Isahluko Seshumi Nesishiyagalombili
UJehova Uvuselela Umoya Wabathobekileyo
1. UJehova wanikeza siphi isiqinisekiso, futhi amazwi akhe aphakamisa miphi imibuzo?
“YILOKHU Lowo oPhakeme futhi Omkhulu, ohlala kuze kube phakade ogama lakhe lingcwele, akushilo: ‘Ngihlala endaweni ephakeme nasendaweni engcwele, futhi ngihlala nalowo ochotshoziwe onomoya othobekile, ukuze ngivuselele umoya wabathobekileyo futhi ngivuselele inhliziyo yabachotshozwayo.’” (Isaya 57:15) Wabhala kanjalo umprofethi u-Isaya ngekhulu lesishiyagalombili B.C.E. Yini eyayenzeka kwaJuda eyenza lo myalezo wakhuthaza kangaka? La mazwi aphefumulelwe awasiza kanjani amaKristu namuhla? Ukucabangela u-Isaya isahluko 57 kuzosisiza siphendule le mibuzo.
“Nina, Sondelani Lapha”
2. (a) Kubonakala esebenza nini amazwi ka-Isaya isahluko 57? (b) Sinjani isimo sabalungileyo ngosuku luka-Isaya?
2 Kubonakala isebenza osukwini luka-Isaya le ngxenye yesiprofetho sika-Isaya. Cabangela indlela osebugxile ngayo ububi manje: “Olungileyo ushabalele, kodwa akekho okufaka enhliziyweni. Abantu abanomusa wothando babuthelwa kwabafileyo, kuyilapho kungekho muntu oqondayo ukuthi kungenxa yenhlekelele ukuthi olungileyo ubuthiwe wasuswa. Ungena ekuthuleni; bayaphumula emibhedeni yabo, ngamunye ohamba aqonde.” (Isaya 57:1, 2) Uma umuntu olungileyo ewa, akekho onakayo. Ukufa kwakhe kungakabi isikhathi akushaywa mkhuba. Ukufa kumlethela ukuthula, kuyamkhulula ekuhluphekeni okubangelwa abangamesabi uNkulunkulu, futhi kumphunyule enhlekeleleni. Isizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe sesisesimweni esidabukisayo. Kodwa yeka indlela okumelwe ukuba kubakhuthaza ngayo labo abahlala bethembekile ukwazi ukuthi uJehova uyakubona okwenzekayo futhi uyobasekela!
3. UJehova uthini esizukulwaneni sikaJuda esibi, futhi ngani?
3 UJehova ubiza isizukulwane esibi sakwaJuda, uthi: “Kepha nina, sondelani lapha, nina madodana owesifazane oyisangoma, inzalo yesiphingi nowesifazane ofebayo.” (Isaya 57:3) Lesi sizukulwane sifanelwe incazelo ehlazisayo ethi singamadodana owesifazane oyisangoma nenzalo yesiphingi nowesifazane ofebayo. Ukukhulekela kwamanga esiphendukele kukho kuhlanganisa nezenzo eziyichilo zokukhonza izithombe nokusebenzisa imimoya, kanye nemikhuba yokuziphatha okubi kobulili. Ngakho uJehova ubuza lezi zoni: “Ngubani lo enizijabulisa ngaye? Ngubani lo eniqhubeka nimvulela umlomo kakhulu, eniqhubeka nimkhiphela ulimi? Anibona yini abantwana beseqo, inzalo yamanga, labo abavusa inkanuko phakathi kwemithi emikhulu, ngaphansi kwayo yonke imithi ekhephuzelayo, ababulala abantwana ezigodini zezifufula ngaphansi kwemifantu yamadwala?”—Isaya 57:4, 5.
4. Ababi bakwaJuda banecala lani?
4 Ababi kwaJuda bayenza obala imikhuba yabo yokukhulekela kobuqaba okushaqisayo, ‘bayazijabulisa.’ Ngokwedelela, baklolodela abaprofethi bakaNkulunkulu abathunyelwe ukuba babalungise, babakhiphela ulimi, okuyinto eyihlazo nebonisa indelelo. Yize bengabantwana baka-Abrahama, izindlela zabo zokuhlubuka zibenza babe abantwana beseqo nenzalo yamanga. (Isaya 1:4; 30:9; Johane 8:39, 44) Emithini emikhulu lé emaqeleni, bavukwa amadlingozi enkolo lapho bekhulekela izithombe. Futhi yeka ukukhulekela okunyantisayo! Phela, baze babulale ngisho nabantwana babo, njengezizwe ezizindlela zazo ezinengekayo zaholela ekubeni uJehova azixoshe ezweni!—1 AmaKhosi 14:23; 2 AmaKhosi 16:3, 4; Isaya 1:29.
Ukuthululela Umnikelo Wokuphuzwayo Ematsheni
5, 6. (a) Izakhamuzi zakwaJuda zikhethe ukwenzani esikhundleni sokukhulekela uJehova? (b) Ukukhulekela izithombe kwaJuda kwenziwa kanjani ingcaca futhi kusakazeke kangakanani?
5 Bheka indlela izakhamuzi zakwaJuda esezingene zagamanxa ngayo ekukhulekeleni izithombe: “Isabelo sakho sasikanye namatshe abushelelezi asesigodini sesifufula. Wona—wona ayeyinkatho yakho. Ngaphezu kwalokho, uye wathululela kuwo umnikelo wokuphuzwayo, wanikela isipho. Ingabe kufanele ngiziduduze ngalezi zinto?” (Isaya 57:6) AmaJuda angabantu bakaNkulunkulu besivumelwano, kodwa kunokuba akhulekele yena, acosha amatshe emfuleni enze onkulunkulu ngawo. UDavide wathi uJehova uyisabelo sakhe, kodwa lezi zoni zikhethe izithombe zamatshe ezingaphili zaba inkatho yazo futhi zathululela kuzo umnikelo wokuphuzwayo. (IHubo 16:5; Habakuki 2:19) Nduduzo yini uJehova angayithola ekukhulekeleni okunjalo okusontwe abantu begama lakhe?
6 UJuda ukhulekela izithombe yonke indawo—ngaphansi kwemithi, ezigodini zezifufula, emagqumeni nasemizini. Kodwa uJehova uyakubona konke lokho futhi ngo-Isaya, udalula ukonakala kwakhe: “Ubeka umbhede wakho entabeni ephakeme nephakanyisiwe. Yilapho futhi owenyukela khona uyonikela umhlatshelo. Wamisa isikhumbuzo sakho ngemva komnyango nensika yomnyango.” (Isaya 57:7-8a) Ezindaweni eziphakeme, uJuda undlala umbhede wokungcola okungokomoya, enzele khona onkulunkulu angabazi imihlatshelo.a Ngisho nasemizini evamile kunezithombe ngemva kwezicabha nasezinsikeni zezicabha.
7. UJuda ukuqhuba ngasiphi isimo sengqondo ukukhulekela okungcolile?
7 Abanye bangazibuza ukuthi kungani uJuda esengene wagamanxa ekukhulekeleni okungahlanzekile. Ingabe kunethonya elithile elinamandla elimphoqa ukuba alahle uJehova? Impendulo ithi cha. Ukwenza ngokuzithandela nangokuzimisela. UJehova uthi: “Ngaphandle kwami wazembula futhi wenyuka; wenza umbhede wakho waba banzi. Wazenzela isivumelwano nabo. Wathanda umbhede kanye nabo. Wabona isitho sowesilisa.” (Isaya 57:8b) UJuda wenze isivumelwano nonkulunkulu bakhe bamanga, futhi uyabuthanda ubuhlobo obungemthetho anabo nabo. Uthanda ikakhulukazi imikhuba yokuziphatha okubi kobulili—cishe ehlanganisa ukusetshenziswa kwezithombe zobulili—ewuphawu lokukhulekelwa kwalabo nkulunkulu!
8. Ukukhonza izithombe kwanda ikakhulukazi ngaphansi kwayiphi inkosi kwaJuda?
8 Incazelo yokukhulekela izithombe okungcolile nokunyantisayo ifanelana nalokho esikwaziyo ngamakhosi amaningi amabi akwaJuda. Ngokwesibonelo, uManase wakha izindawo eziphakeme, wakha ama-altare kaBali, futhi wamisa ama-altare amabili enkolo yamanga emagcekeni amabili ethempeli. Wadabulisa amadodana akhe emlilweni, wenza imilingo, wabhula futhi wakhuthaza ukusetshenziswa kwemimoya. INkosi uManase yabeka nomfanekiso obaziwe wesigxobo esingcwele ayesenzile ethempelini likaJehova.b Wayenga uJuda ukuba enze “okubi ngaphezu kwezizwe uJehova ayezibhubhisile.” (2 AmaKhosi 21:2-9) Abanye bakholelwa ukuthi uManase wenza ukuba u-Isaya abulawe, yize lingekho igama likaManase ku-Isaya 1:1.
“Waqhubeka Uthumela Izithunywa Zakho”
9. UJuda uzithumelani “kude” izithunywa?
9 Isiphambeko sikaJuda sidlulela ngalé kokukhonza onkulunkulu bamanga. Esebenzisa u-Isaya njengomkhulumeli wakhe, uJehova uthi: “Wehlela kuMeleki namafutha, waqhubeka uwenza abe maningi amafutha akho okugcoba. Waqhubeka uthumela izithunywa zakho kude, waze wehlisela izindaba eShiyoli.” (Isaya 57:9) Umbuso wakwaJuda ongathembekile wehlela “kuMeleki,” okusho “inkosi” ngesiHeberu—cishe inkosi yomunye umbuso—umnikeza izipho ezibizayo nezinhle, ezifanekiselwa amafutha okugcoba namakha. UJuda uzithuma kude izithunywa. Uzithumelani? Ukuze ziyonxenxa abeZizwe ukuba bakhe naye umfelandawonye wezombusazwe. Njengoba esefulathele uJehova, uthembela emakhosini akwamanye amazwe.
10. (a) INkosi u-Ahazi ifuna ukuwakha kanjani umfelandawonye nenkosi yase-Asiriya? (b) UJuda “wehlisela izindaba eShiyoli” ngayiphi indlela?
10 Isibonelo salokhu senzeka ngezinsuku zeNkosi u-Ahazi. Njengoba yesaba umfelandawonye ka-Israyeli neSiriya, le nkosi yakwaJuda engathembekile ithuma izithunywa kuThigilati-phileseri III wase-Asiriya, ithi: “Ngiyinceku yakho nendodana yakho. Khuphuka ungisindise entendeni yesandla senkosi yaseSiriya nasentendeni yesandla senkosi yakwa-Israyeli, abangivukelayo.” U-Ahazi uthumelela inkosi yase-Asiriya isiliva negolide njengesifumbathiso, le nkosi ibe isithatha isinyathelo, ihlasele iSiriya ilicoboshise. (2 AmaKhosi 16:7-9) Lapho esebenzelana nabeZizwe, uJuda ugobela “ezinzulwini zeShiyoli.” (I-American Translation) Ngenxa yalokho, uyofa, noma angabe esaba khona njengesizwe esizimele esinenkosi.
11. UJuda unamuphi umuzwa wokulondeka ongamanga?
11 UJehova uyaqhubeka ekhuluma noJuda: “Uye wakhandleka ngobuningi bezindlela zakho. Awuzange uthi, ‘Alikho ithemba!’ Utholé ukuvuselelwa kwamandla akho. Yingakho ungazange ugule.” (Isaya 57:10) Yebo, isizwe siye sazikhandla ezindleleni zaso zokuhlubuka, futhi asiboni ukuthi sikhandlekela ize. Kunalokho, siyazikhohlisa ngokukholelwa ukuthi siphumelela ngamandla aso. Sizizwa sinamandla futhi sinempilo. Yeka ubuphukuphuku!
12. Yiziphi izimo ezikweLobukholwa ezifana nezakwaJuda?
12 Namuhla kunenhlangano ekuziphatha kwayo kusikhumbuza okukaJuda ngosuku luka-Isaya. ELobukholwa lisebenzisa igama likaJesu, kodwa lakha imifelandawonye nezizwe futhi ligcwalise izithombe ezindaweni zalo zokukhulekela. Abalandeli balo baze banezithombe abazikhulekelayo emizini yabo. ELobukholwa linikele ngentsha yalo ezimpini zezizwe. Kumelwe ukuba akuve kumcunula lokhu uNkulunkulu weqiniso, oyala amaKristu: “Balekelani ukukhonza izithombe”! (1 Korinte 10:14) Ngokuzifaka kwezombusazwe, eLobukholwa liye ‘lafeba namakhosi omhlaba.’ (IsAmbulo 17:1, 2) Eqinisweni, lingumsekeli omkhulu weZizwe Ezihlangene. Silindelwe yini lesi sifebe esingokwenkolo? Uthini uJehova emfuziselweni walo, uJuda ongathembekile, ikakhulukazi njengoba efanekiselwa umuzi oyinhloko-dolobha yakhe, iJerusalema?
“Izinto Oziqoqile Ngeke Zikukhulule”
13. UJuda “uqamba amanga” athini, futhi ukubheka kanjani ukubekezela kukaJehova?
13 “Ubani lo oye wakwethusa futhi waqala ukumesaba, waze waqala ukuqamba amanga?” kubuza uJehova. Umbuzo omuhle! Ngempela uJuda akamesabi nakancú uJehova ngokwesaba okumsulwa nokunenhlonipho. Ukube ubemesaba, ubengeke abe isizwe sabaqambimanga nesabakhulekeli bonkulunkulu bamanga. UJehova uqhubeka athi: “Kodwa akumina owamkhumbula. Awufakanga lutho enhliziyweni. Ngangingathule yini futhi ngifihla izindaba? Ngakho wawungangesabi ngisho nami.” (Isaya 57:11) UJehova uye wathula, wangamjezisa masinyane uJuda. Ingabe uJuda uyakwazisa lokhu? Cha, kunalokho ubheka unembe lukaNkulunkulu njengoluwukungabi nandaba. Akasamesabi nakancane.
14, 15. Uthini uJehova ngemisebenzi kaJuda ‘nezinto aziqoqile’?
14 Nokho, isikhathi sikaNkulunkulu sokubhekakade sizophela. Ebheka kuleso sikhathi, uJehova uthi: “Mina ngizomemezela ukulunga kwakho nemisebenzi yakho, ukuthi ngeke kukuzuzise. Lapho ukhala ucela usizo izinto oziqoqile ngeke zikukhulule, kodwa umoya uyozithwala zonke impela umuke nazo. Umoya okhishwa ngamakhala uyozisusa.” (Isaya 57:12, 13a) UJehova uzodalula ukulunga-mbumbulu kukaJuda. Imisebenzi yakhe yokuzenzisa ngeke ibe yinzuzo. ‘Izinto aziqoqile,’ izithombe zakhe, ngeke zimkhulule. Lapho kugadla inhlekelele, onkulunkulu abathembile bayopheshulwa umoya.
15 Amazwi kaJehova agcwaliseka ngo-607 B.C.E. Kungesikhathi inkosi yaseBabiloni uNebukadinesari ibhubhisa iJerusalema, ishisa ithempeli futhi ithumba iningi labantu. “Kanjalo uJuda wasuka ezweni lakhe waya ekudingisweni.”—2 AmaKhosi 25:1-21.
16. Lilindelwe yini eLobukholwa nalo lonke “iBabiloni Elikhulu”?
16 Ngokufanayo, izithombe eziningi zeLobukholwa ngeke zilikhulule ngosuku lolaka lukaJehova. (Isaya 2:19-22; 2 Thesalonika 1:6-10) ELobukholwa liyoqothulwa kanye nalo lonke “iBabiloni Elikhulu”—umbuso wezwe wenkolo yamanga. Isilo sasendle esingokomfanekiso esinombala obomvu klebhu ‘siyokwenza [iBabiloni Elikhulu] libe incithakalo nelihamba-ze, futhi siyodla siqede izingxenye zalo eziyinyama futhi siyolishisa ngomlilo.’ (IsAmbulo 17:3, 16, 17) Asive sijabula ngokuthi silalele lo myalo: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo”! (IsAmbulo 18:4, 5) Kwangathi singelokothe siphindele kulo noma ezindleleni zalo.
“Lowo Ophephela Kimi Uyolizuza Njengefa Leli Zwe”
17. Uthenjiswani ‘lowo ophephela kuJehova,’ futhi kwenzeka nini lokhu?
17 Kuthiwani-ke kodwa ngala mazwi alandelayo esiprofetho sika-Isaya? “Lowo ophephela kimi uyolizuza njengefa leli zwe futhi uyodla ifa lentaba yami engcwele.” (Isaya 57:13b) Ukhuluma nobani uJehova manje? Ubheke ngalé kwembedumehlwana ezayo futhi ubikezela ukukhululwa kwabantu bakhe eBabiloni, nokubuyiselwa kokukhulekela kweqiniso entabeni yakhe engcwele, iJerusalema. (Isaya 66:20; Daniyeli 9:16) Yeka indlela okumelwe kube umthombo wesikhuthazo ngayo lokhu kunoma imaphi amaJuda ahlala ethembekile! Ngaphezu kwalokho, uJehova uthi: “Ngokuqinisekile umuntu uyothi, ‘Nqwabelanisani, nqwabelanisani! Vulani indlela. Susani noma isiphi isikhubekiso endleleni yabantu bami.’” (Isaya 57:14) Lapho kufika isikhathi sokuba uNkulunkulu akhulule abantu bakhe, indlela iyobe ilungile, nazo zonke izikhubekiso zisusiwe.—2 IziKronike 36:22, 23.
18. Buchazwe kanjani ubukhulu bukaJehova, noma kunjalo ukubonisa kanjani ukukhathalela kothando?
18 Kulapha lapho umprofethi u-Isaya esho khona amazwi acashunwe ekuqaleni: “Yilokhu Lowo oPhakeme futhi Omkhulu, ohlala kuze kube phakade ogama lakhe lingcwele, akushilo: ‘Ngihlala endaweni ephakeme nasendaweni engcwele, futhi ngihlala nalowo ochotshoziwe onomoya othobekile, ukuze ngivuselele umoya wabathobekileyo futhi ngivuselele inhliziyo yabachotshozwayo.’” (Isaya 57:15) Isihlalo sobukhosi sikaJehova sisemazulwini aphakeme. Asikho isikhundla esiphakeme nesikhulu ukwedlula lesi. Akuve kududuza ukwazi ukuthi njengoba elapho ubona yonke into—hhayi izono zababi kuphela kodwa nezenzo ezilungile zalabo abazama ukumkhonza! (IHubo 102:19; 103:6) Ngaphezu kwalokho, uyakuzwa ukububula kwabacindezelwe futhi ahlumelelise izinhliziyo zabachotshoziwe. Kumelwe ukuba la mazwi azithinta izinhliziyo zamaJuda aphendukile endulo. Ayazithinta ngempela nezethu namuhla.
19. Iphela nini intukuthelo kaJehova?
19 Ayaduduza futhi nala mazwi kaJehova: “Ngeke ngilwe phakade, noma ngithukuthele ngokungapheliyo; ngoba ngenxa yami umoya wawuyoba buthaka, ngisho nezidalwa eziphefumulayo engizenze mina mathupha.” (Isaya 57:16) Akukho zidalwa zikaNkulunkulu ebezingasinda ukube intukuthelo kaJehova ayipheli futhi ayinqamuki. Kuyajabulisa-ke ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu ihlala isikhathi esithile kuphela. Uma isiyifezile injongo yayo, iyaphela. Lokhu kuqonda okuphefumulelwe kuyasisiza ukuba sakhe ukwazisa okujulile ngothando lukaJehova ngezidalwa zakhe.
20. (a) UJehova umphatha kanjani umenzi wobubi ongaphenduki? (b) UJehova umduduza kanjani ozisolayo?
20 Sithola ukuqonda okwengeziwe njengoba uJehova eqhubeka. Okokuqala uthi: “Ngathukuthela ngenxa yokuphambuka kwenzuzo yakhe engenabulungisa, ngamshaya, ngifihla ubuso bami, lapho ngithukuthele. Kodwa waqhubeka ehamba njengembuka endleleni yenhliziyo yakhe.” (Isaya 57:17) Ububi obenziwe ngenxa yobugovu ngempela bufanelwe intukuthelo kaNkulunkulu. Uma nje umuntu esalokhu eyimbuka enhliziyweni yakhe, uJehova uhlala emthukuthelele. Kodwa kuthiwani uma imbuka likwamukela ukuyalwa? UJehova ube eseveza indlela uthando nesihawu sakhe okumshukumisela ukuba enze ngayo: “Ngizibonile izindlela zakhe; ngaqala ukumphulukisa ngamqondisa ngenza isinxephezelo ngenduduzo kuye nakwabalilayo bakhe.” (Isaya 57:18) Ngemva kokuyala, uJehova uyamphulukisa ozisolayo futhi amduduze yena nalabo abalila naye. Yingakho amaJuda akwazi ukuphindela ekhaya ngo-537 B.C.E. Yiqiniso, uJuda akaphindanga waba umbuso ozimele ophethwe inkosi esohlwini lukaDavide. Noma kunjalo, ithempeli laseJerusalema lakhiwa kabusha, futhi ukukhulekela kweqiniso kwamiswa kabusha.
21. (a) UJehova wawuvuselela kanjani umoya wamaKristu agcotshiwe ngo-1919? (b) Iyiphi imfanelo esenza kahle ngokuyihlakulela njengabantu ngabanye?
21 “Lowo oPhakeme futhi Omkhulu,” uJehova, wabonisa nokuyikhathalela inhlalakahle yensali egcotshiwe ngo-1919. Ngenxa yomoya wayo wokuzisola nowokuthobeka, uNkulunkulu omkhulu, uJehova, wakuphawula ngomusa ukuhlupheka kwayo futhi wayikhulula ekuthunjweni yiBabiloni. Wasusa zonke izithiyo, wayiholela enkululekweni ukuze imkhulekele ngendlela emsulwa. Ngakho amazwi kaJehova ngo-Isaya agcwaliseka ngaleso sikhathi. Futhi lawo mazwi anezimiso eziyosebenza kithi sonke kuze kube phakade. UJehova wamukela ukukhulekela kwalabo kuphela abathobekile engqondweni. Futhi uma enye yezinceku zikaNkulunkulu ingona, kufanele isheshe ukuvuma isiphambeko sayo, yamukele ukusolwa futhi ilungise izindlela zayo. Kwangathi singekhohlwe ukuthi uJehova uyabaphulukisa futhi abaduduze abathobekileyo kodwa “umelana nabazidlayo.”—Jakobe 4:6.
‘Ukuthula Kulabo Abakude Nabaseduze’
22. UJehova ubikezela ukuthi liyoba njani ikusasa (a) labaphendukayo? (b) lababi?
22 Eqhathanisa ikusasa lalabo abaphendukayo nelalabo abaphikelelayo ezindleleni zabo ezimbi, uJehova uthi: “Ngidala isithelo sezindebe. Kuyoba khona ukuthula okuqhubekayo kulowo okude nakulowo oseduze, . . . futhi ngiyomphulukisa. Kodwa ababi banjengolwandle olunyakaziswayo, lapho lungakwazi ukuzola, amanzi alo aqhubeka ejikijela phezulu izimila zasolwandle nodaka. Akukho ukuthula kwababi.”—Isaya 57:19-21.
23. Siyini isithelo sezindebe, futhi uJehova ‘usidala’ ngayiphi indlela lesi sithelo?
23 Isithelo sezindebe siwumhlatshelo wokudumisa owenzelwa uNkulunkulu—ukumemezela igama lakhe obala. (Heberu 13:15) UJehova ‘ukudala’ kanjani ukumemezela obala? Ukuze anikele ngomhlatshelo wokudumisa, umuntu kumelwe aqale afunde ngoNkulunkulu abese eba nokholo kuye. Ukholo—isithelo somoya kaNkulunkulu—lushukumisa lowo muntu ukuba atshele abanye lokho akuzwile. Ngamanye amazwi, amemezele obala. (Roma 10:13-15; Galathiya 5:22) Kufanele kukhunjulwe nokuthi, ekugcineni, uJehova uyena othuma izinceku zakhe ukuba zimemezele udumo lwakhe. Futhi nguJehova okhulula abantu bakhe, okwenza bakwazi ukunikela ngemihlatshelo enjalo yokudumisa. (1 Petru 2:9) Ngakho, kungashiwo kugcwale umlomo ukuthi nguJehova odala lesi sithelo sezindebe.
24. (a) Obani abathola ukwazi ukuthula kukaNkulunkulu, futhi uba yini umphumela? (b) Obani abangakutholi ukwazi ukuthula, futhi uba yini umphumela kubo?
24 Yeka isithelo sezindebe esijabulisayo okumelwe ukuba amaJuda ayasinikela njengoba ephindela kubo ehlabelelela uJehova izindumiso! Kumelwe ukuba ayajabula ngokwazi ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi ‘akude’—aqhelile kwaJuda, asalindele ukubuya—noma ‘aseduze’—asesezweni lakubo kakade. Ngakolunye uhlangothi, azive zihlukile izimo zababi! Noma ubani ohluleka ukwamukela izijeziso zikaJehova—ababi, kungakhathaliseki ukuthi bangobani nokuthi bakuphi, abanako nhlobo ukuthula. Njengoba begubhazela njengolwandle oluyaluzayo, abavezi isithelo sezindebe, kodwa baqhubeka beveza “izimila zasolwandle nodaka,” konke okungahlanzekile.
25. Abaningi abakude naseduze bakuthola kanjani ukwazi ukuthula?
25 Nanamuhla, kuyo yonke indawo abakhulekeli bakaJehova bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. AmaKristu akude naseduze emazweni angaphezu kuka-230 anikela ngesithelo sezindebe zawo, amemezela udumo lukaNkulunkulu owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Izindumiso azihlabelelayo zizwakala “emkhawulweni womhlaba.” (Isaya 42:10-12) Labo abazizwayo izindumiso zabo futhi bazamukele bamukela iqiniso leZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Abanjalo bathola ukwazi ukuthula, okuvela ekukhonzeni “uNkulunkulu onika ukuthula.”—Roma 16:20.
26. (a) Yini elindele ababi? (b) Abanobuvi banikezwa siphi isithembiso esihle, futhi yini okufanele sizimisele ukuyenza?
26 Yiqiniso, ababi abasilaleli isigijimi soMbuso. Kodwa ngokushesha nje ngeke besavunyelwa ukuba baphazamise ukuthula kwabalungile. “Sekusele isikhathi esincane nje, omubi uyobe engasekho,” kuthembisa uJehova. Labo abaphephela kuJehova bayodla ifa lomhlaba ngendlela enhle kakhulu. “Abanobuvi bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo yabo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:10, 11, 29) Yeka ukuthi umhlaba wethu uyobe usuba indawo enhle kanjani! Kwangathi sonke singazimisela ukuba singalahlekelwa ukuthula kukaNkulunkulu, ukuze sihlabelele udumo lukaNkulunkulu kuze kube phakade.
[Imibhalo yaphansi]
a Cishe igama elithi “umbhede” libhekisela e-altare noma endaweni yokukhulekela kobuqaba. Ukuyibiza ngombhede kuyisikhumbuzo sokuthi ukukhulekela okunjalo kuwubufebe obungokomoya.
b Kungenzeka ukuthi izigxobo ezingcwele zazifanekisela isitho sangasese sowesifazane, kanti izinsika ezingcwele kungenzeka ukuthi zaziyimifanekiso yesitho sangasese sowesilisa. Izakhamuzi zakwaJuda ezingathembekile zazikusebenzisa kokubili.—2 AmaKhosi 18:4; 23:14.
[Isithombe ekhasini 263]
UJuda uqhuba ukukhulekela kokuziphatha okubi ngaphansi kwayo yonke imithi ekhephuzelayo
[Isithombe ekhasini 267]
UJuda wakha ama-altare kulo lonke izwe
[Isithombe ekhasini 274]
“Ngidala isithelo sezindebe”