Ingabe Uyamvumela UJehova Akubuze?
IBHAYIBHELI linenqwaba yemibuzo engena ijule enhliziyweni. Empeleni, uJehova uNkulunkulu ngokwakhe usebenzisa imibuzo ukuze afundise amaqiniso abalulekile. Ngokwesibonelo, wasebenzisa imibuzo eminingana lapho exwayisa uKhayini ukuba alungise inkambo yakhe eyingozi. (Gen. 4:6, 7) Ngezinye izikhathi, uJehova wayebuza umbuzo owodwa nje ukuze ashukumisele umuntu ukuba athathe isinyathelo. Lapho ezwa uJehova ebuza: “Ngizothuma bani, ubani ozosiyela?” umprofethi u-Isaya waphendula: “Nangu mina! Thuma mina.”—Isaya 6:8.
UJesu, uMfundisi Omkhulu, naye wasebenzisa imibuzo ngendlela ephumelelayo. Ukulandisa kwamaVangeli kuqukethe imibuzo kaJesu engaphezu kwengu-280. Nakuba ngezinye izikhathi asebenzisa imibuzo ukuze athulise ababemgxeka, izikhathi eziningi wayeyisebenzisela ukufinyelela izinhliziyo zezilaleli zakhe, ezishukumisa ukuba zizindle ngesimo sazo esingokomoya. (Math. 22:41-46; Joh. 14:9, 10) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu, owabhala izincwadi ezingu-14 zemiBhalo YamaKristu YesiGreki, wasebenzisa imibuzo ngendlela eshukumisayo. (Roma 10:13-15) Ngokwesibonelo, incwadi ayibhalela abaseRoma inenqwaba yemibuzo. Imibuzo kaPawulu yashukumisela ababeyifunda ukuba baqonde “ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu.”—Roma 11:33.
Nakuba eminye imibuzo ifuna umuntu aphendule, eminye ihloselwe ukuba imenze acabange ngokujulile. Ukulandisa kwamaVangeli kubonisa indlela uJesu ayisebenzisa ngayo kaningi imibuzo eyenza umuntu acabange. Ngesinye isikhathi, uJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Xwayani imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode,” esho ubuzenzisi nezimfundiso zabo zamanga. (Marku 8:15; Math. 16:12) Abafundi bakaJesu abazange balithole iphuzu futhi baqala ukuphikisana ngokukhohlwa kwabo ukuphatha isinkwa. Phawula indlela uJesu asebenzisa ngayo imibuzo engxoxweni emfushane eyalandela. “Wathi kubo: ‘Kungani niphikisana ngokungabi kwenu nezinkwa na? Ingabe anikaqondi futhi anikayitholi incazelo? Ingabe izinhliziyo zenu zibuthuntu ekuqondeni? “Nakuba ninamehlo, aniboni yini; futhi nakuba ninezindlebe, anizwa yini?” . . . Ingabe anikayitholi incazelo namanje?’” Imibuzo kaJesu yayihloselwe ukwenza abafundi bakhe bacabange, ibashukumisele ukuba bazindle ngencazelo yangempela yamazwi akhe.—Marku 8:16-21.
“Mangikubuze”
UJehova uNkulunkulu wasebenzisa imibuzo ukuze alungise ukucabanga kwenceku yakhe uJobe. Wasebenzisa imibuzo eminingi ukuze asize uJobe abone ubuncane bakhe uma eqhathaniswa noMenzi wakhe. (Jobe, izahluko 38-41) Ingabe wayelindele ukuba aphendule ngokuzwakalayo embuzweni ngamunye awubuza? Kubonakala kungenjalo. Imibuzo enjengokuthi, “Wawukuphi lapho ngisekela umhlaba?” kusobala ukuthi yayihloselwe ukwenza uJobe acabange futhi ithinte imizwa yakhe. Ngemva kweminye yaleyo mibuzo enamandla, uJobe waphelelwa amazwi. Wamane wathi: “Ngizokuphendula ngithini? Isandla sami ngisibeké emlonyeni wami.” (Jobe 38:4; 40:4) UJobe walithola iphuzu futhi wazithoba. Nokho, uJehova wayengafundisi uJobe ukuthobeka kuphela, wayelungisa nokucabanga kwakhe. Kanjani?
Nakuba uJobe ‘ayengumuntu ongasoleki futhi oqotho,’ ngezinye izikhathi ayekusho kwaveza ukuthi wayenombono ongalungile, okwaphawulwa nawu-Elihu lapho esola uJobe ngenxa yokuba “ethé umphefumulo wakhe ulungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile.” (Jobe 1:8; 32:2; 33:8-12) Ngakho, imibuzo kaJehova yalungisa nokuqonda kukaJobe. Ekhuluma noJobe esesivunguvungwini, uNkulunkulu wathi: “Ubani lo ositha iseluleko ngamazwi angenalwazi? Ngicela ubophe izinkalo zakho, njengendoda enamandla, mangikubuze, wena ungazise.” (Jobe 38:1-3) Esebenzisa imibuzo, uJehova wabe eseqaphelisa uJobe ngokuhlakanipha nangamandla akhe angenamkhawulo njengoba kuboniswa imisebenzi yakhe emangalisayo. Lokhu kukhanyiselwa kwasiza uJobe ukuba angaphinde angabaze ukwahlulela kukaJehova nendlela enza ngayo izinto. Yeka ukuthi uJobe waba nokuhlangenwe nakho okwesabeka kangakanani—ukubuzwa uNkulunkulu uMninimandla onke uqobo lwakhe!
Indlela Esingavumela Ngayo UJehova Ukuba Asibuze
Thina-ke? Ingabe nathi singazuza emibuzweni elotshwe eBhayibhelini? Yebo, singazuza! Uma sivuma ukuba leyo mibuzo isenze sime sicabange, lokho kungasicebisa ngokomoya. Imibuzo eyenza umuntu acabange eseZwini likaNkulunkulu inengxenye ekulenzeni libe namandla. Ngempela “izwi likaNkulunkulu . . . linamandla . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heb. 4:12) Nokho, ukuze sizuze ngokugcwele kudingeka siyiqondise kithi leyo mibuzo, njengokungathi uJehova usibuza ngabanye. (Roma 15:4) Ake sicabangele ezinye izibonelo.
“Ubengeke yini uMahluleli womhlaba wonke enze okulungile?” (Gen. 18:25) U-Abrahama wabuza uJehova lo mbuzo ongadinge mpendulo ngesikhathi ekhipha isahlulelo eSodoma naseGomora. Kwakuyinto engacabangeki ku-Abrahama ukuthi uJehova angenza ngokungenabulungisa—abulale olungile nomubi. Umbuzo ka-Abrahama ubonisa ukuthi wayenokholo oluqinile ekulungeni kukaJehova.
Namuhla, abanye bangase bathambekele ekuqageleni maqondana nezahlulelo zikaJehova zangesikhathi esizayo, njengokuthi obani ngokuqondile abayosinda e-Armagedoni noma abayovuswa. Kunokuba sivumele imicabango enjalo isikhathaze, singakhumbula umbuzo ka-Abrahama. Ukwazi uJehova njengoBaba osezulwini onomusa nokuthembela ngokuphelele ebulungiseni nasesiheni sakhe, njengoba kwenza u-Abrahama, kusenza singachithi isikhathi namandla ngezimpikiswano ezingasizi ngalutho, sikhathazeka ngokungadingekile futhi singabaza okuyinto esenza buthaka.
“Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila?” (Math. 6:27) Ekhuluma nesixuku esikhulu esasihlanganisa abafundi bakhe, uJesu wasebenzisa lo mbuzo ukuze agcizelele ukuthi kwakudingeka bazibeke ezandleni zikaJehova ezinothando. Izinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto esibi zisenza sibe nezinkathazo eziningi, kodwa ukugxila kuzo ngeke kusenze siphile isikhathi eside noma kuthuthukise ukuphila kwethu.
Noma nini lapho sizizwa sikhathazekile ngathi noma ngesibathandayo, ukuzikhumbuza umbuzo kaJesu kungasisiza ukuba sibe nombono ofanele ngezinkathazo zethu. Kungasenza siyeke ukukhathazeka futhi kususe nemicabango engakhi ekhandlayo ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokwenyama. Njengoba uJesu asiqinisekisa, uBaba wethu osezulwini, owondla izinyoni zezulu futhi agqokise izimila zasendle, ukwazi kahle esikudingayo.—Math. 6:26-34.
“Umuntu angawabuthela yini amalahle esifubeni sakhe kodwa izingubo zakhe zingashi?” (IzAga 6:27) Izahluko zokuqala ezingu-9 zencwadi yezAga zinezinkulumo ezimfushane zikababa ofundisa indodana yakhe ngokuhlakanipha okusebenzayo. Umbuzo ocashunwe ngenhla ubhekisela emiphumeleni ebuhlungu yokuphinga. (IzAga 6:29) Uma sizithola sidlala ngothando noma sivumela noma isiphi isifiso esingalungile sobulili sigxile engqondweni yethu, lo mbuzo kufanele usenze siqaphele ukuthi sidlala ngomlilo. Empeleni, lo mbuzo ungabuzwa noma nini lapho umuntu elingelwa ukuba athathe inkambo ewubuwula. Yeka indlela osigcizelela ngayo lesi simiso seBhayibheli esinengqondo: ‘Uvuna okuhlwanyelayo’!—Gal. 6:7.
“Ungubani wena ukuba wahlulele inceku yomunye yasendlini?” (Roma 14:4) Encwadini yakhe ayibhalela abaseRoma, uPawulu waxoxa ngezinkinga ezaphakama ebandleni langekhulu lokuqala. Amanye amaKristu, njengoba ayenezizinda ezihlukahlukene zamasiko, ayethambekele ekwahluleleni izinqumo nezenzo zamanye amaKristu. Umbuzo kaPawulu wawakhumbuza ukuba amukelane futhi akushiyele kuJehova ukwahlulela.
Nanamuhla abantu bakaJehova banezizinda ezihlukahlukene. Kodwa uJehova uye wasihlanganisa ndawonye esibophweni sobunye obuyigugu. Ingabe sinegalelo kulobu bunye? Yeka ukuthi kuyoba ukuhlakanipha kanjani ukuzibuza umbuzo kaPawulu ongenhla uma sithambekele ekushesheni sigxeke okwenziwa umfowethu ngenxa kanembeza!
Imibuzo Isisondeza KuJehova
Lezi zibonelo ezimbalwa zibonisa ukuthi imibuzo eseZwini likaNkulunkulu inamandla. Ukucabangela umongo wombuzo ngamunye kungasisiza ukuba siyisebenzise ngokunenzuzo ezimweni zethu. Njengoba sifunda iBhayibheli, siyophawula neminye imibuzo ewusizo.—Bheka ibhokisi elisekhasini 14.
Ukuvumela imibuzo engena ijule eseZwini likaNkulunkulu ukuba isithinte ngokujulile kuyosisiza ukuba senze izingqondo nezinhliziyo zethu zivumelane nezindlela zikaJehova ezilungile. Ngemva kokuba uJehova embuzile, uJobe wavuma: “Ngizwile ngawe ngenzwabethi, kodwa manje iso lami liyakubona.” (Jobe 42:5) Yebo, uJehova waba ngokoqobo ngokwengeziwe kuJobe, njengokungathi wayembona ubuso nobuso. Kamuva, umfundi uJakobe wakubeka kanje lokhu: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jak. 4:8) Kwangathi singalivumela lonke iZwi likaNkulunkulu nemibuzo ekulo ukuba kusisize sikhule ngokomoya futhi ‘simbone’ ngokucace ngokwengeziwe uJehova!
[Ibhokisi ekhasini 14]
Ukuzibuza le mibuzo kungakusiza kanjani ukuba ube nombono kaJehova ngezinto?
▪ “Ingabe uJehova ujabulela iminikelo yokushiswa nemihlatshelo kunokulalelwa kwezwi likaJehova?”—1 Sam. 15:22.
▪ “Lowo obumba iso, angebone yini?”—IHu. 94:9.
▪ “Ingabe kuyinkazimulo ukuba abantu bafune eyabo inkazimulo?”—IzAga 25:27.
▪ “Ingabe kulungile yini lokhu kuvutha kwakho ngentukuthelo?”—Jona 4:4.
▪ “Kuyoba nanzuzoni kumuntu uma ezuza izwe lonke kodwa alahlekelwe umphefumulo wakhe?”—Math. 16:26.
▪ “Ubani oyosihlukanisa nothando lukaKristu?”—Roma 8:35.
▪ “Yini onayo ongazange uyamukele?”—1 Kor. 4:7.
▪ “Ukukhanya kunasabelo sini nobumnyama?”—2 Kor. 6:14.
[Isithombe ekhasini 15]
Yini uJobe ayifunda lapho ebuzwa uJehova?