Abantu Emhlabeni Wonke Benziwa Babe Munye—Kanjani?
UNGABUCHAZA kanjani “ubunye”? Kwabanye, leli gama limane lisho ukungabikho kombango noma ukuhilizisana. Ngokwesibonelo, uma amazwe amabili noma ngaphezulu esayina isivumelwano futhi evumelana ngemibandela yokuthula, kungase kuthiwe amunye. Kodwa ingabe kusuke kunjalo ngempela? Hhayi njalo.
Cabanga ngalokhu: Kuwo wonke umlando, kuye kwenziwa futhi kwephulwa izinkulungwane zezivumelwano zokuthula. Ngani? Ngoba ngokuvamile abaholi bamazwe bakhathalela kakhulu ubukhulu babo kunokuthula noma ubunye. Futhi amanye amazwe anovalo lwalokho okungase kwenzeke uma engase asilele kwamanye endabeni yamandla ezempi.
Ngakho, ukuthi amazwe amabili awalwi akusho ukuthi amunye, anokuthula. Kungashiwo yini ukuthi amadoda amabili akhombene ngezibhamu anokuthula ngoba nje ingekho kuwo esidedele inhlamvu? Umbono onjalo awuphusile. Nokho, yileso simo amazwe amaningi namuhla azithola ekuso. Ukungathembani kuye kwabangela uvalo lokuthi ngolunye usuku ayozisebenzisa izikhali zawo. Kuye kwenziwani ukuze kuvinjelwe inhlekelele enjalo?
Uvalo Lwenuzi—Usongo Lobunye
Abaningi bathembele eSivumelwaneni Sokungandisi Izikhali Zenuzi [i-Non-Proliferation Treaty (NPT)]. Lesi sivumelwano samukelwa ngo-1968 futhi senqabela ukwakhiwa kwezikhali zenuzi emazweni angenazo futhi sinqande ukwandiswa kwazo emazweni asenazo. Umgomo wesivumelwano se-NPT, manje esesisayinwe amazwe angaphezu kuka-180, uwukuba ekugcineni ziqedwe ngokuphelele izikhali.
Nakuba lowo mgomo uzwakala umuhle, abanye abagxeki babheka isivumelwano se-NPT njengomzamo nje wokuvimbela amazwe angenazo lezo zikhali ukuba angangeni “eqenjini lamazwe anezikhali zenuzi.” Ngakho, kwesatshwa ukuthi amanye amazwe asisayinile angase ashintshe umqondo. Ngempela, amanye amazwe akubona kungebona neze ubulungisa ukuba enqatshelwe ukwakha izikhali anomuzwa wokuthi ziyowasiza ukuba akwazi ukuzivikela.
Okushubisa le nkinga—mhlawumbe kuze kube seqophelweni lokufaka ukuphila engozini—iqiniso lokuthi alikho izwe elivinjelwe ukuba liphehle amandla enuzi. Lokhu kuye kwabangela abanye ukuba babe novalo lokuthi amazwe okuthiwa asebenzisa amandla enuzi ezintweni ezingahlangene nempi kungenzeka akha izikhali zenuzi esithe.
Ngisho namazwe asenazo kakade izikhali zenuzi angase asishaye indiva isivumelwano se-NPT. Abagxeki bathi kungaba ubuwula ukulindela amazwe anezikhali eziningi ukuba aqede noma nje anciphise izikhali zawo. Ngokomunye umthombo, “ukufinyelela lokhu . . . kudinga ubungane nokwethembana okukhulu phakathi kwamazwe kwamanje abhekene ngeziqu zamehlo [kangangokuthi kunzima ukukholelwa ukuthi] lokhu kungake kwenzeke.”
Imizamo yabantu yokwakha ubunye—kungakhathaliseki ukuthi iqotho kangakanani—iye yehluleka. Abafundi beBhayibheli akubamangazi lokhu, ngoba iZwi likaNkulunkulu lithi: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) IBhayibheli libuye lilibeke ngembaba leli qiniso: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.” (IzAga 16:25) Ubunye obungase bufinyelelwe ohulumeni babantu bulinganiselwe. Nokho, lokhu akusho ukuthi asinalo ithemba.
Umthombo Wobunye Bangempela
IBhayibheli liqukethe isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi umhlaba uyokwenziwa ube nobunye, kodwa hhayi ngemizamo yomuntu. UMdali, owayenenjongo yokuba isintu sihlale ngokuthula emhlabeni wonke, uyofeza lokho umuntu angeke akwazi ukukufeza. Lokhu kungase kungakholeki kwabanye. Noma kunjalo, injongo kaNkulunkulu kwasekuqaleni yayiwukuba isintu sihlalisane ngokuthula nokuzwana.a Amavesi amaningi eBhayibhelini anikeza ubufakazi bokuthi kuseyinjongo kaNkulunkulu ukwenza uhlanga lwesintu lube munye. Cabangela izibonelo ezimbalwa nje:
• “Wozani, bukani imisebenzi kaJehova, ukuthi uzimisé kanjani izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni. Uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.”—IHUBO 46:8, 9.
• “Ngeke neze kulimaze noma kubangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—ISAYA 11:9.
• “Empeleni uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke. Isihlamba sabantu bayo iyosisusa kuwo wonke umhlaba, ngoba uJehova ngokwakhe ukukhulumile.”—ISAYA 25:8.
• “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 PETRU 3:13.
• “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—ISAMBULO 21:4.
Singazethemba lezi zithembiso. Ngani? Ngoba njengoMdali, uJehova uNkulunkulu unamandla nekhono lokuletha ubunye esintwini. (Luka 18:27) Kuyisifiso sakhe futhi ukubuletha. Eqinisweni, iBhayibheli lithi ‘kuyintando kaNkulunkulu ukuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.’—Efesu 1:8-10.
Isithembiso sikaNkulunkulu ‘somhlaba omusha okuyohlala kuwo ukulunga’ asilona nje iphupho. (2 Petru 3:13) Ngokuphathelene nalokho akuthembisile, uJehova uNkulunkulu uthi: ‘Ngeke kubuyele kimi kungabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile kuyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi kuyophumelela ngokuqinisekile kulokho engikuthumele kona.’—Isaya 55:11.
Ukuhlanganiswa IZwi LikaNkulunkulu
Njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, ngokuvamile inkolo iye yaba nendima ekuhlukaniseni isintu kunokusenza sibe munye. Lokhu kufanele sikubhekisise ngeso elibukhali, ngoba uma sivuma ukuthi uMdali ukhona, akunangqondo yini ukulindela ukuba abakhulekeli bakhe babe nokuthula nobunye? Impela kunjalo!
Ithonya lenkolo lokuhlukanisa isintu liphambene noJehova uNkulunkulu neZwi lakhe. Lilahla izinkolo ezigqugquzela amacebo obunye enziwe abantu esikhundleni sokusekela injongo kaNkulunkulu. UJesu wabiza abaholi benkolo bosuku lwakhe ngokuthi ‘abazenzisi’ futhi wathi kubo: “U-Isaya waprofetha ngokufanele ngani, lapho ethi, ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa inhliziyo yaso iqhelele kude nami. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’”—Mathewu 15:7-9.
Ngokuphambene, ukukhulekela kweqiniso kunethonya elenza abantu babe munye. Umprofethi u-Isaya wabikezela: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; zonke izizwe ziyogobhozela kuyo. Ngokuqinisekile uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe alungise izindaba ngokuqondene nabantu bezizwe eziningi. Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:2, 4.
Namuhla, emazweni angaphezu kuka-230, oFakazi BakaJehova balandela iziqondiso abazinikezwa uJehova uNkulunkulu ngokuqondene nezindlela zobunye. Yini ebenza babe munye? Umphostoli uPawulu wabhala: “Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.” (Kolose 3:14) Igama lolimi lwesiGreki uPawulu alisebenzisa kwelithi “isibopho” lingabhekisela emisipheni yomzimba womuntu. Leyo misipha iqine njengendophi, futhi yenza imisebenzi emibili ebalulekile. Igcina izitho zomzimba zisezindaweni zazo, futhi ihlanganisa amathambo.
Cishe yilokho nothando olukwenzayo. Le mfanelo yenza okungaphezu kokumane ivimbele abantu ukuba bangabulalani. Uthando olunjengolukaKristu lwenza abantu bezizinda ezihlukahlukene bakwazi ukusebenzelana ngokuthula. Ngokwesibonelo, lwenza abantu baphile ngokuvumelana nomthetho ovame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide. Ngokusho kukaMathewu 7:12, uJesu Kristu wathi: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” Ukusebenzisa lesi siqondiso kuye kwasiza abaningi ukuba banqobe ubandlululo.
‘Uthando Phakathi Kwenu’
OFakazi BakaJehova bazimisele ukuzibonakalisa bengabafundi bakaKristu ngokwenza lokho uJesu akusho: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Uthando olunjalo luye lwaboniswa ngendlela ephawulekayo ngezikhathi zeziyaluyalu zobuhlanga neziphithiphithi zezombangazwe. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sokuqothulwa kwesizwe eRwanda ngo-1994, oFakazi BakaJehova babonisa ukuthi bayathandana. OFakazi besizwe samaHutu bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze bavikele abafowabo abangamaTutsi!
Yebo, akunangqondo ukulindela ukuba amazwe omhlaba ahlakulele uthando ngomakhelwane kuze kube sezingeni lokuba lulethe ubunye bomhlaba wonke. IBhayibheli libonisa ukuthi lokhu kuyofezwa uNkulunkulu ngesikhathi sakhe esifanele. Nokho, kwamanje, abantu ngabanye bangagqoka uthando futhi bafinyelele ubunye.
Nyakenye, oFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane behambela abantu bexoxa nabo ngeBhayibheli nangenzuzo yalo ekuphileni kwanamuhla. Ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu luye lwenza abantu abaningi baba munye, abanye ngaphambili ababefukamele inzondo ngomunye nomunye. Laba bahlanganisa ama-Arabhu namaJuda, abase-Armenia nabaseTurkey, amaJalimane namaRashiya, uma sibala abambalwa nje.
Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngethonya leZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, elinamandla okuletha ubunye? Uma kunjalo, thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele ekhelini elifanele ekhasini 2.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Kuye kwenziwa futhi kwephulwa izinkulungwane zezivumelwano zokuthula
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
Ukusetshenziswa kwezimiso zeBhayibheli kuye kwafeza lokho ohulumeni babantu abangenakukufeza
[Isithombe ekhasini 5]
IZwi likaNkulunkulu lisibonisa uMthombo wobunye bangempela
[Isithombe ekhasini 7]
OFakazi BakaJehova abangamaHutu nabangamaTutsi bakha ndawonye indawo yokukhulekela