ISAHLUKO SESIKHOMBISA
Khonza UJehova Ngokwezindinganiso Zakhe Eziphakeme
1. Abantu baseJerusalema osukwini lukaZefaniya babezizwa kanjani ngezindinganiso zikaJehova?
“UJEHOVA ngeke akwenze okuhle, futhi ngeke akwenze okubi.” Babezizwa kanjalo abantu baseJerusalema osukwini lukaZefaniya. Babecabanga ukuthi akukho zindinganiso uJehova ayelindele ukuba baphile ngazo. UZefaniya wathi ‘bajiyile enhleseni yabo,’ okuyizinhlayiya ezizika phansi ewayinini eligciniwe. Wayesho ukuthi abantu babefuna ukuziphilela ntofontofo, bangaphazanyiswa izimemezelo zaphezulu zokuthi uNkulunkulu uzongenela ezindabeni zabo. Nakuba kwakunjalo, uNkulunkulu watshela lawo maJuda ukuthi ‘uyolihlola ngokucophelela iJerusalema ngezibani’ futhi ‘anake’ lawo ayengazishayi mkhuba izindinganiso zakhe. Yebo, uJehova unazo izindinganiso futhi unendaba nokuthi abantu bakhe bazibheka kanjani.—Zefaniya 1:12.
2. Endaweni yangakini, kubhekwa kanjani ukuba nezindinganiso?
2 Nanamuhla, abantu abaningi abafuni nakuyizwa indaba yokuphila ngezindinganiso. Ungase ubezwe bethi, “Yenza okuthandayo wena!” Abanye bathi, ‘Uma ngingenayo imali eyanele noma ngingazitholi izinto engizifunayo, kulungile ukwenza noma yini edingekile ukuze ngishintshe leso simo.’ Abanandaba nokuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani noma ukuthi yini ayifunayo kubo. Wena-ke? Ingabe kuyakujabulisa ukuthi uMdali ubeke izindinganiso?
3, 4. Kungani ukwazisa ukuba nezindinganiso?
3 Abaningi abangawufuni umqondo wokuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu bazamukela ngaphandle kokuthandabuza izindinganiso zabantu ezicini ezihlukahlukene zokuphila. Ngokwesibonelo, cabanga ngamanzi. Ohulumeni abaningi babeka izindinganiso zokuhlanzeka kwamanzi asetshenziswayo. Kuthiwani uma lezo zindinganiso ziphansi kakhulu? Kungase kubangele isifo sohudo nezinye izifo ezitholakala emanzini, eziphatha ikakhulu izingane. Kodwa cishe uyazuza ezindinganisweni eziphakeme ezibekiwe zamanzi okuphuza. “Ukube bezingekho izindinganiso, besiyosheshe sibone,” kusho inhlangano i-International Organization for Standardization. “Asivamile ukuqaphela indima efezwa izindinganiso ekuthuthukiseni izinga lezinto ezithile, ukuphepha, ukwethembeka, ukuhambelana kwezinto (ngoba zisuke zinezindinganiso ezifanayo)—nendima eziyifezayo ekwenzeni lezi zinto zitholakale ngamanani aphansi.”
4 Uma uvuma ukuthi kuyasiza ukuba nezindinganiso ezicini ezihlukahlukene zokuphila, akukhona yini ukuhlakanipha ukulindela ukuba uNkulunkulu abekele abantu ababizwa ngegama lakhe izindinganiso eziphakeme?—IzEnzo 15:14.
INGABE IZINDINGANISO ZAPHEZULU ZIYAFINYELELEKA?
5. Esebenzisa u-Amose, uJehova wakubonisa kanjani ukubaluleka kokuhlangabezana nezindinganiso zaKhe?
5 Lapho wakha indlu, izindinganiso zibalulekile. Uma kunodonga olungaqondile, sonke isakhiwo singase sitsheke. Noma izikhala ezisezindongeni zingase zenze kungahlaleki kuleyo ndlu. Yilelo iphuzu lombono owatholwa u-Amose owaprofetha ekhulwini lesishiyagalolunye B.C.E., ngokuqondene nesimo sezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli. Wabona uJehova emi phezu kodonga “esandleni sakhe kukhona umthofu wokuqondisa.” UNkulunkulu wathi: “Bheka ngimisa umthofu wokuqondisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli. Ngeke kusaba khona okunye ukuxolela futhi.” (Amose 7:7, 8) Umthofu wokuqondisa unesigaxa somthofu esilenga entanjeni; usetshenziselwa ukubona ukuthi udonga luqondile yini. Udonga olungokomfanekiso u-Amose abona uJehova emi kulo ‘lwalwenziwe ngomthofu wokuqondisa.’ Lolu donga lwaluqonde thwí. Nokho, ngosuku luka-Amose ama-Israyeli ayengasaqondile ngokomoya—ayesefana nodonga olutshekile oludinga ukudilizwa ngaphambi kokuba luwe.
6. (a) Yiliphi iphuzu eliyinhloko ezincwadini zabaprofethi abangu-12? (b) Yini ekwenza uthi izindinganiso zikaNkulunkulu ziyafinyeleleka?
6 Njengoba utadisha izincwadi zabaprofethi abangu-12, nanti iphuzu elizovela njalo: Kusemqoka ukuzivumelanisa nezindinganiso zikaNkulunkulu. Akuzona zonke izigijimi ezikulezi zincwadi ezazilahla abantu ababengazivumelanisi nezindinganiso eziphakeme zikaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi, uJehova wayethi uma ehlola abantu bakhe athole ukuthi bayahlangabezana nazo. Ukuthi babekwazi ukukwenza lokho kufakazela ukuthi izindinganiso zakhe ziyafinyeleleka; abantu abangaphelele njengathi bangahlangabezana nazo. Cabanga ngalesi sibonelo.
7. UZakariya usisiza kanjani ukuba sibone ukuthi abantu abangaphelele bangakwazi ukufinyelela izindinganiso zikaJehova?
7 Ngemva kokuba amaJuda abuya ekuthunjweni esesibekile isisekelo sethempeli, umsebenzi wokwakha kabusha wama nsé. Ngakho uNkulunkulu wathuma abaprofethi bakhe uHagayi noZakariya ukuba bayogqugquzela abantu ukuba bawuqale kabusha umsebenzi. Komunye umbono kaZakariya, uJehova wachaza uZerubhabhele, umbusi wakwaJuda, wathi “esandleni sakhe kukhona umthofu wokuqondisa” ngesikhathi ebeka itshe eliyinhloko elalibonisa ukuthi umsebenzi usuphothuliwe. Ithempeli lakhiwa ngokuvumelana nezindinganiso zaphezulu. (Zakariya 4:10) Kodwa cabanga ngalesi sici esithakazelisayo mayelana nethempeli eseliphothuliwe: “Lawa ayisikhombisa angamehlo kaJehova. Ayaqalaza emhlabeni wonke.” UNkulunkulu wabona uZerubhabhele ebeka itshe eliyinhloko endaweni yalo, futhi njengoba ekwazi ukubona yonke into, wabona ukuthi leli thempeli elakhiwe kabusha lalakhiwe ngendlela ayifunayo, ngezindinganiso zaKhe! Iphuzu liwukuthi nakuba uJehova enezindinganiso eziphakeme, abantu bangazifinyelela. UZerubhabhele nabantu bakhe babekwazile ukukwenza lokho, bekhuthazwe uHagayi noZakariya. NjengoZerubhabhele, nawe ungakufinyelela lokho uNkulunkulu akulindele kuwe. Yeka indlela okusiqinisekisa ngayo ukwazi lokho!
KUNGANI KUMELWE WAMUKELE IZINDINGANISO ZIKAJEHOVA?
8, 9. (a) Kungani kufaneleka ukuba uJehova abekele abantu izindinganiso? (b) Kungani kwakufaneleka ukuba uNkulunkulu alindele ukuba ama-Israyeli agcine imiyalo yakhe?
8 NjengoMdali, uNkulunkulu unelungelo lokubekela isintu izindinganiso nelokulindela ukuba sizigcine. (IsAmbulo 4:11) Akudingeki ukuba asitshele konke ngoba wanika abantu unembeza njengesiqondiso esiwusizo. (Roma 2:14, 15) UNkulunkulu watshela abantu bokuqala ukuba bangadli ‘emthini wolwazi lokuhle nokubi,’ owawumelela ilungelo lakhe lokubeka izindinganiso zokuhle nokubi. Uyakwazi okwenzeka. (Genesise 2:17; 3:1-19) Ebhekisela ekukhetheni okubi kuka-Adamu, uHoseya wabhala: ‘[Ama-Israyeli] wona njengomuntu wasemhlabeni, aseqile isivumelwano.’ (Hoseya 6:7) Ngala mazwi uHoseya ubonisa ukuthi isono sama-Israyeli kwakungesamabomu.
9 Sasiyini leso sono? “Basephulile isivumelwano [soMthetho].” (New International Version) Ngokukhulula abantu bakhe eGibhithe, uNkulunkulu waba umnikazi wabo futhi ngokusobala wayenalo ilungelo lokubabekela izindinganiso. Ama-Israyeli asamukela isivumelwano noJehova, kanjalo evuma ukuphila ngalezo zindinganiso. (Eksodusi 24:3; Isaya 54:5) Noma kunjalo, amaningi ehluleka ukugcina uMthetho. Aba necala lokuchitha igazi, ukubulala, nokufeba.—Hoseya 6:8-10.
10. UNkulunkulu wazama kanjani ukusiza abantu abahluleka ukugcina izindinganiso zakhe?
10 UJehova wathuma abaprofethi abanjengoHoseya ukuba bayosiza abantu baKhe abazinikezele. Esiphethweni sencwadi yakhe yesiprofetho, uHoseya wathi: “Ngubani ohlakaniphile, ukuba aqonde lezi zinto? Oqondayo, ukuba azazi? Ngoba izindlela zikaJehova ziqondile, futhi ngabalungileyo abayohamba kuzo; kodwa izeqamthetho zona, yizo eziyokhubeka kuzo.” (Hoseya 14:9) Ekuqaleni kukaHoseya isahluko 14, sithola ukuthi waqokomisa isidingo sokubuyela kuJehova. Abahlakaniphileyo babeyoqonda ukuthi uJehova uveza izindlela eziqondile abantu bakhe okufanele bahambe ngazo. Njengenceku kaNkulunkulu ezinikezele, akungabazeki ukuthi ufuna ngobuqotho ukuhlala usendleleni eqondile, uhamba ezindleleni zikaJehova.
11. Kungani ufuna ukugcina imiyalo kaNkulunkulu?
11 UHoseya 14:9 usibonisa nemiphumela emihle yokulandela indlela eqondile. Izibusiso nezinzuzo zitholakala ngokufinyelela izimfuneko zikaNkulunkulu. NjengoMdali, uyakwazi ukwakheka kwethu. Lokho akulindele kithi kuzuzisa thina. Ukuze sifanekise ubuhlobo bethu noNkulunkulu, singase sicabange ngemoto nomakhi wayo. Umakhi uyazi ukuthi iklanywe futhi yahlanganiswa kanjani. Uyazi ukuthi idinga ukushintshwa uwoyela ngezikhathi ezithile. Kungenzekani uma ungayinaki leyo ndinganiso, mhlawumbe uthi, isahamba kahle nje? Injini ingasheshe iguge futhi ife. Kunjalo nangabantu. UMdali wethu usinike imiyalo. Ukuyigcina kuzuzisa thina. (Isaya 48:17, 18) Ukuqonda ukuthi izindinganiso ziyasizuzisa kusinikeza isizathu esengeziwe sokuphila ngazo, sigcine imiyalo yakhe.—IHubo 112:1.
12. Ukuhamba ngegama likaNkulunkulu kungabuqinisa kanjani ubuhlobo bethu naye?
12 Umvuzo omkhulu kunayo yonke wokugcina imiyalo kaNkulunkulu uwukuba nesibopho esiqine ngokwengeziwe noNkulunkulu. Uma siphila ngezindinganiso zakhe futhi sibona ukuthi ziyafinyeleleka nokuthi ziyazuzisa, uthando lwethu ngoMsunguli wazo luyajula. Umprofethi uMika wabuchaza kamnandi lobo buhlobo obujulile: “Zonke izizwe, ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso; kodwa thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.” (Mika 4:5) Yeka ilungelo esinalo lokuhamba ngegama likaJehova, siliphakamise futhi siqaphele igunya lakhe ekuphileni kwethu! Kuyobe sekuzenzakalela ukuba sifune ukubonakalisa izimfanelo zakhe. Ngamunye kithi makaqinise ubuhlobo bakhe noNkulunkulu.—IHubo 9:10.
13. Kungani ukwesaba igama likaNkulunkulu kungeyona into engafanele noma embi?
13 Abantu abaphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu futhi bahambe ngegama lakhe kuthiwa besaba igama likaNkulunkulu. Akuyona into engafanele noma embi leyo. UJehova uyabaqinisekisa abanjalo: “Ilanga lokulunga liyophumela kini, nina enilesabayo igama lami, linokuphulukisa emaphikweni alo; empeleni niyophuma niqebekule inhlabathi njengamathole akhuluphalisiwe.” (Malaki 4:2) Ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho, “ilanga lokulunga” linguJesu Kristu. (IsAmbulo 1:16) Manje ukhipha ukukhanya okuphulukisayo ngokomoya, ekugcineni uyokhipha ukukhanya okuyophulukisa isintu ngokwenyama. Injabulo yabaphulukisiwe ifaniswa neyamathole akhuluphalisiwe ‘aphuma aqebekule inhlabathi,’ etshakadula futhi egxumagxuma ngoba esekhululekile. Ingabe wena awukayinambithi leyo nkululeko ngokwezinga elikhulu?—Johane 8:32.
14, 15. Yiziphi izindlela ozuza ngazo ngokunamathela ezindinganisweni zikaJehova?
14 Enye indlela ongazuza ngayo ngokunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu iwukuba nobuhlobo obungcono nabanye abantu. UHabakuki wamemezela omaye abayisihlanu—kubantu ababehaha, befuna inzuzo yokungathembeki, bechitha igazi, beceba ukwenza izenzo ezimbi zobulili, nalabo ababekhonza izithombe. (Habakuki 2:6-19) Iqiniso lokuthi uJehova wamemezela labo maye libonisa ngokucacile ukuthi ubeke izindinganiso zendlela okufanele siphile ngayo. Kodwa phawula leli phuzu: Izenzo ezine ezimbi kwezibaliwe zihlobene nendlela esiphatha ngayo abanye abantu. Uma sihlakulela umbono kaNkulunkulu, ngeke sibazwise ubuhlungu omakhelwane bethu. Ngakho, ubuhlobo bethu nabaningi babo buyothuthuka.
15 Indlela yesithathu esizuza ngayo iphathelene nenjabulo yomkhaya. Abantu namuhla bajwayele ukubheka isehlukaniso njengesiyilona khambi lezinkinga zomshado. Nokho, ngomlomo womprofethi uMalaki, uJehova wathi: “Uyakuzonda ukuhlukanisa umshado.” (Malaki 2:16) Sizobuye sixoxe kabanzi ngoMalaki 2:16, kodwa okwamanje phawula ukuthi ngokuhlakanipha uNkulunkulu ubeke izindinganiso okumelwe zigcinwe amalungu omkhaya; izinga azigcina ngalo kuyoba izinga ukuthula okuyovama ngalo. (Efesu 5:28, 33; 6:1-4) Kuyavunywa, sonke asiphelele, ngakho izinkinga ziyophakama. Noma kunjalo, incwadi kaHoseya ithi Lowo “eqanjwe ngaye yonke imindeni yasezulwini neyasemhlabeni” wasifundisa isifundo sendlela yokuxazulula ngisho nezinkinga zomshado ezinzima kakhulu. Nalokho sizokuhlola kwesinye isahluko sale ncwadi. (Efesu 3:15) Ake sibone manje ukuthi yini enye ehilelekile ekugcineni izindinganiso zikaNkulunkulu.
“ZONDANI OKUBI, NITHANDE OKUHLE”
16. U-Amose 5:15 ubonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu unezindinganiso?
16 Ukukhetha komuntu wokuqala, u-Adamu, ukuthi ezikabani izindinganiso zokuhle nokubi ezingcono, kwaba okobuwula. Thina-ke, ingabe siyokhetha ngokuhlakanipha kunaye? U-Amose wasiyala ukuba sicabange ngokungathí sina ngalokhu, esinxusa: “Zondani okubi, nithande okuhle.” (Amose 5:15) UWilliam Rainey Harper, uprofesa ongasekho wezilimi nezincwadi zamaSemite e-University of Chicago, wathi ngaleli vesi: “Indinganiso yokuhle nokubi, engqondweni [ka-Amose], iwukwenza ngokuvumelana nentando kaYahweh.” Leli iphuzu elisemqoka esilifunda kubaprofethi abangu-12. Ingabe sizimisele ukwamukela izindinganiso zikaJehova zokuhle nokubi? Lezo zindinganiso eziphakeme sizembulelwe eBhayibhelini futhi zachazwa amaKristu avuthiwe nanokuhlangenwe nakho akha “inceku ethembekileyo neqondayo.”—Mathewu 24:45-47.
17, 18. (a) Kungani kusemqoka ukuzonda okubi? (b) Bonisa indlela esingayihlakulela ngayo inzondo ejulile ngokubi.
17 Ukuzonda kwethu okubi kusisiza ukuba sigweme izinto ezenyelisa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umuntu angase ayazi ingozi yezithombe ezingcolile zobulili kuyi-Internet abese ezama ukungazibuki. Kodwa, ‘umuntu anguye ngaphakathi’ uzizwa kanjani ngokuqukethwe izingosi zezithombe ezingcolile zobulili? (Efesu 3:16) Uma esebenzisa isikhuthazo saphezulu esiku-Amose 5:15, kuyoba lula ngaye ukuhlakulela inzondo ngokubi. Ngokwenza kanjalo angase anqobe empini yakhe engokomoya.
18 Nasi esinye isibonelo. Ungazibona yini ngeso lengqondo ukhothamela izithombe zobulili? Kwakona nje ukucabanga ngakho kuyenyanyisa, akunjalo? Noma kunjalo, uHoseya wakhuluma ngokhokho bama-Israyeli ababeziphatha kabi phambi kukaBhali wasePheyori. (Numeri 25:1-3; Hoseya 9:10) Kubonakala sengathi uHoseya wakhuluma ngalesi senzakalo ngoba ukukhulekela uBhali kwakuyisono esikhulu sombuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi. (2 AmaKhosi 17:16-18; Hoseya 2:8, 13) Cabanga nje le nto enyanyekayo: Ama-Israyeli ayekhothamela izithombe ngezikhathi zemikhosi yokuzitika ngobulili. Ukwazi indlela uNkulunkulu akulahla ngayo lokho kungasiza ngamunye wethu ukuba alwe nezingibe uSathane asibekela zona nge-Internet. Namuhla, abaningi bakhulekela abesifazane abayizimomondiya nabesilisa abahle abaye bavele kwezokuzijabulisa ezithandwayo. Yeka indlela esihluke ngayo thina esesifundile kubaprofethi ngezixwayiso zokukhonza izithombe!
LIGCINE ENGQONDWENI IZWI LIKANKULUNKULU
19. Yini ongayifunda kokwenziwa uJona esesiswini senhlanzi enkulu?
19 Njengoba uzama ukugcina izindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme ube ubhekene nezilingo nobunzima, ngezinye izikhathi ungase uzizwe wehluleka noma ungazi ukuthi yini okumelwe uyenze. Uma amandla akho engqondo nawomzwelo ebonakala emancane, ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nesimo esibucayi? (IzAga 24:10) Uma kunjalo, kukhona ongakufunda kuJona, esaziyo ukuthi wayengaphelele futhi eshiyeka. Khumbula ukuthi wenzani lapho esesiswini senhlanzi enkulu. Wathandaza kuJehova. Phawula ukuthi wathini emthandazweni wakhe.
20. Ungazilungiselela kanjani ukwenza lokho okwenziwa uJona?
20 Ngesikhathi uJona ethandaza kuNkulunkulu ‘esesiswini seShiyoli,’ wasebenzisa amagama namazwi ayewajwayele, amazwi amahubo. (Jona 2:2) Wayecindezeleke ngendlela emangalisayo futhi wancenga uJehova ukuba ambonise isihe, noma kunjalo amazwi kaDavide aphuma ezindebeni zikaJona. Ngokwesibonelo, qhathanisa amazwi kaJona 2:3, 5 naweHubo 69:1, 2.a Akukho yini obala ukuthi uJona wayewajwayele amahubo kaDavide ayenawo ngaleso sikhathi? Amagama namazwi amahubo aphefumulelwe amane aziphumela nje kuJona. Izwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ‘lalisezibilinini zakhe.’ (IHubo 40:8) Uma ubhekene nesimo esikucoba amathambo, akhona yini amazwi kaNkulunkulu afanelana naleso simo ongawakhumbula? Uma ujwayelana kakhulu manje neZwi likaNkulunkulu, cishe uyosizakala kakhulu esikhathini esizayo lapho kudingeka wenze izinqumo futhi uxazulule izinkinga ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu.
YIBA NOKWESABA UNKULUNKULU OKUNEMPILO
21. Yini okudingeka uyihlakulele ukuze unamathele ezindinganisweni zikaNkulunkulu?
21 Yiqiniso, ukumane ube neZwi likaNkulunkulu emtatsheni wakho wengcebo akwanele ukuba kukwenze unamathele ezindinganisweni zikaJehova. Umprofethi uMika wenza uqonde ngokwengeziwe ukuthi yini oyidingayo ukuze usebenzise iZwi likaNkulunkulu: “Umuntu onokuhlakanipha okusebenzayo uyolesaba igama lakho.” (Mika 6:9) Ukuze ube umuntu onokuhlakanipha okusebenzayo, umuntu ongakusebenzisa ekuphileni kwakhe lokho akwaziyo, kumelwe uhlakulele ukwesaba igama likaNkulunkulu.
22, 23. (a) Kungani uJehova athumela uHagayi kumaJuda ayebuye ekuthunjweni? (b) Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uyokwazi ukugcina izindinganiso zikaNkulunkulu?
22 Ungakufunda kanjani ukwesaba igama likaNkulunkulu? Bheka umprofethi uHagayi owaprofetha ngemva kokubuya ekuthunjweni. Encwadini yakhe emfushane nje impela, enamavesi angu-38 kuphela, wasebenzisa igama elithi Jehova izikhathi ezingu-35! Ngesikhathi uJehova emthuma ukuba ayoprofetha, ngo-520 B.C.E., kwase kudlule iminyaka engu-16 kungekho msebenzi otheni owenziwe ekwakheni kabusha ithempeli eJerusalema. Abantu bakaNkulunkulu base bedikibele ngenxa yokuphikiswa izitha zabo. (Ezra 4:4, 5) Abantu babethi isikhathi sokwakha kabusha ithempeli sasingakafiki. UJehova wabayala: “Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu. . . . Niyakhe le ndlu, ukuze ngijabule ngayo futhi ngikhazinyuliswe.”—Hagayi 1:2-8.
23 UMbusi uZerubhabhele, umPristi Ophakeme uJoshuwa, nabo “bonke abasele kubantu baqala ukulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo, . . . abantu besaba ngenxa kaJehova.” Ngenxa yalokho, uNkulunkulu waphendula: “Nginani.” Yeka isiqinisekiso! Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, abantu “bangena benza umsebenzi endlini kaJehova.” (Hagayi 1:12-14) Ukwesaba okunempilo ukudumaza uNkulunkulu kwenza abantu ababekade benetwetwe bathatha isinyathelo naphezu kokuphikiswa.
24, 25. Usebenzisa izibonelo, bonisa indlela ongazisebenzisa ngayo izimiso ezikulesi sahluko.
24 Wena-ke? Uma uzazi izindinganiso zaphezulu ezisebenza esimweni obhekene naso, uyoba naso yini isibindi esidingekayo ukuze wesabe uJehova kunabantu? Mhlawumbe uyintokazi futhi emsebenzini kunensizwa engaphili ngezimiso zikaNkulunkulu ezifana nezakho. Yona inomusa nokho futhi ikukhonzile. Ingabe ukhona umBhalo oyofika engqondweni, ukukhumbuze izindinganiso zikaJehova nengozi yokungazinaki? Uthini ngoHoseya 4:11? “Ngubufebe newayini kanye newayini elimnandi okususa isisusa esihle.” Unalo mBhalo engqondweni, ingabe ukwesaba uNkulunkulu kuyokushukumisela ekubeni unamathele ezindinganisweni zakhe futhi uthi cha uma leyo nsizwa ikumemela ekuzijabuliseni okuthile? Uma isiqala ukukweshela, ukwesaba ukudumaza uNkulunkulu wakho onothando kungakusiza ukuba ‘ubaleke.’—Genesise 39:12; Jeremiya 17:9.
25 Manje ake sibuyele esibonelweni somuntu ozama ukulwa nesilingo sezithombe ezingcolile zobulili ze-Internet. Ingabe uyowakhumbula amazwi awumthandazo eHubo 119:37? “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.” Ingabe uyowabukeza engqondweni amazwi kaJesu eNtshumayelo yaseNtabeni? “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Ukwesaba uJehova nesifiso sokuphila ngezindinganiso zakhe kufanele kushukumise umKristu ukuba afulathele izinto ezonakalisayo. Uma nje kwenzeka ulingeka ukuba ucabange noma wenze okuphambene nezindinganiso zikaNkulunkulu, zama ukukuhlakulela ngokwengeziwe ukwesaba uNkulunkulu. Ukhumbule nalokho uJehova akutshela kona ngoHagayi: ‘Nginawe.’
26. Yini esisazoyifunda?
26 Yebo, ungamkhonza uJehova ngokwezindinganiso zakhe eziphakeme futhi uzuze ngokwenza kanjalo. Njengoba uqhubeka uhlola izincwadi zabaprofethi abangu-12, ziyoya zicaca izindinganiso zikaNkulunkulu, noma lokho akufunayo kumuntu ngamunye kithi. Ingxenye elandelayo yale ncwadi izokhuluma ngemikhakha emithathu eyinhloko uJehova abeka kuyo izindinganiso ezinhle: ekuziphatheni kwethu, ekusebenzelaneni kwethu nabanye, nasekuphileni kwemikhaya yethu.
a Qhathanisa futhi uJona 2:2, 4-9 namaHubo 18:6; 31:22; 30:3; 142:3; 31:6 ngendlela uJona awalandelanisa ngayo.