Ukuzithoba Ngentobeko Kubelusi Abanothando
“Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe.”—HEBHERU 13:17.
1, 2. Imiphi imiBhalo ebonisa ukuthi uJehova noJesu bangaBelusi abanothando?
UJEHOVA UNKULUNKULU neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bangaBelusi abanothando. U-Isaya waprofetha: “Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova ngokwakhe iyoza njengonamandla, futhi ingalo yayo iyobe ibusa esikhundleni sayo. . . . Iyokwelusa umhlambi wayo njengomalusi. Ngengalo yayo iyoqoqela ndawonye amawundlu; iwathwale esifubeni sayo. Izindlezane iyozihola ngokunakekela.”—Isaya 40:10, 11.
2 Leso siprofetho sokubuyiselwa sagcwaliseka okokuqala lapho insali yamaJuda ibuyela kwaJuda ngo-537 B.C.E. (2 IziKronike 36:22, 23) Saphinde sagcwaliseka lapho uKoresi Omkhulu, uJesu Kristu, ekhulula insali egcotshiweyo ‘eBhabhiloni Elikhulu’ ngo-1919. (IsAmbulo 18:2; Isaya 44:28) ‘Uyingalo’ kaJehova yokubusa, yokuqoqela ndawonye izimvu futhi azeluse ngesisa. UJesu ngokwakhe wathi: “Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi.”—Johane 10:14.
3. UJehova ubonisa kanjani ukukhathalela kwakhe kothando ngendlela izimvu zakhe eziphathwa ngayo?
3 Isiprofetho sika-Isaya 40:10, 11 sigcizelela isisa uJehova abelusa ngaso abantu bakhe. (IHubo 23:1-6) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, noJesu wabonisa ukubakhathalela ngesisa abafundi bakhe nabantu bebonke. (Mathewu 11:28-30; Marku 6:34) Bobabili uJehova noJesu basizonda isihluku sabelusi, noma abaholi, bakwa-Israyeli, ababengenandaba nemihlambi yabo futhi beyixhaphaza bengenamahloni. (Hezekeli 34:2-10; Mathewu 23:3, 4, 15) UJehova wathembisa: “Ngiyozisindisa izimvu zami, ngeke zisaba yinto yokuphangwa; futhi ngiyokwahlulela phakathi kwemvu nemvu. Ngiyovusa phezu kwazo umalusi oyedwa, uyozondla, yebo inceku yami uDavide. Yena uyoziklabisa, futhi uyoba umalusi wazo.” (Hezekeli 34:22, 23) Kulesi sikhathi sokuphela, uJesu Kristu, uDavide Omkhulu, nguye “umalusi oyedwa” uJehova ammise phezu kwazo zonke izinceku zaKhe emhlabeni, ezihlanganisa amaKristu agcotshwe ngomoya “nezinye izimvu.”—Johane 10:16.
Izipho Zebandla Ezivela Ezulwini
4, 5. (a) Isiphi isipho esiyigugu uJehova asinike abantu bakhe emhlabeni? (b) Isiphi isipho uJesu asinike ibandla lakhe?
4 Ngokuvusela izinceku zaKhe emhlabeni “umalusi oyedwa”—uJesu Kristu—uJehova wanika ibandla lobuKristu isipho esiyigugu. Lesi sipho soMholi osezulwini kwaprofethwa ngaso ku-Isaya 55:4: “Bheka! Ngimnike ukuba abe ngufakazi emaqenjini ezizwe, abe ngumholi nomyali emaqenjini ezizwe.” AmaKristu agcotshiwe namalungu ‘esixuku esikhulu’ abuthwa kuwo wonke amaqembu ezizwe, imindeni, abantu nezilimi. (IsAmbulo 5:9, 10; 7:9) Akha ibandla lezizwe zonke, ‘umhlambi munye’ ngaphansi kobuholi ‘bukamalusi munye,’ uKristu Jesu.
5 UJesu naye unike ibandla lakhe emhlabeni isipho esiyigugu. Ulinikeze abelusi abangaphansi kwakhe abathembekile abelusa umhlambi ngesisa belingisa yena noJehova. Umphostoli uPawulu wakhuluma ngalesi sipho sothando encwadini yakhe ayibhalela amaKristu ase-Efesu. Wathi: “‘Lapho enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.‘ . . . Waphana ngabanye njengabaphostoli, abanye njengabaprofethi, abanye njengabavangeli, abanye njengabelusi nanjengabafundisi, enombono wokulungiswa kwabangcwele, ngenjongo yomsebenzi wokukhonza, ngenjongo yokwakhiwa komzimba kaKristu.”—Efesu 4:8, 11, 12.
6. Ababonisi abagcotshiwe abakhonza ezindikimbeni zabadala bachazwe kanjani kusAmbulo 1:16, 20, futhi yini engase ishiwo ngabadala abamisiwe abangabezinye izimvu?
6 Lezi “zipho ezingabantu” zingababonisi, noma abadala, uJehova neNdodana yakhe ababamise ngomoya ongcwele, ukuba beluse izimvu ngesisa. (IzEnzo 20:28, 29) Ekuqaleni, bonke laba babonisi babengamadoda angamaKristu agcotshiwe. KusAmbulo 1:16, 20, labo ababekhonza ezindikimbeni zabadala ebandleni labagcotshiweyo bafanekiselwa “izinkanyezi” noma “izingelosi” ezisesandleni sokunene sikaKristu, okungukuthi, balawulwa nguye. Nokho, kulesi sikhathi sokuphela, njengoba isibalo sababonisi abagcotshiwe abasesemhlabeni siya sincipha, inani elikhulu labadala abangamaKristu emabandleni lingabezinye izimvu. Njengoba laba bemiswa ngabameleli beNdikimba Ebusayo ngokuholwa umoya ongcwele, nabo futhi kungashiwo ukuthi basesandleni sokunene, noma baqondiswa uMalusi Omuhle, uJesu Kristu. (Isaya 61:5, 6) Njengoba abadala emabandleni ethu bezithoba kuKristu, iNhloko yebandla, kufanele sibambisane nabo ngokugcwele.—Kolose 1:18.
Ukulalela Nokuzithoba
7. Isiphi iseluleko umphostoli uPawulu asinikeza ngokuqondene nesimo sengqondo okufanele sibe naso ngababonisi abangamaKristu?
7 ABelusi bethu basezulwini, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, balindele ukuba silalele futhi sizithobe kubelusi abangaphansi kwabo abababeke ezikhundleni zemithwalo yemfanelo ebandleni. (1 Petru 5:5) Ephefumulelwe, umphostoli uPawulu wabhala: “Khumbulani abaholayo phakathi kwenu, abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini, futhi njengoba nicabangisisa ngomphumela wokuziphatha kwabo nilingise ukholo lwabo. Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.”—Hebheru 13:7, 17.
8. UPawulu usimema ukuba ‘sicabangisise’ ini, futhi kufanele ‘silalele’ kanjani?
8 Phawula ukuthi uPawulu usimema ukuba ‘sicabangisise,’ noma siqaphelisise, umphumela wokuziphatha ngokwethembeka kwabadala bese silandela izibonelo zabo zokholo. Ngaphezu kwalokho, useluleka ukuba silalele futhi sizithobe esiqondisweni sala madoda amisiwe. Isazi seBhayibheli uR. T. France sichaza ukuthi ngesiGreki sokuqala, igama elihunyushwe lapha ngokuthi “lalelani” akulona “igama elivamile elisetshenziselwa ukulalela, kodwa kusetshenziswe igama ngokwezwi nezwi elisho ukuthi ‘kholisekani,’ okusikisela ukubamukela ngokuzithandela ubuholi babo.” Silalela abadala hhayi nje ngoba iZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba senze kanjalo kodwa nangenxa yokuthi sikholisekile ukuthi bakhathalela izithakazelo zoMbuso nenhlalakahle yethu. Ngokuqinisekile siyojabula uma sibamukela ngokuzithandela ubuholi babo.
9. Kungani kudingeka ukuba singagcini ngokulalela kuphela, kodwa futhi ‘sizithobe’?
9 Nokho, kuthiwani uma singakholisekile ukuthi isiqondiso sabadala endabeni ethile siyindlela engcono kakhulu yokusingatha isimo? Yilapho ukuzithoba kungena khona. Kulula ukulalela lapho yonke into icacile futhi sivumelana nayo, kodwa siyobonisa ukuthi siyazithoba ngempela uma silalela ngisho nalapho thina ngokwethu singasiqondi isiqondiso esinikezwayo. UPetru, kamuva owaba umphostoli, wabonisa ukuzithoba okunjalo.—Luka 5:4, 5.
Izizathu Ezine Zokubambisana Nabo Ngokuzithandela
10, 11. Ekhulwini lokuqala nanamuhla, ababonisi baye “bakhuluma iZwi likaNkulunkulu” kumaKristu abakanye nawo ngayiphi indlela?
10 KumaHebheru 13:7, 17, umBhalo ocashunwe ngenhla, umphostoli uPawulu unikeza izizathu ezine zokuba silalele futhi sizithobe kubabonisi abangamaKristu. Esokuqala siwukuthi “baye bakhuluma izwi likaNkulunkulu” kithi. Khumbula ukuthi uJesu wanika ibandla ‘izipho ezingabantu’ ngenjongo ‘yokulungiswa kwabangcwele.’ (Efesu 4:11, 12) Walungisa ukucabanga nokuziphatha kwamaKristu ekhulu lokuqala esebenzisa abelusi abangaphansi kukaKristu abathembekile, abanye babo abaphefumulelwa ukuba babhalele amabandla izincwadi. Wasebenzisa ababonisi abanjalo abamiswe ngomoya ukuba baqondise futhi bakhe amaKristu okuqala.—1 Korinte 16:15-18; 2 Thimothewu 2:2; Thithu 1:5.
11 Namuhla, uJesu usiqondisa ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ emelelwa iNdikimba yayo Ebusayo nangabadala abamisiwe. (Mathewu 24:45) Ngenxa yokuthi sihlonipha “umalusi omkhulu,” uJesu Kristu, silalela iseluleko sikaPawulu: “Nibazise labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi beniyala.”—1 Petru 5:4; 1 Thesalonika 5:12; 1 Thimothewu 5:17.
12. Ababonisi ‘bayiqapha kanjani imiphefumulo yethu’?
12 Isizathu sesibili sokubambisana nababonisi abangamaKristu siwukuthi “baqapha imiphefumulo” yethu. Uma bebona noma yini esimweni sethu sengqondo noma ekuziphatheni kwethu engase ifake ingokomoya lethu engozini, bayashesha ukusinika iseluleko esisidingayo ukuze silungise. (Galathiya 6:1) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “baqapha” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “badela ubuthongo.” Ngokwesazi esithile seBhayibheli, leli gama “lisikisela ukuqapha kukamalusi angozeli.” Ngaphezu kokuthi bahlala beqaphile ngokomoya, abadala bangase baqwashe nokuqwasha ngenxa yokukhathazeka ngenhlalakahle yethu engokomoya. Akufanele yini sibambisane ngokuzithandela nabadala abanjalo abanothando, abenza konke okusemandleni ukuba balingise isisa sikaJesu Kristu, “umalusi omkhulu wezimvu”?—Hebheru 13:20.
13. Ababonisi nawo wonke amaKristu balandisa kubani futhi ngaziphi izindlela?
13 Isizathu sesithathu sokubambisana kwethu ngokuzithandela nababonisi siwukuthi basiqapha njengabantu “abayolandisa.” Ababonisi bayakhumbula ukuthi bangabelusi abangaphansi ngoba bakhonza ngaphansi kwaBelusi basezulwini, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. (Hezekeli 34:22-24) UJehova nguye onguMnikazi wezimvu, ‘azithenga ngegazi leNdodana yakhe,’ futhi ufuna ababonisi abamisiwe balandise ngendlela abaphatha ngayo umhlambi waKhe, okufanele bawuphathe “ngozwela.” (IzEnzo 20:28, 29) Ngakho, sonke kumelwe silandise kuJehova ngendlela esisabela ngayo esiqondisweni sakhe. (Roma 14:10-12) Ukulalela kwethu abadala abamisiwe kunikeza nobufakazi bokuzithoba kwethu kuKristu, iNhloko yebandla.—Kolose 2:19.
14. Yini engase yenze ababonisi abangamaKristu bakhonze “ngokububula,” futhi kungaba namiphi imiphumela?
14 UPawulu wanikeza isizathu sesine esenza kufaneleke ukuba sizithobe ngentobeko kubabonisi abangamaKristu. Wabhala: “Ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.” (Hebheru 13:17) Abadala abangamaKristu banemithwalo yemfanelo engathí sina yokufundisa, ukwelusa, ukuhola emsebenzini wokushumayela, ukunakekela imikhaya yabo nokusingatha izinkinga ebandleni. (2 Korinte 11:28, 29) Uma singabambisani nabo, sisuke sinezela emthwalweni wabo. Lokhu kungaholela ekubeni ‘babubule.’ Ukungabambisani kwethu nabo akumjabulisi uJehova futhi kungase kusilimaze. Lapho sibonisa inhlonipho efanele futhi sibambisana nabo, abadala bangafeza imisebenzi yabo ngenjabulo, futhi lokhu kunezela ebunyeni nasekuhlanganyeleni ngenjabulo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.—Roma 15:5, 6.
Ukubonisa Ukuzithoba Kwethu
15. Singakubonisa kanjani ukulalela nokuzithoba kwethu?
15 Kunezindlela eziningi ezingokoqobo esingabambisana ngazo nababonisi abamisiwe. Ngenjongo yokuvumelana nezimo ezintsha zensimu, ingabe abadala baye bahlela ukuba imihlangano yenkonzo yasensimini iqhutshwe ngezinsuku nangezikhathi ezidinga ukuba sishintshe isimiso sethu? Masenze umzamo wokusekela la malungiselelo amasha. Kungasilethela izibusiso ebesingazilindele. Ingabe umbonisi wenkonzo uhambele iqembu lethu leSifundo Sencwadi Sebandla? Masihlanganyele kakhulu ngangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela ngalelo sonto. Ingabe sithole isabelo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini? Kufanele siqiniseke ukuthi siba khona futhi sisifeze leso sabelo sethu. Ingabe umbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla umemezele ukuthi yiqembu lethu elizohlanza iHholo LoMbuso? Kwangathi singamsekela ngokugcwele, ngokuvumelana nempilo namandla ethu. Ngalezi zindlela nezinye eziningi, sibonisa ukuzithoba kwethu emadodeni uJehova neNdodana yakhe abawamise ukuba anakekele umhlambi.
16. Uma umdala engenzi izinto ngendlela aqondiswa ngayo, kungani lokhu kungenzi kufaneleke ukuba thina sivukele?
16 Ngezinye izikhathi, umdala angase angenzi izinto ngendlela eqondiswa isigaba senceku ethembekile neNdikimba yaso Ebusayo. Uma eqhubeka enza ngale ndlela, uyolandisa kuJehova, “umalusi nombonisi wemiphefumulo” yethu. (1 Petru 2:25) Kodwa noma ikuphi ukushiyeka noma amaphutha angase enziwe abadala abathile awenzi kufaneleke ukuba thina singazithobi. UJehova akakubusisi ukungalaleli nokuvukela.—Numeri 12:1, 2, 9-11.
UJehova Ubusisa Ukubambisana Ngokuzithandela
17. Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo ngababonisi bethu?
17 UJehova uNkulunkulu uyazi ukuthi amadoda awamise njengababonisi awaphelele. Noma kunjalo, uyawasebenzisa, futhi ngomoya wakhe, welusa abantu bakhe emhlabeni. Kuyiqiniso ngabadala—nangathi sonke—ukuthi ‘amandla angaphezu kwavamile angakaNkulunkulu, awaveli kithi.’ (2 Korinte 4:7) Ngakho-ke, kufanele simbonge uJehova ngalokho akufezayo ngababonisi bethu abathembekile, futhi kufanele sibambisane nabo ngokuzithandela.
18. Lapho sizithoba kubabonisi bethu, eqinisweni sisuke senzani?
18 Ababonisi benza okusemandleni abo ukuba baphile ngokuvumelana nalokho uJehova akushoyo ngabelusi abamise phezu komhlambi wakhe ezinsukwini zokugcina njengoba ebachaza kuJeremiya 3:15: “Ngizoninika abelusi ngokuvumelana nenhliziyo yami, futhi ngokuqinisekile bazonondla ngolwazi nangokuqondisisa.” Ngokuqinisekile abadala abaphakathi kwethu benza umsebenzi omuhle wokufundisa nokuvikela izimvu zikaJehova. Kwangathi singaqhubeka sibonisa ukuthi siyakwazisa ukuzikhandla kwabo ngokuthi sibambisane nabo ngokuzithandela, sibalalele futhi sizithobe kubo. Ngokwenza kanjalo, siyobe sibonisa ukuthi siyabazisa aBelusi bethu basezulwini, uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.
Ake Sibukeze
• UJehova noJesu Kristu bazibonise kanjani bengaBelusi abanothando?
• Ngaphezu kokulalela, kungani kudingeka nokuzithoba?
• Iziphi izindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo ukuzithoba?
[Isithombe ekhasini 27]
Abadala abangamaKristu bazithoba ebuholini bukaKristu
[Izithombe ekhasini 29]
Kunezindlela eziningi zokubonisa ukuzithoba kwethu kubelusi abamiswe uJehova