U-Isaya
57 Olungile ushabalele,
Kodwa akekho onakile.
2 Ungena ekuthuleni.
Baphumula emibhedeni* yabo, bonke abahamba ngobuqotho.
4 Ngubani lona enihlekisa ngaye?
Ngubani lona enimvulela umlomo kakhulu, nimkhiphele ulimi?
Anibona yini abantwana besiphambeko,
Abantwana benkohliso, +
5 Labo abavukwa inkanuko phakathi kwezihlahla ezinkulu, +
Ngaphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza, +
Ababulala abantwana ezigodini *+
Ngaphansi kwemifantu yamadwala?
6 Amatshe abushelelezi asesigodini* ayisabelo sakho. +
Yebo, ayinkatho yakho.
Uthululela umnikelo ophuzwayo, unikele nezipho kuwo. +
Kufanele nganeliseke yini* ngalezi zinto?
7 Walungisa umbhede wakho entabeni ende nephakeme, +
Wanyukela kuyo ukuze unikele umhlatshelo. +
8 Wamisa isikhumbuzo sakho ngemva kwesicabha nensika yomnyango.
Wangishiya wakhumula izingubo zakho;
Wakhwela embhedeni wakho wawenza waba banzi.
Wenza isivumelwano nabo.
Wathumela izithunywa zakho kude,
Waze wehlela eThuneni.*
10 Wakhandleka ngokulandela izindlela zakho eziningi.
Kodwa awuzange uthi, ‘Akusizi!’
Amandla akho avuselelwa.
Yingakho ungaliphonsi ithawula.*
Awuzange ungikhumbule. +
Awufakanga lutho enhliziyweni. +
Angizange yini ngizithulele ngihoxe? *+
Ngakho awuzange ungesabe.
Zonke ziyohamba nomoya,
Umoya okhishwa ngamakhala uyoziphephula,
Kodwa lowo ophephela kimi uyothola izwe njengefa
Uyothatha intaba yami engcwele ibe yifa lakhe. +
14 Kuyothiwa, ‘Yakhani, yakhani umgwaqo! Lungisani indlela! +
Susani noma isiphi isikhubekiso endleleni yabantu bami.’ ”
“Ngihlala endaweni ephakeme nengcwele, +
Kodwa futhi ngihlala nalowo ocindezelekile nodangele,*
Ukuze ngivuselele odangele
Ngivuselele nenhliziyo yabacindezelekile. +
16 Ngoba ngeke ngilwe nabo kuze kube phakade
Noma ngihlale ngithukuthele; +
Ngoba umoya womuntu ungaba buthaka ngenxa yami, +
Ngisho nowezidalwa eziphefumulayo engizenzile.
17 Ngangithukuthele ngenxa yesono sakhe sokufuna inzuzo ngenkohlakalo, +
Ngakho ngamshaya, ngafihla ubuso bami futhi ngangithukuthele.
Kodwa waqhubeka ehamba njengesihlubuki, + elandela inhliziyo yakhe.
19 “Ngidala isithelo sezindebe.
Ukuthula okuqhubekayo kuyonikwa lowo okude nalowo oseduze,” + kusho uJehova,
“Ngiyomelapha.”
20 “Kodwa ababi banjengolwandle olunyakaza lungazoli,
Amanzi alo alokhu ekhipha izimila zasolwandle nodaka.