IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaHagayi NekaZakariya
NGUNYAKA ka-520 B.C.E. Sekudlule iminyaka engu-16 kusukela amaJuda abuya ekudingisweni eBhabhiloni abeka isisekelo sethempeli likaJehova eJerusalema. Noma kunjalo, ithempeli alikapheli, futhi umsebenzi wokwakha uvinjelwe. UJehova uvusa umprofethi uHagayi futhi ezinyangeni ezimbili kamuva uvusa umprofethi uZakariya ukuba bakhulume izwi laKhe.
UHagayi noZakariya banomgomo owodwa: Ukukhuthaza abantu ukuba baphinde baqale umsebenzi wokwakha kabusha ithempeli. Imizamo yalaba baprofethi iyaphumelela, futhi ithempeli liyaqedwa eminyakeni emihlanu kamuva. Lokho oHagayi noZakariya abakumemezela kulotshwe ezincwadini zeBhayibheli ezibizwa ngamagama abo. Incwadi kaHagayi yaqedwa ngo-520 B.C.E., ekaZakariya yaqedwa ngo-518 B.C.E. Njengalabo baprofethi, nathi sinomsebenzi esiwunikwe uNkulunkulu okumelwe siwuqede ngaphambi kokuphela kwesimiso sezinto samanje. Ngumsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Ake sibone ukuthi isiphi isikhuthazo esingasithola encwadini kaHagayi nekaZakariya.
“BEKANI INHLIZIYO YENU EZINDLELENI ZENU”
Phakathi nezinsuku ezingu-112, uHagayi uhambisa izigijimi ezine ezishukumisayo. Esokuqala sithi: “‘Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu. Khuphukelani entabeni, nilethe izingodo. Niyakhe le ndlu, ukuze ngijabule ngayo futhi ngikhazinyuliswe,’ kusho uJehova.” (Hagayi 1:7, 8) Abantu basabela kahle. Isigijimi sesibili sinalesi sithembiso: “[Mina Jehova] ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo.”—Hagayi 2:7.
Ngokwesigijimi sesithathu, ukudebeselela kwabo umsebenzi wokwakha kabusha ithempeli kwenzé ‘isizwe nawo wonke umsebenzi wezandla zaso’ kwaba okungcolile phambi kukaJehova. Nokho, uJehova ‘wayeyosilethela isibusiso’ kusukela ngosuku umsebenzi wokulungisa oyoqala ngalo. Njengoba kushiwo esigijimini sesine, uJehova ‘uyobhuqa amandla emibuso yezizwe’ futhi amise uMbusi uZerubhabhele “njengendandatho yophawu.”—Hagayi 2:14, 19, 22, 23.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:6—Isho ukuthini inkulumo ethi “niyaphuza, kodwa anifiki eqophelweni lokudakwa”? Le nkulumo imane ibonisa ukuntuleka kwewayini. Ngenxa yokungabi nesibusiso sikaJehova, iwayini laliyoba lincane—ngokuqinisekile linganeli ukuba libadake.
2:6, 7, 21, 22—Ubani noma yini ebangela ukuzamazama, futhi kuba namuphi umphumela? UJehova ‘uzamazamisa zonke izizwe’ ngomsebenzi wokushumayela isigijimi soMbuso owenziwa emhlabeni wonke. Umsebenzi wokushumayela uphinde futhi wenze ukuba “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe” zingene endlini kaJehova, ngaleyo ndlela uyigcwalisa ngenkazimulo. Ngesikhathi esifanele “uJehova wamabutho” uyozamazamisa “amazulu nomhlaba nolwandle nomhlabathi owomile,” abangele ukuba sonke isimiso esibi sezinto samanje sinyakaziswe siphele.—Hebheru 12:26, 27.
2:9—‘Inkazimulo yendlu yakamuva yayizoba nkulu kuneyangaphambili’ ngaziphi izindlela? Lokhu kwakuzokwenzeka okungenani ngezindlela ezintathu: inani leminyaka ithempeli elaba khona ngayo, abantu abafundisa kulo, nokuthi obani abathuthelekela kulo ukuze bakhulekele uJehova. Nakuba ithempeli likaSolomoni elikhazimulayo laba khona iminyaka engu-420, kusukela ngo-1027 B.C.E. kuya ku-607 B.C.E., ‘indlu yakamuva’ yasetshenziswa iminyaka engaphezu kuka-580, kusukela lapho iqedwa ngo-515 B.C.E. kuze kube sekubhujisweni kwayo ngo-70 C.E. Ngaphezu kwalokho, uMesiya—uJesu Kristu—wafundisa kule “ndlu yakamuva,” futhi kweza abantu abaningi ngokwengeziwe kuyo kunakuleyo “yangaphambili” ukuze bakhulekele uNkulunkulu.—IzEnzo 2:1-11.
Izifundo Esizitholayo:
1:2-4. Ukuphikiswa komsebenzi wethu akufanele kusenze sishintshe, senze izinto eziza kuqala kithi kube izithakazelo zethu siqu esikhundleni ‘sokufuna kuqala umbuso.’—Mathewu 6:33.
1:5, 7. Kuhle ukuba ‘sibeke inhliziyo yethu ezindleleni zethu’ futhi sizindle ngendlela lokho esikwenzayo ngokuphila kwethu okubuthinta ngayo ubuhlobo bethu noNkulunkulu.
1:6, 9-11; 2:14-17. AmaJuda osuku lukaHagayi ayesebenza kanzima ephishekela izinto zawo siqu kodwa engaziboni izithelo zomshikashika wawo. Ayengenaso isibusiso sikaNkulunkulu ngoba ayedebeselela ithempeli. Kufanele sibeke izinto ezingokomoya kuqala futhi sinikele inkonzo yomphefumulo wonke kuNkulunkulu, sikhumbula ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sinezinto ezibonakalayo eziningi noma ezimbalwa, ‘yisibusiso sikaJehova esicebisayo.’—IzAga 10:22.
2:15, 18. UJehova wanxusa amaJuda ukuba kusukela ngalolo suku kuqhubeke, agxilise izinhliziyo zawo emsebenzini wokwakha kabusha, hhayi ekudebeseleleni kwawo okudlule. Nathi ngokufanayo kufanele silwele ukubheka phambili njengoba sikhulekela uNkulunkulu wethu.
‘KUNGABI NGAMANDLA, KODWA KUBE NGOMOYA WAMI’
UZakariya uqala umsebenzi wakhe wokuprofetha ngokucela amaJuda ukuba ‘abuyele kuJehova.’ (Zakariya 1:3) Imibono engu-8 elandelayo iqinisekisa ukuthi uNkulunkulu wayeyowusekela umsebenzi wokwakha kabusha ithempeli. (Bheka ibhokisi elithi “Imibono KaZakariya Engu-8 Engokomfanekiso.”) Umsebenzi wokwakha wawuyophela, kodwa ‘kwakungeke kube ngebutho lempi, noma ngamandla, kodwa kwakuyoba ngomoya kaJehova.’ (Zakariya 4:6) Umuntu okuthiwa uHlumela “ngokuqinisekile uyolakha ithempeli likaJehova” futhi ‘uyoba ngumpristi esihlalweni sakhe sobukhosi.’—Zakariya 6:12, 13.
IBhethele ithumela ithimba ukuba liyobuza abapristi ngokuphathelene nokuzila ukudla ngenjongo yokukhumbula ukubhujiswa kweJerusalema. UJehova utshela uZakariya ukuthi ukuzila ukudla izikhathi ezine okwenzelwa ukukhumbula inhlekelele eyehlela iJerusalema kuyoshintsha kube “ukwethaba nokujabula nezinkathi zemikhosi ezinhle.” (Zakariya 7:2; 8:19) Izimemezelo ezimbili ezilandelayo zihlanganisa izahlulelo eziya ezizweni nakubaprofethi bamanga, iziprofetho eziphathelene noMesiya kanye nesigijimi sokubuyiselwa kwabantu bakaNkulunkulu.—Zakariya 9:1; 12:1.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:1—Kungani indoda ethile yayilinganisa iJerusalema ngendophi? Ngokusobala, lesi senzo sasisikisela ukwakhiwa kodonga oluvikelayo olwaluzozungeza umuzi. Ingelosi itshela le ndoda ukuthi iJerusalema lizonwetshwa futhi libe nesivikelo sikaJehova.—Zakariya 2:3-5.
6:11-13—Ingabe ukuthweswa umqhele koMpristi Omkhulu uJoshuwa kwamenza waba umpristi oyinkosi? Cha, uJoshuwa wayengaveli ohlwini lobukhosi lukaDavide. Nokho, ukuthweswa kwakhe umqhele kwamenza wafuzisela uMesiya. (Hebheru 6:20) Isiprofetho esiphathelene ‘noHlumela’ sagcwaliseka kuMpristi oyiNkosi yasezulwini uJesu Kristu. (Jeremiya 23:5) Njengoba uJoshuwa akhonza amaJuda abuya ekudingisweni njengompristi ophakeme ethempelini elakhiwe kabusha, ngokufanayo uJesu ungumPristi Ophakeme ekukhulekeleni kweqiniso ethempelini likaJehova elingokomoya.
8:1-23—Izimemezelo eziyishumi okukhulunywa ngazo kula mavesi zigcwaliseka nini? Isimemezelo ngasinye silandela inkulumo ethi “yilokhu uJehova wamabutho akushilo” futhi siyisithembiso sokuthula uNkulunkulu asinikeza abantu bakhe. Ezinye zalezi zimemezelo zagcwaliseka ekhulwini lesithupha B.C.E., kodwa zonke ziye zagcwaliseka kusukela ngo-1919 C.E. noma ziyagcwaliseka kwamanje.a
8:3—Kungani iJerusalema libizwa ngokuthi “umuzi weqiniso”? Ngaphambi kokubhujiswa kwalo ngo-607 B.C.E., iJerusalema ‘laliwumuzi ocindezelayo,’ owawunabaprofethi nabapristi abakhohlakele nabantu abangathembekile. (Zefaniya 3:1; Jeremiya 6:13; 7:29-34) Nokho, lapho ithempeli selakhiwe kabusha nabantu bezinikele ekukhulekeleni uJehova, kwakuzokhulunywa kulo amaqiniso okukhulekela okuhlanzekile, futhi iJerusalema lalizobizwa ngokuthi “umuzi weqiniso.”
11:7-14—Kusho ukuthini ukunqamula kukaZakariya udondolo olubizwa ngokuthi “ubuMnandi” nolunye olubizwa ngokuthi “ukuHlangana”? UZakariya uvezwa engumuntu othunywe ukuba ‘eluse umhlambi ohloselwe ukubulawa’—abantu abanjengezimvu abaxhashazwa abaholi babo. Kule ndima yakhe njengomalusi, uZakariya wafanekisela uJesu Kristu owathunywa kubantu bakaNkulunkulu besivumelwano kodwa bamenqaba. Ukunqanyulwa kodondolo olubizwa ngokuthi “ubuMnandi” kwafanekisela ukuthi uNkulunkulu wayeyosiqeda isivumelwano soMthetho namaJuda futhi ayeke ukusebenzelana nawo kahle. Ukunqanyulwa kodondolo olubizwa ngokuthi “ukuHlangana” kwasho ukunqanyulwa kwesibopho esingokwasezulwini sobuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.
12:11—Kuyini ‘ukulila kwaseHadadirimoni ethafeni lasesigodini saseMegido’? Inkosi yakwaJuda uJosiya yabulawa empini ilwa noFaro Nekho waseGibhithe “ethafeni lasesigodini saseMegido,” futhi ukufa kwayo kwalilelwa iminyaka eminingi ‘ngezingoma zokulila.’ (2 IziKronike 35:25) Ngakho-ke, ‘ukulila kwaseHadadirimoni’ kungase kubhekisele ekulileni okwaba khona lapho kufa uJosiya.
Izifundo Esizitholayo:
1:2-6; 7:11-14. UJehova uyajabula futhi abuyele kulabo abaphendukayo bamukele ukusolwa futhi babuyele kuye ngokumkhulekela ngomphefumulo wonke. Ngakolunye uhlangothi, akasabeli esicelweni sosizo sabantu ‘abalokhu benqaba ukulalela, bephekula ihlombe futhi benze izindlebe zabo zingasabeli’ esigijimini sakhe.
4:6, 7. Azikho izithiyo ezaba zinkulu kakhulu ukuba umoya kaJehova wehluleke ukuzinqoba ukuze umsebenzi wokwakha kabusha ithempeli uphele ngokuphumelelayo. Noma iziphi izinkinga esingase sihlangabezane nazo enkonzweni yethu kuNkulunkulu zinganqotshwa ngokuba nokholo kuJehova.—Mathewu 17:20.
4:10. UZerubhabhele nabantu bakubo baqeda ithempeli ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme ngoba uJehova wayebaqaphe ngeso lokhozi. Ukuphila ngokuvumelana nalokho uJehova akulindele akuyona into enzima kakhulu kubantu abangaphelele.
7:8-10; 8:16, 17. Ukuze sithole umusa kaJehova, kumelwe sibonise ubulungisa, umusa wothando nesihe futhi sikhulume iqiniso omunye komunye.
8:9-13. UJehova uyasibusisa lapho ‘izandla zethu zinamandla’ ekwenzeni umsebenzi asabele ukuba siwenze. Lezi zibusiso zihlanganisa ukuthula, ukulondeka nokuthuthuka ngokomoya.
12:6. Labo abasezikhundleni zokwengamela phakathi kwabantu bakaJehova kufanele babe “njengobhaqa oluvuthayo”—bashiseke ngendlela evelele.
13:3. Ubuqotho bethu kuNkulunkulu weqiniso nasenhlanganweni yakhe kufanele budlule ubuqotho esibubonisa kunoma imuphi umuntu, kungakhathaliseki ukuthi sisondelene kangakanani naye.
13:8, 9. Izihlubuki uJehova azilahla zaziziningi kakhulu, ziyizingxenye ezimbili zezwe. Yingxenye yesithathu kuphela eyacwengisiswa ngokungathi ngomlilo. Osukwini lwethu, eLobukholwa elakha ingxenye enkulu kakhulu yalabo abathi bangamaKristu liye lalahlwa uJehova. Inani elincane kuphela, amaKristu agcotshiwe, ‘liye labiza igama likaJehova’ futhi lazithoba enqubweni yokucwengisiswa. La maKristu namakholwa akanye nawo azibonakalisa engaphezu kokuba nje oFakazi BakaJehova ngegama.
Sishukunyiselwa Ukuba Sishiseke
Okwamenyezelwa uHagayi noZakariya kusithinta kanjani thina namuhla? Lapho sizindla ngendlela isigijimi sabo esawakhuthaza ngayo amaJuda ukuba angadebeseleli umsebenzi wokwakha kabusha ithempeli, asishukunyiswa yini ukuba sihlanganyele ngentshiseko emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi?
UZakariya wabikezela ukuthi uMesiya wayeyokuza ‘egibele imbongolo,’ ukuthi wayeyokhashelwa ‘ngezinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu,’ ukuthi wayeyoshaywa nokuthi izimvu ‘zomhlambi zaziyohlakazeka.’ (Zakariya 9:9; 11:12; 13:7) Yeka ithonya ukuzindla ngokugcwaliseka kweziprofetho ezinjalo zikaZakariya eziphathelene noMesiya okunalo okholweni lwethu! (Mathewu 21:1-9; 26:31, 56; 27:3-10) Ukuthembela kwethu eZwini likaJehova nasemalungiselelweni akhe ensindiso yethu kuyaqiniswa.—Hebheru 4:12.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-January 1, 1996, amakhasi 9-22.
[Ibhokisi ekhasini 11]
IMIBONO KAZAKARIYA ENGU-8 ENGOKOMFANEKISO
1:8-17: Uqinisekisa ukuthi ithempeli liyoqedwa, ubonise nokuthi iJerusalema neminye imizi yakwaJuda iyobusiswa.
1:18-21: Uthembisa ukuphela ‘kwezimpondo ezine ezahlakaza uJuda,’ okungukuthi, bonke ohulumeni ababephikisana nokukhulekelwa kukaJehova.
2:1-13: Ubonisa ukuthi iJerusalema liyonwetshwa nokuthi uJehova uyoba “udonga lomlilo nxazonke zalo”—abe isivikelo.
3:1-10: Ubonisa ukuthi uSathane wayehilelekile ekumelaneni nomsebenzi wokwakha ithempeli nokuthi uMpristi Ophakeme uJoshuwa ukhululiwe futhi uhlanziwe.
4:1-14: Unikeza isiqinisekiso sokuthi izithiyo ezinjengezintaba ziyohlelenjwa nokuthi uMbusi uZerubhabhele uyolakha ithempeli aliqede.
5:1-4: Umemezela isiqalekiso kubenzi bobubi abangajezanga.
5:5-11: Ubikezela ukuphela kobubi.
6:1-8: Uthembisa ukwengamela nokuvikela kwezingelosi.
[Isithombe ekhasini 8]
Wawuyini umgomo wezigijimi zikaHagayi noZakariya?
[Isithombe ekhasini 10]
Labo abasezikhundleni zokwengamela bafana kanjani ‘nobhaqa oluvuthayo’?