ISAHLUKO SESHUMI
Ingabe Ubuza Nsuku Zonke Ukuthi, “Uphi UJehova?”
1, 2. (a) Sasiyini isimo esingokomoya samaJuda angosuku lukaJeremiya? (b) Kwakufanele basabele kanjani abaseJudiya ngesimo ababekuso?
UJEREMIYA wayekhala. Wayekhaliswa isimo sabantu bakubo nalokho uNkulunkulu ayethi akakubikezele ngekusasa labo. Wayefisa sengathi ngabe ikhanda lakhe linjengomthombo wamanzi, namehlo akhe anjengesiphethu ukuze akhale angayeki. UJeremiya wayenezizathu zokudabuka ngenxa yesimo sesizwe. (Jer. 9:1-3; funda uJeremiya 8:20, 21.) AmaJuda ayeqhubeka enqaba umthetho waphezulu futhi awazange alilalele izwi likaJehova, ngakho ayezokwehlelwa inhlekelele.—Jer. 6:19; 9:13.
2 Nokho, abantu bakwaJuda ababethanda ukuzwa abaholi babo benkolo bebatshela ukuthi konke kuhamba kahle, babengenandaba nalokho uJehova ayekucabanga ngokuziphatha kwabo. (Jer. 5:31; 6:14) Babefana neziguli ezifuna udokotela ozozitshela ukuthi kuhamba kahle ebe engazinaki izimpawu zokugula okungathí sina. Ukube ubugula kakhulu, ubungeke yini ufune ukusazi ngokunembile isifo esikuphethe ukuze welashwe kusenethuba? Ngomqondo ongokomoya, amaJuda angosuku lukaJeremiya kwakufanele asihlole ngobuqotho isimo sawo esingokomoya. Kwakufanele abuze: “Uphi uJehova?”—Jer. 2:6, 8.
3. (a) AmaJuda ayengawuphendula kanjani umbuzo othi, “Uphi uJehova?” (b) Iyiphi enye indlela amaJuda ayengafuna ngayo uJehova?
3 Ukubuza kwamaJuda ethi, “Uphi uJehova?” kwakuyosho ukufuna isiqondiso saphezulu lapho enza izinqumo, kokubili ezinkulu nezincane. AmaJuda ngaleso sikhathi awazange akwenze lokho. Kodwa ngemva kokuchithwa kweJerusalema kanye nokubuya kwawo eBhabhiloni, kwakumelwe ‘afune uJehova.’ Uma emfuna, ayeyomthola futhi azazi nezindlela zakhe. (Funda uJeremiya 29:13, 14.) Ayeyomfuna kanjani? Enye indlela kwakungokuthandaza ngobuqotho kuNkulunkulu, acele isiqondiso sakhe. Kwakuyisimo sengqondo seNkosi uDavide leso. Yacela: “O Jehova, ngazise izindlela zakho; ngifundise imikhondo yakho.” (IHu. 25:4) Phawula isimemo uMuzwi wemithandazo asidlulisela ngoJeremiya ngonyaka weshumi weNkosi uZedekiya. “Ngibize, ngizokuphendula futhi ngikutshele ngokushesha izinto ezinkulu ezingenakuqondakala obungazazi.” (Jer. 33:3) Ukube inkosi nesizwe esiyizihlubuki bambiza uNkulunkulu, wayengabembulela izinto ‘ababengaziqondi,’ njengokuchithwa kweJerusalema nokubuyiselwa kwalo ngemva kweminyaka engu-70.
4, 5. Iziphi ezinye izindlela abantu bakaNkulunkulu ababengamfuna ngazo uJehova?
4 Enye indlela amaJuda ayengafuna ngayo uJehova kwakuwukuhlola umlando abheke indlela ayesebenzelana ngayo nabantu bakhe. Ngokwenza kanjalo ayeyokhumbula lokho uNkulunkulu ayekwamukele nalokho okwakumthukuthelisile. Ayenemibhalo kaMose, umlando ophefumulelwe kanye nezincwadi zomlando wamakhosi akwa-Israyeli nawakwaJuda. Ngokuzindla ngalokho kulandisa nangokulalela abaprofethi beqiniso bakaNkulunkulu, amaJuda angosuku lukaJeremiya ayengayithola impendulo yombuzo othi, “Uphi uJehova?”
5 Indlela yesithathu lawo maJuda ayengafuna ngayo uJehova kwakuwukufunda kokuhlangenwe nakho kwawo siqu nokwabanye. Akukhona ukuthi kwakufanele afunde yonke into ngokwenza amaphutha, kodwa ayengazuza ngokucabangela lokho wona ngokwawo ayekwenzile ngaphambili nendlela uJehova ayeyibheka ngayo indlela ayenze ngayo. Ukube ayeqaphela, ayeyoyiqonda indlela uNkulunkulu ayekubheka ngayo ukuziphatha kwawo.—IzAga 17:10.
6. Yisiphi isikhuthazo ongasithola esibonelweni sikaJobe?
6 Ake siyilethe osukwini lwethu le ndaba. Ingabe ubulokhu ubuza njalo uthi, “Uphi uJehova?” lapho wenza izinqumo nalapho ukhetha inkambo ethile? Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi abazange babe qotho ngendlela obekufanele babe qotho ngayo endabeni yokuzibuza lo mbuzo. Uma kungenzeka ukuthi nawe uzizwa ngaleyo ndlela, ungadikibali. Ngisho nenzalamizi ethembekile uJobe yaba nenkinga kulokhu. Lapho icindezelekile, yazicabangela yona kuphela. U-Elihu kwadingeka ayikhumbuze ngokuthambekela kwabantu okuvamile: “Akukho muntu othé, ‘Uphi uNkulunkulu uMenzi wami Omkhulu?’” (Jobe 35:10) U-Elihu wakhuthaza uJobe: ‘Naka imisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu.’ (Jobe 37:14) UJobe kwadingeka abuke imisebenzi kaJehova emikhulu endalweni eyayimzungezile nasekusebenzelaneni kwaKhe nabantu. Kulokho okwamehlela, uJobe waziqonda izindlela zikaJehova. Ngemva kokuba ekhuthazelele usizi futhi esebone indlela uJehova ayisingathe ngayo indaba, uJobe wathi: “Ngakhuluma, kodwa ngangingaziqondi izinto ezimangalisa kakhulu kimi, engingazazi. Ngizwile ngawe ngenzwabethi, kodwa manje iso lami liyakubona.”—Jobe 42:3, 5.
7. Njengoba kuboniswe ekhasini 116, yini esizoxoxa ngayo?
7 Umprofethi uJeremiya yena waqhubeka efuna uJehova futhi wamthola. Ngokungafani nabantu bakubo, phakathi namashumi eminyaka enkonzo yakhe yokwethembeka, uJeremiya waqhubeka ebuza: “Uphi uJehova?” Kulesi sahluko, sizobona esibonelweni sikaJeremiya indlela esingamfuna ngayo uJehova futhi simthole ngomthandazo, ngokutadisha nangokubheka okwenzeka ekuphileni kwethu.—1 IziKr. 28:9.
Kusho ukuthini ukubuza ukuthi, “Uphi uJehova?” Iziphi izindlela amaJuda angosuku lukaJeremiya ayengakubuza ngazo lokho?
UJEREMIYA WAKHULEKA KUJEHOVA
8. UJeremiya wakhuleka kuNkulunkulu ngaphansi kwaziphi izimo?
8 Phakathi neminyaka ekhonza njengomkhulumeli kaNkulunkulu esizweni sakwaJuda, uJeremiya wafuna uJehova ngemikhuleko esuka enhliziyweni. Wacela uNkulunkulu ukuba amsekele lapho kumelwe amemezele izigijimi ezingathandeki, lapho enomuzwa wokuthi wayengasakwazi ukuqhubeka nalapho ezibuza ukuthi kungani kwakwenzeka izinto ezithile. UNkulunkulu wamphendula futhi wamnika isiqondiso ngalokho okwakumelwe akwenze. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.
9. (a) UJeremiya wayiveza kanjani imizwa yakhe kuJeremiya 15:15, 16, futhi uJehova wasabela kanjani? (b) Kungani ucabanga ukuthi kubalulekile ukuveza imizwa yakho ngomkhuleko?
9 Ngesinye isikhathi lapho uJeremiya enikezwe isigijimi sesahlulelo ukuba asimemezele, waba nomuzwa wokuthi wonk’ umuntu wayemqalekisa. Ngakho wacela uNkulunkulu ukuba amkhumbule. Cabanga ngomthandazo wakhe olotshwe kuJeremiya 15:15, 16 lapho esho khona indlela azizwa ngayo ngempendulo kaNkulunkulu. (Yifunde.) Kulowo mkhuleko, uJeremiya waveza imizwa yakhe yokukhathazeka. Nokho, lapho ethola amazwi kaNkulunkulu futhi kuba njengokungathi uyawadla, wathokoza! UJehova wamsiza walazisa ilungelo lokuphatha igama laphezulu nelokumemezela isigijimi saphezulu. UJeremiya wawubona ngokucacile umbono kaJehova kule ndaba. Yini esingayifunda kulokhu?
10. UNkulunkulu wasabela kanjani lapho umprofethi ethi ngeke aphinde akhulume egameni laKhe?
10 Kwesinye isenzakalo, ngemva kokuba umpristi uPhashuri, indodana ka-Imeri, emshayile, uJeremiya wathi wayengeke aphinde akhulume egameni likaJehova. UNkulunkulu wawuphendula kanjani umkhuleko kaJeremiya? (Funda uJeremiya 20:8, 9.) IBhayibheli alisitsheli ukuthi uNkulunkulu wawuphendula ngokukhuluma noJeremiya esezulwini. Kodwa izwi likaNkulunkulu laba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni akhe futhi wayengenakwenza lutho ngaphandle kokulimemezela. Ngempela, ngokukhuleka ngobuqotho kuNkulunkulu nangokuzivumela ukuba athathe isinyathelo ngenxa yalokho ayekwazi ngentando yaKhe, uJeremiya washukumiseleka ukuba aqhubeke enza okwakufunwa uNkulunkulu.
11, 12. UJeremiya wayithola kanjani impendulo yombuzo wakhe ngalokho okwakubonakala kuyimpumelelo yababi?
11 UJeremiya wayekhathazeka lapho ebona ababi bephumelela. (Funda uJeremiya 12:1, 3.) Nakuba ayengakungabazi nhlobo ukulunga kukaJehova, wafuna impendulo ‘yesikhalo’ sakhe. Ukungagunci kwakhe kwenza kwacaca ukuthi wayenobuhlobo obuqinile noNkulunkulu, njengalobo bengane noyise emthandayo. Wayemane engasiqondi isizathu sokuba amaJuda amaningi aphumelele nakuba emabi. Ingabe uJeremiya wayithola impendulo egculisayo? UJehova wamqinisekisa ngokuthi wayezobasiphula ababi. (Jer. 12:14) Njengoba uJeremiya abona isiphetho sezinto ayezikhulekela kuNkulunkulu, kumelwe ukuba ukubethemba kwakhe ubulungisa baphezulu kwajula. Ngenxa yalokho, kumelwe ukuba uJeremiya wakhuleka njalo kuNkulunkulu, eveza imizwa yakhe kuYise.
12 Ngasekupheleni kokubusa kukaZedekiya, lapho abaseBhabhiloni bevimbezele iJerusalema, uJeremiya wabhekisela kuJehova njengalowo ‘omehlo akhe avulekele zonke izindlela zabantwana babantu, ukuze anike yilowo nalowo ngokwezithelo zezenzo zakhe.’ (Jer. 32:19) UJeremiya wayengawubona umbono kaJehova endabeni yobulungisa, ukuthi ngempela uNkulunkulu ubheka okwenziwa umuntu ngamunye nokuthi uyayizwa imikhuleko eqotho yezinceku zakhe. Ngokuvumelana nalokhu, ziyobona ubufakazi obengeziwe bokuthi unika “yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nangokwezithelo zezenzo zakhe.”
13. Kungani uqiniseka ngokufezeka kwentando kaNkulunkulu?
13 Singase singazizwa singabaza ubulungisa bukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwendlela afeza ngayo intando yakhe manje nasesikhathini esizayo. Noma kunjalo, singazuza ngokucabanga ngalokho uJeremiya abhekana nakho nangokuveza indlela esizizwa ngayo enhliziyweni lapho sikhuleka. Ukwenza kanjalo kungaqinisa ukumethemba kwethu uJehova, siqiniseke ukuthi nakanjani intando yakhe izofezeka. Ngisho noma singaqondi ngokugcwele okwamanje ukuthi kungani izinto zenzeka ngendlela ezenzeka ngayo, noma ukuthi kungani intando kaNkulunkulu yenzeka ngejubane eyenzeka ngalo, singamtshela ngomkhuleko ukuthi siyaqiniseka ukuthi nguye ophethe izintambo. Intando yakhe izokwenzeka ngendlela nangejubane aziyo ukuthi lifanele. Siyaqiniseka ngalokho; asinasizathu sokungabaza. Sizoqhubeka sibuza ukuthi “Uphi uJehova?” ngokukhuleka ukuze siqonde intando yakhe futhi sibone ubufakazi bokufezeka kwayo.—Jobe 36:5-7, 26.
Isiphi isiqinisekiso ositholayo kulokho uJeremiya abhekana nakho ekufuneni kwakhe uJehova ngomkhuleko?
UJEREMIYA WONDLA INHLIZIYO YAKHE NGOLWAZI
14. Sazi kanjani ukuthi uJeremiya wacwaninga ngomlando wabantu bakaNkulunkulu?
14 Ngokuqondene nombuzo othi, “Uphi uJehova?” uJeremiya wayesiqaphela kahle isidingo ‘solwazi ngoJehova.’ (Jer. 9:24) Kumelwe ukuba wawufunda umlando wabantu bakaNkulunkulu lapho eloba izincwadi manje ezaziwa ngokuthi eyokuqala neyesibili yamaKhosi. Wakhuluma ngokuqondile ‘ngencwadi yezindaba zikaSolomoni,’ ‘incwadi yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli’ ‘nencwadi yezindaba zezinsuku zamakhosi akwaJuda.’ (1 AmaKh. 11:41; 14:19; 15:7) Ngakho-ke, waqonda indlela uJehova ayezisingathe ngayo izimo ezihlukahlukene. UJeremiya wayengakubona lokho okwajabulisa uJehova nendlela azibheka ngayo izinqumo zabantu. Wayengabuye ahlole imibhalo ephefumulelwe eyayikhona ngaleso sikhathi, njengekaMose, uJoshuwa, uSamuweli, uDavide noSolomoni. Ngokungangabazeki wayenolwazi ngabaprofethi bangaphambili kanye nabangesikhathi sakhe. Samzuzisa kanjani uJeremiya isifundo sakhe somuntu siqu?
15. Iyiphi inzuzo uJeremiya ayengayithola ngokucwaninga ngesiprofetho sika-Eliya?
15 UJeremiya waloba ukulandisa okuphathelene noJezebeli, umfazi omubi wenkosi yaseSamariya u-Ahabi. Ukulandisa kwakhe kwahlanganisa nesibikezelo sika-Eliya sokuthi izinja zaziyokudla uJezebeli esiqintini saseJizreyeli. (1 AmaKh. 21:23) Ngokuvumelana nalokho okwalotshwa uJeremiya, uyazi ukuthi eminyakeni engu-14 kamuva uJezebeli waphonselwa ngaphandle kwefasitela, wanyathelwa yihhashi likaJehu wayesedliwa yizinja. (2 AmaKh. 9:31-37) Ukucwaninga ngesiprofetho sika-Eliya nokugcwaliseka kwaso, ngisho nemininingwane yaso, kumelwe ukuba kwaluqinisa ukholo lukaJeremiya ezwini likaNkulunkulu. Ngempela, ukuphikelela kwakhe njengomprofethi kwakuwumphumela wokholo ayelwakhe ngokufunda ngezenzo zikaJehova zangaphambili.
16, 17. Ucabanga ukuthi kungani uJeremiya ayengaphikelela exwayisa amakhosi amabi osuku lwakhe?
16 Ake sithathe esinye isibonelo. Ucabanga ukuthi yini eyenza uJeremiya waqhubeka exwayisa amakhosi amabi njengoJehoyakimi noZedekiya naphezu kokushushiswa? Isizathu esiyinhloko ukuthi uJehova wenza uJeremiya waba “ngumuzi onezivikelo eziqinile nensika yensimbi nezindonga zethusi” emakhosini akwaJuda. (Jer. 1:18, 19) Kodwa masingakushalazeleli nokuthi uJeremiya wayecwaninge kanzulu ngokubusa kwamakhosi okuqala akwaJuda nawakwa-Israyeli. Wayelobe ukuthi uManase wayakhele “lonke ibutho lamazulu ama-altare emagcekeni amabili endlu kaJehova,” wanikela ngendodana yakhe emlilweni futhi wachitha igazi eliningi kakhulu elingenacala. (2 AmaKh. 21:1-7, 16; funda uJeremiya 15:4.) Kodwa kumelwe ukuba uJeremiya wazi ukuthi lapho uManase ezithoba futhi ekhuleka njalo kuJehova, uJehova “wavuma ukuba ancengwe,” futhi wayibuyisela inkosi endaweni yayo.—Funda eyesi-2 IziKronike 33:12, 13.
17 Emibhalweni yakhe, uJeremiya akazange akhulume ngesihe sikaJehova kuManase. Kodwa uManase wafa eminyakeni engaba ngu-15 ngaphambi kokuba uJeremiya aqale umsebenzi wakhe wokuprofetha. Ngakho-ke, kumelwe ukuba umprofethi wezwa ngalokho okwakwenzekile lapho inkosi iphenduka ebubini bayo bangaphambili. Ukucwaninga ngokuziphatha okunyantisayo kukaManase kanye nomphumela wako kumelwe ukuba kwamsiza uJeremiya wabona ukubaluleka kokuncenga amakhosi anjengoZedekiya ukuba afune isihe sikaJehova nomusa wakhe wothando. Ngisho nenkosi eyayidume ngokukhulekela izithombe nokuchitha igazi yayingaphenduka futhi ithethelelwe. Ukube wawusesimweni sikaJeremiya, ingabe izenzakalo ezihilela uManase zaziyokukhuthaza, zikunike isizathu sokuphikelela phakathi nokubusa kwamanye amakhosi amabi?
UKUFUNDA KOKUHLANGENWE NAKHO
18. Yini uJeremiya ayengayifunda esibonelweni sika-Urija, futhi kungani uphendula kanjalo?
18 Ngesikhathi uJeremiya eprofetha, ngokuqinisekile wafunda ngokubona indlela abantu ayephila nabo ababenza ngayo ngaphansi kwezimo ezithile. Omunye wabo kwakungumprofethi u-Urija, owaprofetha ngeJerusalema noJuda ngesikhathi kubusa uJehoyakimi. Nokho, ngenxa yokwesaba iNkosi uJehoyakimi, u-Urija wabalekela eGibhithe. Ngemva kwalokho, inkosi yathumela amadoda ukuba amlande eGibhithe yabe isithi akabulawe. (Jer. 26:20-23) Ucabanga ukuthi sikhona isifundo uJeremiya asifunda kulokho okwenzeka ku-Urija? Ukuthi uJeremiya waqhubeka exwayisa amaJuda ngenhlekelele eyayisondela—ewaxwayisa ngisho nasendaweni yethempeli—kufakazela ukuthi sikhona isifundo asifunda. UJeremiya waqhubeka enesibindi futhi uJehova akazange amshiye. Kumelwe ukuba uNkulunkulu washukumisa u-Ahikamu, indodana kaShafani, ukuba avikele ukuphila kukaJeremiya onesibindi.—Jer. 26:24.
19. Yini uJeremiya ayengayibona ekuphikeleleni kukaJehova ethumela abaprofethi kubantu baKhe?
19 UJeremiya wafunda nakokuhlangenwe nakho kwakhe kokusetshenziswa uJehova ukuba axwayise abantu baKhe. Ngonyaka wesine weNkosi uJehoyakimi, uJehova watshela uJeremiya ukuba abhale phansi wonke amazwi ayewakhulumile kusukela osukwini lukaJosiya kuze kube yileso sikhathi. Sasiyini isizathu salesi siqondiso saphezulu? Ukukhuthaza abantu ukuba bayeke ukwenza okubi ukuze bathethelelwe. (Funda uJeremiya 36:1-3.) UJeremiya, owayevuka ekuseni amemezele izixwayiso zikaNkulunkulu, waze wancenga abantu ukuba bayeke imikhuba yabo enengekayo. (Jer. 44:4) Ngokwalokhu ayekwenzile uJeremiya, akucaci yini ukuthi kumelwe ukuba kwamkhanyela ukuthi uNkulunkulu wayethuma abaprofethi ngoba ebazwela abantu bakhe? Ingabe lokho kwakungeke kumenze abe nozwela uJeremiya? (2 IziKr. 36:15) Ungaqonda-ke ukuthi lapho uJeremiya esinda ekubhujisweni kweJerusalema, wayengathi: “Kuyizenzo zomusa wothando kaJehova ukuthi asizange siphele, ngoba isihe sakhe ngokuqinisekile ngeke siphele. Sisha njalo ekuseni.”—IsiL. 3:22, 23.
Kumelwe ukuba kwamthinta kanjani uJeremiya ukucwaninga ngezenzo zikaNkulunkulu zesikhathi esedlule nokuzindla ngalokho yena nabanye ababhekana nakho? Yini esingayifunda kulokhu?
INGABE WENA UBUZA NSUKU ZONKE UTHI, “UPHI UJEHOVA?”
20. Ungamlingisa kanjani uJeremiya ekufuneni uJehova?
20 Ezinqumweni okumelwe uzenze nsuku zonke, ingabe ukwenza umgomo ukufuna lokho okuyintando kaNkulunkulu, ukubuza ukuthi, “Uphi uJehova?” (Jer. 2:6-8) Ngokungafani namaJuda osuku lwakhe, uJeremiya wayehlale efuna usizo kuMninimandla onke ukuze aqonde indlela okufanele ahambe ngayo. Ngokungangabazeki, kuyinkambo yokuhlakanipha ukulingisa uJeremiya ngokufuna umbono kaJehova nsuku zonke lapho senza izinqumo.
21. Hlobo luni lomkhuleko ongakusiza enkonzweni yakho, njengalapho othile esabela ngokhahlo?
21 Akudingeki kuze kube isinqumo esikhulu noma esishintsha ukuphila. Ngokwesibonelo, kuthiwani ngesinqumo sokuya enkonzweni yasensimini ngosuku obuluhlelile? Mhlawumbe uyavuka, bese uphawula ukuthi izulu liguqubele, likwenza ungafisi ukuphuma. Insimu ezosetshenzwa ngalolo suku kungenzeka ihlanganiswa njalo. Ungase ukhumbule ukuthi abanye bakuxosha ngeziphansi noma bakuchwensa ingcaca. Ngaleso sikhathi usuku lusaqala nje, ungabuza yini ngomkhuleko uthi, “Uphi uJehova?” Ukwenza kanjalo kungakusiza ucabange ngobuhle besigijimi ozobe usiphethe futhi uzwe ekujuleni ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba usimemezele leso sigijimi. Ungezwa izwi likaJehova liba umthombo wenjabulo nokwethaba kuwe, njengoba lalinjalo nakuJeremiya. (Jer. 15:16, 20) Uma kamuva ususenkonzweni, uhlangana nomuntu onokhahlo noma okusongelayo imbala, ungaphinde ukhuleke kuNkulunkulu umtshele indlela ozizwa ngayo. Ingabe uyokwenza lokho? Ungakhohlwa ukuthi angakunika umoya ongcwele ukuze usabele ngendlela efanele futhi isifiso sakho sokukhuluma ngesigijimi sikaNkulunkulu siyoyinqoba imizwa engafanele.—Luka 12:11, 12.
22. Kungani eminye imikhuleko ingase ivinjwe?
22 Kuhle ukwazi ukuthi eminye imikhuleko ingathiyeka noma ivinjwe. (Funda isiLilo 3:44.) UJehova akazange ayilalele imikhuleko yamaJuda avukelayo ngoba ‘ayesusa indlebe yawo kuye’ futhi ephikelela ekwephuleni umthetho. (IzAga 28:9) Kumelwe ukuba isifundo sasicacile kuJeremiya, njengoba kufanele sicace nakithi: Uma umuntu ehluleka ukwenza ngokuvumelana nemikhuleko yakhe, uNkulunkulu uyodumala futhi kungamenza ayeke ukulalela imikhuleko yakhe. Ngokuqinisekile, ukudumaza uJehova yinto esifuna ukuyigwema ngazo zonke izindlela.
23, 24. (a) Yini edingekayo ukuze sithole intando kaJehova? (b) Ungasenza kanjani isifundo sakho somuntu siqu sizuzise ngokwengeziwe?
23 Ngaphezu kokukhulekela isiqondiso sikaJehova ngobuqotho, kudingeka siqhubeke nesifundo sethu somuntu siqu, indlela eyinhloko yokuthola intando kaJehova. Kulokhu, sisesimweni esingcono kunoJeremiya. SineBhayibheli eliphelele. NjengoJeremiya owacwaninga kanzulu ukuze alobe umlando ophefumulelwe, ungehla wenyuke eZwini likaNkulunkulu ufune isiqondiso saphezulu, ubuze, “Uphi uJehova?” Ngokufuna ukwazi intando yakhe, usuke wethembela kuye futhi ‘ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemanzini, othumela izimpande zawo ngasemseleni wamanzi.’—Funda uJeremiya 17:5-8.
24 Njengoba ufunda futhi uzindla ngemiBhalo Engcwele, zama ukuqonda lokho uJehova afuna ukwenze ezimweni ezihlukahlukene. Ungabheka izimiso ofuna ukuzikhumbula nokuzisebenzisa ekuphileni. Lapho ufunda umlando, imiyalo yaphezulu, izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu namazwi ahlakaniphile aseZwini likaNkulunkulu, cabanga ngendlela lezo zinto okufanele zithonye ngayo izinqumo zakho zansuku zonke. Ephendula umbuzo wakho othi, “Uphi uJehova?” angakwambulela ngeZwi lakhe elilotshiwe indlela ongasingatha ngayo ngisho nezinzima kanjani izimo ongabhekana nazo. Phela eBhayibhelini ungabona “izinto ezinkulu ezingenakuqondakala obungazazi” noma ebezingakukhanyeli!—Jer. 33:3.
25, 26. Kungani okuhlangenwe nakho kungasizuzisa?
25 Ngaphezu kwalokho, ungacabanga ngokuhlangenwe nakho kwakho nokwabanye. Ngokwesibonelo, ungabona ukuthi abambalwa bayayeka ukwencika kuJehova, njengoba kwenza u-Urija. (2 Thim. 4:10) Ungafunda enkambweni yabo futhi ugweme umphumela ofanayo oyinhlekelele. Wukhumbule njalo umusa kaJehova wothando akubonisa wona, ukhumbule nokuthi uJeremiya wasazisa isihe nobubele bukaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi isimo okuso sikucindezela kangakanani, ungacabangi ukuthi oPhezukonke akakukhathaleli. Uyakukhathalela, njengoba nje ayemkhathalela noJeremiya.
26 Njengoba uzindla ngokusebenzelana kukaJehova nabantu ngabanye namuhla, uzoqaphela ukuthi ubanika isiqondiso sansuku zonke ngezindlela ezihlukahlukene. U-Aki, udade osemncane waseJapane, wazizwa engakufanelekeli ukuba umKristu. Ngolunye usuku besenkonzweni yasensimini nomkambonisi wesifunda, u-Aki wathi: “Ngizwa sengathi uJehova usezongihlanza ngiphume emlonyeni wakhe, kodwa ngisabambelele ezindebeni zakhe ngiyamcela ukuba anginike ithuba elengeziwe.” Umkambonisi wesifunda wambheka emehlweni wathi: “Angikaze ngibe nomuzwa wokuthi ungumKristu osivivi!” Kamuva, u-Aki wazindla ngalawo mazwi aqinisekisayo. Eqinisweni kwakungekho lutho olubonisa ukuthi uJehova wayeke wambheka njengosivivi. Ngemva kwalokho, u-Aki wathandaza kuJehova: “Ngithumele noma kuphi lapho ufisa khona. Ngizokwenza noma yini ofuna ngiyenze.” Cishe ngaleso sikhathi wavakashela kwelinye izwe lapho kwakuneqembu elincane labakhuluma isiJapane elalidinga umuntu osikhulumayo owayengakhonza nalo. U-Aki wayezalelwe kulelo zwe, ngakho kwaba lula ukuba athuthele khona ayosiza. Kodwa wayezohlalaphi? Udade onendodakazi eyayisanda kuthuthela kwenye indawo wamnikeza ikamelo ayengahlala kulo. “Zonke izinto zavele zaqondana; uJehova wayengivulela indlela,” kuphetha u-Aki.
27. Kungani kufanele ukukhuthaze umbuzo othi, “Uphi uJehova?”
27 Abazalwane nodade abaningi bangalandisa ngezenzakalo abazibonela kuzo isiqondiso sikaNkulunkulu, mhlawumbe lapho befunda iBhayibheli noma esifundweni somuntu siqu. Kungenzeka ukuthi kuke kwenzeka nakuwe lokhu. Izenzakalo ezinjalo kufanele ziqinise ubuhlobo bakho noJehova futhi zikushukumisele ukuba ukhuleke njalo nangokujulile. Yiba nethemba lokuthi njengoba siqhubeka sibuza nsuku zonke sithi, “Uphi uJehova?” uzosibonisa indlela yakhe.—Isaya 30:21.
Ungayithola kanjani impendulo yombuzo othi, “Uphi uJehova?” Ungasifuna ngaziphi izindlela isiqondiso sakhe?