozwa ngenxa yeziphambeko zethu. . . . Ngenxa yamanxeba akhe kubé khona ukuphulukiswa kwethu.”—ISAYA 53:5.
1. Yini okufanele siyikhumbule lapho sigcina umkhosi weSikhumbuzo, futhi isiphi isiprofetho esizosisiza ukuba senze kanjalo?
SIGCINA umkhosi weSikhumbuzo ukuze sikhumbule ukufa kukaKristu nakho konke okwafezwa ukufa nokuvuka kwakhe. ISikhumbuzo sisikhumbuza ngokulwelwa kobukhosi bukaJehova, ngokungcweliswa kwegama lakhe nangokugcwaliseka kwenjongo yakhe ehlanganisa ukusindiswa kwesintu. Mhlawumbe asikho esinye isiprofetho eBhayibhelini esiwuchaza kangcono umhlatshelo kaKristu nalokho okufezile kunaleso esilotshwe ku-Isaya 53:3-12. U-Isaya wabikezela ukuhlupheka kweNceku, wanikeza imininingwane eqondile ngokufa kukaKristu nangezibusiso ukufa kwakhe okwakuyozilethela abafowabo abagcotshiwe ‘nezinye izimvu’ zakhe.—Joh. 10:16.
2. Isiprofetho sika-Isaya siwubufakazi bani, futhi sizosithinta kanjani?
2 Emakhulwini eminyaka angu-7 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, uJehova waphefumulela u-Isaya ukuba aprofethe ukuthi iNceku yakhe ekhethiweyo yayiyothembeka ngisho nalapho ivivinywa kakhulu. Leli qiniso liwubufakazi bokuthi uJehova wayeqiniseka ngokugcwele ngokuthi iNdodana yakhe yayiyothembeka. Njengoba sihlola lesi siprofetho, izinhliziyo zethu zizochichima ukubonga futhi ukholo lwethu luzoqiniswa.
‘Yadelelwa Futhi Yabhekwa Njengengento Yalutho’
3. Kungani kwakufanele amaJuda amamukele uJesu, kodwa amphatha kanjani?
3 Funda u-Isaya 53:3. Ake ucabange ukuthi kumelwe ukuba kwakuhilelani ngeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa ukudela injabulo yokukhonza eceleni kukaYise, ize emhlabeni izonikela ngokuphila kwayo njengomhlatshelo wokusindisa isintu esonweni nasekufeni! (Fil. 2:5-8) Umhlatshelo wayo, owawufuziselwa imihlatshelo yezilwane eyayenziwa ngaphansi koMthetho KaMose, waba indlela yangempela yokuthethelelwa kwezono. (Heb. 10:1-4) Kwakungafanele yini le ndodana yamukelwe futhi idunyiswe, okungenani ngamaJuda ayelindele ukufika kukaMesiya othenjisiwe? (Joh. 6:14) Kwakufanele, kodwa amaJuda ‘amdelela’ uKristu futhi “ambheka njengongento yalutho,” njengoba u-Isaya ayebikezele. Umphostoli uJohane wabhala: “Wafika kubo, kodwa abantu bakubo abazange bamamukele.” (Joh. 1:11) Umphostoli uPetru watshela amaJuda: “UNkulunkulu wokhokho bethu, uyikhazimulisile iNceku yakhe, uJesu, leyo nina, enayinikela futhi nayiphika phambi kukaPilatu, lapho esenqume ukuyikhulula. Yebo, namphika lowo ongcwele nolungileyo.”—IzE. 3:13, 14.
4. UJesu wajwayelana kanjani nokugula?
4 U-Isaya waprofetha nokuthi uJesu wayehloselwe ukuba “ajwayelane nokugula.” Ngokuqinisekile, phakathi nenkonzo yakhe uJesu wayekhathala ngezinye izikhathi, kodwa akukho okubonisa ukuthi wagula. (Joh. 4:6) Nokho, wababona abantu ayebashumayeza ababegula. Waba nesihawu ngabo futhi waphulukisa abaningi. (Marku 1:32-34) Ngakho, uJesu wagcwalisa isiprofetho esithi: “Ngempela yena ngokwakhe wathwala ukugula kwethu; wathwala izinhlungu zethu.”—Isaya 53:4a; Math. 8:16, 17.
Yabhekwa ‘Njengeshaywe UNkulunkulu’
5. AmaJuda amaningi akubheka kanjani ukufa kukaJesu, futhi kungani lokhu kwanezela ebuhlungwini abuzwa?
5 Funda u-Isaya 53:4b. Abantu abaningi ababephila ngesikhathi sikaJesu abazange basiqonde isizathu sokuhlupheka nokufa kwakhe. Babekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayemjezisa, njengokungathi wayemshaya ngenhlupho yesifo esenyanyekayo. (Math. 27:38-44) AmaJuda amangalela uJesu ngokuthi uyahlambalaza. (Marku 14:61-64; Joh. 10:33) Yebo, uJesu wayengesona isoni noma umhlambalazi. Kodwa ngenxa yokuthi wayemthanda kakhulu uYise, kona kanye nje ukuthi wayezofa emangalelwe ngokuhlambalaza kumelwe ukuba kwanezela ebuhlungwini abuzwa njengeNceku kaJehova. Noma kunjalo, wayezimisele ukuzithoba entandweni kaJehova.—Math. 26:39.
6, 7. UJehova ‘wayichoboza’ ngamuphi umqondo iNceku yakhe ethembekile, futhi kungani lokhu ‘kwamjabulisa’?
6 Asimangali ukuthi isiprofetho sika-Isaya sathi abanye babeyobheka uKristu ‘njengoshaywe uNkulunkulu,’ kodwa kungase kusimangaze ukuthi lesi siprofetho sabikezela: “UJehova wakujabulela ukumchoboza.” (Isaya 53:10) Njengoba uJehova ayethe: “Bheka! Inceku yami, . . . okhethiweyo wami, lowo umphefumulo wami omamukele,” kungenzeka kanjani-ke ukuba ‘ajabulele ukumchoboza’? (Isaya 42:1) Kushiwo ngamuphi umqondo ukuthi lokhu kwamjabulisa uJehova?
7 Ukuze siqonde le ngxenye yesiprofetho, kufanele sikhumbule ukuthi lapho uSathane ebekela ubukhosi bukaJehova inselele, wenza kwangatshazwa ubuqotho bazo zonke izinceku zikaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni. (Jobe 1:9-11; 2:3-5) Ngokuhlala ethembekile kuze kube sekufeni, uJesu wanikeza impendulo ewujuqu enseleleni kaSathane. Ngakho, nakuba uJehova avumela ukuba uKristu abulawe izitha zakhe, asingabazi ukuthi kwamzwisa ubuhlungu ukubona iNceku yakhe ekhethiweyo ibulawa. Nokho, ukubona ukwethembeka okuphelele kweNdodana yakhe kwamjabulisa kakhulu. (IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, njengoba ayazi ukuthi ukufa kweNdodana yakhe kwakuyozuzisa abantu abaphendukayo, lokho kwamjabulisa kakhulu.—Luka 15:7.
‘Yahlatshwa Ngenxa Yeseqo Sethu’
8, 9. (a) UJesu ‘wahlatshwa kanjani ngenxa yeseqo sethu’? (b) UPetru wakuqinisekisa kanjani lokhu?
8 Funda u-Isaya 53:6. Njengezimvu ezilahlekile, abantu abanesono baye bazulazula befuna ukukhululwa ekuguleni nasekufeni abakuzuza ngefa ku-Adamu. (1 Pet. 2:25) Njengoba bengaphelele, akekho noyedwa enzalweni ka-Adamu owayengabuyisa lokho okwalahlwa u-Adamu. (IHu. 49:7) Nokho, ngothando lwakhe olukhulu, “uJehova ubangelé ukuba lowo [iNdodana yakhe ethandekayo neNceku ekhethiweyo] abhekane nesiphambeko sethu sonke.” Ngokuvuma kukaKristu ukuba ‘ahlatshwe ngenxa yeseqo sethu’ futhi ‘achotshozwe ngenxa yeziphambeko zethu,’ wathwala izono zethu esigxotsheni futhi wasifela.
9 Umphostoli uPetru wabhala: “Nabizelwa kule nkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze. Yena ngokwakhe wathwala izono zethu emzimbeni wakhe esigxotsheni, ukuze sihlukane nezono futhi siphilele ukulunga.” Ecaphuna isiprofetho sika-Isaya, wabe esenezela: “Futhi ‘naphulukiswa ngemivimbo yakhe.’” (1 Pet. 2:21, 24; Isaya 53:5) Lokhu kwavulela izoni indlela yokuba zibuyisane noNkulunkulu, njengoba uPetru aqhubeka: “[UKristu] wafela izono kwaba kanye kuphela, umuntu olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze aniholele kuNkulunkulu.”—1 Pet. 3:18.
‘Yalethwa Ngokungathi Yimvu Ekuhlatshweni’
10. (a) UJohane uMbhapathizi wamchaza kanjani uJesu? (b) Kungani amazwi kaJohane aba afanelekayo?
10 Funda u-Isaya 53:7, 8. Lapho uJohane uMbhapathizi ebona uJesu eza, wamemeza: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” (Joh. 1:29) Lapho ebiza uJesu ngeWundlu, kungenzeka ukuthi uJohane wayecabanga ngamazwi ka-Isaya: “Wayelethwa ngokungathi yimvu ekuhlatshweni.” (Isaya 53:7) U-Isaya waprofetha: “Umphefumulo wakhe wawuthululela ekufeni uqobo.” (Isaya 53:12) Kuyathakazelisa ukuthi ngobusuku amisa ngabo iSikhumbuzo sokufa kwakhe, uJesu wanika abaphostoli bakhe abathembekile abangu-11 indebe yewayini wayesethi: “Lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.”—Math. 26:28.
11, 12. (a) Ukuzimisela kuka-Isaka ukuba anikelwe kufanekiselani ngomhlatshelo kaKristu? (b) Yini okufanele siyikhumbule ngo-Abrahama Omkhulu, uJehova, lapho sigcina iSikhumbuzo?
11 Njengo-Isaka wasendulo, uJesu wayezimisele ukunikelwa njengomhlatshelo ngokuvumelana nentando kaJehova. (Gen. 22:1, 2, 9-13; Heb. 10:5-10) Nakuba u-Isaka avuma ngokuzithandela ukwenziwa umhlatshelo, ngu-Abrahama owazama ukwenza umhlatshelo ngaye. (Heb. 11:17) Ngendlela efanayo, uJesu wavuma ngokuzithandela ukufa, kodwa nguJehova owayenguMsunguli welungiselelo lesihlengo. Umhlatshelo weNdodana yakhe wawuwukubonakaliswa kothando lwaKhe olujulile ngesintu.
12 UJesu ngokwakhe wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Joh. 3:16) Umphostoli uPawulu wabhala: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Ngakho, nakuba sibonisa ukumbonga ngokukhumbula ukufa kwakhe, akufanele neze sikhohlwe ukuthi ngu-Abrahama Omkhulu, uJehova, owenza leli lungiselelo lomhlatshelo. Sigcina umkhosi weSikhumbuzo ngenjongo yokumdumisa.
INceku ‘Yenza Abaningi Babe Nokuma Okulungile’
13, 14. INceku kaJehova iye yabenza kanjani ‘abaningi baba nokuma okulungile’?
13 Funda u-Isaya 53:11, 12. Ekhuluma ngeNceku yakhe ekhethiweyo, uJehova wathi: “Olungileyo, inceku yami, uyokwenza abantu abaningi babe nokuma okulungile.” Kanjani? Ingxenye yokugcina yevesi 12 isisiza ukuba sithole impendulo. ‘Futhi iNceku yalamulela izeqamthetho.’ Yonke inzalo ka-Adamu izalwa iyizoni, “izeqamthetho,” ngakho ithola “inkokhelo yesono,” ewukufa. (Roma 5:12; 6:23) Umuntu oyisoni kudingeka abuyisane noJehova. Isahluko 53 sesiprofetho sika-Isaya siyichaza kahle indlela uJesu “alamulela” ngayo isintu esinesono lapho sithi: “Isijeziso esasihloselwe ukuba thina sibe nokuthula sasiphezu kwakhe, futhi ngenxa yamanxeba akhe kubé khona ukuphulukiswa kwethu.”—Isaya 53:5.
14 Ngokusithwalela izono zethu nangokusifela, uKristu wenza “abantu abaningi baba nokuma okulungile.” UPawulu wabhala: ‘UNkulunkulu wabona kukuhle ukuba ukugcwala konke kuhlale kuKristu, nokuba aphinde abuyisele ngaye kuye zonke ezinye izinto ngokwenza ukuthula ngegazi alithulula esigxotsheni sokuhlushwa, kungakhathaliseki ukuthi kuyizinto ezisemhlabeni noma izinto ezisemazulwini.’—Kol. 1:19, 20.
15. (a) Zingobani “izinto ezisemazulwini” uPawulu akhuluma ngazo? (b) Obani kuphela abanelungelo lokudla izifanekiselo zeSikhumbuzo, futhi kungani?
15 “Izinto ezisemazulwini” ezibuyisene noJehova ngegazi likaKristu elachitheka zingamaKristu agcotshiwe, abizelwa ukuba ayobusa noKristu emazulwini. La maKristu ‘angabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini’ kuthiwa “alungile kube ukuphila.” (Heb. 3:1; Roma 5:1, 18) UJehova ube esewamukela njengamadodana akhe omoya. Umoya ongcwele uyawafakazela ukuthi ‘ayizindlalifa ezikanye noKristu,’ ezibizelwe ukuyoba amakhosi kanye nabapristi eMbusweni wakhe wasezulwini. (Roma 8:15-17; IsAm. 5:9, 10) Aba ingxenye ka-Israyeli ongokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu,” futhi angeniswa ‘esivumelwaneni esisha.’ (Jer. 31:31-34; Gal. 6:16) Njengamalungu esivumelwano esisha, anelungelo lokudla izifanekiselo zeSikhumbuzo, ezihlanganisa indebe yewayini elibomvu uJesu athi ngayo: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami, elizothululwa ngenxa yenu.”—Luka 22:20.
16. Ziyini “izinto ezisemhlabeni,” futhi zenziwa ngayiphi indlela ukuba zibe nokuma okulungile phambi kukaJehova?
16 “Izinto ezisemhlabeni” zingezinye izimvu zikaKristu, ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni. Nazo iNceku kaJehova ekhethiweyo izenza zibe nokuma okulungile noJehova. Ngenxa yokuthi zinokholo emhlatshelweni kaKristu wesihlengo, ngaleyo ndlela ‘zahlanza izembatho zazo zaba mhlophe egazini leWundlu,’ uJehova uthi zilungile, hhayi njengamadodana akhe angokomoya, kodwa njengabangane bakhe, ezinika ithuba elimangalisayo lokusinda “osizini olukhulu.” (IsAm. 7:9, 10, 14; Jak. 2:23) Njengoba zingekho esivumelwaneni esisha futhi ngenxa yalokho zingenalo ithemba lokuyophila ezulwini, lezi ezinye izimvu azihlanganyeli ekudleni izifanekiselo zeSikhumbuzo kodwa ziba khona njengezibukeli ezihloniphayo.
Sibonga UJehova NeNceku Yakhe Ayamukelayo!
17. Ukutadisha iziprofetho ezisencwadini ka-Isaya ezigxile eNcekwini kusisize kanjani ukuba senze izingqondo zethu zilungele iSikhumbuzo?
17 Ukuhlola iziprofetho ezisencwadini ka-Isaya ezigxile eNcekwini kuye kwaba indlela enhle yokwenza izingqondo zethu zilungele iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Kusenze sakwazi ‘ukugxilisa amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu.’ (Heb. 12:2) Siye safunda ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ayivukeli. Ngokungafani noSathane, iyakujabulela ukufundiswa uJehova, imbheka njengeNkosi EnguMbusi. Siye sabona ukuthi phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wabonisa uzwela kubantu ayebashumayeza, ephulukisa abaningi ngokwenyama nangokomoya. Ngaleyo ndlela wabonisa lokho ayokwenza njengeNkosi enguMesiya esimisweni esisha sezinto lapho ‘emisa ubulungisa emhlabeni.’ (Isaya 42:4) Intshiseko ayibonisa lapho eshumayela ngoMbuso, ‘njengowukukhanya kwezizwe,’ ikhumbuza abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle ngentshiseko kuwo wonke umhlaba.—Isaya 42:6.
18. Kungani isiprofetho sika-Isaya senza izinhliziyo zethu zichichime ukubonga uJehova neNceku yakhe ethembekile?
18 Isiprofetho sika-Isaya sijulisa nokukuqonda kwethu ukuzidela okukhulu kukaJehova ngokuthumela iNdodana yakhe ayithandayo emhlabeni ukuba izohlupheka futhi isifele. Okwajabulisa uJehova kwakungekhona ukubona iNdodana yakhe ihlupheka, kodwa ukubona ukwethembeka kwayo okuphelele kuze kube sekufeni. NjengoJehova, nathi kufanele sijabule, njengoba siqaphela konke lokho uJesu akwenza ukuze abonise ukuthi uSathane ungumqambimanga futhi angcwelise igama likaJehova, ngaleyo ndlela elwela ukufaneleka kobukhosi baKhe. Ngaphezu kwalokho, uKristu wathwala izono zethu futhi wasifela. Ngokwenza lokho, wanikeza umhlambi omncane wabafowabo abagcotshiwe nezinye izimvu ithuba lokuba nokuma okulungile phambi kukaJehova. Lapho siseSikhumbuzweni, kwangathi izinhliziyo zethu zingachichima ukumbonga uJehova neNceku yakhe ethembekile.
Ake Sibukeze
• UJehova ‘wakujabulela’ ngamuphi umqondo ‘ukuchotshozwa’ kweNdodana yakhe?
• UJesu ‘wahlatshwa kanjani ngenxa yeseqo sethu’?
• INceku yabenza kanjani ‘abaningi ukuba babe nokuma okulungile’?
• Ukutadisha iziprofetho eziphathelene neNceku kuye kwayenza kanjani ingqondo nenhliziyo yakho ukuba kulungele iSikhumbuzo?
[Isithombe ekhasini 26]
“Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho”
[Isithombe ekhasini 28]
“Umphefumulo wakhe wawuthululela ekufeni uqobo”
[Isithombe ekhasini 29]
“Ezinye izimvu” ziba khona eSikhumbuzweni njengezibukeli ezihloniphayo