Ukusiza Abantu Ukuba Basondele KuJehova
“Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—JOHANE 14:6.
1. Yimuphi umyalo uJesu ovusiwe awunika abafundi bakhe, futhi yini eye yaba umphumela njengoba oFakazi BakaJehova beye bawulalela?
UJESU KRISTU wayala abalandeli bakhe ukuba ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, bababhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.’ (Mathewu 28:19) Kule minyaka eyishumi edlule, oFakazi BakaJehova baye basiza abantu abangaphezu kwezigidi ezintathu ukuba beze kuNkulunkulu, futhi bebabhapathiza lapho sekuyisikhathi esifanele, bebonisa ukuzinikezela kwabo kuye ukuba benze intando yakhe. Yeka indlela esikujabulela ngayo ukubasiza basondele kuNkulunkulu!—Jakobe 4:8.
2. Nakuba kunabaningi abasanda kuhlanganyela ababhapathizwayo, yini eye yenzeka?
2 Nokho, kwamanye amazwe lapho kuye kwaba nabafundi abaningi abasha ababhapathizwayo khona, inani labamemezeli boMbuso alizange likhuphuke ngesilinganiso esifanayo. Yiqiniso, kumelwe kucatshangelwe nalabo abaye bashona, njengoba isilinganiso sabantu abafayo ngonyaka singaba yiphesenti elilodwa. Nokho, kule minyaka embalwa edlule kunabaningana impela abaye bawa okholweni ngasizathu simbe. Kungani? Lesi sihloko nesilandelayo zizohlola indlela abantu abadonselwa ngayo kuJehova nalokho okungenzeka kuyizizathu zokuwa kwabanye okholweni.
Injongo Yokushumayela Kwethu
3. (a) Umsebenzi abafundi bakaJesu abaphathiswe wona uhambisana kanjani nowengelosi okukhulunywe ngayo kusAmbulo 14:6? (b) Iyiphi indlela eye yabonakala iphumelela ekuvuseni isithakazelo sabantu esigijimini soMbuso, kodwa iyiphi inkinga ekhona?
3 Kulesi ‘sikhathi sokugcina,’ abafundi bakaJesu bathunywe ukuba basakaze “ulwazi lweqiniso” oluphathelene ‘nalezizindaba ezinhle zombuso.’ (Daniyeli 12:4, NW; Mathewu 24:14) Ukuthunywa kwabo kuhambisana nokwengelosi ‘eyayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu.’ (IsAmbulo 14:6) Kuleli zwe elimatasa kangaka ngezinto ezingasho lutho, ngokuvamile indlela ephumelela kakhulu yokuvusa isithakazelo sabantu eMbusweni kaNkulunkulu futhi sibasize basondele kuJehova iwukubatshela ngethemba lokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi. Nakuba lokho kuqondakala, labo abazihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu ukuze nje bangene ePharadesi abagxilile emgwaqweni owumngci-ngo oholela ekuphileni.—Mathewu 7:13, 14.
4. NgokukaJesu nengelosi endiza emkhathini, iyini injongo yomsebenzi wethu wokushumayela?
4 UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ingelosi endiza emkhathini imemezela ‘izindaba ezinhle ezimi phakade’ futhi itshela labo abahlala emhlabeni: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” (IsAmbulo 14:7) Ngakho-ke, injongo eyinhloko yokushumayela kwethu izindaba ezinhle iwukusiza abantu basondele kuJehova ngoKristu Jesu.
Indima Yethu Emsebenzini KaJehova
5. Yimaphi amazwi kaPawulu noJesu abonisa ukuthi senza umsebenzi kaJehova, hhayi owethu?
5 Lapho ebhalela amaKristu agcotshiwe akanye naye, umphostoli uPawulu ukhuluma ‘ngenkonzo yokubuyisana,’ ethi uNkulunkulu wenza abantu babuyisane naye ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu. UPawulu uthi ‘kunjengokungathi uNkulunkulu uncenga ngathi,’ aphinde athi “njengababambeli bakaKristu siyancenga: ‘Buyisanani noNkulunkulu.’” Yeka umcabango ojabulisayo! Kungakhathaliseki ukuthi “singamanxusa abambele uKristu” noma siyizithunywa ezinamathemba asemhlabeni, masingalokothi sikhohlwe ukuthi lona umsebenzi kaJehova, akuwona owethu. (2 Korinte 5:18-20) Empeleni nguNkulunkulu odonsa abantu futhi afundise labo abeza kuKristu. UJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa; futhi mina ngizomvusa ngosuku lokugcina. Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Futhi bonke bayofundiswa uJehova.’ Wonke umuntu oye wezwa kuBaba futhi wafunda uyeza kimi.”—Johane 6:44, 45.
6. UJehova uzizamazamisa kanjani izizwe ngendlela eyisandulela, futhi ngesikhathi esifanayo, obani abathola ukulondeka ‘endlini’ yakhe yokukhulekela?
6 UJehova ubadonsa kanjani abantu kulezi zinsuku zokugcina, futhi abavulele “umnyango wokholo”? (IzEnzo 14:27, umbhalo waphansi we-NW; 2 Thimothewu 3:1) Indlela eyinhloko iwukuthuma oFakazi bakhe ukuba bashumayele izigijimi zakhe zensindiso nezokwahlulelwa kwalesi simiso sezinto esibi. (Isaya 43:12; 61:1, 2) Lesi simemezelo somhlaba wonke sizamazamisa izizwe zonke—okuyibika lesahlulelo esicoboshisayo esiseduze. Ngesikhathi esifanayo, abantu ‘abayigugu’ emehlweni kaNkulunkulu badonselwa ngaphandle kwalesi simiso futhi bathola ukulondeka ‘endlini’ yakhe yokukhulekela kweqiniso. Kanjalo uJehova ufeza amazwi akhe ayisiprofetho alotshwa uHagayi athi: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo.”—Hagayi 2:6, 7, umbhalo waphansi we-NW; IsAmbulo 7:9, 15.
7. UJehova uzivula kanjani izinhliziyo zabantu futhi adonsele abantu abathile kuye naseNdodaneni yakhe?
7 UJehova uvula izinhliziyo zalaba bantu abesaba uNkulunkulu—“izinto eziyikhethelo kuzo zonke izizwe”—ukuze ‘banake izinto ezikhulunywa’ oFakazi bakhe. (Hagayi 2:7, Jewish Publication Society; IzEnzo 16:14) Njengasekhulwini lokuqala, ngezinye izikhathi uJehova usebenzisa izingelosi zakhe ukuze aqondise oFakazi bakhe kubantu abaqotho abaye bakhala kuye becela usizo. (IzEnzo 8:26-31) Njengoba abantu befunda ngamalungiselelo amangalisayo uNkulunkulu abenzele wona ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uthando lukaJehova lubadonsela kuye. (1 Johane 4:9, 10) Yebo, uNkulunkulu udonsa abantu ukuba beze kuye naseNdodaneni yakhe ‘ngomusa wakhe wothando,’ noma “uthando oluqotho.”—Jeremiya 31:3, umbhalo waphansi we-NW.
Obani UJehova Abadonsayo?
8. Luhlobo luni lwabantu uJehova aludonsayo?
8 UJehova udonsela kuye naseNdodaneni yakhe labo abamfunayo. (IzEnzo 17:27) Laba bahlanganisa abantu “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa” kweLobukholwa, futhi empeleni nakulo lonke izwe. (Hezekeli 9:4) ‘Bayasiqaphela isidingo sabo esingokomoya.’ (Mathewu 5:3) Ngempela, ‘bangabathobekileyo bomhlaba,’ abayohlala phakade emhlabeni oyipharadesi.—Zefaniya 2:3.
9. UJehova angababona kanjani abantu ukuthi ‘bathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade,’ futhi ubadonsa kanjani laba?
9 UJehova uyakwazi ukufunda inhliziyo yomuntu. INkosi uDavide yatshela indodana yayo uSolomoni: “UJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa [nguwe].” (1 IziKronike 28:9) Ngokusekelwe esimweni senhliziyo yomuntu nomoya wakhe, noma isimo sakhe sengqondo esiyinhloko, uJehova angabona ukuthi cishe uyosabela yini noma cha emalungiselelweni aphezulu okuthethelelwa kwezono nasethembeni lokuphila phakade esimisweni esisha sikaNkulunkulu sokulunga. (2 Petru 3:13) NgeZwi lakhe, elishunyayelwa futhi lifundiswe oFakazi bakhe, uJehova udonsela kuye naseNdodaneni yakhe ‘bonke labo abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade,’ futhi laba “baba amakholwa.”—IzEnzo 13:48.
10. Yini ebonisa ukuthi ukudonsa kukaJehova abathile, abanye angabadonsi, akuhileli ukunqunyelwa kusengaphambili?
10 Ingabe ukudonsa kukaJehova abathile, abanye angabadonsi, kuhilela uhlobo oluthile lokunqunyelwa kusengaphambili? Lutho neze! Ukudonsa kukaNkulunkulu abantu kuxhomeke ezifisweni zabo uqobo. Uyayihlonipha inkululeko yabo yokuzikhethela. UJehova ukhethisa izakhamuzi zasemhlabeni namuhla okufanayo nalokho akukhethisa ama-Israyeli eminyakeni engaphezu kuka-3 000 edlule, lapho uMose ethi: “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi. . . . Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho.”—Duteronomi 30:15-20.
11. Ama-Israyeli kwakufanele akukhethe kanjani ukuphila?
11 Phawula ukuthi ama-Israyeli kwakufanele akhethe ukuphila ‘ngokumthanda uJehova, alalele izwi lakhe, futhi anamathele kuye.’ Lapho kushiwo lawo mazwi, abantu bakwa-Israyeli babengakalithathi iZwe Lesithembiso. Babemi ngomumo emaThafeni akwaMowabi, belungele ukuwela uMfula iJordani bangene eKhanani. Nakuba kwakuyinto elindelekile ukuba bacabange ngezwe “elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi” okwase kuseduze balithole, ukufezeka kwamaphupho abo kwakuxhomeke othandweni lwabo ngoJehova, ekulaleleni kwabo izwi lakhe nasekunamatheleni kwabo kuye. (Eksodusi 3:8) UMose wakwenza kwacaca lokhu lapho ethi: “Uma uzoyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, engikuyala ngayo namuhla, ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe nezinqumo zakhe zokwahlulela, khona-ke nakanjani uyoqhubeka uphila futhi wanda, futhi uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa ezweni oya kulo ukuyolithatha.”—Duteronomi 30:16, NW.
12. Yini okufanele siyifunde esibonelweni sama-Israyeli mayelana nomsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa?
12 Ingabe lokhu okusanda kushiwo akufanele kusifundise okuthile mayelana nomsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa kulesi sikhathi sokuphela? Sicabanga ngomhlaba oyiPharadesi ozayo futhi sikhuluma ngawo enkonzweni yethu. Kodwa uma thina noma abafundi esibenzayo sikhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu ngeke sikubone ukugcwaliseka kwalesi sithembiso. Njengama-Israyeli, thina nalabo esibafundisayo kumelwe sifunde ‘ukumthanda uJehova, silalele izwi lakhe futhi sinamathele kuye.’ Uma sikukhumbula lokhu lapho senza inkonzo yethu, empeleni siyobe sibambisana noNkulunkulu ekudonseleni abantu kuye.
Izisebenzi Ezikanye NoNkulunkulu
13, 14. (a) Ngokweyoku-1 Korinte 3:5-9, siba kanjani yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu? (b) Kufanele luye kubani udumo nganoma yikuphi ukwanda, futhi ngani?
13 UPawulu wafanekisa ukubambisana noNkulunkulu ngokukhuluma ngokulinywa kwensimu. Wabhala: “Uyini-ke u-Apholo? Ye-bo, uyini uPawulu? Izikhonzi enaba amakholwa ngazo, njengoba nje iNkosi yanikeza ngamunye. Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa; kangangokuthi lowo otshalayo akalutho nalowo oniselayo, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho. Manje lowo otshalayo nalowo oniselayo bamunye, kodwa umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe siqu ngokomshikashika wakhe siqu. Ngoba siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu. Nina niyinsimu kaNkulunkulu elinywayo.”—1 Korinte 3:5-9.
14 Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, kumelwe silitshale ngokwethembeka “izwi lombuso” ezinhliziyweni zabantu, bese sinisela noma yisiphi isithakazelo abasibonisayo ngokwenza izimpindelo nezifundo zeBhayibheli ezilungiselelwe kahle. Uma umhlabathi oyinhliziyo umuhle, uJehova uyokwenza ingxenye yakhe ngokwenza imbewu yeqiniso leBhayibheli ikhule ibe yisitshalo esithelayo. (Mathewu 13:19, 23) Uyodonsela lowo muntu kuye naseNdodaneni yakhe. Khona-ke, eqinisweni noma yikuphi ukwanda kwabamemezeli boMbuso kubangelwa ukusebenza kukaJehova ezinhliziyweni zabantu, ekhulisa imbewu yeqiniso futhi adonsele labo bantu kuye naseNdodaneni yakhe.
Umsebenzi Owakhiwe Oyosala
15. Yimuphi umfanekiso uPawulu awusebenzisa ukuze abonise indlela esibasiza ngayo abanye ukuba babe nokholo?
15 Nakuba sikujabulela ukwanda, sifuna ngobuqotho futhi ukubona abantu beqhubeka bemthanda uJehova, belalela izwi lakhe futhi benamathela kuye. Siyadabuka lapho sibona abathile bephola futhi bewa. Ingabe kukhona esingakwenza ukuze sikuvimbele lokhu? Komunye umfanekiso, uPawulu ubonisa indlela esingabasiza ngayo abanye ukuba babe nokholo. Uyabhala: “Akukho muntu ongabeka noma isiphi esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu. Manje uma noma ubani akhela phezu kwalesisisekelo igolide, isiliva, amatshe ayigugu, izinto zokhuni, utshani obomisiwe, izinhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyobonakala, ngoba usuku luyowuveza, ngoba uyokwambulwa ngomlilo; futhi umlilo ngokwawo uyobonisa ukuthi umsebenzi walowo nalowo uluhlobo luni.”—1 Korinte 3:11-13.
16. (a) Imifanekiso emibili eyasetshenziswa uPawulu inaziphi izinjongo ezingafani? (b) Umsebenzi esiwakhile ungaba kanjani ongagculisi nongenakumelana nomlilo?
16 Emfanekisweni wensimu kaPawulu, ukukhula kuxhomeke ekutshaleni ngokwethembeka, ekuniseleni njalo nasesibusisweni sikaNkulunkulu. Umfanekiso wokwakha walo mphostoli uqokomisa isibopho sesikhonzi esingumKristu sokulandisa ngalokho oba yikho umsebenzi esiwakhile. Ingabe siye sakha ngezinto zezinga elihle esisekelweni esiqinile? UPawulu uyaxwayisa: “Yilowo nalowo makaqhubeke eqaphela indlela [akha] ngayo.” (1 Korinte 3:10) Lapho sesivuse isithakazelo somuntu ngokumtshela ngethemba lokuphila okumi phakade ePharadesi, ingabe sigxila nje ekumfundiseni izinto eziyisisekelo zolwazi lwemiBhalo bese sigcizelela kakhulu lokho umuntu okumelwe akwenze ukuze athole ukuphila okuphakade? Ingabe ukufundisa kwethu kumane kuwukuthi: ‘Uma ufuna ukuphila phakade ePharadesi, kufanele utadishe, uye esifundweni, futhi ushumayele’? Uma kunjalo, ukholo lwalowo muntu asilwakheli esisekelweni esiqinile, futhi lokho esikwakhayo kungase kuhluleke ukumelana nomlilo wokulingwa noma kuhluleke ukuqhubeka kumile isikhathi eside. Ukuzama ukudonsela abantu kuJehova ngokuthi bazothola ithemba lokuphila ePharadesi uma nje bemkhonza iminyakana embalwa kunjengokwakha ‘ngezinto zokhuni, utshani obomisiwe nezinhlanga.’
Ukwakha Uthando NgoNkulunkulu NoKristu
17, 18. (a) Yini edingekayo nakanjani ukuze ukholo lomuntu luhlale njalo? (b) Singamsiza kanjani umuntu ukuze uKristu ahlale enhliziyweni yakhe?
17 Ukuze ukholo luhlale njalo, kumelwe lusekelwe ebuhlotsheni bomuntu siqu noJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu. Njengabantu abangaphelele, lobo buhlobo obunokuthula noNkulunkulu singabuthola kuphela ngeNdodana yakhe. (Roma 5:10) Khumbula ukuthi uJesu wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” Lapho sisiza abanye bakhe ukholo, “akukho muntu ongabeka noma isiphi esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu.” Kuhilelani lokhu?—Johane 14:6; 1 Korinte 3:11.
18 Ukwakhela kuKristu njengesisekelo kusho ukufundisa ngendlela eyenza umfundi weBhayibheli abe nothando olujulile ngoJesu, eyazi ngokugcwele indima yaKhe njengoMhlengi, iNhloko yebandla, umPristi Ophakeme onothando neNkosi ebusayo. (Daniyeli 7:13, 14; Mathewu 20:28; Kolose 1:18-20; Heberu 4:14-16) Kusho ukwenza uJesu abe ngokoqobo kubo kangangokuthi kube njengokungathi uhlala ezinhliziyweni zabo. Kufanele sibathandazele njengoPawulu lapho ecelela amaKristu ase-Efesu. Wabhala: “Ngiguqa kuBaba, . . . ngenjongo yokuba aninike . . . [ukuba] uKristu ahlale ngokholo lwenu ezinhliziyweni zenu ngothando; ukuze nigxile futhi nime esisekelweni.”—Efesu 3:14-17.
19. Kufanele ube yini umphumela wokwakha uthando ngoKristu ezinhliziyweni zabantu esibafundisa iBhayibheli, kodwa yini okumelwe sibafundise yona?
19 Uma sakha ngendlela yokuba uthando ngoKristu lukhule ezinhliziyweni zalabo esifunda nabo, kunengqondo ukuthi lokhu kuyophumela ekwakhekeni kothando ngoJehova uNkulunkulu. Uthando, uzwela nobubele bukaJesu kubonisa izimfanelo zikaJehova njengoba zinjalo. (Mathewu 11:28-30; Marku 6:30-34; Johane 15:13, 14; Kolose 1:15; Heberu 1:3) Ngakho njengoba abantu beya bemazi futhi bemthanda uJesu, bayomazi futhi bamthande noJehova.a (1 Johane 4:14, 16, 19) Labo esibafundisa iBhayibheli kudingeka sibafundise ukuthi nguJehova oyimbangela yakho konke uKristu aye wakwenzela isintu nokuthi ngenxa yalokho kufanele simbonge, simdumise futhi simkhulekele ngoba ‘unguNkulunkulu oyinsindiso yethu.’—IHubo 68:19, 20; Isaya 12:2-5; Johane 3:16; 5:19.
20. (a) Singabasiza kanjani abantu ukuba basondele kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe? (b) Yini okuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo?
20 Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, masisize abantu basondele kuye naseNdodaneni yakhe, sibasize bakhe uthando nokholo ezinhliziyweni zabo. Kanjalo uJehova uyoba ngokoqobo kubo. (Johane 7:28) NgoKristu, bayokwazi ukwakha ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu, futhi bayomthanda futhi banamathele kuye. Ngeke babeke isikhathi eyonqamuka ngaso inkonzo yabo yothando, kodwa bayoba nokholo lokuthi izithembiso zikaJehova ezimangalisayo ziyogcwaliseka ngesikhathi sakhe esifanele. (IsiLilo 3:24-26; Heberu 11:6) Nokho, njengoba sisiza abanye ukuba babe nokholo, ithemba nothando, kumelwe sakhe nolwethu ukholo, ukuze lube njengomkhumbi oqinile okwazi ukubhekana nezivunguvungu ezinkulu. Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Usizo oluhle kakhulu lokwazi uJesu kangcono nokwazi uYise, uJehova, ngoJesu yincwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ukubukeza
◻ Ngokuvamile sisivusa kanjani isithakazelo sabantu esigijimini soMbuso, kodwa iyiphi ingozi ekhona?
◻ Luhlobo luni lwabantu uJehova aludonsela kuye naseNdodaneni yakhe?
◻ Ukungena kuka-Israyeli eZweni Lesithembiso kwakuxhomeke kuphi, futhi yini esingayifunda kulokhu?
◻ Iyiphi indima esiyifezayo ekusizeni abantu basondele kuJehova naseNdodaneni yakhe?
[Isithombe ekhasini 10]
Nakuba sibonisa abantu ithemba lokuphila okumi phakade ePharadesi, umgomo wethu oyinhloko uwukubadonsela kuJehova
[Izithombe ekhasini 13]
Izimpindelo zethu zingaphumelela kakhulu uma silungiselela kahle