U-Isaya
6 Ngonyaka iNkosi u-Uziya eyafa ngawo, + ngabona uJehova ehlezi esihlalweni sobukhosi esiphakeme, + umphetho wengubo yakhe wawugcwele ithempeli. 2 Kwakumi amaserafi ngaphezu kwakhe; ngalinye linamaphiko ayisithupha. Ngalinye lalimboze ubuso ngamaphiko amabili, limboze izinyawo ngamabili, lindiza ngamanye amabili.
3 Elinye lamemeza elinye lathi:
“Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova wamabutho. +
Umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe.”
4 Izinsika zomnyango zavevezela ngenxa yomsindo wokumemeza,* indlu yagcwala intuthu. +
5 Ngathi: “Maye kimi!
Kuphelile ngami,*
Ngoba ngingumuntu onezindebe ezingcolile,
Ngihlala phakathi kwesizwe esinezindebe ezingcolile; +
Ngoba amehlo ami abone iNkosi, uJehova wamabutho uqobo!”
6 Elinye lamaserafi landizela kimi, liphethe ilahle elivuthayo esandleni salo + elalilithathe ngodlawu e-altare. + 7 Lathinta umlomo wami lathi:
“Bheka! Lokhu kuthinte izindebe zakho.
Icala lakho lithethelelwe,
Nesono sakho sihlawulelwe.”
8 Ngemva kwalokho ngezwa izwi likaJehova lithi: “Ngizothuma bani, ubani ozosiyela?” + Ngathi: “Nangu mina! Thuma mina!” +
9 Waphendula wathi, “Yana kulaba bantu uthi:
‘Nizozwa ngokuphindaphindiwe,
Kodwa ngeke niqonde;
Nizobona ngokuphindaphindiwe,
Kodwa ngeke nibe nalwazi.’ +
10 Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, +
Wenze izindlebe zabo zibe buthuntu, +
Uvale namehlo abo,
Ukuze bangaboni ngamehlo abo
Bangezwa ngezindlebe zabo,
Ukuze inhliziyo yabo ingaqondi
Nokuba bangabuyeli kimi bese belashwa.” +
11 Ngathi: “O Jehova, kuze kube nini?” Yena wathi:
“Kuze kube yilapho amadolobha ebhidlika eba yincithakalo, kungabi namuntu ohlala kuwo
Nezindlu zisale zingenamuntu
Nezwe liba yincithakalo namanxiwa; +
12 Kuze kube yilapho uJehova ebaxosha abantu +
Nalo lonke izwe liba yincithakalo.
13 “Kodwa kuyobe kusekhona abantu abambalwa abahlala ezweni, futhi liyophinde lishiswe, njengesihlahla esikhulu nanjengesihlahla se-oki, okuthi lapho sesigawuliwe kusale isiqu;* inzalo* engcwele iyoba yisiqu salo.”