IzAga
3 Itshe liyasinda nesihlabathi naso siyasinda,
Kodwa ukukhathazwa isiwula kusinda kunakho kokubili. +
5 Ukusola okwambuliwe kungcono kunothando olufihliwe. +
10 Ungamshiyi umngani wakho noma umngani kayihlo,
Ungangeni endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele yakho;
Ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude. +
11 Hlakanipha ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, +
Ukuze ngikwazi ukuphendula ongiklolodelayo. +
12 Umuntu onokuqonda uyayibona ingozi acashe, +
Kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.*
13 Thatha ingubo yomuntu uma enze isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu sesihambi;
Thatha isibambiso kuye uma enze kanjalo endabeni yowesifazane* wesinye isizwe. +
14 Lapho umuntu ebingelela* umuntu wakubo ngezwi elikhulu ekuseni kakhulu,
Umuntu wakubo uyokubheka njengento embi* lokho.
15 Umfazi othanda ingxabano* uyafana nophahla oluvuzayo lapho kuna imvula. +
16 Noma ubani ongamvimba angakwazi ukuvimba umoya
Angakwazi nokubamba amafutha ngesandla sakhe sokudla.
19 Njengoba nje amanzi ebonisa ubuso bomuntu
Nenhliziyo yomuntu iyakwazi ukubonisa eyomunye umuntu.
21 Njengoba nje imbiza yokucwenga ingeyesiliva nesithando somlilo singesegolide, +
Nomuntu uvivinywa ukudunyiswa akutholayo.
22 Ngisho noma isiwula ungasigqula esigqulweni
Njengokudla okusanhlamvu esitsheni okugayelwa kuso,
Ubuwula baso ngeke busuke kuso.
23 Kufanele usazi kahle isimo somhlambi wakho.
Zinakekele kahle* izimvu zakho, +
24 Ngoba ingcebo ngeke ibe khona unomphela, +
Nomqhele ngeke udlulele kuzo zonke izizukulwane.
25 Utshani obuluhlaza buyanyamalala, kuvele utshani obusha,
Nezinto ezimila ezintabeni ziyabuthwa.
26 Uvolo wezinqama wenza izingubo zakho,
Futhi ngezimpongo ungathenga insimu.
27 Kuyoba nobisi lwezimbuzi olwanele olungakondla,
Londle umndeni wakho futhi kudle namantombazane akho ayizinceku.