U-Isaya
56 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Gcinani ubulungisa + nenze okulungile,
Ngoba insindiso yami izofika maduze
Nokulunga kwami kuyokwambulwa. +
2 Uyajabula umuntu okwenzayo lokhu
Indodana yomuntu ekubamba ikuqinise,
Ogcina iSabatha angalingcolisi +
Onqanda isandla sakhe ukuze angakwenzi nhlobo okubi.
3 Owesinye isizwe okhonza uJehova + makangasho ukuthi,
‘Nakanjani uJehova uzongihlukanisa nabantu bakhe.’
Nomthenwa makangasho ukuthi, ‘Bheka! Ngiyisihlahla esomile.’ ”
4 Ngoba yilokhu uJehova akushoyo kubathenwa abagcina amasabatha ami, abakhetha lokho okungijabulisayo futhi ababamba isivumelwano sami basiqinise:
5 “Ngiyobanika endlini yami nangaphakathi kwezindonga zami isikhumbuzo negama,
Okuthile okungcono kunamadodana namadodakazi.
Ngiyobanika igama elihlala kuze kube phakade,
Igama elingeke lishabalale.
6 Abezinye izizwe abazihlanganise noJehova ukuze bamkhonze,
Ukuze bathande igama likaJehova +
Ukuze babe yizinceku zakhe,
Bonke labo abagcina iSabatha bangalingcolisi
Abanamathela esivumelwaneni sami,
7 Nabo ngiyobaletha entabeni yami engcwele +
Ngibenze bajabule endlini yami yomthandazo.
Iminikelo yabo eshiswa ngokuphelele nemihlatshelo yabo iyokwamukeleka e-altare lami.
Ngoba indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo yazo zonke izizwe.” +
8 INkosi EnguMbusi uJehova, eqoqela ndawonye abahlakazekile bakwa-Israyeli, + ithi:
“Ngizoqoqela ndawonye kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.” +
10 Abalindi bakhe bayizimpumputhe, + akekho kubo onakile. +
Bonke bayizinja eziyizimungulu, ezingakwazi ukukhonkotha. +
Ziyahefuzela zilale phansi; zithanda ukulala.
Bangabelusi abangaqondi. +
Bonke bahambe ngendlela yabo;
Yilowo nalowo uzifunela inzuzo ngokukhwabanisa, athi:
Kusasa kuzoba njenganamuhla, kodwa kuzoba mnandi nakakhulu!”