Isahluko Sesishiyagalombili
Wophulwa Emilonyeni Yezingonyama!
1, 2. (a) UDariyu umMede wawuhlela kanjani umbuso wakhe owase wandile? (b) Chaza imisebenzi negunya lababusi bezifundazwe.
IBABILONI lase liwile! Ubukhazikhazi balo obabuhlale ikhulu leminyaka liwumbuso wezwe base buphele nyá, ngamahora ambalwa nje. Kwase kuqala inkathi entsha—inkathi yamaMede namaPheresiya. UDariyu umMede, owalandela uBelishasari esihlalweni sobukhosi, manje wayebhekene nenselele yokuhlela umbuso wakhe owase wandile.
2 Omunye wemisebenzi yokuqala uDariyu ayenza kwakuwukumisa ababusi bezifundazwe abangu-120. Kunenkolelo yokuthi labo ababemisiwe ngezinye izikhathi babekhethwa ezihlotsheni zenkosi. Noma ngabe yikuphi, umbusi wesifundazwe ngamunye wayebusa isifundazwe esikhulu noma ingxenyana encane yombuso. (Daniyeli 6:1) Imisebenzi yakhe yayihlanganisa ukuqoqa izintela nokuthumela imali esigodlweni. Nakuba abameleli benkosi ababehambela umbusi wesifundazwe babehlolisisa akwenzayo ngeso elibukhali, umbusi wesifundazwe wayenegunya elikhudlwana. Isiqu sakhe sisho ukuthi “umvikeli woMbuso.” Umbusi wesifundazwe wayebhekwa njengenkosi engaphansi esifundazweni sakhe, enamandla angaphansi kwawombusi omkhulu.
3, 4. UDariyu wayemthandelani uDaniyeli, futhi wamnika siphi isikhundla?
3 UDaniyeli wayeyofeza yiphi ingxenye kulolu hlelo olusha? Ingabe uDariyu umMede wayeyomdiliza lo mprofethi osekhulile ongumJuda manje owayeseneminyaka eyevile kwengu-90? Lutho! Cishe uDariyu wayazi ukuthi uDaniyeli wayekubikezele ngokunembile ukuwa kweBabiloni nokuthi ukubikezela okunjalo kwakudinga ukuqonda okuvela emandleni angaphezu kwawomuntu. Ngalé kwalokho, uDaniyeli wayesenamashumi eminyaka esebenzelana nemiphakathi ehlukahlukene yezithunjwa eBabiloni. UDariyu wayezimisele ukugcina ubuhlobo obunokuthula nezikhonzi zakhe ayesanda kuzinqoba. Ngakho, wayezomdinga ngempela umuntu ohlakaniphile nonolwazi njengoDaniyeli ukuba abe seduze naye. Abe kusiphi isikhundla?
4 Kwakungaba isimanga impela ukumisa kukaDariyu isithunjwa esingumJuda uDaniyeli sibe umbusi wesifundazwe. Kodwa cabanga ngesidumo esasuka lapho uDariyu ememezela ukuthi unqume ukwenza uDaniyeli omunye wabengameli abathathu ababezophatha ababusi bezifundazwe! Akukhona lokho kuphela, kodwa uDaniyeli ‘wayeya ebadlula,’ ezibonakalisa enesimo esihle kakhulu kunozakwabo. Ngempela, kwatholakala “umoya ongavamile” kuye. UDariyu wayehlose ngisho nokumenza undunankulu.—Daniyeli 6:2, 3.
5. Kumelwe ukuba abanye abengameli nababusi bezifundazwe bazizwa kanjani ngokumiswa kukaDaniyeli, futhi ngani?
5 Kumelwe ukuba ozakwabo nababusi bezifundazwe babethukuthele bethelwa ngamanzi. Phela, babengeke bayimele indaba yokuthi uDaniyeli—owayengeyena umMede noma umPheresiya, engelona nanelungu lasebukhosini—abe negunya phezu kwabo! UDariyu wayengambeka kanjani umuntu wokuhamba esikhundleni esivelele kangaka, ayeke abantu bakubo, ngisho nabozalo lwakhe imbala? Kumelwe ukuba lesi senzo sabonakala siwukwenzelela. Ngaphezu kwalokho, cishe ababusi bezifundazwe babebheka ubuqotho bukaDaniyeli njengesiphazamiso emikhubeni yabo yokukhwabanisa nokonakala. Nakuba kunjalo, abengameli nababusi bezifundazwe abazange balokothe baye kuDariyu ngale ndaba. Phela, uDaniyeli wayengaconsi phansi kuDariyu.
6. Abengameli nababusi bezifundazwe bazama kanjani ukugxibha uDaniyeli, futhi kungani lo mzamo waba yize?
6 Ngakho lezi zazi zezombangazwe ezinomona zakha uzungu zizodwa. Zazama “ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso.” Kwakungenzeka yini kube nephutha endleleni ayesingatha ngayo imithwalo yakhe yemfanelo? Ingabe wayengathembekile? Abengameli nababusi bezifundazwe abatholanga nelincane iphutha noma inkohlakalo endleleni uDaniyeli ayephatha ngayo imisebenzi yakhe. “Asiyikuthola-lutho ngoDaniyeli,” becabanga, “uma singalutholi kokuqondene nomthetho kaNkulunkulu wakhe.” Kwenzeka kanjalo-ke ukuba la madoda akhohlakele akhe icebo elithile. Ayecabanga ukuthi kuzophela nyá ngoDaniyeli.—Daniyeli 6:4, 5.
ICEBO ELIYINGOZI LIYASETSHENZISWA
7. Yisiphi isiphakamiso abengameli nababusi bezifundazwe abasenza enkosini, futhi basenza ngayiphi indlela?
7 Ithimba labengameli nababusi bezifundazwe laya kuDariyu “langena liyisixuku.” Le nkulumo yesi-Aramu inomqondo wokuxokozela. Ngokusobala, la madoda ashaya sengathi ayenendaba ephuthumayo okwakufanele ayethule kuDariyu. Acabanga ukuthi cishe wayengeke ayisole indaba yawo uma eyethula ngokuqiniseka futhi eyibeka njengedinga ukuthathelwa isinyathelo ngokushesha. Ngakho, avele ahlala endabeni, athi: “Bonke abengameli bombuso, nababusi, nezikhulu, nabomkhandlu, nezinduna balulekene kanyekanye ukuba kumiswe isimiso senkosi, kumenyezelwe isiyalezo esiqinileyo sokuthi yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.”a—Daniyeli 6:6, 7.
8. (a) Kungani lo mthetho owawusikiselwa wawungamkhanga uDariyu? (b) Yayiyini inhloso yangempela yabengameli nababusi bezifundazwe?
8 Imibhalo yezomlando iqinisekisa ukuthi kwakuvamile ukuba amakhosi aseMesopotamiya abhekwe futhi akhulekelwe njengawonkulunkulu. Ngakho akungabazeki ukuthi lesi sicelo samvala amehlo uDariyu. Kungenzeka wabona nesici esiwusizo kuso. Khumbula, kulabo ababehlala eBabiloni, uDariyu wayengowesinye isizwe futhi engumafikizolo. Lo mthetho omusha wawuzokwenza kungangatshazwa ukuthi uyinkosi, futhi wawuzokhuthaza abaningi abahlala eBabiloni ukuba babubonise obala ubuqotho babo nokusekela kwabo umbuso omusha. Nokho, ngokuphakamisa lo mthetho, abengameli nababusi babengeve bekhathalela inhlalakahle yenkosi. Inhloso yabo yangempela kwakuwukucupha uDaniyeli, ngoba babazi ukuthi unomkhuba wokuthandaza kuNkulunkulu kathathu ngosuku phambi kwamafasitela avuliwe ekamelo lakhe elisophahleni.
9. Kungani lo mthetho omusha wawungeke ubadalele inkinga abangemaJuda?
9 Ingabe lokhu kuvinjelwa kokuthandaza kwakuzozidalela inkinga ezinye izinkolo eBabiloni? Kwakungeke, ikakhulukazi ngoba lokhu kwenqatshelwa kwakuzothatha inyanga nje kuphela. Ngaphezu kwalokho, bambalwa abangemaJuda ababeyokubheka njengokuhlehla okholweni ukukhulekela umuntu othile okwesikhathi esithile. Esinye isazi seBhayibheli siyaphawula: “Ukukhulekela inkosi kwakungadingi ukuba lesi sizwe esikhulekela izithombe kangaka senze okuhlukile; ngakho-ke lapho abaseBabiloni kuthiwa abanikeze umnqobi—uDariyu umMede—inhlonipho efanele unkulunkulu, bavumela phezulu. AmaJuda kuphela angahambisananga nalokho.”
10. AmaMede namaPheresiya ayewubheka kanjani umthetho owawushaywe inkosi yawo?
10 Kunoma yikuphi, izivakashi zikaDariyu zamnxusa ukuba ‘amemezele umyalezo, alobe umbhalo ukuba ungaguqulwa, ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.’ (Daniyeli 6:8) EMpumalanga yasendulo, intando yenkosi ngokuvamile yayibhekwa njengengenakuphikiswa. Lokhu kwakusakaza umqondo wokuthi ayilenzi iphutha. Ngisho nomthetho owawungaholela ekufeni kwabantu abangenacala kwakumelwe uqhubeke usebenza!
11. UDaniyeli wawuzomthinta kanjani umthetho kaDariyu?
11 UDariyu wawusayina lo mthetho, wangacabanga ngoDaniyeli. (Daniyeli 6:9, qhathanisa ne-NW.) Ngokwenza kanjalo, engazi wasayina imvume yokubulawa kukamengameli wakhe ayemazisa kunabo bonke. Yebo, lo mthetho wawuzomthinta nakanjani uDaniyeli.
UDARIYU UPHOQELEKA UKUBA AKHIPHE ISAHLULELO ESIBI
12. (a) UDaniyeli wenzani lapho nje ezwa ngomthetho omusha? (b) Obani ababegade uDaniyeli futhi babemgadeleni?
12 Ngokushesha uDaniyeli wezwa ngalo mthetho ovimbela ukuthandaza. Masinyane wangena endlini yakhe waya ekamelweni elisophahleni, lapho amafasitela ayevulekele ngaseJerusalema.b Elapho, uDaniyeli waqala ukuthandaza kuNkulunkulu “njengalokho enzile kuqala.” Kungenzeka ukuthi uDaniyeli wayecabanga ukuthi uyedwa, kodwa abakhi bozungu babemgadile. Ngokuphazima kweso, ‘babuthana,’ mhlawumbe bethokoze ngendlela ababethokoze ngayo lapho beya kuDariyu. Manje base bezibonela ngawabo—uDaniyeli ‘wayekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.’ (Daniyeli 6:10, 11) Abengameli nababusi babenabo bonke ubufakazi ababebudinga ukuze bamangalele uDaniyeli enkosini.
13. Izitha zikaDaniyeli zabikani enkosini?
13 Izitha zikaDaniyeli zabuza uDariyu ngobuqili: “Asithi ulobile isiyalezo sokuthi yilowo nalowo ocela nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela kuwe nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” UDariyu waphendula wathi: “Iqinisile leyo nto ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Abakhi bozungu bavele bahlala endabeni. “UDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda akakunaki wena nkosi, nesiyalezo osilobileyo, kepha uyacela isicelo sakhe kathathu ngosuku.”—Daniyeli 6:12, 13.
14. Ngokobufakazi obutholakalayo, kungani abengameli nababusi bezifundazwe babiza uDaniyeli ngokuthi ‘ungowabathunjwa bakwaJuda’?
14 Kuyaphawuleka ukuthi abengameli nababusi bezifundazwe babiza uDaniyeli ngokuthi ‘ungowabathunjwa bakwaJuda.’ Ngokobufakazi obutholakalayo, babefuna ukugcizelela ukuthi lo Daniyeli uDariyu ayesemphakamise wavelela kangaka, empeleni wayeyisigqila nje esingumJuda. Babekholelwa ukuthi ngenxa yalokho, wayengengaphezu komthetho—kungakhathaliseki ukuthi inkosi izizwa kanjani ngaye!
15. (a) UDariyu wazamukela kanjani izindaba ayezilethelwe abengameli nababusi bezifundazwe? (b) Abengameli nababusi bezifundazwe babuye bakubonisa kanjani ukuthi bayamenyanya uDaniyeli?
15 Mhlawumbe abengameli nababusi bezifundazwe babelindele ukuba inkosi ibahlomulise ngomsebenzi wabo wobunhloli onobuqili. Uma kunjalo, babeshaye phansi. Izindaba ababemlethele zona zamkhathaza kakhulu uDariyu. Kunokuba acasukele uDaniyeli noma asheshe athi akaphonswe emphandwini wezingonyama, uDariyu wachitha usuku lonke ezama ukumsindisa. Kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Kungakapholi maseko, babuya abakhi bozungu, futhi ngaphandle kwamahloni, bafuna igazi likaDaniyeli ngenkani.—Daniyeli 6:14, 15.
16. (a) Kungani uDariyu ayemhlonipha uNkulunkulu kaDaniyeli? (b) Yiliphi ithemba uDariyu ayenalo ngokuqondene noDaniyeli?
16 UDariyu waba nomuzwa wokuthi akukho ayengakwenza. Lo mthetho wawungenakuguqulwa, kanti ‘nephutha’ likaDaniyeli lalingenakuxolelwa. UDariyu wamane wathi nje kuDaniyeli “uNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.” UDariyu wabonakala emhlonipha uNkulunkulu kaDaniyeli. KwakunguJehova owayenze uDaniyeli wakwazi ukubikezela ukuwa kweBabiloni. UNkulunkulu wayenikeze uDaniyeli ‘nomoya ongavamile’ owawumenza ahluke kwabanye abengameli. Mhlawumbe uDariyu wayazi ukuthi emashumini eminyaka adlule yena lo Nkulunkulu wayesindise intsha entathu engamaHeberu esithandweni somlilo. Cishe inkosi yayithemba ukuthi uJehova manje uzomsindisa uDaniyeli, ngoba uDariyu wayengasakwazi ukuguqula umthetho ayesewusayinile. Ngakho, uDaniyeli waphonswa emphandwini wezingonyama.c Kwabe ‘sekulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.’—Daniyeli 6:16, 17.
UKUSHINTSHA KWEZIMO OKUPHAWULEKAYO
17, 18. (a) Yini ebonisa ukuthi uDariyu wayekhathazekile ngesimo uDaniyeli ayekuso? (b) Kwenzekani lapho inkosi iphindela emphandwini wezingonyama ngakusasa ekuseni?
17 UDariyu odangele uphindela esigodlweni sakhe. Akulethwanga bahlabeleli phambi kwakhe ngoba wayengekho esimweni sokuzijabulisa. Kunalokho, uDariyu waqwasha ubusuku bonke, ezilile. ‘Ubuthongo bambalekela.’ Ekuseni ngovivi, uDariyu waphuthuma emphandwini wezingonyama. Wamemeza ngephimbo elidabukile: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?” (Daniyeli 6:18-20) Wabamba ongezansi futhi kwathí gidi lapho ezwa impendulo!
18 “Mana njalo, nkosi.” Ngalokhu kubingelela kwenhlonipho, uDaniyeli wabonisa ukuthi wayengafukamele mizwa yobutha ngenkosi. Wayeqaphela ukuthi ukushushiswa kwakhe kwakungaveli kuDariyu kodwa kubengameli nababusi abanomona. (Qhathanisa noMathewu 5:44; IzEnzo 7:60.) UDaniyeli waqhubeka: “UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”—Daniyeli 6:21, 22.
19. Abengameli nababusi bezifundazwe babemkhohlise futhi bamthonya kanjani uDariyu?
19 Yeka indlela okumelwe ukuba lawo mazwi awuntinyela ngayo unembeza kaDariyu! Sonke lesi sikhathi wayazi ukuthi uDaniyeli wayengenzanga lutho olwalungamenza afanelwe ukuphonswa emphandwini wezingonyama. UDariyu wayeqaphela ukuthi abengameli nababusi bezifundazwe babakhe uzungu lokuba uDaniyeli abulawe nokuthi babethonye inkosi ukuze bafeze izifiso zabo. Ngokugcizelela kwabo ukuthi “bonke abengameli bombuso” (Omalukeke sizenzele.) babevumelana nokumiswa kwalo mthetho, babesho ukuthi noDaniyeli wayethintiwe ngale ndaba. UDariyu wayezobuye awabone la madoda angamaqili. Okokuqala, wayala ukuba uDaniyeli akhishwe emphandwini wezingonyama. Kwakwenzeke isimanga, uDaniyeli wayengenamyocu!—Daniyeli 6:23.
20. Yini eyenzeka ezitheni zikaDaniyeli ezinezinhliziyo ezimbi?
20 Manje njengoba uDaniyeli ayesephephile, kunenye into uDariyu okwakufanele ayinakekele. “Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.”d—Daniyeli 6:24.
21. Ngokuqondene namalungu emikhaya yabenzi bobubi, yimuphi umehluko owawukhona phakathi koMthetho KaMose nemithetho yeminye imiphakathi yasendulo?
21 Ukubulala abakhi bozungu kanye nomkabo nabantwana kungabonakala kuyisihluku esingadingekile. Ngakolunye uhlangothi, uMthetho uNkulunkulu ayewunikeze ngomprofethi uMose wawuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.” (Duteronomi 24:16) Noma kunjalo, kweminye imiphakathi yasendulo, kwakuvamile ukuba amalungu omkhaya abulawe kanye nomenzi wobubi, lapho kwenziwe ubugebengu obukhulu. Mhlawumbe lokhu kwakwenzelwa ukuba amalungu omkhaya angaziphindiseleli kamuva. Nokho, ngokuqinisekile lesi senzo esenziwa emikhayeni yabengameli neyababusi asenziwanga uDaniyeli. Cishe naye wayekhathazekile ngenxa yosizi la madoda akhohlakele ayelulethele imikhaya yawo.
22. Yisiphi isimemezelo esisha esakhishwa uDariyu?
22 Laba bengameli nababusi abakhohlakele base bengasekho. UDariyu wakhipha isimemezelo esasithi: “Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni. Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”—Daniyeli 6:25-27.
KHONZA UNKULUNKULU NJALO
23. Yisiphi isibonelo esabekwa uDaniyeli ngokuqondene nomsebenzi wokuziphilisa, futhi singamlingisa kanjani?
23 UDaniyeli wazibekela isibonelo esihle zonke izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla. Ukuziphatha kwakhe kwakungenasici njalo nje. Emsebenzini wakhe wokuziphilisa, uDaniyeli “wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.” (Daniyeli 6:4) Ngendlela efanayo, umKristu kufanele akhuthale lapho eqashwe khona. Lokhu akusho ukuba yisigqila sebhizinisi, ukuba ngumuntu ophishekela ingcebo yezinto ezibonakalayo noma osizakala ngabanye ukuze azikhuphule. (1 Thimothewu 6:10) ImiBhalo ithi umKristu kufanele afeze izibopho zakhe zokuziphilisa ngokwethembeka nangomphefumulo wonke, ‘njengokungathi wenzela uJehova.’—Kolose 3:22, 23; Thithu 2:7, 8; Heberu 13:18.
24. UDaniyeli wazibonakalisa kanjani ukuthi akayekethisi endabeni yokukhulekela?
24 UDaniyeli akazange ayekethise ekukhulekeleni kwakhe. Umkhuba wakhe wokuthandaza wawaziwa emphakathini. Kanti nabengameli nababusi babazi kahle kamhlophe ukuthi uDaniyeli wayekubheka njengokubalulekile ukukhulekela kwakhe. Ngempela, babeqiniseka ukuthi ngeke awuyeke lo mkhuba ngisho noma umthetho uwenqabela. Yeka isibonelo esihle kumaKristu anamuhla! Nawo anedumela lokubeka ukukhulekela kukaNkulunkulu kuqala. (Mathewu 6:33) Abantu abaseceleni kufanele basheshe bakubone lokhu, ngoba uJesu wayala abalandeli bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—Mathewu 5:16.
25, 26. (a) Abanye bangase baphethe ngokuthini mayelana nenkambo kaDaniyeli? (b) Kungani uDaniyeli abheka ushintsho endleleni yakhe yokwenza izinto njengolungase lufane nokuhlehla?
25 Abanye bangase bathi uDaniyeli wayengakugwema ukushushiswa ngokuba athandaze kuJehova ekusithekeni izinsuku ezingu-30. Angithi akukho ndlela ekhethekile yokuma komzimba noma indawo ethile edingekayo ukuze uNkulunkulu akuzwe. Ukwazi ngisho nokubona izizindlo zenhliziyo. (IHubo 19:14) Nokho, uDaniyeli wabheka noma iluphi ushintsho endleleni yakhe yokwenza izinto njengolufana nokuhlehla. Ngani?
26 Njengoba umkhuba kaDaniyeli wokuthandaza wawaziwa kangaka, ukuyeka kwakhe ngokungazelele kwakuyosho ukuthini? Ababembona babengaphetha kufanele ngokuthi uDaniyeli usaba umuntu nokuthi umthetho wenkosi ungaphezu kokaJehova. (IHubo 118:6) Kodwa uDaniyeli wabonisa ngezenzo zakhe ukuthi wayezinikele kuJehova kuphela. (Duteronomi 6:14, 15; Isaya 42:8) Yebo, ngokwenza lokhu uDaniyeli wayengeve edelela umthetho wenkosi. Engazange futhi abe yigwala ahlehle. UDaniyeli wamane waqhubeka ethandaza ekamelweni lakhe elisophahleni, ‘njengalokho ayenzile kuqala’ singakaphumi isimemezelo senkosi.
27. Izinceku zikaNkulunkulu namuhla zingafana kanjani noDaniyeli (a) ngokuzithoba emagunyeni aphakeme? (b) ngokuhlonipha uNkulunkulu njengombusi kunabantu? (c) ngokuzama ukuhlalisana ngokuthula nabantu bonke?
27 Izinceku zikaNkulunkulu namuhla zingafunda esibonelweni sikaDaniyeli. Ziyaqhubeka ‘zizithoba phansi kwamandla ombuso,’ zilalela imithetho yezwe ezihlala kulo. (Roma 13:1) Kepha lapho imithetho yomuntu ingqubuzana nekaNkulunkulu, abantu bakaJehova bathatha ukuma okunjengokwabaphostoli bakaJesu, ngesibindi abathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Ngokwenza kanjalo, amaKristu asuke engagqugquzeli ubushokobezi noma ukuvukela. Kunalokho, injongo yawo iwukuphila ngokuthula nabantu bonke ukuze ‘aqhubeke ephila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele.’—1 Thimothewu 2:1, 2; Roma 12:18.
28. UDaniyeli wamkhonza kanjani uJehova “njalo”?
28 Kwaze kwaba kabili uDariyu ethi uDaniyeli ukhonza uNkulunkulu “njalo.” (Daniyeli 6:16, 20) Isiqu sesi-Aramu segama elihunyushwe ngokuthi “njalo” sisho “ukuzungeza.” Sisikisela umqondo wesiyingi esinganqamuki, noma okuthile okungapheli. Ubuqotho bukaDaniyeli babunjalo. Babulandela inkambo ethile. Kwakungekho ukungabaza ngokuthi yini uDaniyeli ayezoyenza lapho ebhekene novivinyo, luluncane noma lulukhulu. Wayezoqhubeka nenkambo ayezibekele yona emashumini eminyaka ngaphambili—inkambo yobuqotho nokwethembeka kuJehova.
29. Izinceku zikaJehova namuhla zingazuza kanjani enkambweni kaDaniyeli yokukholeka?
29 Izinceku zikaNkulunkulu zanamuhla zifuna ukulandela inkambo kaDaniyeli. Empeleni, umphostoli uPawulu weluleka wonke amaKristu ukuba acabangele isibonelo samadoda akudala ayesaba uNkulunkulu. Ngokholo, ‘enza ukulunga, athola izithembiso,’ futhi—ngokusobala kushiwo kuDaniyeli—‘avala imilomo yezingonyama.’ Njengezinceku zikaJehova namuhla, masibonise ukholo nokungaguquki kukaDaniyeli, “siwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.”—Heberu 11:32, 33; 12:1.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuba khona “komphandu wezingonyama” eBabiloni kusekelwa ubufakazi bemibhalo yasendulo ebonisa ukuthi ababusi baseMpumalanga ngokuvamile babenezindawo abagcina kuzo izilwane zasendle.
b Ikamelo elisophahleni kwakuyikamelo langasese umuntu ayengaziphumulela kulo uma engafuni ukuphazanyiswa.
c Kungenzeka ukuthi umphandu wezingonyama wawuyigumbi elinembobo phezulu. Cishe lalinamasango ayengase avulwe ukuze kungene izilwane.
d Igama elithi “ayemangalele” lihunyushwe egameni lesi-Aramu elingase lihunyushwe nangokuthi “ayenyundele.” Lokhu kuqokomisa inhloso enonya yezitha zikaDaniyeli.
YINI OYIZUZILE?
• Kungani uDariyu umMede akhetha ukusebenzisa uDaniyeli esikhundleni esiphezulu?
• Yiliphi iqhinga elakhiwa abengameli nababusi bezifundazwe? UJehova wamophula kanjani uDaniyeli?
• Yini oyifundile ngokunaka isibonelo sikaDaniyeli sokukholeka?
[Isithombe esigcwele ikhasi 114]
[Isithombe esigcwele ikhasi 121]
[Isithombe ekhasini 127]
UDaniyeli wakhonza uJehova “njalo.” Wena?