Siyohamba Ngegama LikaJehova Kuze Kube Phakade!
“Siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.”—MIKA 4:5.
1. Imiphi imiyalezo esezahlukweni 3 kuya ku-5 zikaMika?
UJEHOVA unokuthile afuna ukukutshela abantu bakhe, futhi usebenzisa uMika njengomprofethi wakhe. UNkulunkulu unenjongo yokuthathela abenzi bokubi isinyathelo. Uzomjezisa u-Israyeli ngokuhlubuka kwakhe. Nokho, kuyajabulisa ukuthi uJehova uzobabusisa labo abahamba ngegama lakhe. Le miyalezo icacile ezahlukweni 3 kuya ku-5 zesiprofetho sikaMika.
2, 3. (a) Abaholi bakwa-Israyeli kufanele ngabe babonisa yiphi imfanelo, kodwa empeleni benzani? (b) Ungazichaza kanjani izifengqo ezisetshenziswe kuMika 3:2, 3?
2 Umprofethi kaNkulunkulu uthi: “Ngicela nizwe, nina zinhloko zakwaJakobe nani balawuli bendlu ka-Israyeli. Akuwona yini umsebenzi wenu ukwazi ubulungisa?” Yebo, kufanele ngabe yiwo umsebenzi wabo lowo, kodwa empeleni benzani? UMika uthi: “Nina enizonda okuhle nenithanda ububi, enebula abantu isikhumba sabo nenyama yabo emathanjeni abo; nina futhi enidle inyama yabantu bami, nenihlubule sona kanye isikhumba sabo kubo, naphula amathambo abo aba yizicucu, nawachoboza aba yizicucwana njengalokho okusembizeni enomlomo obanzi nanjengenyama embizeni yokupheka.”—Mika 3:1-3.
3 Phela, abaholi bacindezela abantu abampofu abangenakuzivikela! Abantu abalalele uMika baziqonda kalula izifengqo ezisetshenziswe lapha. Lapho imvu ehlatshiwe izophekwa, iqale ihlinzwe bese ihlahlelwa. Ngezinye izikhathi amathambo ayaklaywa ukuze kuphume umnkantsha. Kokubili inyama namathambo kuphekwa ngembiza enkulu, enjengale eshiwo uMika. (Hezekeli 24:3-5, 10) Waze wafaneleka lo mfanekiso wokuhlukunyezwa kwabantu osukwini lukaMika behlukunyezwa abaholi babo ababi!
UJehova Ulindele Ukuba Sibe Nobulungisa
4. UJehova uhluke kanjani kubaholi bakwa-Israyeli?
4 Kunomahluko omkhulu phakathi kukaMalusi onothando, uJehova, nabaholi bakwa-Israyeli. Ngenxa yokuthi ababubonisi ubulungisa, abawufezi umsebenzi abawunikiwe wokuvikela umhlambi. Kunalokho, bayazixhaphaza ngobugovu izimvu ezingokomfanekiso, bezincisha ubulungisa futhi beziphilisa “ngezenzo zokuchitha igazi,” njengoba kushiwo kuMika 3:10. Singafundani kulesi simo?
5. Yini uJehova ayilindele kulabo abaholayo kubantu bakhe?
5 UNkulunkulu ulindele ukuba labo abaholayo kubantu bakhe babonise ubulungisa. Yilokho esikutholayo phakathi kwezinceku zikaJehova namuhla. Ngaphezu kwalokho, lokhu kuvumelana no-Isaya 32:1, lapho sifunda khona: “Bheka! Inkosi iyobusa ngenjongo yokulunga; ngokuqondene nezikhulu, ziyobusa njengezikhulu ngenjongo yobulungisa.” Kodwa kwenzekani ngosuku lukaMika? ‘Abazonda okuhle bethanda ububi’ bayaphikelela ekuhlanekezeleni ubulungisa.
Eyobani Imithandazo Ephendulwayo?
6, 7. Iliphi iphuzu elibalulekile eligcizelelwa kuMika 3:4?
6 Ingabe abantu ababi besikhathi sikaMika bangalindela ukuba uJehova ababonise umusa? Lutho neze! UMika 3:4 uthi: “Bayocela usizo kuJehova, kodwa ngeke abaphendule. Futhi uyobafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, njengoba nje benze ububi ezenzweni zabo.” Lokhu kuqokomisa iphuzu elibaluleke kakhulu.
7 UJehova ngeke ayiphendule imithandazo yethu uma kuwumkhuba wethu ukona. Kunjalo impela uma siphila ukuphila okumbaxa-mbili, sifihla ukona kwethu sibe sishaya sengathi simkhonza ngokwethembeka uNkulunkulu. NgokweHubo 26:4, uDavide wahlabelela: “Angizange ngihlale nabantu abangebona abeqiniso; futhi angingeni nalabo abafihla lokho abayikho.” Ayiphathwa nokuphathwa eyabantu abayephula ngamabomu imithetho yeZwi likaJehova! Ngeke neze ayiphendule imithandazo yabo.
Ukuqiniswa Umoya KaNkulunkulu
8. Yini abaprofethi bamanga besikhathi sikaMika ababexwayiswe ngayo?
8 Yeka ukuthi inyantisa kangakanani imikhuba eyandile kubaholi benkolo bakwa-Israyeli! Abaprofethi bamanga benza abantu bakaNkulunkulu badwanguze ngokomoya. Abaholi abahahayo bamemeza bathi “Ukuthula!” bebe bemngcwelisela impi umuntu ongabaniki ukudla. UJehova uthi: “Ngakho niyoba nobusuku, kangangokuthi ngeke kube nambono; futhi niyoba nobumnyama, ukuze ningabhuli. Abaprofethi bayoshonelwa ilanga nosuku luyoba mnyama phezu kwabo. Ababoni bemibono kuyomelwe babe namahloni, nababhuli ngokuqinisekile bayodumazeka. Kuyomelwe bamboze amadevu.”—Mika 3:5-7a.
9, 10. Kusho ukuthini ‘ukumboza amadevu,’ futhi kungani uMika kungadingeki enze njalo?
9 Kungani kuyomelwe “bamboze amadevu”? Abantu besikhathi sikaMika benza kanjalo lapho behlazekile. Futhi la madoda amabi kuwafanele ukuhlazeka. Ngokwawo, ‘Akukho mpendulo evela kuNkulunkulu.’ (Mika 3:7b) UJehova akayinaki imithandazo yanoma ibaphi ababi abaqhoshayo.
10 UMika akudingeki yena “amboze amadevu.” Akahlazekile. UJehova uyayiphendula eyakhe imithandazo. Phawula uMika 3:8, lapho umprofethi othembekile ethi khona: “Ngakolunye uhlangothi, mina ngigcwele amandla, ngomoya kaJehova, nobulungisa nobukhulu.” Akeve ebonga uMika ngokuthi kuyo yonke inkonzo yakhe ende yokwethembeka, ubelokhu ‘egcwele amandla, ngomoya kaJehova’! Lokhu kumnike amandla ‘okutshela uJakobe ukuvukela kwakhe no-Israyeli isono sakhe.’
11. Abantu bawathola kanjani amandla okumemezela imiyalezo kaNkulunkulu?
11 UMika udinga amandla angaphezu kwawomuntu ukuze amemezele umyalezo kaNkulunkulu wesahlulelo esibi. Umoya kaJehova, noma amandla akhe amakhulu asebenzayo, ubalulekile. Kuthiwani ngathi? Umsebenzi wokushumayela esiwunikiwe singawufeza kuphela uma uJehova esiqinisa ngomoya wakhe ongcwele. Imizamo yokushumayela iyofekela nakanjani uma sinomkhuba wokwenza isono ngamabomu. Uma kunjalo, uNkulunkulu ngeke ayiphendule imithandazo yethu yokucela amandla okwenza lo msebenzi. Asinakuyimemezela neze imiyalezo yesahlulelo kaBaba wethu osezulwini uma ‘umoya kaJehova’ ungekho kithi. Ngemithandazo ezwiwayo nangosizo lomoya ongcwele, siyakwazi ukukhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi njengoMika.
12. Kungani abafundi bakaJesu bokuqala bakwazi ‘ukuqhubeka bekhuluma izwi likaNkulunkulu ngaso sonke isibindi’?
12 Mhlawumbe uyayikhumbula indaba ekuzEnzo 4:23-31. Ake uzicabange ungomunye wabafundi bakaJesu bekhulu lokuqala. Abashushisi abashiseka ngokweqile bebelokhu befuna ukubavala umlomo abalandeli bakaKristu. Kodwa laba abaqotho bathandaza eNkosini yabo enguMbusi, bencenga: “Jehova, naka izinsongo zabo, unike izinceku zakho ukuba ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi.” Uba yini umphumela? Lapho benxusa, indawo ababuthanele kuyo iyanyakaza, bese bonke begcwala umoya ongcwele futhi bakhulume izwi likaNkulunkulu ngesibindi. Ngakho-ke, kwangathi singathembela kuJehova ngomthandazo futhi sincike osizweni lwakhe lomoya ongcwele njengoba sifeza inkonzo yethu.
13. Lizokwehlelwa yini iJerusalema neSamariya, futhi ngani?
13 Ake uphinde ucabange ngosuku lukaMika. NgokukaMika 3:9-12, ababusi abanecala legazi bahlulela ngokufumbathiswa, abapristi bafundisa ngenkokhiso, futhi abaprofethi bamanga babhula ngemali. Shono uNkulunkulu ememezele ukuthi inhlokodolobha yakwaJuda, iJerusalema, “iyoba nje yinqwaba yezincithakalo”! Njengoba nakwa-Israyeli kudlangile ukukhulekela kwamanga nokukhohlakala, uMika uphefumulelwa ukuba axwayise ngokuthi uNkulunkulu uzokwenza iSamariya libe “yinqwaba yezincithakalo.” (Mika 1:6) Empeleni, amabutho ase-Asiriya alibhubhisa esaphila lo mprofethi iSamariya ngo-740 B.C.E., njengoba kwakubikezelwe. (2 AmaKhosi 17:5, 6; 25:1-21) Kusobala ukuthi le miyalezo enamandla yokulahla iJerusalema neSamariya yayingadluliselwa ngamandla kaJehova kuphela.
14. Sagcwaliseka kanjani isiprofetho esikuMika 3:12, futhi lokho kufanele kusithinte kanjani?
14 UJuda ngeke neze aphunyuke esahlulelweni esibi sikaJehova. IZiyoni “liyolinywa njengensimu nje,” kugcwaliseke isiprofetho esikuMika 3:12. Njengoba sisekhulwini lama-21, siyazi ukuthi lezi zinto zenzeka lapho abaseBhabhiloni bebhubhisa uJuda neJerusalema ngo-607 B.C.E. Lokhu kwenzeka ngemva kweminyaka eminingi uMika aprofetha, kodwa wayeqiniseka ukuthi kuyeza. Ngokuqinisekile, nathi kufanele siqiniseke ngokufanayo ukuthi lesi simiso sezinto esibi samanje sizophela ‘ngosuku lukaJehova’ olubikezelwe.—2 Petru 3:11, 12.
UJehova Ulungisa Izindaba
15. Ngamazwi akho, ungasichaza kanjani isiprofetho esikuMika 4:1-4?
15 Uma sibheka emuva, siyabona ukuthi lokho uMika akulethayo manje kuwumyalezo wethemba ojabulisayo. Aweve eqinisa amazwi esiwathola kuMika 4:1-4! Ngokwengxenye, uMika uthi: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; izizwe zigobhozele kuyo. . . . Ngokuqinisekile uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe eziningi, alungise izindaba ngokuqondene nezizwe ezinamandla ezikude. Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Ngeke ziphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke zisayifunda impi. Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele; ngoba wona kanye umlomo kaJehova wamabutho ukhulumile.”
16, 17. UMika 4:1-4 ugcwaliseka kanjani namuhla?
16 Zingobani lezi “zizwe eziningi” “nezizwe ezinamandla” ezishiwo lapha? Akuzona izizwe nohulumeni baleli zwe. Kunalokho, lesi siprofetho sisebenza kubantu bazo zonke izizwe ababa munye enkonzweni engcwele entabeni kaJehova yokukhulekela kweqiniso.
17 Ngokuvumelana nesiprofetho sikaMika, maduze ukukhulekelwa kukaJehova okuhlanzekile kuzoqhutshwa ngokugcwele emhlabeni wonke. Namuhla, abantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ bafundiswa izindlela zikaJehova. (IzEnzo 13:48) Ngomqondo ongokomoya, uJehova uyahlulela futhi alungise izindaba kwabakholwayo abemi ngasohlangothini loMbuso. Bayosinda “osizini olukhulu” njengengxenye ‘yesixuku esikhulu.’ (IsAmbulo 7:9, 14) Njengoba bekhande izinkemba zabo zaba amageja, ngisho nanamuhla bahlala ngokuthula nabanye oFakazi BakaJehova nabanye abantu. Akuve kumnandi ukuba phakathi kwabo!
Ukuzimisela Ukuhamba Ngegama LikaJehova
18. Kufanekiselani ‘ukuhlala komuntu ngaphansi komvini nomkhiwane wakhe’?
18 Osukwini lwethu, njengoba ukwesaba kugubuzele umhlaba njengefu elisongelayo, siyajabula ngokuthi abaningi bafunda izindlela zikaJehova. Silangazelela isikhathi esesiseduze lapho bonke abanjalo abathanda uNkulunkulu bengeke besayifunda impi kodwa beyohlala ngaphansi komvini nomkhiwane wabo. Imikhiwane ivamile ukutshalwa ezivinini. (Luka 13:6) Ukuhlala komuntu ngaphansi komvini nomkhiwane wakhe kufanekisela ukuthula, ukuchuma, nokulondeka. Ngisho namanje, ubuhlobo bethu noJehova businika ukuthula kwengqondo nokulondeka okungokomoya. Lapho sekunezimo ezinjalo ngaphansi kokubusa koMbuso, siyobe singesabi futhi silondeke ngokuphelele.
19. Kusho ukuthini ukuhamba ngegama likaJehova?
19 Ukuze sithole umusa nesibusiso sikaNkulunkulu, kumelwe sihambe ngegama likaJehova. Lokhu kuvezwe ngendlela enamandla kuMika 4:5, lapho umprofethi ethi: “Zonke izizwe, ziyohamba yileso naleso ngegama likankulunkulu waso; kodwa thina, siyohamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.” Ukuhamba ngegama likaJehova akusho ukumane sisho ukuthi unguNkulunkulu wethu. Kudinga okungaphezu kokuba sihlanganyele emihlanganweni yobuKristu nasemsebenzini wokushumayela ngoMbuso, yize kubalulekile nalokho. Uma sihamba ngegama likaJehova, kusho ukuthi sizinikezele kuye futhi sizama ukumkhonza ngokwethembeka ngenxa yothando lomphefumulo wonke. (Mathewu 22:37) Njengabakhulekeli bakhe, impela sizimisele ukuhamba ngegama likaJehova onguNkulunkulu wethu phakade.
20. Yini eyabikezelwa kuMika 4:6-13?
20 Manje sicela uhlole amazwi ayisiprofetho kaMika 4:6-13. ‘Indodakazi yaseZiyoni’ kudingeka idingiselwe “eBhabhiloni.” Yilokho kanye okwenzeka ezakhamuzini zaseJerusalema ngekhulu lesi-7 B.C.E. Nokho, isiprofetho sikaMika sibonisa ukuthi insali kufanele iphindele kwaJuda, futhi lapho iZiyoni libuyiselwa, uJehova uyoqiniseka ukuthi izitha zalo ziyacolwa.
21, 22. Wagcwaliseka kanjani uMika 5:2?
21 Kunezinye futhi izenzakalo eziphawulekayo ezibikezelwe kuMika isahluko 5. Ngokwesibonelo, phawula lokho okushiwo kuMika 5:2-4. UMika uprofetha ukuthi uMbusi omiswe nguNkulunkulu—“osiqalo sakhe sisukela ezikhathini zakuqala”—uyovela eBhetlehema. Uyobusa njengomalusi “ngamandla kaJehova.” Ngaphezu kwalokho, lo Mbusi ngeke abe mkhulu kwa-Israyeli nje kuphela, kodwa “kuze kube semikhawulweni yomhlaba.” Izwe lingase lidinge ukuthi ungubani, kodwa thina asididekile.
22 Ubani umuntu ovelele kunabo bonke owazalelwa eBhetlehema? Ubani futhi ‘oyoba mkhulu kuze kube semikhawulweni yomhlaba’? UMesiya, uJesu Kristu uqobo lwakhe! Lapho uHerode Omkhulu ebuza abapristi abakhulu nababhali ukuthi uMesiya wayezozalelwaphi, baphendula bathi: “EBhetlehema laseJudiya.” Baze bacaphuna namazwi kaMika 5:2. (Mathewu 2:3-6) Nabanye babantu abavamile babekwazi lokhu, ngoba uJohane 7:42 ubacaphuna bethi: “ImiBhalo ayishongo yini ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide, naseBhetlehema umzana uDavide ayehlala kuwo?”
Ukuqabuleka Kwangempela Kubantu
23. Yini eyenzekayo manje egcwalisa uMika 5:7?
23 UMika 5:5-15 ukhuluma ngokuhlasela kwabase-Asiriya okuyoba nempumelelo yesikhashana, abese eveza ukuthi uNkulunkulu uyophindisela ezizweni ezingalaleli. UMika 5:7 uthembisa ukubuyiselwa kwensali yamaJuda ephendukile ezweni lakubo, kodwa la mazwi ayasebenza nasosukwini lwethu. UMika uthi: “Abaseleyo bakaJakobe bayoba njengamazolo avela kuJehova phakathi kwezizwe eziningi, njengezihlambi ezinkulu phezu kwezimila.” Lo mfanekiso omuhle usetshenziselwe ukubikezela ukuthi insali kaJakobe ongokomoya, noma u-Israyeli, iyoba isibusiso sikaNkulunkulu kubantu. “Ezinye izimvu” zikaJesu, ezinethemba lasemhlabeni, ziyakujabulela ukukhonza ngobunye nensali yanamuhla ‘ka-Israyeli kaNkulunkulu,’ zisiza ekuqabuleni abanye ngokomoya. (Johane 10:16; Galathiya 6:16; Zefaniya 3:9) Kunephuzu elibalulekile kulokhu elidinga ukucatshangisiswa. Njengabamemezeli boMbuso, sonke kufanele silazise ilungelo esinalo lokuletha ukuqabuleka kwangempela kwabanye.
24. Imaphi amaphuzu akuthintile ezahlukweni 3 kuya ku-5 zikaMika?
24 Yini oyizuzile ezahlukweni 3 kuya ku-5 zesiprofetho sikaMika? Mhlawumbe amaphuzu anjengalawa: (1) UNkulunkulu ulindele ukuba abaholayo kubantu bakhe babonise ubulungisa. (2) UJehova ngeke ayiphendule imithandazo yethu uma sinomkhuba wokwenza isono ngamabomu. (3) Umsebenzi wokushumayela esiwunikiwe singawufeza kuphela uma uNkulunkulu esiqinisa ngomoya wakhe ongcwele. (4) Ukuze sithole umusa kaNkulunkulu, kumelwe sihambe ngegama likaJehova. (5) Njengabamemezeli boMbuso, kufanele silazise ilungelo esinalo lokulethela abantu ukuqabuleka kwangempela. Kungenzeka kunamanye futhi amaphuzu akuthintile. Yini enye esingayifunda kule ncwadi yeBhayibheli eyisiprofetho? Isihloko esilandelayo sizosisiza ukuba sithole izifundo esingazisebenzisa ezahlukweni ezimbili zokugcina zesiprofetho sikaMika esiqinisa ukholo.
Ungaphendula Kanjani?
• Yini uNkulunkulu ayilindele kulabo abaholayo kubantu bakhe?
• Kungani umthandazo nomoya ongcwele kubalulekile enkonzweni yethu kuJehova?
• Abantu ‘bahamba’ kanjani “ngegama likaJehova”?
[Isithombe ekhasini 15]
Ungawuchaza yini umfanekiso kaMika ohilela imbiza yokupheka?
[Izithombe ekhasini 16]
NjengoMika, senza inkonzo yethu ngesibindi