Isahluko Seshumi Nesikhombisa
Abezinye Izizwe Babuthene Endlini KaNkulunkulu Yomthandazo
1, 2. Yisiphi isimemezelo esivusa amadlingozi esenziwa ngo-1935, futhi sasiyingxenye yani?
NGOLWESIHLANU, ngo-May 31, 1935, uJoseph F. Rutherford wanikeza inkulumo esixukwini esasisemhlanganweni eWashington, D.C. Wachaza ukuthi singobani “isixuku esikhulu” esabonwa embonweni umphostoli uJohane. Emvuthwandaba wenkulumo yakhe, uMfoweth’ uRutherford wathi: “Ngicela ukuba bonke abanethemba lokuphila phakade emhlabeni basukume.” Ngokusho kowayekhona, “kwasukuma abangaphezu kwengxenye yezilaleli.” Isikhulumi sabe sesithi: “Bhekani! Isixuku esikhulu!” Omunye owayelapho uyakhumbula: “Kwaqale kwathula kwathi cwaka, kwase kuba nokumemeza kwenjabulo, nokuhalalisa okukhulu okwathatha isikhathi eside.”—IsAmbulo 7:9.
2 Lowo kwakungumzuzu obalulekile ekugcwalisekeni okuqhubekayo kwesiprofetho esalotshwa eminyakeni engaba ngu-2 700 edlule, nesisemaBhayibhelini ethu ku-Isaya isahluko 56. Njengezinye iziprofetho eziningi eziku-Isaya, nalesi sinezithembiso eziduduzayo nezixwayiso ezinamandla. Ekugcwalisekeni kokuqala, sasibhekiswe kubantu bakaNkulunkulu besivumelwano bosuku luka-Isaya, kodwa ukugcwaliseka kwaso kuze kufike nasosukwini lwethu.
Okudingekayo Ukuze Kutholakale Insindiso
3. Uma amaJuda efuna insindiso kuNkulunkulu, kumelwe enzeni?
3 U-Isaya isahluko 56 uqala ngeseluleko esiya kumaJuda. Kodwa bonke abakhulekeli beqiniso kufanele bakulalele lokhu okulotshwa umprofethi. Siyafunda: “Yilokhu uJehova akushilo: ‘Gcinani ubulungisa, nenze okulungile. Ngoba kuseduze ukuba insindiso yami ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe. Uyajabula umuntu okwenzayo lokhu, indodana yesintu ekubambayo, ogcina isabatha ukuze angalingcolisi, ogcina isandla sakhe ukuze angenzi noma yiluphi uhlobo lobubi.’” (Isaya 56:1, 2) Izakhamuzi zakwaJuda ezifuna insindiso kaNkulunkulu kumelwe zilalele uMthetho KaMose, zenze ubulungisa futhi ziphile ukuphila okulungile. Ngani? Ngoba uJehova ngokwakhe ulungile. Labo abaphishekela ukulunga bathola injabulo ebangelwa ukuvunyelwa uJehova.—IHubo 144:15b.
4. Kungani kubalulekile ukugcina iSabatha kwa-Israyeli njengesimiso?
4 Lesi siprofetho siqokomisa ukugcinwa kweSabatha ngoba iSabatha liyisici esibalulekile eMthethweni KaMose. Empeleni, esinye sezizathu ezenza ukuba izakhamuzi zakwaJuda zigcine zithunjiwe ukungalinaki kwazo iSabatha. (Levitikusi 26:34, 35; 2 IziKronike 36:20, 21) ISabatha liwuphawu lobuhlobo obukhethekile uJehova anabo namaJuda, futhi labo abaligcinayo babonisa ukuthi bayabazisa lobo buhlobo. (Eksodusi 31:13) Ngaphezu kwalokho, ukugcina iSabatha kwakuyokhumbuza abantu abaphila no-Isaya ukuthi uJehova unguMdali. Kwakuyobakhumbuza nangesihe ababonisa sona. (Eksodusi 20:8-11; Duteronomi 5:12-15) Okokugcina, ukugcina iSabatha kwakuzokwenza kube nelungiselelo lasikhathi sonke nelihlelekile lokukhulekela uJehova. Ukuphumula kwezakhamuzi zakwaJuda kanye ngesonto emisebenzini yazo evamile kwakuzozinikeza ithuba lokuthandaza, lokutadisha nelokuzindla.
5. AmaKristu angasisebenzisa kanjani iseluleko sokugcina iSabatha?
5 Kuthiwani-ke ngamaKristu? Ingabe siyasebenza kuwo isikhuthazo sokugcina iSabatha? Asisebenzi ngokuqondile, kwazise amaKristu awekho ngaphansi koMthetho futhi ngenxa yalokho akudingeki agcine iSabatha. (Kolose 2:16, 17) Noma kunjalo, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi kukhona “ukuphumula kwesabatha” kwamaKristu athembekile. Lokhu “kuphumula kwesabatha” kuhilela ukuba nokholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu ukuze asindiswe futhi ayeke ukuthembela emisebenzini yodwa. (Heberu 4:6-10) Ngakho, amazwi esiprofetho sika-Isaya aphathelene neSabatha akhumbuza izinceku zikaJehova namuhla ngesidingo esibalulekile sokuba nokholo elungiselelweni likaNkulunkulu lensindiso. Ayisikhumbuzo esihle futhi sesidingo sokuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova nokuphishekela inkambo yokumkhulekela yasikhathi sonke nengaguquki.
Induduzo Ngowesinye Isizwe Nangomthenwa
6. Yimaphi amaqembu amabili okukhulunywa nawo manje?
6 UJehova manje ukhuluma namaqembu amabili afuna ukumkhonza kodwa ngaphansi koMthetho KaMose angavunyelwe ukungena ebandleni lamaJuda. Siyafunda: “Ongowesinye isizwe ozihlanganise noJehova makangasho ukuthi, ‘Ngokuqinisekile uJehova uzongihlukanisa nabantu bakhe.’ Nomthenwa makangasho ukuthi, ‘Bheka! Ngiwumuthi owomileyo.’” (Isaya 56:3) Ongowesinye isizwe wesaba ukuthi uzonqunywa kwa-Israyeli. Umthenwa ukhathazeke ngokuthi ngeke nanini abe nezingane eziyolondoloza igama lakhe. Womabili la maqembu kufanele aqine idolo. Singakatholi ukuthi kungani, ake sicabangele isimo sawo ngaphansi koMthetho uma eqhathaniswa nesizwe sakwa-Israyeli.
7. UMthetho ubabekela miphi imingcele abezinye izizwe kwa-Israyeli?
7 Abezinye izizwe abangasokile abavunyelwe neze ukuhlanganyela no-Israyeli ekukhulekeleni. Ngokwesibonelo, abavunyelwe ukudla iPhasika. (Eksodusi 12:43) Abezinye izizwe abangayephuli ngendelelo imithetho yezwe bathola ubulungisa, baboniswe nomoya wokungenisa izihambi, kodwa ababophekile unomphela esizweni. Yebo, abanye bawemukela ngokuphelele uMthetho, futhi ukuze bafakazele lokhu, amadoda ayasokwa. Babe sebeba amaproselithe, babe nelungelo lokukhulekela emagcekeni endlu kaJehova futhi babhekwe njengabayingxenye yebandla lika-Israyeli. (Levitikusi 17:10-14; 20:2; 24:22) Kodwa kwawona amaproselithe awabona abahlanganyeli abagcwele esivumelwaneni sikaJehova no-Israyeli, futhi awanalo izwe eliyifa eZweni Lesithembiso. Abanye bezinye izizwe bangase babheke ethempelini lapho bekhuleka, futhi cishe bangayenza nemihlatshelo besebenzisa abapristi, inqobo nje uma leyo mihlatshelo ivumelana noMthetho. (Levitikusi 22:25; 1 AmaKhosi 8:41-43) Kodwa ama-Israyeli akumelwe adlelane nawo eduze.
Abathenwa Bathola Igama Elihlala Njalo
8. (a) Ngaphansi koMthetho, babebhekwa kanjani abathenwa? (b) Izizwe ezingamaqaba zazibenzani abathenwa, futhi igama elithi “umthenwa” lingabhekisela kobani ngezinye izikhathi?
8 Abathenwa, ngisho noma bezalwa abazali abangamaJuda, abavunyelwe ukuba babe amalungu agcwele esizwe sakwa-Israyeli.a (Duteronomi 23:1) Ezizweni ezithile ezingamaqaba ngezikhathi zeBhayibheli, abathenwa babenendawo ekhethekile futhi kwakuyisiko ukuthena ezinye zezingane ezazithunjwe empini. Abathenwa babemiswa babe izikhulu emagcekeni asebukhosini. Umthenwa wayengase abe “umqaphi wabesifazane,” “umqaphi wezancinza,” noma umlindi wendlovukazi. (Esteri 2:3, 12-15; 4:4-6, 9) Abukho ubufakazi bokuthi ama-Israyeli ayekwenza lokhu noma ukuthi abathenwa babefunwa ngokukhethekile ukuze basebenzele amakhosi akwa-Israyeli.b
9. Yimaphi amazwi aduduzayo uJehova awatshela abathenwe emzimbeni?
9 Ngaphandle kokuhlanganyela ngendlela elinganiselwe ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso, abathenwe emzimbeni kwa-Israyeli bahlazeka kakhulu ngenxa yokungakwazi ukuzala izingane eziyoqhuba igama lomndeni. Yeka indlela aduduza ngayo-ke la mazwi alandelayo esiprofetho! Siyafunda: “Yilokhu uJehova akushilo kubathenwa abagcina amasabatha ami abaye bakhetha lokho okungijabulisile futhi ababamba isivumelwano sami: ‘Ngizobanika endlini yami nangaphakathi kwezindonga zami isikhumbuzo negama, okuthile okungcono kunamadodana namadodakazi. Ngizobanika igama elihlala njalo, igama elingeke linqunywe.’”—Isaya 56:4, 5.
10. Sashintsha nini isimo sabathenwa, futhi kusukela ngaleso sikhathi baba naliphi ilungelo?
10 Yebo, siyofika isikhathi lapho ngisho nokuba umthenwa othenwe emzimbeni kungeke kusaba isithiyo sokwamukelwa ngokugcwele njengenceku kaJehova. Uma belalela, abathenwa bayoba ‘nesikhumbuzo,’ noma indawo, endlini kaJehova kanye negama elingcono kunamadodana namadodakazi. Kwenzeka nini lokhu? Ngemva kokufa kukaJesu Kristu. Ngaleso sikhathi isivumelwano esisha sathatha indawo yesivumelwano soMthetho esidala, ‘no-Israyeli kaNkulunkulu’ wathatha indawo ka-Israyeli ongokwenyama. (Galathiya 6:16) Kusukela ngaleso sikhathi, bonke ababonisa ukholo baye bakwazi ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela eyamukelekayo. Umehluko ongokwenyama nesimo esingokomzimba akusasho lutho. Labo abakhuthazela ngokwethembeka, kungakhathaliseki ukuthi sinjani isimo sabo somzimba, bayoba ‘negama elihlala njalo, igama elingeke linqunywe.’ Ngeke abakhohlwe uJehova. Amagama abo ayolotshwa ‘encwadini yenkumbulo,’ futhi ngesikhathi sikaJehova esifanele, bayothola ukuphila okuphakade.—Malaki 3:16; IzAga 22:1; 1 Johane 2:17.
Abezinye Izizwe Bakhulekela Nabantu BakaNkulunkulu
11. Ukuze bathole izibusiso, abezinye izizwe bakhuthazwa ukuba benzeni?
11 Kuthiwani kodwa ngabezinye izizwe? Lesi siprofetho sibuyela kubo, futhi uJehova ubaphathele amazwi enduduzo enkulu. U-Isaya uyabhala: “Abezinye izizwe abazihlanganise noJehova ukuba bamkhonze futhi bathande igama likaJehova, ukuze babe izinceku zakhe, bonke labo abagcina isabatha ukuze bangalingcolisi futhi ababamba isivumelwano sami, nabo ngizobaletha entabeni yami engcwele ngibenze bajabule ngaphakathi kwendlu yami yomthandazo. Iminikelo yabo yokushiswa ephelele nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka phezu kwe-altare lami. Ngoba indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo yazo zonke izizwe.”—Isaya 56:6, 7.
12. Sake saqondwa kanjani isiprofetho sikaJesu ‘sezinye izimvu’?
12 Esikhathini sethu “abezinye izizwe” bebelokhu bevela kancane kancane. Ngaphambi kwempi yezwe yokuqala, kwakwaziwa ukuthi likhudlwana inani labantu abayothola insindiso kunelalabo abanethemba lokubusa ezulwini noJesu—labo manje esibazi ngokuthi u-Israyeli kaNkulunkulu. Abafundi beBhayibheli babewazi amazwi kaJesu akuJohane 10:16: “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesisibaya; nazo kumelwe ngizilethe, futhi ziyolalela izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, namalusi munye.” Kwakuqondwa ukuthi lezi “ezinye izimvu” ziyisigaba sasemhlabeni. Kodwa abafundi beBhayibheli abaningi babekholelwa ukuthi ezinye izimvu zaziyovela phakathi nokuBusa KukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane.
13. Kungani kwaphethwa ngokuthi izimvu zikaMathewu isahluko 25 kumelwe zivele phakathi nezinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto?
13 Ngokuhamba kwesikhathi kwathuthukwa endleleni okuqondwa ngayo umbhalo ohlobene nalona okhuluma ngezimvu. KuMathewu isahluko 25 kulandiswa ngomfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi. Ngokwalo mfanekiso, izimvu zithola ukuphila okumi phakade ngoba zisekela abafowabo bakaJesu. Ngakho, ziyisigaba esihlukile nesingafani nabafowabo bakaKristu abagcotshiwe. Ngo-1923, emhlanganweni owawuseLos Angeles, eCalifornia, e-U.S.A., kwachazwa ukuthi lezo zimvu kumelwe zivele phakathi nezinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto, hhayi phakathi neMinyaka Eyinkulungwane. Ngani? Ngoba uJesu walandisa lo mfanekiso njengengxenye yempendulo yakhe yalo mbuzo: “Ziyokwenzeka nini lezizinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?”—Mathewu 24:3.
14, 15. Yahamba kanjani intuthuko ekuqondeni isimo sezinye izimvu esikhathini sokuphela?
14 Phakathi nawo-1920, ngemva kwesikhathi abanye abantu ababemdibi munye nabaFundi BeBhayibheli baba nomuzwa wokuthi umoya kaJehova wawungafakazelani nabo ukuthi banobizo lwasezulwini. Kodwa babeyizinceku ezishisekayo zikaNkulunkulu Ophakeme Kakhulu. Ngo-1931 isimo sabo saqondakala kangcono lapho kukhishwa incwadi ethi Vindication. Njengengxenye yengxoxo yevesi nevesi yencwadi yeBhayibheli kaHezekeli, incwadi ethi Vindication yachaza umbono ‘wendoda’ enophondo lukayinki. (Hezekeli 9:1-11) Le “ndoda” ibonakala inqamula iJerusalema ibeka uphawu emabunzini ababubulayo nabakhalayo ngenxa yezinengiso ezenziwa lapho. Le “ndoda” ifanekisela abafowabo bakaJesu, insali yamaKristu agcotshiwe ephila emhlabeni ngesikhathi sokwahlulelwa kweLobukholwa, umfuziselo weJerusalema. Laba ababekwa uphawu bangezinye izimvu eziphila ngaleso sikhathi. Kulo mbono, bayasinda bona lapho abakhiphi besahlulelo sikaJehova beletha impindiselo kulowo muzi oyisihlubuki.
15 Ngo-1932 ukuyiqonda ngokuzikile idrama engokwesiprofetho yenkosi yakwa-Israyeli uJehu noJehonadaba, umsizi wakhe ongeyena umIsrayeli, kwabonisa indlela ezinye izimvu ezibasekela ngayo abafowabo bakaKristu abagcotshiwe—njengoba nje noJehonadaba ahambisana noJehu futhi wamsekela lapho echitha ukukhulekelwa kukaBali. Ekugcineni, ngo-1935 kwaqondwa ukuthi ezinye izimvu eziphila phakathi nesikhathi sokuphela kwalesi simiso sezinto ziyisixuku esikhulu umphostoli uJohane asibona embonweni. Lokhu kwachazwa okokuqala emhlanganweni owawuseWashington, D.C., okukhulunywe ngawo ngenhla, lapho uJoseph F. Rutherford ekhomba labo abanethemba lasemhlabeni ethi “isixuku esikhulu.”
16. “Abezinye izizwe” bajabulela maphi amalungelo nemithwalo yemfanelo?
16 Kancane kancane kwahlaluka ukuthi “abezinye izizwe” banengxenye enkulu okumelwe bayifeze ezinjongweni zikaJehova kulezi zinsuku zokugcina. Beza ku-Israyeli kaNkulunkulu bezokhulekela uJehova. (Zakariya 8:23) Bekanye naleso sizwe esingokomoya, banikela imihlatshelo eyamukelekayo kuNkulunkulu futhi bangena ekuphumuleni kwesabatha. (Heberu 13:15, 16) Ngaphezu kwalokho, bakhulekela ethempelini elingokomoya likaNkulunkulu, lelo, njengethempeli laseJerusalema, ‘eliyindlu yomthandazo yazo zonke izizwe.’ (Marku 11:17) Babonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu, ‘bageze izivatho zabo bazenze zibe mhlophe egazini leWundlu.’ Futhi bakhonza uJehova ngokungaphezi, ‘benikela inkonzo engcwele kuye imini nobusuku.’—IsAmbulo 7:14, 15.
17. Abezinye izizwe banamuhla basibamba kanjani isivumelwano esisha?
17 Laba bezinye izizwe bosuku lwanamuhla babamba isivumelwano esisha ngomqondo wokuthi ngokuzihlanganisa no-Israyeli kaNkulunkulu, bathola izinzuzo nezibusiso eziza ngesivumelwano esisha. Yize bengebona abahlanganyeli kuleso sivumelwano esisha, bazithoba ngenhliziyo yonke emithethweni yaso. Ngakho umthetho kaJehova uba sezinhliziyweni zabo, futhi uJehova bamazi njengoYise osezulwini noMbusi ophakeme.—Jeremiya 31:33, 34; Mathewu 6:9; Johane 17:3.
18. Yimuphi umsebenzi wokubutha owenziwa phakathi nesikhathi sokugcina?
18 Isiprofetho sika-Isaya siyaqhubeka: “Amazwi eNkosi EnguMbusi uJehova, eqoqela ndawonye abahlakazekile bakwa-Israyeli, athi: ‘Ngizoqoqela ndawonye kuye abanye ngaphandle kwalaba abangabakhe asebeqoqelwe ndawonye kakade.’” (Isaya 56:8) Phakathi nalesi sikhathi sokugcina, uJehova uqoqe “abahlakazekile bakwa-Israyeli,” abensali egcotshiwe. Ngaphandle kwalaba, uqoqa nabanye, abesixuku esikhulu. Bakhulekela ndawonye ngokuthula nangokuzwana ngaphansi kokwengamela kukaJehova neNkosi yakhe esesihlalweni sobukhosi, uKristu Jesu. Ngenxa yokwethembeka kwabo kuhulumeni kaJehova ophethwe uKristu, uMelusi Omuhle ubenze baba umhlambi onobunye nojabulayo.
Abalindi Abayizimpumputhe, Izinja Ezingakhulumi
19. Yisiphi isimemo esinikezwa izilwane zasendle ezisesigangeni nezisehlathini?
19 La mazwi angenhla afudumele nakhayo alandelwa amazwi ahlukile ahlabayo nashaqisayo. UJehova ukulungele ukubenzela isihe abezinye izizwe nabathenwa. Kodwa abaningi abathi bangamalungu ebandla likaNkulunkulu balahliwe futhi balindelwe isahlulelo. Ngaphezu kwalokho, abafanelwe ngisho nawumngcwabo ohloniphekile futhi bafanelwe ukudliwa izilo eziyizidlakudla. Ngakho, siyafunda: “Nina nonke zilwane zasendle enisesigangeni, wozani nizodla, nina nonke zilwane zasendle enisehlathini.” (Isaya 56:9) Zizozitika ngani lezi zilwane zasendle? Sizochaza isiprofetho. Uma sesichaza, singase sisikhumbuze isiphetho salabo abaphikisa uNkulunkulu empini ezayo ye-Armagedoni, abazidumbu zabo zishiyelwa izinyoni zezulu ukuba zizidle.—IsAmbulo 19:17, 18.
20, 21. Yimaphi amaphutha enza abaholi benkolo babe abaqondisi abangokomoya abangenalusizo?
20 Isiprofetho siyaqhubeka: “Abalindi bakhe bayizimpumputhe. Akekho kubo oqaphelile. Bonke bayizinja ezingakhulumi; azikwazi ukukhonkotha, ziyakhefuzela, zilale phansi, futhi zithanda ukulala. Yebo bayizinja ezinesifiso somphefumulo esinamandla; akwenzeki baneliseke. Futhi bangabelusi abangakwazi ukuqonda. Bonke baphendukele endleleni yabo, yilowo nalowo ngenxa yenzuzo yakhe engenabulungisa emngceleni wakhe siqu: ‘Wozani, madoda! Mangithathe iwayini; masiphuze uphuzo oludakayo size sicikeke. Ngokuqinisekile kusasa kuzoba njenganamuhla, kuyoba kuhle ngendlela enkulu kakhulu impela.’”—Isaya 56:10-12.
21 Abaholi benkolo bakwaJuda bathi bakhulekela uJehova. Bathi ‘bangabalindi bakhe.’ Kodwa bayizimpumputhe ngokomoya, abakhulumi futhi bayozela. Uma bengakwazi ukuhlala beqaphile bese behlaba umkhosi, banalusizo luni? Abalindi abangokwenkolo abanjalo abanako ukuqonda, abakufanelekele ukunikeza isiqondiso esingokomoya kubantu abanjengezimvu. Ngaphezu kwalokho, bonakele. Banezifiso zobugovu ezinganeliseki. Kunokuba balandele isiqondiso sikaJehova, bazifunela ezabo izindlela, baphishekele inzuzo engalungile, bazitike ngophuzo oludakayo, bagqugquzele nabanye ukuba benze okufanayo. Abanandaba nesahlulelo sikaNkulunkulu esisondelayo kangangokuba batshela abantu ukuthi izinto zizolunga.
22. Kungani abaholi benkolo bosuku lukaJesu njengalabo bakwaJuda wasendulo bengengcono kunabakwa-Israyeli?
22 Ekuqaleni kwesiprofetho sakhe, u-Isaya usebenzise ulimi olufanekisayo lapho echaza abaholi benkolo bakwaJuda abangathembekile—badakiwe ngokomoya, bayozela, abanako ukuqonda. Babesindisa abantu ngamasiko abantu, bekhuluma amanga enkolo, futhi bethembela e-Asiriya ukuze bathole usizo kunokuba babheke kuNkulunkulu. (2 AmaKhosi 16:5-9; Isaya 29:1, 9-14) Kusobala ukuthi abazange bafunde lutho. Kuyadabukisa ukuthi nangekhulu lokuqala lwalukhona uhlobo olunje lwabaholi. Kunokuba bamukele izindaba ezinhle ababezilethelwe iNdodana kaNkulunkulu uqobo, bamlahla uJesu futhi bakha uzungu lokumbulala. UJesu wabatshela emakhaleni ukuthi ‘bangabaqondisi abayizimpumputhe,’ wabe esethi “uma umuntu oyimpumputhe eqondisa umuntu oyimpumputhe, bobabili bayowela emgodini.”—Mathewu 15:14.
Abalindi Banamuhla
23. Yisiphi isiprofetho sikaPetru ngabaholi benkolo esiye sagcwaliseka?
23 Umphostoli uPetru waxwayisa ngokuthi kwakuyovela abafundisi bamanga badukise amaKristu. Wabhala: “Kwaba khona futhi nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe [sakwa-Israyeli], njengoba beyoba khona abafundisi bamanga naphakathi kwenu. Bona kanye laba bayongenisa ngesinyenyela amahlelo abhubhisayo futhi bayophika ngisho nomnikazi owabathenga, bezilethela phezu kwabo ukubhujiswa okusheshayo.” (2 Petru 2:1) Ube yini umphumela wezimfundiso zamanga namahlelo alabo bafundisi bamanga? ELobukholwa, elibaholi balo benkolo namuhla bathandazela ukuba isibusiso sikaNkulunkulu sibe kubangane babo bezombusazwe bese bethembisa ikusasa eliqhakazile. Abaholi benkolo beLobukholwa bazibonakalise beyizimpumputhe, bengakhulumi futhi belele ngokuqondene nezinto ezingokomoya.
24. Yibuphi ubunye obukhona phakathi kuka-Israyeli ongokomoya nabezinye izizwe?
24 Nokho, uJehova uletha izigidi zabezinye izizwe ukuba zizokhulekela nabokugcina baka-Israyeli kaNkulunkulu endlini yakhe yomthandazo enkulu engokomoya. Laba bezinye izizwe, yize bevela ezizweni eziningi, izinhlanga, nezilimi, banobunye phakathi kwabo naphakathi kwabo no-Israyeli kaNkulunkulu. Bayaqiniseka ukuthi insindiso ivela kuJehova uNkulunkulu kuphela ngoJesu Kristu. Beshukunyiswa uthando ngoJehova, bahlangana nabafowabo bakaKristu abagcotshiwe ekukhulumeni ngokholo lwabo. Futhi baduduzwa kakhulu amazwi omphostoli ophefumulelwe owabhala: “Uma ulivuma obala lelozwi ‘elisemlonyeni wakho siqu,’ ukuthi uJesu uyiNkosi, futhi ubonisa ukholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyosindiswa.”—Roma 10:9.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elithi “umthenwa” labe selibhekisela nasesikhulwini segceke, kube kungashiwo ukususwa kwezitho zakhe zobulili. Njengoba kubonakala sengathi umTopiya owabhapathizwa uFiliphu wayengumproselithe—wabhapathizwa ngaphambi kokuba abangemaJuda abangasokile bavulelwe ithuba—kumelwe ukuba wayengumthenwa ngalo mqondo.—IzEnzo 8:27-39.
b U-Ebedi-Meleki, owasiza uJeremiya futhi owayekwazi ukubonana ubuso nobuso neNkosi uZedekiya, ubizwa ngomthenwa. Kubonakala sengathi lokhu kubhekisela ekutheni wayeyisikhulu segceke kunokuba kubhekisele ekuthenweni emzimbeni.—Jeremiya 38:7-13.
[Isithombe ekhasini 250]
ISabatha lalivula ithuba lokuthandaza, lokutadisha nelokuzindla
[Izithombe ekhasini 256]
Isimo sezinye izimvu sachazwa ngokucacile emhlanganweni owawuseWashington, D.C., ngo-1935 (isithombe sobhapathizo ngezansi, kwesokudla yisimiso)
[Isithombe ekhasini 259]
Izilwane zasendle zimenywa ukuba zizozitika
[Izithombe ekhasini 260]
Abezinye izizwe no-Israyeli kaNkulunkulu bamunye