Isahluko Sesishiyagalombili
UJehova UNkulunkulu Usethempelini Lakhe Elingcwele
1, 2. (a) Umprofethi u-Isaya uwuthola nini umbono wakhe wethempeli? (b) Kungani iNkosi u-Uziya yalahlekelwa umusa kaJehova?
“NGONYAKA iNkosi u-Uziya eyafa ngawo, mina ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sobukhosi esiphakeme nesiphakanyisiwe, umphetho wengubo yakhe wawugcwalisa ithempeli.” (Isaya 6:1) Isahluko sesithupha sencwadi ka-Isaya siqala ngala mazwi omprofethi. Ngunyaka ka-778 B.C.E.
2 Ukubusa kuka-Uziya kweminyaka engu-52 eyinkosi yakwaJuda, ngokwengxenye enkulu, kwaba yimpumelelo enkulu. Njengoba ‘ayenza okulungile emehlweni kaJehova,’ wajabulela ukusekelwa uNkulunkulu emisebenzini yakhe yezempi, yokwakha neyezolimo. Kodwa impumelelo yakhe yabuye yamlimaza. Ekugcineni, inhliziyo yakhe yazidla, “kangangokuba wenza isenzo sokungakholeki kuJehova uNkulunkulu wakhe wangena ethempelini likaJehova ukuba ashise impepho.” Ngenxa yalesi senzo sakhe sokugabadela nokuthukuthelela kwakhe abapristi abamsola, u-Uziya wafa enochoko. (2 IziKronike 26:3-22) Cishe kwakungalesi sikhathi lapho u-Isaya aqala inkonzo yakhe yokuprofetha.
3. (a) Ingabe u-Isaya umbona ngokoqobo uJehova? Chaza. (b) Ubonani u-Isaya, futhi ngasiphi isizathu?
3 Asitshelwa ukuthi ukuphi u-Isaya njengoba ebona lo mbono. Kodwa kusobala ukuthi lokhu akubona ngamehlo akhe enyama kuwumbono, akeve ebona uMninimandla onke ngokoqobo, ngoba “akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi.” (Johane 1:18; Eksodusi 33:20) Nakuba kunjalo, ukubona uMdali, uJehova, ngisho noma kusembonweni, kuyesabeka. Phezu kwesihlalo sobukhosi esiphakeme, esifanekisela indima yakhe njengeNkosi noMahluleli waphakade, kuhlezi uMbusi Wendawo Yonke noMthombo kahulumeni onalo lonke igunya! Umphetho wengubo yakhe ende evushazelayo ugcwalisa ithempeli. U-Isaya ubizelwa inkonzo engokwesiprofetho ezokhulisa amandla obukhosi bukaJehova nobulungisa bakhe. Elungiselelwa lokhu, uzonikezwa umbono wobungcwele bukaNkulunkulu.
4. (a) Kungani kumelwe ukuba zingokomfanekiso izincazelo zikaJehova ezibonwa embonweni nezilotshwe eBhayibhelini? (b) Sifundani ngoJehova embonweni ka-Isaya?
4 U-Isaya akanikezi ncazelo yokubukeka kukaJehova embonweni wakhe—ngokungafani nemibono ebikwa uHezekeli, uDaniyeli noJohane. Futhi kulezi zindaba, zonke izinto ezibonakala ezulwini ziyahlukahluka. (Hezekeli 1:26-28; Daniyeli 7:9, 10; IsAmbulo 4:2, 3) Nokho, kumelwe kukhunjulwe isimo nenjongo yale mibono. Ayichazi ukuba khona kukaJehova okungokoqobo. Iso lenyama alikwazi ukubona okomoya, kanti nengqondo yomuntu enokulinganiselwa ayikwazi ukuqonda indawo yomoya. Ngakho, le mibono inikeza ukwaziswa okumelwe kudluliselwe kwabanye ngendlela eqondwa umuntu. (Qhathanisa nesAmbulo 1:1.) Kulo mbono ka-Isaya, ayidingeki incazelo yokubukeka kukaNkulunkulu. Umbono wazisa u-Isaya ukuthi uJehova usethempelini lakhe elingcwele nokuthi ungcwele, nezahlulelo zakhe zihlanzekile.
Amaserafi
5. (a) Ayini amaserafi, futhi lisho ukuthini leli gama? (b) Kungani amaserafi ezifihla ubuso nezinyawo?
5 Lalela! U-Isaya uyaqhubeka: “Amaserafi ayemi ngaphezu kwakhe. Ngalinye linamaphiko ayisithupha. Amabili lalimboze ngawo ubuso, ngamabili lalimboze izinyawo, amabili lalindiza ngawo.” (Isaya 6:2) U-Isaya isahluko 6 ukuphela kwendawo eBhayibhelini okukhulunywa kuyo ngamaserafi. Kusobala ukuthi ayizidalwa eziyizingelosi ezikhonza uJehova, ezinamalungelo nodumo oluphezulu kakhulu, amiswe ngasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sasezulwini. Ngokungafani nenkosi eqhoshayo u-Uziya, asezikhundleni zawo ngokuthobeka nangesizotha. Ngenxa yokuthi alapho kukhona khona uMbusi wasezulwini, amboza ubuso bawo ngamaphiko amabili; futhi ngoba ahlonipha indawo engcwele, amboza izinyawo zawo ngamanye amaphiko amabili. Njengoba eseduze noMbusi Wendawo Yonke, la maserafi azifihla nakakhulu, ukuze angathikamezi inkazimulo kaNkulunkulu. Igama elithi “amaserafi,” elisho ukuthi “abanjengomlilo” noma “abavuthayo,” lisikisela ukuthi akhipha ukukhanya, kodwa nokho ayabufihla ubuso bawo ekukhanyeni nasenkazimulweni enkulu kaJehova.
6. Amaserafi akuphi noJehova?
6 Amaserafi asebenzisa amaphiko awo esithathu ukuze andize, futhi ngokungangabazeki ukuze antweze emoyeni, noma ‘eme,’ ezindaweni zawo. (Qhathanisa noDuteronomi 31:15.) Ngokuphathelene nesikhundla sawo, uProfesa Franz Delitzsch uyaphawula: “Amaserafi ayengeke neze aphakame abe ngaphezu kwekhanda laLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, kodwa ayentweza ngaphezu kwengubo yaKhe eyayigcwele ihholo.” (Commentary on the Old Testament) Kubonakala kunengqondo lokhu. ‘Ami ngaphezu’ kukaJehova, awaphakeme kunaye, kodwa amlindele, ayamlalela futhi alungele ukukhonza.
7. (a) Amaserafi afeza siphi isabelo? (b) Kungani amaserafi ememezela ubungcwele bukaNkulunkulu izikhathi ezintathu?
7 Manje lalela lawo maserafi anelungelo! “Leli elinye lamemeza leliya elinye lathi: ‘Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova wamabutho. Ukugcwala kwawo wonke umhlaba kuyinkazimulo yakhe.’” (Isaya 6:3) Isabelo sawo siwukuqiniseka ukuthi ubungcwele bukaJehova buyamenyezelwa nokuthi inkazimulo yakhe iyaqashelwa endaweni yonke, kuhlanganise nasemhlabeni. Inkazimulo yakhe ibonakala kukho konke akudalile futhi maduze nje izobonwa yibo bonke abakhileyo emhlabeni. (Numeri 14:21; IHubo 19:1-3; Habakuki 2:14) Lesi simemezelo esikathathu, esithi “ungcwele, ungcwele, ungcwele,” asifakazeli uZiqu-zintathu. Kodwa sigcizelela ubungcwele bukaNkulunkulu kathathu. (Qhathanisa nesAmbulo 4:8.) UJehova ungcwele ngezinga eliphakeme kunawo wonke.
8. Uba yini umphumela walezi zimemezelo zamaserafi?
8 Nakuba kungashiwo ukuthi mangaki la maserafi, kungenzeka ukuthi kunamaqembu awo ami eduze nesihlalo sobukhosi. Ngemvunge emnandi, aphindaphinda ngokudedelana isimemezelo sobungcwele nenkazimulo kaNkulunkulu. Umphumela uba yini? Lalela futhi njengoba u-Isaya eqhubeka: “Izihloko zemibundu zaqala ukuvevezela ngenxa yezwi laleli elimemezayo, nendlu kancane kancane yagcwala umusi.” (Isaya 6:4) EBhayibhelini, ngokuvamile umusi noma ifu kunikeza ubufakazi obubonakalayo bokuba khona kukaNkulunkulu. (Eksodusi 19:18; 40:34, 35; 1 AmaKhosi 8:10, 11; IsAmbulo 15:5-8) Kubonisa inkazimulo thina zidalwa ezingabantu esingenakusondela kuyo.
Akafaneleki, Kodwa Uyahlanzwa
9. (a) Lo mbono umthinta kanjani u-Isaya? (b) Yimuphi umehluko obonakala phakathi kuka-Isaya neNkosi u-Uziya?
9 Lo mbono wesihlalo sobukhosi sikaJehova umthinta ngokujulile u-Isaya. Uyabhala: “Ngathi: ‘Maye kimi! Ngoba kuyefana nokuthi ngithulisiwe, ngoba ngingumuntu onezindebe ezingahlanzekile, futhi ngihlala phakathi kwabantu abanezindebe ezingahlanzekile; ngoba amehlo ami abone iNkosi, uJehova wamabutho ngokwakhe!’” (Isaya 6:5) Yeka umehluko omkhulu phakathi kuka-Isaya neNkosi u-Uziya! U-Uziya wagabadela isikhundla sabapristi abagcotshiwe futhi ngokwedelela wangena ngendlov’ iyangena egumbini eliNgcwele lethempeli. Nakuba u-Uziya azibona izinti zezibani zegolide, i-altare lempepho legolide, namatafula “esinkwa sokuba khona,” uJehova akamamukelanga noma amnike ukuthunywa okukhethekile. (1 AmaKhosi 7:48-50; umbhalo waphansi) Ngakolunye uhlangothi, umprofethi u-Isaya akabashayi indiva abapristi noma afohle ethempelini. Noma kunjalo, ubona umbono kaJehova esethempelini lakhe elingcwele futhi udunyiswa ngokunikezwa ukuthunywa okuqondile okuvela kuNkulunkulu. Nakuba amaserafi engagabadeli abuke isihlalo sobukhosi seNkosi yethempeli, kulo mbono u-Isaya uyavunyelwa ukuba abuke “iNkosi, uJehova wamabutho ngokwakhe!”
10. Kungani u-Isaya ezwa ukwesaba lapho ebona umbono?
10 Umehluko u-Isaya awubona phakathi kobungcwele bukaNkulunkulu nokuba nesono kwakhe kumenza azizwe engahlanzekile neze. Egcwele ukwesaba, ucabanga ukuthi uzokufa. (Eksodusi 33:20) Uzwa amaserafi edumisa uNkulunkulu ngezindebe ezihlanzekile, kodwa ezakhe azihlanzekile futhi zibuye zingcoliswe ukungahlanzeki kwezindebe zabantu ahlala phakathi kwabo, ezwa inkulumo yabo. UJehova ungcwele, futhi izinceku zakhe kumelwe ziyibonakalise le mfanelo. (1 Petru 1:15, 16) Nakuba u-Isaya esekhethiwe kakade njengomkhulumeli kaNkulunkulu, umangazwa ukuqaphela isimo sakhe esinesono futhi uswela izindebe ezihlanzekile ezifanele umkhulumeli weNkosi ekhazimulayo nengcwele. Kuzoba yini ukusabela kwasezulwini?
11. (a) Lenzani elinye lamaserafi, futhi lesi senzo sifanekiselani? (b) Ukucabanga ngalokho iserafi elikutshela u-Isaya kungasisiza kanjani lapho sizizwa singafaneleki njengezinceku zikaNkulunkulu?
11 Kunokuba amaserafi amxoshe u-Isaya othobekile phambi kukaJehova, ayamsiza. Ukulandisa kuthi: “Kulokho elinye lamaserafi landizela kimi, futhi esandleni salo kwakukhona ilahle elivuthayo elalilithathe ngodlawu e-altare. Lathinta umlomo wami lathi: ‘Bheka! Lokhu kuthinté izindebe zakho, isiphambeko sakho simukile nesono sakho ngokwaso sihlawulelwe.’” (Isaya 6:6, 7) Ngomqondo ongokomfanekiso, umlilo unamandla okuhlanza. Lapho lithinta izindebe zika-Isaya ngelahle elivuthayo elivela emlilweni ongcwele we-altare, iserafi liqinisekisa u-Isaya ukuthi izono zakhe zihlawulelwe kwaze kwaba sezingeni elidingekayo ukuze akwazi ukuthola umusa kaNkulunkulu futhi akwazi nokuthunywa nguYe. Yeka indlela okusiqinisa idolo ngayo lokhu! Nathi sinesono futhi asikufanelekeli ukuya kuNkulunkulu. Kodwa sihlengwe ngenani lomhlatshelo wesihlengo kaJesu futhi singawuthola umusa kaNkulunkulu, siye nakuye ngomthandazo.—2 Korinte 5:18, 21; 1 Johane 4:10.
12. U-Isaya ubona liphi i-altare, futhi umlilo unamuphi umphumela?
12 Okuphinde kusikhumbuze ukuthi lona umbono, ukuthi kukhulunywa ‘nge-altare.’ (Qhathanisa nesAmbulo 8:3; 9:13.) Ayemabili ama-altare ethempelini eJerusalema. Eduze nje kwesihenqo seNgcwelengcwele kwakune-altare elincane lempepho, kanti phambi kwesango lendlu engcwele kwakune-altare elikhulu lemihlatshelo, lapho kwakuhlale kunomlilo ovuthayo. (Levitikusi 6:12, 13; 16:12, 13) Kodwa la ma-altare asemhlabeni ayefanekisela okuthile, emelele izinto ezinkulu ngokwengeziwe. (Heberu 8:5; 9:23; 10:5-10) Ngumlilo owawuvela ezulwini owadla umnikelo wokushiswa owawuphezu kwe-altare ngesikhathi iNkosi uSolomoni inikezela ithempeli. (2 IziKronike 7:1-3) Futhi manje ngumlilo ovela e-altare leqiniso, lasezulwini osusa ukungahlanzeki kwezindebe zika-Isaya.
13. Imuphi umbuzo obuzwa uJehova, futhi uhlanganisa nobani uma ethi “ozosiyela”?
13 Masilalele kanye no-Isaya. “Ngaqala ukuzwa izwi likaJehova lithi: ‘Ngizothuma bani, ubani ozosiyela na?’ Ngathi: ‘Nangu mina! Thuma mina.’” (Isaya 6:8) Lo mbuzo obuzwa uJehova ngokusobala ufuna ukuba u-Isaya aphendule, ngoba akekho omunye umprofethi ongumuntu okulo mbono. Ngokuqinisekile uyisimemo sokuba u-Isaya abe isithunywa sikaJehova. Kodwa kungani uJehova ebuza ethi, “Ubani ozosiyela na?” Ngokushintsha isivumelwano esisebunyeni u-“ngi” asebenzise isivumelwano esisebuningini u-“si,” uJehova manje usehlanganisa nomunye umuntu okungenani oyedwa. Ubani? Akuyona yini iNdodana yakhe ezelwe yodwa, leyo kamuva eyaba umuntu uJesu Kristu? Ngempela, iyona le Ndodana uNkulunkulu athi kuyo, “Masenze umuntu ngomfanekiso wethu.” (Genesise 1:26; IzAga 8:30, 31) Yebo, eceleni kukaJehova emagcekeni asezulwini kuneNdodana yakhe ezelwe yodwa.—Johane 1:14.
14. U-Isaya usabela kanjani esimemweni sikaJehova, futhi usibekela siphi isibonelo?
14 U-Isaya akananazi! Kungakhathaliseki ukuthi umyalezo uthini, uphendula ngokushesha: “Nangu mina! Thuma mina.” Akabuzi nokuthi yini angase ayizuze ngokwamukela lesi sabelo. Umoya wakhe wokuzithandela uyisibonelo esihle kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu namuhla, ezithunywe ukuba zishumayele ‘izindaba ezinhle zombuso emhlabeni wonke owakhiwe.’ (Mathewu 24:14) Njengo-Isaya, zinamathela esabelweni sazo ngokwethembeka futhi ziyise ‘ubufakazi ezizweni zonke,’ naphezu kokungalaleli okusakazekile. Futhi ziya phambili ngokuqiniseka, njengoba kwenza u-Isaya, zazi ukuthi ukuthunywa kwazo kuvela egunyeni eliphakeme kunawo wonke.
Ukuthunywa Kuka-Isaya
15, 16. (a) U-Isaya kumelwe athini ‘kulesi sizwe,’ futhi siyosabela kanjani? (b) Ingabe ukusabela kwabantu kungenxa yephutha elithile lika-Isaya? Chaza.
15 Manje uJehova uchaza lokho u-Isaya okumelwe akusho nokuthi ukusabela kuyoba njani: “Hamba, uthi kulesi sizwe, ‘Yizwani ngokuphindaphindiwe, O nina bantu, kodwa ningaqondi; nibone ngokuphindaphindiwe, kodwa ningatholi lwazi.’ Yenza inhliziyo yalesi sizwe ibe lukhuni, wenze zona kanye izindlebe zabo zingasabeli, unameke amehlo abo ahlangane, ukuze bangaboni ngamehlo abo futhi bangezwa ngezindlebe zabo, nokuba inhliziyo yabo ingaqondi ukuze empeleni bangabuyi futhi bazitholele ukuphulukiswa.” (Isaya 6:9, 10) Ingabe lokhu kusho ukuthi u-Isaya kumelwe akhwele azehlele kumaJuda futhi awacasule, awaxabanise noJehova? Phinde! Laba abantu bakubo ka-Isaya, ahlobene nabo. Kodwa amazwi kaJehova abonisa indlela abantu abayosabela ngayo emyalezweni waKhe, kungakhathaliseki ukuthi u-Isaya uwufeza ngokwethembeka kangakanani lo msebenzi wakhe.
16 Iphutha likubantu. U-Isaya uzokhuluma nabo “ngokuphindaphindiwe,” kodwa ngeke bawamukele umyalezo noma baqonde. Iningi liyoba ntamo-lukhuni lingasabeli, njengokungathi liyizimpumputhe noma izithulu. Ngokuya kubo ephindelela, u-Isaya uzokwenza “lesi sizwe” sibonise ukuthi asifuni ukuqonda. Sizozibonakalisa ukuthi asifuni ukuba umyalezo ka-Isaya—umyalezo kaNkulunkulu—ungene ezingqondweni nasezinhliziyweni zaso. Yeka indlela okuyiqiniso ngayo lokhu ngabantu banamuhla! Abaningi babo bayenqaba ukulalela oFakazi BakaJehova njengoba beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ozayo.
17. Usho ukuthini u-Isaya uma ebuza ukuthi, “Kuyoze kube nini?”
17 U-Isaya ukhathazekile: “Ngathi: ‘Kuyoze kube nini, O Jehova?’ Khona-ke wathi: ‘Imizi ize ibhidlike impela ibe yincithakalo, ukuze ingabi nohlala kuyo, nezindlu zingabi namuntu, nomhlabathi ngokwawo uchithwe ube incithakalo; futhi empeleni uJehova abadedisele kude abantu, nesimo sokuba ihlane sihlanganise indawo ebanzi kakhulu phakathi kwezwe.’” (Isaya 6:11, 12) Ngokubuza ukuthi, “Kuyoze kube nini?” u-Isaya akabuzi ukuthi kuyoze kube nini eqhubeka eshumayela kubantu abangasabeli. Kunalokho, ukhathazeke ngabantu futhi ubuza ukuthi isimo sabo esibi esingokomoya siyoqhubeka kuze kube nini nokuthi kuyoze kube nini igama likaJehova lihlanjalazwa emhlabeni. (Bheka iHubo 74:9-11.) Ngakho-ke, lesi simo esibi siyoqhubeka kuze kube nini?
18. Siyoqhubeka kuze kube nini isimo esibi esingokomoya sabantu, futhi ingabe u-Isaya uzophila aze abone ukugcwaliseka okuphelele kwalesi siprofetho?
18 Maye, impendulo kaJehova ibonisa ukuthi isimo sabantu esibi ngokomoya siyoqhubeka kuze kugcwaliseke yonke imiphumela yokungamlaleli uNkulunkulu, njengoba ichazwe esivumelwaneni sakhe. (Levitikusi 26:21-33; Duteronomi 28:49-68) Isizwe siyochithwa, abantu badingiswe, nezwe lenziwe incithakalo. U-Isaya ngeke aphile aze abone ibutho laseBabiloni libhubhisa iJerusalema nethempeli lalo ngo-607 B.C.E., nakuba ezoprofetha iminyaka engaphezu kuka-40, kuze kube sekubuseni kwendodana yomzukulu weNkosi u-Uziya, uHezekiya. Noma kunjalo, u-Isaya uzokufeza ngokwethembeka ukuthunywa kwakhe, kuze kube sekufeni kwakhe, ngemva kweminyaka engaphezu kwekhulu ngaphambi kokuba kwenzeke leyo nhlekelele yesizwe.
19. Nakuba isizwe siyogawulwa kuhle komuthi, yisiphi isiqinisekiso uNkulunkulu asinikeza u-Isaya?
19 Imbubhiso eyoshiya uJuda ‘echithwe waba incithakalo’ iyofika nakanjani, kodwa akulahlwa mbeleko ngakufelwa. (2 AmaKhosi 25:1-26) UJehova uqinisekisa u-Isaya: “Kodwa kuyobe kusekhona okukodwa eshumini, futhi kumelwe liphinde libe yinto yokushiswa, njengomuthi omkhulu nanjengesihlekehleke somuthi, okuthi lapho igawulwa, kube khona isiphunzi; inzalo engcwele iyoba yisiphunzi salo.” (Isaya 6:13) Yebo, “okukodwa eshumini, . . . inzalo engcwele,” kuyosala, njengesiphunzi sesihlekehleke somuthi ogawulwayo. Ngokungangabazeki lesi siqinisekiso siyamduduza u-Isaya—iyoba khona insali engcwele phakathi kwabantu bakubo. Nakuba uJuda eshiswa ngokuphindaphindiwe, kuhle komuthi omkhulu ogawulelwa ukubasa, kuyosala isiphunzi esibalulekile somuthi ongokomfanekiso ka-Israyeli. Siyoba imbewu noma inzalo engcwele kuJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, siyophinde sihlume, umuthi uphinde umile.—Qhathanisa noJobe 14:7-9; Daniyeli 4:26.
20. Igcwaliseka kanjani okokuqala ingxenye yokugcina yesiprofetho sika-Isaya?
20 Agcwaliseka yini amazwi alesi siprofetho? Yebo. Ngemva kweminyaka engu-70 izwe lakwaJuda lenziwe incithakalo, insali eyesaba uNkulunkulu yaphuma ekudingisweni eBabiloni. Yakha kabusha ithempeli nomuzi, futhi yabuyisela ukukhulekela kweqiniso ezweni. Lokhu kubuyiselwa kwamaJuda ezweni lawo alinikwa uNkulunkulu kwenza kwenzeka ukuba lesi siprofetho uJehova asinika u-Isaya sigcwaliseke okwesibili. Yikuphi lokho kugcwaliseka?—Ezra 1:1-4.
Okunye Ukugcwaliseka
21-23. (a) Isiprofetho sika-Isaya sagcwaliseka kobani ngekhulu lokuqala, futhi kanjani? (b) Kwakungubani “inzalo engcwele” ngekhulu lokuqala, futhi yalondolozwa kanjani?
21 Umsebenzi ka-Isaya ongokwesiprofetho wawufanekisela umsebenzi owawuzokwenziwa uMesiya, uJesu Kristu, eminyakeni engaba ngu-800 kamuva. (Isaya 8:18; 61:1, 2; Luka 4:16-21; Heberu 2:13, 14) Nakuba emkhulu kuno-Isaya, uJesu wayezimisele ngokufanayo ukuthunywa uYise wasezulwini, ethi: “Bheka! Ngizile ukuba ngenze intando yakho.”—Heberu 10:5-9; IHubo 40:6-8.
22 Njengo-Isaya, uJesu wawufeza ngokwethembeka umsebenzi ayewabelwe futhi wathola ukusabela okufanayo. AmaJuda osuku lukaJesu ayengazimisele ukwamukela isigijimi njengoba nje ayenjalo nalawo umprofethi u-Isaya ayeshumayela kuwo. (Isaya 1:4) Ukusebenzisa imifanekiso kwakuyisici senkonzo kaJesu. Lokhu kwenza abafundi bakhe babuze: “Kungani ukhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso?” UJesu waphendula: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu, kodwa labaya bantu abakunikwanga. Kungakho ngikhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso, ngoba, ukubheka, babheka ngeze, nokuzwa, bezwa ngeze, futhi abawutholi umqondo wako; futhi isiprofetho sika-Isaya siyagcwaliseka kubo, esithi, ‘Ngokuzwa, niyokuzwa kodwa ningasoze nawuthola umqondo wako; futhi, ukubheka, niyobheka kodwa ningasoze nabona. Ngoba inhliziyo yalaba bantu iye yaba lukhuni, nangezindlebe zabo bezwile bangasabela, futhi baye bacimeza amehlo abo; ukuze bangalokothi babone ngamehlo abo, bezwe nangezindlebe zabo futhi bathole umqondo wako ngezinhliziyo zabo bese bephenduka, ngibaphulukise.’”—Mathewu 13:10, 11, 13-15; Marku 4:10-12; Luka 8:9, 10.
23 Lapho ecaphuna u-Isaya, uJesu wayebonisa ukuthi lesi siprofetho sasigcwaliseka osukwini lwakhe. Abantu bebonke babenesimo senhliziyo esifana nesamaJuda osuku luka-Isaya. Bazenza abangasiboni nabangasizwa isigijimi sakhe futhi nabo babhujiswa. (Mathewu 23:35-38; 24:1, 2) Lokhu kwenzeka ngesikhathi amabutho amaRoma ngaphansi kukaJenene Titus ehlasela iJerusalema ngo-70 C.E. futhi ecekela phansi umuzi nethempeli lawo. Nokho, abathile babemlalelile uJesu futhi baba abafundi bakhe. UJesu wathi laba ‘bayajabula.’ (Mathewu 13:16-23, 51) Wayebatshelile ukuthi lapho bebona “iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile,” kumelwe “baqale ukubalekela ezintabeni.” (Luka 21:20-22) Ngakho “inzalo engcwele” eyayibonise ukholo futhi yakhiwa yaba isizwe esingokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu,” yasinda.a— Galathiya 6:16.
24. UPawulu wasisebenzisa kanjani isiprofetho sika-Isaya, futhi kubonisani lokhu?
24 Cishe ngo-60 C.E., umphostoli uPawulu waboshwa eRoma. Wahlela ukuba abonane ‘namadoda avelele kumaJuda’ kanye nabanye futhi wabanikeza “ubufakazi obuphelele ngokuphathelene nombuso kaNkulunkulu.” Lapho abaningi bengasamukeli isigijimi sakhe, uPawulu wachaza ukuthi kwakugcwaliseka isiprofetho sika-Isaya. (IzEnzo 28:17-27; Isaya 6:9, 10) Ngakho abafundi bakaJesu bafeza ukuthunywa okufana nokuka-Isaya.
25. Yini oFakazi bakaNkulunkulu bosuku lwanamuhla abaye bayiqonda, futhi basabela kanjani?
25 Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova namuhla bayaqonda ukuthi uJehova uNkulunkulu usethempelini lakhe elingcwele. (Malaki 3:1) Njengo-Isaya, bathi: “Nangu mina! Thuma mina.” Ngentshiseko, bamemezela umyalezo oyisixwayiso ngesiphelo esisondelayo salesi simiso sezinto esonakele. Kodwa, njengoba uJesu abonisa, bayidlanzana abantu abavula amehlo nezindlebe zabo, balalele, babone bese beyasindiswa. (Mathewu 7:13, 14) Bayajabula ngempela labo abenza izinhliziyo zabo zilalele futhi “bazitholele ukuphulukiswa”!—Isaya 6:8, 10.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngo-66 C.E., ngenxa yokuvukela kwamaJuda, amabutho amaRoma ngaphansi kukaCestius Gallus ahaqa iJerusalema angena emzini aze afika ezindongeni zethempeli. Abe esehoxa, okwenza abafundi bakaJesu babalekela ezintabeni zasePhereya ngaphambi kokubuya kwamaRoma ngo-70 C.E.
[Isithombe ekhasini 94]
“Nangu mina! Thuma mina.”
[Isithombe ekhasini 97]
‘Imizi ize yenziwe incithakalo, ingabi nohlala kuyo’