Isahluko 25
Ukushumayela Obala Nasendlini Ngendlu
LAPHO uJesu Kristu ethuma abafundi bakhe, wabayala: “Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.” (Math. 10:7) Futhi emyalweni wakhe ongokwesiprofetho kumaKristu eqiniso ayeyobe ephila esiphelweni sesimiso sezinto, wathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi.” (Math. 24:14) Kwakusho ukuthini lokho?
Kwakungasho neze ukuthi kwakumelwe akhe amasonto, ashaye izinsimbi, abese elindela ukuba ibandla lihlangane ukuze liwalalele lapho enikeza intshumayelo kanye ngesonto. Isenzo sesiGreki lapha esihunyushwe ngokuthi “shumayela” (ke·rysʹso), ngokuyisisekelo, sisho “ukwenza isimemezelo njengommemezeli.” Umqondo awukhona ukunikeza izintshumayelo eqenjini elithile labafundi, kodwa kunalokho, uwukumemezela ngokukhululeka, obala.
UJesu ngokwakhe wabeka isibonelo ngokuqondene nendlela okwakumelwe kwenziwe ngayo. Waya ezindaweni ayengathola abantu kuzo. Ekhulwini lokuqala, abantu ngokuvamile babebuthana emasinagogeni ukuze balalele ukufundwa kwemiBhalo. UJesu wasebenzisa lawomathuba ukuze abashumayeze lapho, hhayi nje edolobheni elilodwa kodwa emadolobheni nasemadolobhaneni akulo lonke elaseGalile naseJudiya. (Math. 4:23; Luka 4:43, 44; Joh. 18:20) Ngokuvamile, imibhalo yamaVangeli ibonisa ukuthi washumayela ngasogwini, ngasentabeni, ngasemigwaqweni, emadolobhaneni, nasemizini yalabo ababemamukela. Nomaphi lapho ayethola khona abantu, wayekhuluma ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu. (Luka 5:3; 6:17-49; 7:36-50; 9:11, 57-62; 10:38-42; Joh. 4:4-26, 39-42) Futhi lapho ethuma abafundi bakhe, wabayala ukuba baye emizini yabantu beyofuna abafaneleyo futhi bafakaze kubo ngoMbuso kaNkulunkulu.—Math. 10:7, 11-13.
OFakazi BakaJehova ezikhathini zanamuhla baye bazama ukulandela isibonelo esabekwa uJesu nabalandeli bakhe bekhulu lokuqala.
Ukumemezela Izindaba Zokuba Khona KukaKristu
Njengoba uCharles Taze Russell nabangane bakhe babeqala ukuqonda indlela enobunye yeqiniso evezwe eZwini likaNkulunkulu, bashukunyiswa ngokujulile yilokho abakufunda ngenjongo nangendlela yokubuya kukaKristu. UMfoweth’ uRussell waba nomuzwa wokuthi kwakudingeka ukuba kwaziswe abanye ngakho nokuthi kwakuphuthuma kakhulu ukukwenza. Wahlela izimo zakhe ukuze akwazi ukuya ezindaweni okwakunabantu ayengakhuluma nabo ngalamaqiniso eBhayibheli. Waya emihlanganweni yenkolo eyayiba sematendeni athile futhi wasebenzisa lawomathuba ukuze akhulume nabo, njengoba nje noJesu ayeshumayele emasinagogeni. Kodwa ngokushesha waqaphela ukuthi kunokwengeziwe okwakungase kufezwe ngezinye izindlela. Ukuhlaziya kwakhe imiBhalo kwabonisa ukuthi uJesu nabaphostoli bakhe benza ingxenye enkulu yokushumayela kwabo bekhuluma nabantu ngasese nalapho beya endlini ngendlu. Futhi, waqaphela ukubaluleka kokulandelisa ingxoxo ngokunikeza abantu okuthile okunyathelisiwe.
Kakade ngo-1877 wayesenyathelise incwajana ethi The Object and Manner of Our Lord’s Return. Eminyakeni emibili kamuva waqalisa ukunyatheliswa kwasikhathi sonke kukamagazini i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence. Yebo, injongo yayiwukushumayela, noma ukumemezela, izindaba ezibalulekile eziphathelene nokuba khona kukaKristu.
Emuva ngo-1881, izincwadi zabaFundi BeBhayibheli zazinikezwa abantu mahhala ngasemasontweni—hhayi eminyango yamasonto kodwa eduze nawo ukuze abantu abathanda inkolo bazithole. Abaningi babaFundi BeBhayibheli banikeza ababebajwayele izincwadi ezinjalo noma bazithumela ngeposi. Ngo-1903 INqabayokulinda (yesiNgisi) yatusa ukuba bazame ukufinyelela wonke umuntu ngokusakaza endlini ngendlu amapheshana, esikhundleni sokugxila kubantu ababesonta. Akubona bonke abaFundi BeBhayibheli abakwenza lokhu, kodwa abaningi basabela ngentshiseko. Ngokwesibonelo, kwabikwa ukuthi kwamaningi amadolobha amakhulu ase-United States, kanye nasemaphethelweni awo ebangeni lamakhilomitha acishe abe ngu-16 nxazonke, kwahanjelwa cishe yonke imizi. Izigidigidi zamapheshana, noma izincwajana, zasakazwa ngalendlela. Ngalesosikhathi abaFundi BeBhayibheli abaningi ababehlanganyele ekusakazeni izindaba ezinhle babesebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokusakaza amapheshana nezinye izincwadi mahhala.
Abanye babaFundi BeBhayibheli—ababebancane ngenani—babekhonza njengabashumayeli bevangeli abangama-colporteur, besebenzisa ingxenye enkulu yesikhathi sabo kulomsebenzi kuphela.
Ama-colporteur Ashisekayo Ayahola
Abesilisa nabesifazane abazinikezele ababengasebenzisa isikhathi sabo esiningi kulenkonzo babizwa ngokokuqala ngqá ngo-April 1881. Babehambisela abaninikhaya nosomabhizinisi incwadi encane eyayichaza amaqiniso eBhayibheli nesikhokhelo se-Nqabayokulinda. Injongo yabo kwakuwukufuna ababelambele iqiniso futhi babelane nabo ukukhanya. Esikhathini esithile babezama ukusho lokho okwakuzovusa isithakazelo, beshiya emzini ngamunye iphakethe elalinezincwadi umninikhaya ayezozihlola, bese bebuya ngemva kwezinsuku ezimbalwa. Abanye abaninikhaya babezibuyisa izincwadi; abanye babengase bafune ukuzithenga; ngokuvamile kwakuba namathuba okuxoxa. Ngokuqondene nenjongo yabo INqabayokulinda (yesiNgisi) yachaza: “Ayikhona ukuthengisa amaphakethe, noma ukwamukela izikhokhelo, kodwa ukusakaza iqiniso, ngokwenza abantu bafunde.”
Inani lababehlanganyela kulokhu kushumayela ivangeli njengama-colporteur lalilincane ngokwesilinganiso. Phakathi neminyaka engu-30 yokuqala, amanani abo ayesuka kwabambalwa aye kwabacishe babe ngu-600. Lama-colporteur ayengabahlahli bendlela ngempela, evula insimu entsha. U-Anna Andersen wayengomunye wabaphikelela kulenkonzo amashumi amaningi eminyaka, ngokuvamile ehamba ngebhayisikili, futhi wafinyelela cishe wonke amadolobha aseNorway ngezindaba ezinhle. Amanye ama-colporteur aya kwamanye amazwe futhi yiwona ayisa isigijimi ngokokuqala ngqá emazweni anjengeFinland, Barbados, El Salvador, Guatemala, Honduras, neBurma (manje eyiMyanmar). Kwakunabanye ababengakhululekile ukuthuthela kwezinye izindawo kodwa ababekhonza njengabashumayeli bevangeli abangama-colporteur ensimini esezweni lakubo.
Umsebenzi wama-colporteur wawuvelele. Othile owayekhonza ogwini olusentshonalanga ye-United States ngo-1898 wabhala ukuthi phakathi nezinyanga ezingu-33 ezazandulele, wayehambe amakhilomitha angu-12 800 ngekalishi lakhe, wafakaza emadolobheni angu-72, wahambela abantu izikhathi ezingu-18 000, wahambisa izincwadi ezingu-4 500, wamukela izikhokhelo ezingu-125, waphisana ngamapheshana angu-40 000, futhi wabona abantu abangu-40 bengagcini ngokwamukela isigijimi kodwa futhi beqala ukusihlanganyela nabanye. Indoda ethile nomkayo ababekhonza e-Australia baphumelela ukuhambisela abantu abathakazelayo izincwadi ezingu-20 000 phakathi nenkathi eyiminyaka emibili nengxenye kuphela.
Ingabe ukuhambisa izincwadi kwakuthukela kwenzeka? Umbiko ka-1909 ubonisa ukuthi ama-colporteur acishe abe ngu-625 (ingqikithi yalawo ayesohlwini ngalesosikhathi) athola izincwadi ezinkulu ezingu-626 981 ezazivela eNhlanganweni okwakufanele azihambisele umphakathi (isilinganiso esingaphezu kwenkulungwane nge-colporteur ngalinye), kanye nezincwadi eziningi zamahhala. Ngokuvamile babehluleka ukuya nezincwadi ezanele endlini ngendlu, ngakho babebhala ama-oda bese beziletha kamuva.
Nokho, abanye babephikisa: “Akukhona ukushumayela lokhu!” Kodwa, eqinisweni, njengoba uMfoweth’ uRussell achaza, kwakuwuhlobo lokushumayela oluphumelela kakhulu. Esikhundleni sokuzwa intshumayelo eyodwa kuphela, abantu babethola izintshumayelo eziningi zinyathelisiwe futhi ngenxa yalokho babezijabulela ngokuphindaphindiwe futhi babengahlola lokho ezazikuqukethe emaBhayibhelini abo siqu. Lokhu kwakuwukushumayela ivangeli okwakuqaphela iqiniso lokuthi imfundo evamile yayenze abantu bakwazi ukufunda. Incwadi ethi The New Creation yaveza lokhu: “Iqiniso lokuthi labashumayeli bevangeli basebenzisa izindlela ezifanelana nosuku lwethu esikhundleni sezindlela zangaphambili, alinakusetshenziselwa ukumelana nomsebenzi njengoba nje kunjalo nangeqiniso lokuthi bahamba ngezinto ezihamba ngamalahle noma ngogesi esikhundleni sokuhamba ngezinyawo noma ngamakamela. Ivangeli lishunyayelwa ngokuvezwa kweQiniso . . . , iZwi likaNkulunkulu.”
Isithakazelo esiqotho abaFundi BeBhayibheli ababenaso ekusizeni abantu sasibonakala ekusebenzeni ngokucophelela ngokuhamba kwesikhathi okwaba isici somsebenzi wabo wokushumayela. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-March 1, 1917, yanikeza isimiso esilandelayo: Okokuqala, ama-colporteur ayezoya emizini esendaweni ethile, ehambisa imiqulu ye-Studies in the Scriptures. Kube sekuhambela izisebenzi ezalusayoa zilandelela amagama abhalwe ama-colporteur noma abhaliswe emihlanganweni yeningi. Zazizama ukubenza babe nesifiso sokufunda izincwadi, zikhuthaza abathakazelayo ukuba babe khona ezinkulumweni ezilungiselwe ngokukhethekile, futhi zazizama ukuhlela amakilasi esifundo seBhayibheli sabaseBereya. Uma kunokwenzeka, ama-colporteur ayephinde ahlanganise leyondawo, bese kuthi izisebenzi ezalusayo zilandelele ukuze zihlale zithintana nalabo ababonise isithakazelo. Kamuva, ezinye izisebenzi zasekilasini zazihambela yona leyomizi ziphethe ama-volunteer matter, njengoba babewabiza kanjalo amapheshana nezinye izincwadi zamahhala ababezihambisa. Lokhu kwakwenza kwaba nokwenzeka ukuba wonke umuntu athole okungenani okuthile okwakungase kumenze abe nesifiso sokufunda okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu.
Lapho kune-colporteur elilodwa noma amabili kuphela akhonza endaweni ethile, futhi kungekho bandla, ama-colporteur ngokuvamile ayezenzela umsebenzi wokulandelela. Ngakho, lapho uHermann Herkendell nayesebenza naye beya eBielefeld, eJalimane, njengama-colporteur ngo-1908, bayalezwa ngokukhethekile ukuba benze abathakazelayo abasendaweni ethile ukuba bajwayelane nabanye abalapho futhi bakhe ibandla. Eminyakeni embalwa kamuva, INqabayokulinda yakhuluma ngamanye ama-colporteur ayenikeza ukunakekela komuntu siqu kubantu abathakazelayo kangangokuba ayeshiya kunekilasi labaFundi BeBhayibheli kuwo wonke amadolobha amakhulu namancane ayekhonza kuwo.
Usizo olubalulekile kulomsebenzi lwalungiselelwa ngo-1921 ngencwadi ethi The Harp of God. Njengoba ngokukhethekile yayiklanyelwe ukuzuzisa abaqalayo, ekugcineni kwasakazwa amakhophi angu-5 819 037 alencwadi ngezilimi ezingu-22. Ukuze isize labo ababethole lencwadi, iNhlangano yahlela ukuba kube nelungiselelo lokufunda ngeposi esifundweni seBhayibheli esihlelwe ngezihloko. Kwakuba amaphepha emibuzo angu-12, ayethunyelwa enkathini engamasonto angu-12. Kusetshenziswa lencwadi, kwenziwa namalungiselelo okuba kube nezingxoxo zeBhayibheli zamaqembu emizini yabathakazelayo. Abaningi babaFundi BeBhayibheli ngokuvamile babeba khona esifundweni esinjalo.
Nokho, oFakazi babekuqaphela ukuthi insimu yayinkulu nokuthi bona babembalwa.—Luka 10:2.
Ukufinyelela Abaningi Lapho Amanani Esemancane
INqabayokulinda yaveza ukuthi labo ababengamaKristu agcotshwe ngomoya ngempela babenomthwalo wemfanelo abawunikezwe uNkulunkulu wokufuna nokusiza bonke ababengamaKristu aqotho, kungakhathaliseki ukuthi babesonta noma cha. (Isaya 61:1, 2) Kwakungenziwa kanjani lokho?
AbaFundi BeBhayibheli ababili (uJ. C. Sunderlin no-J. J. Bender) ababethunyelwe eNgilandi ngo-1881 uma kuqhathaniswa kuncane ababeyokufeza bebodwa; kodwa ngosizo lwezinsizwa eziningi ezazikhokhelwa ngenxa yezinkonzo zazo, bakwazi ukusakaza amakhophi angu-300 000 e-Food for Thinking Christians ngesikhathi esifushane nje. U-Adolf Weber, owaphindela eSwitzerland nezindaba ezinhle phakathi nawo-1890, wayenensimu enkulu eyayenabele emazweni amaningana okwakumelwe ashumayele kuyo. Wayengayihlanganisa kanjani yonke? Waziyela mathupha ezindaweni ezikude eyi-colporteur, kodwa wafaka nezikhangiso emaphephandabeni futhi wenza amalungiselelo okuba izitolo zezincwadi zifake nezincwadi ze-Watch Tower kwezizithengisayo. Iqembu elincane labaFundi BeBhayibheli eJalimane ngo-1907 lahlela ukuba amapheshana angu-4 850 000 anamakhasi amane athunyelwe namaphephandaba. Ngokushesha ngemva kwempi yezwe yokuqala, umzalwane waseLatvia owayeyilungu lezisebenzi zasendlunkulu yeNhlangano eNew York wakhokha izindleko zokukhangisa emaphephandabeni asezweni ayezalelwe kulo. Indoda eyasabela kwesinye salezozikhangiso yaba umFundi weBhayibheli wokuqala eLatvia. Nokho, ukusetshenziswa kwezindlela ezinjalo zokusakaza akuzange kuthathe isikhundla sokufakaza ngokomuntu siqu nesokufuna abafanelekayo endlini ngendlu. Kunalokho, kwakusetshenziselwa ukwandisa ukumemezela.
Nokho, emaphephandabeni kwakukhishwa okunye ngaphandle kwezikhangiso. Phakathi neminyaka engaphambi kweMpi Yezwe I, ngaphansi kokuqondisa kukaMfoweth’ uRussell izintshumayelo zakhe zazikhishwa njalo. Esikhathini esifushane nje, lokhu kwanda ngezinga elimangalisayo. Amaphephandaba angaphezu kwangu-2 000, ayefundwa abantu abangu-15 000 000 sebebonke, ayeba nalezizintshumayelo kanye kanye e-United States, eCanada, eBrithani, e-Australia, naseNingizimu Afrika. Ingabe kunokunye okwakungase kwenziwe? UMfoweth’ uRussell wacabanga kanjalo.
Ngemva kweminyaka emibili yokulungiselela, i-“Photo-Drama of Creation” yadlalwa ngokokuqala ngqá ngo-January 1914. I-“Photo-Drama” yayidlalwa ibe izingxenye ezine. Isimiso samahora ayisishiyagalombili sasihlanganisa nezithombe ezinyakazayo nama-slide, ezazihambisana namazwi aqoshiwe. Yayiwumkhiqizo ongavamile ngempela owawuklanyelwe ukwakha ukwazisa ngeBhayibheli nangenjongo kaNkulunkulu njengoba ivezwe kulo. Ukudlalwa kwayo kwakuhlelwa ngendlela yokuba kukhonzwe amadolobha angu-80 usuku ngalunye. Yayikhangiswa kusengaphambili ngamaphephandaba, izingqwembe eziningi ezazibekwa emafasiteleni, nokusakazwa kwamaphepha amaningi anyathelisiwe ayeklanyelwe ukwenza abantu babe nesithakazelo kuyi-“Photo-Drama.” Nomaphi lapho yayidlalwa khona, kwakuza izihlwele zabantu zizoyibukela. Kungakapheli nonyaka i-“Photo-Drama” yayisifinyelele izilaleli ezingaphezu kwabantu abangu-8 000 000 e-United States naseCanada, futhi ezinye izihlwele zazibikwa eBrithani nasezwekazini laseYurophu kanye nase-Australia naseNew Zealand. I-“Photo-Drama” yalandelwa uhlelo oluthi alube lufushane (olwalungenazo izithombe ezinyakazayo) olwaluzosetshenziswa emadolobheni amancane nasezindaweni ezisemaphandleni. Ngezilimi ezihlukahlukene leDrama yaqhubeka isetshenziswa okungenani amashumi amabili eminyaka. Kwashukunyiswa isithakazelo sabaningi, abathakazelayo babhalisa amagama abo, futhi kwenziwa ukuhambela kokulandelela.
Khona-ke, ngawo-1920, kwatholakala elinye ithuluzi elalizokwenza isigijimi soMbuso sisakazwe kabanzi. UMfoweth’ uRutherford wayenomuzwa onamandla wokuthi kwabonakaliswa ukusebenza kweNkosi ekusungulweni kwalo. Laliyini? Umsakazo. Kungakapheli neminyaka emibili isiteshi somsakazo sokuqala ngqá siqale ukusakaza kwasikhathi sonke (ngo-1920), uJ. F. Rutherford, umongameli we-Watch Tower Society, waya emsakazweni eyosakaza iqiniso leBhayibheli. Leli kwakuyithuluzi elalingafinyelela izigidi zabantu ngesikhathi esisodwa. Phakathi neminye iminyaka emibili, ngo-1924, iNhlangano yaba nesayo isiteshi somsakazo, i-WBBR, esasisebenza eNew York. Ngo-1933, okuwunyaka okwafinyelelwa ngawo inani eliphakeme, iziteshi ezingu-408 zazisetshenziselwa ukuyisa isigijimi emazwekazini ayisithupha. Ngaphezu kokusakaza bukhoma, izinhlelo zezihloko eziningi zaziqoshwa kusengaphambili. Ukukhangisa kabanzi ezindaweni ezithile ngokusakazwa kwezaziso ezinyathelisiwe kwakwenzelwa ukuba abantu bazi ngalezizinhlelo zomsakazo futhi bazuze kuzo. Lezizinhlelo zomsakazo zaqeda ubandlululo olukhulu futhi zavula amehlo abantu abanhliziyo ziqotho. Abantu abaningi, ngenxa yokwesaba omakhelwane babo nabefundisi, bazindela ukuza emihlanganweni eyayisekelwa abaFundi BeBhayibheli, kodwa lokhu akuzange kubayekise ukulalela umsakazo lapho bebodwa emakhaya abo. Lezizinhlelo zomsakazo azizange zithathe isikhundla sokufakaza endlini ngendlu; kodwa zayisa iqiniso leBhayibheli ezindaweni ezazingafinyeleleki kalula, futhi zaba izingeniso ezikahle lapho oFakazi beya ngokuqondile emizini yabantu.
Umthwalo Wemfanelo Womuntu Ngamunye Wokufakaza
Umthwalo wemfanelo wokuba nengxenye ngokomuntu siqu ekufakazeni wawuye wavezwa ku-Nqabayokulinda emashumi amaningi eminyaka. Kodwa kusukela ngo-1919 kuqhubeke, wawuyisihloko sengxoxo yasikhathi sonke ezincwadini nasezimisweni zomhlangano. Nokho, kwabaningi kwakungelula ukuya kubantu abangabazi emizini yabo, futhi ekuqaleni babembalwa abaFundi BeBhayibheli ababehlanganyela njalo ekufakazeni endlini ngendlu.
Kwanikezwa isikhuthazo esijabulisayo esingokomBhalo. Isihloko esithi “Babusisiwe Abanesibindi” sasiqokonyiswe komagazini (besiNgisi) INqabayokulinda ka-August 1 no-15, 1919. Saxwayisa ngokusaba abantu, sadonsela ukunakekela emabuthweni kaGediyoni angu-300 ayenesibindi, ephapheme futhi ezimisele ukukhonza nganoma iyiphi indlela iNkosi eyayiyisho naphezu kwezingqinamba ezazibonakala zingenakunqotshwa, futhi sancoma ukuthembela kuka-Elisha ngesibindi kuJehova. (AbAhl. 7:1-25; 2 AmaKh. 6:11-19; IzAga 29:25) Ngo-1921 isihloko esasithi “Yibani Nesibindi” asiqokomisanga umsebenzi kuphela kodwa saqokomisa nelungelo okuyilo ukukhonza ohlangothini lweNkosi bemelana namabutho obusathane obumnyama ngokuba nengxenye emsebenzi owabikezelwa kuMathewu 24:14. Labo abazimo zabo zazingabavumeli kahle banxuswa ukuba bangadumali futhi ngesikhathi esifanayo bangazindeli ukwenza konke abangakwenza.
Ngezingxoxo ezingokomBhalo ezingagunci, INqabayokulinda yenza bonke ababethi bayizinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe bawuqaphela umthwalo wemfanelo ababenawo wokuba abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu. Umagazini (wesiNgisi) ka-August 15, 1922, wawunesihloko esasibeka ngamafuphi, futhi sishaya emhloleni esasithi “Inkonzo Ibalulekile”—okusho inkonzo yokulingisa uKristu, inkonzo eyoyisa umuntu emizini yabanye eyobatshela ngoMbuso kaNkulunkulu. Kamuva ngalowonyaka, kwaboniswa ukuthi ukuze inkonzo enjalo ibe ebalulekile emehlweni kaNkulunkulu, kumelwe ishukunyiswe uthando. (1 Joh. 5:3) Isihloko esasikumagazini (wesiNgisi) ka-June 15, 1926, sathi uNkulunkulu akahlatshwa umxhwele nakancane ukukhulekela kokugcina icala; akufunayo ukulalela, futhi lokho kuhlanganisa ukuba nokwazisa nganoma iziphi izindlela azisebenzisayo ekufezeni injongo yakhe. (1 Sam. 15:22) Ngonyaka olandelayo, lapho kucatshangelwa esithi “Umsebenzi WamaKristu Emhlabeni,” kwadonselwa ukunakekela endimeni kaJesu ‘njengofakazi othembekayo noqinisileyo’ naseqinisweni lokuthi umphostoli uPawulu washumayela “phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.”—IsAm. 3:14; IzE. 20:20.
Izintshumayelo eziningilizayo abamemezeli okwakumelwe bazazi ngekhanda zalungiselelwa kuyi-Bulletin, ipheshana labo lanyanga zonke leziyalezo zenkonzo. Babekhuthazwa ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini isonto ngalinye. Kodwa inani lababefakaza ngokuhambela indlu ngendlu ekuqaleni lalilincane, futhi abanye ababeqalile abazange baqhubeke nomsebenzi. Ngokwesibonelo, e-United States isilinganiso senani lamasonto onke elalibika njengelihlanganyela enkonzweni yasensimini ngo-1922 sasingu-2 712. Kodwa ngo-1924 inani lalehle lafika kwabangu-2 034. Ngo-1926 isilinganiso sakhuphuka saba ngu-2 261, kwaba nenani eliphakeme labangu-5 937 ababehlanganyela phakathi nesonto elilodwa lomsebenzi okhethekile.
Khona-ke, ekupheleni kuka-1926, iNhlangano yaqala ukukhuthaza amabandla ukuba enze nengxenye yosuku lwangeSonto ukuba ibe isikhathi sokufakaza njengeqembu nokuthi ngalesosikhathi angahambisi nje amapheshana kodwa ahambise nezincwadi zokutadisha iBhayibheli. Ngo-1927, INqabayokulinda (yesiNgisi) yanxusa abaqotho emabandleni ukuba bagudluze ezikhundleni zabadala noma ibaphi abankulumo yabo noma izenzo zabo zazibonisa ukuthi abawamukeli umthwalo wemfanelo wokufakaza obala nasendlini ngendlu. Ngakho, amagatsha ayengatheli izithelo alahlwa, ngomqondo ongokomfanekiso, kwathi asele athenwa ukuze athele izithelo ezengeziwe kube udumo kuNkulunkulu. (Qhathanisa nomfanekiso kaJesu okuJohane 15:1-10.) Ingabe ngempela lokhu kwaphumela ekwandeni kokudunyiswa obala kukaJehova? Unyaka ka-1928 waba nokwanda kwamaphesenti angu-53 esilinganisweni senani lamasonto onke lababehlanganyela ekufakazeni e-United States!
OFakazi babengasagcini ngokunika abantu amapheshana amahhala bese beqhubekela phambili. Abengeziwe kubo babekhuluma isikhashana nabaninikhaya, bezama ukubenza babe nesithakazelo esigijimini seBhayibheli, bese bebahambisela izincwadi ababezozifunda.
LaboFakazi bokuqala ngokuqinisekile babenesibindi, nakuba kwakungebona bonke ababenamasu. Nokho, babehlukile kwamanye amaqembu enkolo. Babengagcini ngokusho ukuthi umuntu ngamunye kufanele afakaze ngokholo lwakhe. Ngamanani anda njalo, babekwenza ngempela.
Amakhadi Obufakazi Namagilamafoni
Ngasekupheleni kuka-1933 kwaqaliswa indlela ehlukile yokushumayela. Lapho bezethula, oFakazi babenikeza abantu ikhadi lobufakazi elalinesigijimi esifushane okwakumelwe umninikhaya asifunde. Lokhu kwakubasiza kakhulu abamemezeli abasanda kuqala, ababengakutholi ukuqeqeshwa okuningi ngalezozinsuku. Ngokuvamile, babesho amazwi ambalwa kuphela kumninikhaya ngemva kokuba ikhadi lifundiwe; abanye babenaba besebenzisa iBhayibheli. Ukusetshenziswa kwamakhadi okufakaza kwaqhubeka kwaze kwaba ngawo-1940. Kwakwenza ukuba insimu ihlanganiswe ngokushesha, futhi kwenza ukuba oFakazi bakwazi ukufinyelela abantu abengeziwe, babanikeze izincwadi zeBhayibheli ezaziwusizo kakhulu, banikeze ubufakazi obufanayo, futhi baze badlulisele nesigijimi kubantu ababengenakukwazi ukukhuluma ulimi lwabo. Futhi kwakudumaza ngezinye izikhathi lapho abaninikhaya bethatha ikhadi bese bevala umnyango, okwakwenza kudingeke ukuba uFakazi abuye angqongqoze ukuze alithathe!
Izinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe nazo zaba nendima evelele phakathi nawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940. Ngo-1934 abanye boFakazi baqala ukuphatha amagilamafoni athwalekayo lapho beya kofakaza. Lomshini wawusinda, ngakho babengase bawuyeke emotweni noma bawushiye endaweni efanelekayo kuze kube yilapho bethola abantu abazimisele ukulalela inkulumo yeBhayibheli eqoshiwe. Khona-ke, ngo-1937, kwaqalwa ukubenzisa igilamafoni elithwalekayo khona kanye emizini. Inqubo yayilula: Ngemva kokuthi wayenesigijimi seBhayibheli esibalulekile, uFakazi wayebeka inaliti erekhodini aliyeke likhulume. UKasper Keim, iphayona laseJalimane elalikhonza eNetherlands, wayebonga kakhulu ngokuba no-“Aroni,” njengoba ayelibiza kanjalo igilamafoni, ngoba wayekuthola kunzima ukufakaza ngesiDashi. (Qhathanisa no-Eksodusi 4:14-16.) Ngenxa yelukuluku lokufuna ukwazi, yonke imikhaya ngezinye izikhathi yayilalela amarekhodi.
Ngo-1940, kwakusetshenziswa amagilamafoni angaphezu kwangu-40 000. Ngalowonyaka kwethulwa uhlobo olusha olwaludlalwa lumiswe ngecala olwaluklanywe futhi lwenziwa oFakazi, futhi lwasetshenziswa ikakhulukazi emazweni aseMelika. Lwenza abaninikhaya baba nelukuluku elikhulu lokufuna ukwazi ngoba babengaliboni irekhodi njengoba lalidlalwa. Irekhodi ngalinye lalidlala ngesivinini sika-78 rpm futhi laliyimizuzu emine nengxenye ubude. Izihloko zazizimfushane zishaya emhloleni: “UMbuso,” “Umthandazo,” “Indlela Eya Ekuphileni,” “UZiqu-zintathu,” “Isihlanzo,” “Isizathu Sokuba Abefundisi Baphikise Iqiniso.” Kwaqoshwa izinkulumo ezifinyelela kwezingu-90 ezihlukene; kwasetshenziswa amarekhodi angaphezu kwesigidi. Izintshumayelo zazicacile futhi ziqondakala kalula. Abaninikhaya abaningi balalela ngokwazisa; bambalwa abasabela ngobudlova. Kodwa kwanikezwa ubufakazi obuphumelelayo nobungaguquguquki.
Ukumemezela Izindaba Ezinhle Ngesibindi Ezindaweni Zomphakathi
Nakuba ngokuyinhloko kwakungamakhadi obufakazi namarekhodi egilamafoni “ayekhuluma,” ukuba uFakazi ngaleyominyaka kwakudinga isibindi esikhulu. Lona kanye uhlobo lomsebenzi lwaluyisa uFakazi ngamunye emphakathini.
Ngemva komhlangano ka-1931 eColumbus, e-Ohio, oFakazi BakaJehova basakaza incwajana ethi Umubuso Itemba Lomhlaba, eyayinezwi lesinqumo elalinesihloko esithi “Isixwayiso Esivela KuJehova,” elaliya “Kubabusi Nakubantu.” Baqaphela ukuthi njengoFakazi BakaJehova, babenesibopho esingathi sína sokuyisa kubantu isixwayiso esiseZwini lakhe. (Hez. 3:17-21) Abazange bamane bazithumele ngeposi lezozincwajana noma bazishutheke ngaphansi kweminyango. Baziyisa bona mathupha. Bahambela bonke abefundisi, futhi ngezinga okwakungenzeka ngalo, bahambela nabezombangazwe, izikhulu zezempi, nabaphathi bezinhlangano ezinkulu. Ngaphezu kwalokho, baya emphakathini uwonke emazweni acishe abe yikhulu lapho oFakazi BakaJehova ngalesosikhathi base befakaza khona ngendlela ehleliwe.
Ngo-1933 babesebenzisa imishini enamandla ethiwa i-transcription ukuze bazidlale ezindaweni zomphakathi izingxoxo zeBhayibheli ezingagunci eziqoshiwe. UMfoweth’ uSmets noPoelmans babekhweza lomshini wabo ebhayisikilini elinamasondo amathathu bese bema eduze kwawo njengoba umemezela isigijimi ezindaweni zezimakethe naseduze kwamasonto eLiège, eBelgium. Ngokuvamile babema lapho amahora ayishumi ngosuku. Abantu baseJamaica babebuthana kalula lapho bezwa umculo, ngakho abazalwane babeqale badlale umculo. Lapho izixuku ziphuma ezindaweni ezinamahlathi ziza emigwaqweni emikhulu zizobona ukuthi kwenzekani, zazithola oFakazi BakaJehova bedlulisela isigijimi soMbuso.
Eminye yaleyomishini eyi-transcription yayifakwa ezimotweni noma ezikebheni, kube nemibhobho phezulu ukuze umsindo ufinyelele kude. UBert noVi Horton, e-Australia, babesebenza ngeveni eyayinombhobho omkhulu owawubekwe phezulu owawubhalwe amazwi athi “Isigijimi SoMbuso.” Ngomunye unyaka benza ukuba cishe kuyo yonke imigwaqo yaseMelbourne kuzwakale ukudalulwa okunamandla kwenkolo yamanga kanye nokuchazwa okujabulisayo kwezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu. Phakathi naleyominyaka uClaude Goodman wayephayona eNdiya. Ukusetshenziswa kwemoto enombhobho, namarekhodi ezilimi zendawo, kwamenza wakwazi ukufinyelela izihlwele zabantu ezindaweni okudayiswa kuzo, emapaki, emigwaqweni—nomaphi lapho abantu babetholakala khona.
Lapho abazalwane eLebanon bepaka imoto yabo enombhobho egqumeni futhi besakaza izinkulumo, umsindo wawehlela ezigodini ezazilapho. Abantu emadolobhaneni, bengaboni ukuthi izwi laliqhamukaphi, ngezinye izikhathi babeshaywa uvalo, becabanga ukuthi uNkulunkulu wayekhuluma nabo esemazulwini!
Nokho, kwakwenzeka ukuba abazalwane babhekane nezikhathi ezinzima. Kwesinye isenzakalo, eSyria, umpristi wasedolobhaneni elithile washiya ukudla kwakhe kwantambama etafuleni, wadumela udondolo lwakhe olukhulu, wagijima waya esixukwini esasibuthanele ukulalela inkulumo yeBhayibheli isakazwa emotweni enombhobho. Eshwiba udondolo lwakhe ngokuthukuthela futhi ememeza, wathi: “Cishani! Ngithi kini cishani leyonto!” Kodwa abazalwane baqaphela ukuthi akubona bonke abantu ababevumelana naye; kwakunababefuna ukulalela. Ngokushesha, abanye esixukwini baqukula lompristi bamyisa emzini wakhe, bafike bambeka lapho ayekhona etafuleni elalinokudla kwakhe! Naphezu kokuphikisa kwabefundisi, oFakazi ngesibindi baqikelela ukuba abantu bathole ithuba lokuzwa.
Kulenkathi zazisetshenziswa kabanzi izingqwembe zokukhangisa ezazigqokwa oFakazi ezindaweni zamabhizinisi njengoba besakaza izimemo zezinkulumo ezikhethekile. Kwaqala ngo-1936 eGlasgow, eScotland. Ngalowonyaka kwasetshenziswa indlela efanayo yokukhangisa eLondon, eNgilandi, kwase kuba se-United States. Eminyakeni emibili kamuva ukukhangisa okunjalo kwasekelwa ngokuphatha izimpawu ezaziphakanyiswa ngezinduku. Lezizimpawu zazimemezela ukuthi, “Inkolo Iwugibe Nebhizinisi”b nokuthi, “Khonza UNkulunkulu kanye NoKristu INkosi.” Ngesikhathi somhlangano, udwendwe lwabaphethe lezizimpawu lwalungase lube amakhilomitha amaningana ubude. Njengoba babemasha ngokuthula, belandelana ngokuhleleka, emigwaqweni eyayiphithizela, kwakuba njengokungathi ibutho lakwa-Israyeli wasendulo lizungeza iJeriko ngaphambi kokuwa kwezindonga zalo. (Josh. 6:10, 15-21) Ukufakaza okunjalo ngesibindi kwakwenziwa kusukela eLondon, eNgilandi, kuya eManila, ePhilippines.
Enye indlela yokufakaza obala yaqaliswa ngo-1940. Ngokuvumelana nombhalo okhuluma ‘ngokuhlakanipha [kweqiniso] okumemeza emigwaqweni,’ ngo-February ngalowonyaka oFakazi BakaJehova baqala ukuyisakaza emigwaqweni INqabayokulinda ne-Consolation (manje eyaziwa ngokuthi i-Phaphama!).c (IzAga 1:20) Babememeza iziqubulo ezithile bedonsela ukunakekela komagazini nasesigijimini abasiqukethe. Emadolobheni amakhulu namancane kuzo zonke izingxenye zomhlaba, oFakazi BakaJehova baye babonakala njalo behambisa omagazini babo. Kodwa ukwenza lowomsebenzi kudinga isibindi, futhi isibindi esinjalo sasidingeka kakhulu lapho lomsebenzi usaqala, ngoba kwakuyinkathi eyayinoshushiso olukhulu olwaluhambisana nomoya wokushisekela ubuzwe ngesikhathi sempi.
Lapho becelwa ukuba bahlanganyele ekufakazeni kwasobala okunjalo, oFakazi basabela ngokholo. Inani lababehlanganyela ngokuqondile kulomsebenzi laqhubeka likhula. Bakubheka njengelungelo ukubonisa ubuqotho babo kuJehova ngalendlela. Kodwa kwakusenokuningi okwakumelwe bakufunde.
Umuntu Ngamunye Uyakwazi Ukuchaza Ukholo Lwakhe
Kwaqala isimiso esingavamile semfundo ngo-1942. Saqala endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, futhi ngonyaka olandelayo, saqala ukuqhutshwa emabandleni oFakazi emhlabeni wonke. Beqiniseka ukuthi babenomoya kaNkulunkulu nokuthi wayefake izwi lakhe emilonyeni yabo, babezimisele ukushumayela lelozwi ngisho nakuba abashushisi babengabathathela izincwadi ze-Watch Tower noma iBhayibheli ngokwalo. (Isaya 59:21) Kakade kwase kunamazwe, anjengeNigeria, lapho oFakazi abase besebenzisa iBhayibheli kuphela khona uma beshumayela, njengoba uhulumeni ayevale zonke izincwadi ze-Watch Tower futhi ethathe zonke izincwadi abaningi babazalwane ababenazo emitatsheni yabo yezincwadi.
Kwakungu-February 16, 1942, lapho uMfoweth’ uKnorr eqalisa izifundo ezithuthukisiwe enkonzweni engokwasezulwini eKhaya LaseBethel eBrooklyn, eNew York. Lezizifundo zafundisa ngezindaba ezinjengokucwaninga, ukusho lokho ofuna ukukusho ngokucacile nangokunembile, ukwenza uhlaka lokwaziswa okuzonikezwa ezinkulumweni, ukubeka izinkulumo ngokuphumelelayo, ukudlulisela imiqondo ngendlela eshukumisayo, nokuba namasu ekukhulumeni. Abazalwane nodade babemukelekile ukuba babe khona, kodwa abesilisa kuphela ababemenywa ukuba babhalise ukuze babeke izinkulumo zabafundi ababezolulekwa kuzo. Izinzuzo zabonakala ngokushesha hhayi ekukhulumeni endaweni yesikhulumi kuphela kodwa nasekuphumeleleni ngokwengeziwe ekushumayeleni endlini ngendlu.
Ngonyaka olandelayo lemfundo yanatshiselwa emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Yaqale yaba ngesiNgisi, kwase kulandela ezinye izilimi. Injongo yalesisikole kwathiwa iwukusiza ngamunye woFakazi BakaJehova ukuba akwazi ukufundisa abanye lapho eya kubantu endlini ngendlu, enza izimpindelo, futhi eqhuba izifundo zeBhayibheli. UFakazi ngamunye wayezosizwa ukuba abe isikhonzi esifanelekayo. (2 Thim. 2:2) Ngo-1959, nodade banikezwa ithuba lokubhalisa esikoleni futhi babeke izinkulumo njengokungathi basenkonzweni yasensimini—bengakhulumi nazo zonke izilaleli, kodwa kunalokho, bekhuluma nalowo owabelwe ukuba abe umninikhaya. Kodwa-ke kwakungagcini lapho.
Kusukela ngo-1926, abameleli abajikelezayo beNhlangano babesebenza noFakazi ngabanye enkonzweni yasensimini, ukuze babasize bathuthukise amakhono abo. Nokho, emhlanganweni wezizwe zonke eNew York ngo-1953, ababonisi besifunda nabesigodi behlezi phambi kwendawo yesikhulumi, uMfoweth’ uKnorr wathi umsebenzi oyinhloko wazo zonke izinceku, noma ababonisi, kufanele kube ukusiza bonke oFakazi ukuba babe izikhonzi zasikhathi sonke zasendlini ngendlu. “Wonke umuntu,” esho, “kufanele akwazi ukushumayela izindaba ezinhle endlini ngendlu.” Kwaqaliswa umkhankaso wembulunga yonke ukuze kufinyelelwe lokhu.
Kungani lendaba yayigcizelelwa kangaka? Ngokwesibonelo cabangela i-United States: Ngalesosikhathi umsebenzi wamaphesenti angu-28 oFakazi wawuba nje ukusakaza amapheshana noma ukuma emigwaqweni bephethe omagazini. Futhi amaphesenti angaphezu kwangu-40 oFakazi ayehlanganyela enkonzweni yasensimini ngezikhathi ezithile kuphela, eqisa izinyanga ngaphambi kokuba afakaze. Kwakudingeka usizo lothando lokuqeqesha umuntu ngamunye. Kwenziwa amalungiselelo ayezokwenza kube nokwenzeka ukuba bonke oFakazi BakaJehova ababengakabi oFakazi endlini ngendlu basizwe ukuba baye kubantu emizini yabo, bakhulume nabo ngeBhayibheli, futhi baphendule imibuzo yabo. Babezofunda ukulungiselela izintshumayelo ezingokomBhalo ababengazinikeza mhlawumbe imizuzu emithathu kubantu ababematasa, noma imizuzu ecishe ibe yisishiyagalombili kwabanye. Injongo yayiwukusiza uFakazi ngamunye ukuba abe umshumayeli wevangeli ongumKristu ovuthiwe.
Akubona ababonisi abajikelezayo kuphela ababenikeza lemfundo. Izinceku zamabandla, noma ababonisi, nazo zaziyinikeza; futhi eminyakeni eyalandela, abanye oFakazi abafanelekayo babelwa ukuba baqeqeshe abathile. Eminyakeni eminingi, imiboniso ephathelene nendlela yokwenza lomsebenzi iye yalungiselelwa eMihlanganweni Yenkonzo yebandla yamasonto onke. Kodwa manje lokhu kwase kuhambisana nokugcizelelwa okwengeziwe kokuziqeqesha komuntu siqu ensimini.
Imiphumela yayivelele. Inani loFakazi ababeshumayela endlini ngendlu landa, njengoba kwaba njalo nangenani lababehlanganyela njalo enkonzweni yasensimini. Kungakapheli neshumi leminyaka ingqikithi yenani loFakazi emhlabeni wonke landa laba ngamaphesenti ayikhulu. Futhi babenza izimpindelo ezingamaphesenti angu-126 ukuze baphendule imibuzo yeBhayibheli yabantu abathakazelayo, futhi babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zasikhathi sonke ezingamaphesenti angu-150 ngaphezulu nabantu ababebonisa ukulilambela ngempela iqiniso leBhayibheli. Babezibonakalisa beyizikhonzi ezifanelekayo ngempela.
Uma kucatshangelwa izizinda ezihlukahlukene zemfundo nempucuko laboFakazi ababevela kuzo, nephuzu lokuthi babesakazeke emaqenjini amancane emhlabeni wonke, kuba sobala ukuthi kungani oFakazi bengabongi umuntu, kodwa bebonga uJehova uNkulunkulu ngendlela abaye bahlonyiselwa futhi baqeqeshelwa ngayo ukumemezela izindaba ezinhle.—Joh. 14:15-17.
Ukushumayela Endlini Ngendlu—Uphawu Oluhlukanisayo
Ngezikhathi ezithile amanye amaqembu enkolo aye akhuthaza amalungu awo ukuba aye emizini yabanye abantu emphakathini wakubo eyokhuluma ngenkolo. Abanye abantu baye bakuzama. Abathile bangase bakwenze ngisho nanjengabavangeli iminyaka ethile, kodwa kugcina lapho. Nokho, kuphakathi koFakazi BakaJehova kuphela lapho cishe bonke abantu, abancane nabadala, abesilisa nabesifazane, behlanganyela khona, minyaka yonke, enkonzweni yendlu ngendlu. OFakazi BakaJehova kuphela abazama ngempela ukufinyelela wonke umhlaba owakhiwe ngesigijimi soMbuso, belalela umyalo ongokwesiprofetho okuMathewu 24:14.
Akukhona ukuthi bonke oFakazi BakaJehova bawuthola ulula lomsebenzi.d Ngokuphambene, abaningi babo, lapho beqala ukutadisha iBhayibheli, babethi: ‘Yinye kuphela into engingasoze ngayenza, ukuya endlini ngendlu!’ Kodwa, kuwumsebenzi cishe bonke oFakazi BakaJehova abahlanganyela kuwo uma bephilile emzimbeni. Futhi abaningi abangaphilile kahle emzimbeni bakwenza nganoma iyiphi enye indlela—besezihlalweni zabakhubazekile, bedondolozela, njalonjalo. Abanye—lapho bengenakukwazi ngokuphelele ukuphuma emakhaya abo, noma begcinwe endlini okwesikhashana, noma ukuze bafinyelele abantu abebengeke bafinyelelwe ngezinye izindlela—bafakaza ngocingo noma ngokubhala izincwadi. Kungani kwenziwa lomzamo wokuzimisela?
Njengoba befinyelela ekwazini uJehova, uthando lwabo ngaye luwushintsha wonke umbono wabo ngokuphila. Bafuna ukukhuluma ngaye. Izinto ezinhle azigcinele labo abamthandayo zinhle kakhulu ukuba bangazigcina kubo. Futhi bazizwa benomthwalo wemfanelo phambi kukaNkulunkulu wokuxwayisa abantu ngosizi olukhulu olungaphambili nje. (Math. 24:21; qhathanisa noHezekeli 3:17-19.) Kodwa kungani bekwenza ngokuya endlini ngendlu?
Bayazi ukuthi uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba baye emizini yabantu ukuze bashumayele futhi bafundise. (Math. 10:11-14) Bayazi ukuthi ngemva kokuba umoya ongcwele uthululiwe ngePentekoste lika-33 C.E., abaphostoli baqhubeka bememezela izindaba ezinhle ngokungayeki “ethempelini [eJerusalema] nasemakhaya.” (IzE. 5:42) UFakazi ngamunye uyazazi izEnzo 20:20, ezithi umphostoli uPawulu wafundisa “phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.” Futhi babona ubufakazi obuqand’ ikhanda bokubusisa kukaJehova lomsebenzi ezikhathini zanamuhla. Ngakho, njengoba bezuza okuhlangenwe nakho enkonzweni yendlu ngendlu, umsebenzi ababeke bawusaba ngokuvamile uba okuthile ababheka phambili kukho ngentshiseko.
Futhi bayawenzisisa. Bagcina imibiko ngokucophelela ukuze baphindele bayokhuluma nanoma yibaphi ababengekho ekhaya. Abagcini lapho, kodwa bahambela yonke imizi ngokuphindaphindiwe.
Ngenxa yokuphumelela kwenkonzo yendlu ngendlu, abaphikisi emazweni amaningi baye bazama ukuyivimbela. Ukuze benze ilungelo labo lokushumayela endlini ngendlu lihlonishwe ngokomthetho, oFakazi BakaJehova baye banxusa ezikhulwini zikahulumeni. Lapho kudingeka khona, baye baya ezinkantolo ukuze benze ilungelo labo lokusakaza izindaba ezinhle ngalendlela liqashelwe ngokomthetho. (Fil. 1:7, NW) Futhi lapho ohulumeni abacindezelayo beye baphikelela benqabela umsebenzi onjalo, oFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi baye bavele bakwenza ngendlela engabonakali kalula, noma uma kudingeka, basebenzisa ezinye izindlela ukuze bafinyelele abantu ngesigijimi soMbuso.
Nakuba izinhlelo zomsakazo nezethelevishini zaziye zasetshenziswa ekusakazeni isigijimi soMbuso, oFakazi BakaJehova baqaphela ukuthi ukuxhumana nabantu ngokuqondile okwenzeka ngokungena endlini ngendlu kuphumelela nangaphezulu. Kubanikeza ithuba elingcono lokuphendula imibuzo yabaninikhaya ngabanye nokufuna abafaneleyo. (Math. 10:11) Leso ngesinye sezizathu esabangela ukuba, ngo-1957, i-Watch Tower Society ithengise isiteshi somsakazo i-WBBR eNew York.
Nokho, oFakazi BakaJehova akuthi ngemva kokuba befakaze mathupha kubantu babe nomuzwa wokuthi bakwenzile obekumelwe bakwenze. Kumane nje kuyisiqalo.
“Nenze . . . Abafundi . . . Nibafundise”
UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba benze okungaphezu kokushumayela. Belingisa yena, nabo kumelwe bafundise. (Math. 11:1) Ngaphambi kokuba akhuphukele ezulwini, wabayaleza: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” (Math. 28:19, 20) Ukufundisa (ngesiGreki, di·daʹsko) kuhlukile ekushumayeleni ngoba ofundisayo wenza okungaphezu kokumemezela; uyafundisa, achaze, anikeze ubufakazi.
INqabayokulinda, (yesiNgisi) emuva ngo-April 1881, yanikeza ukusikisela okufushane ngokuqondene nendlela yokufundisa. Amanye ama-colporteur okuqala ayeqikelela ukuba aye ephindelela kulabo ababebonise isithakazelo, ukuze abakhuthaze ukuba bafunde izincwadi zeNhlangano futhi bahlangane nabanye njalo ukuze babe nesifundo sasikhathi sonke seZwi likaNkulunkulu. Incwadi ethi The Harp of God (eyakhishwa ngo-1921) ngokuvamile yayisetshenziselwa leyonjongo. Nokho, kamuva kwenziwa okungaphezulu ukuze abathakazelayo banikezwe ukunakekelwa komuntu siqu. Izinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe kanye nezincwadi ezinyathelisiwe ezisiza ekutadisheni zazisetshenziswa kakhulu kulomsebenzi. Kwenzeka kanjani lokho?
Kusukela ekuqaleni kuka-1933, iNhlangano yayinezele amarekhodi ezinhlelweni zayo zomsakazo, amarekhodi ayedlalwa emshinini othwalekayo oyi-transcription emahholo okuhlangana, emapaki, nasemasangweni amafektri, njalonjalo. Ngokushesha, oFakazi ababethole abantu abathakazelayo lapho bengena endlini ngendlu babenza amalungiselelo okuphindela ukuze babadlalele amanye alamarekhodi emizini yabo. Lapho incwadi ethi Riches isitholakala ngo-1936, kwasetshenziswa izingxoxo ezazikuyo, ngemva kokudlalwa kwamarekhodi, ukuze kumiswe izifundo okwakungeza kuzo abantu abathakazelayo abakuleyondawo. Lomsebenzi wagcizelelwa ngokukhethekile ngenjongo yokusiza ababengase babe amalungu ‘esixuku esikhulu’ ukuba bafunde iqiniso.—IsAm. 7:9.
Cishe ngalesosikhathi, isigaba sabefundisi samaKatolika sabacindezela ngamandla abanikazi nabaphathi beziteshi zomsakaso kanye nezinhlangano zikahulumeni sizama ngokuzimisela ukuvimbela ukusakazwa kwezinhlelo ze-Watch Tower. Incwadi yesicelo eyayisayinwe abantu abangu-2 630 000 e-United States yacela ukuba kube nenkulumo-mpikiswano yasobala phakathi kukaJ. F. Rutherford nesikhulu seSonto LamaRoma Katolika. Akekho kubefundisi bamaKatolika owayezimisele ukwamukela lenselele. Ngakho, ngo-1937, uMfoweth’ uRutherford waqopha izinkulumo ezimbili ezazithi “Lidaluliwe” nethi “Inkolo NobuKristu,” ezaziveza izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli, ikakhulukazi ezazilahla izimfundiso zamaKatolika ezazingasekelwe emibhalweni. Ukwaziswa okufanayo kwakhishwa encwajaneni ethi Isivikelo nethi Ezambuliweyo, futhi ikhophi yethi Ezambuliweyo yayiswa kubo bonke ababesayine incwadi yesicelo ukuze abantu bazifundele amaqiniso eBhayibheli isigaba sabefundisi bamaKatolika esasifuna ukuwafihla.
Ukuze kusizwe abantu babone izindaba ngokucacile futhi bahlole isisekelo esingokomBhalo salokhu, incwajana ethi Model Study No. 1 yanyatheliswa ukuze isetshenziswe emihlanganweni eyayihlelelwe abantu abathakazelayo. Lencwajana yayinemibuzo, izimpendulo, nemibhalo esekela izimpendulo ezazinikeziwe. Okokuqala, umqhubi wayedlala irekhodi elilodwa noma ngaphezulu lezinkulumo esezishiwo ukuze wonke umuntu ezwe yonke ingxoxo. Khona-ke, kwakulandela ingxoxo, kusetshenziswa ukwaziswa okunikezwe encwajaneni ethi Model Study kanye nokuhlolwa kwemibhalo ngokwayo. I-Model Study No. 1 yalandelwa uNo. 2 no-3, ezazihambisana nezinye izinkulumo eziqoshiwe. Izifundo ezinjalo ekuqaleni kwakuhlelwa ukuba zibe sezindaweni amaqembu abantu abathakazelayo ayengabuthelwa kuzo, kodwa ngokushesha zaziqhutshelwa abantu ngabanye kanye nemikhaya.
Kusukela ngalesosikhathi kuye kwalungiselelwa izincwadi ezinhle kakhulu ezazizosetshenziswa ngokukhethekile oFakazi BakaJehova ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ezasakazwa kakhulu kwakungethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso,” IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Kuye kwaba khona nezincwajana ezinamakhasi angu-32—“Lezi Zindaba Ezinhle ZoMbuso,” Indlela KaNkulunkulu Iluthando, “Bheka! Ngikwenza Konke Kube Kusha,” kanye nezinye eziningi. Lezi zalandelwa izincwajana ezingangomagazini ezinjengethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, eziveza izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli ngendlela ecace kakhulu neqondakala kalula.
Ukusetshenziswa kwalamathuluzi, okwakuhambisana nokuqeqeshwa okukhulu kwasebandleni nokomuntu siqu, kuye kwaphumela ekwandeni okuphawulekayo enanini lezifundo zeBhayibheli zasekhaya eziqhutshwayo. Ngo-1950, izifundo zeBhayibheli zasekhaya, ngokuvamile ezaziqhutshwa kanye ngesonto, zazilinganiselwa kwezingu-234 952. Izifundo ezazingathuthuki ngokwanele zaziyekwa. Abafundi abaningi bathuthuka baze bafinyelela ezingeni lapho, nabo, beba abafundisi. Naphezu kokwanda okuqhubeka njalo, inani lazo liye laqhubeka likhuphuka, ngokuvamile kwenzeka ngokushesha. Ngo-1992, oFakazi babeqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-4 278 127 emhlabeni wonke.
Ukuze bafeze lomsebenzi omkhulu wokushumayela nokufundisa, ngezilimi ezikhulunywa emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova baye basebenzisa kakhulu ukwaziswa okunyathelisiwe. Lokhu kuye kwenza kwadingeka imisebenzi emikhulu yokunyathelisa.
[Imibhalo yaphansi]
a Umsebenzi wokwalusa wahlelwa ngokokuqala ngqá phakathi no-1915-16 emabandleni acishe abe ngu-500 ayekhethe uMfoweth’ uRussell ukuba abe umalusi wawo. Njengomalusi, wayewabhalele incwadi echaza ngomsebenzi, ekuqaleni owawungowodade kuphela. Ngonyaka olandelayo nabazalwane bafakwa kulomsebenzi. Lomsebenzi wokwalusa, owawenziwa iqembu elithile, waqhubeka kwaze kwaba u-1921.
b Lawomazwi ayesekelwe ekuqondeni kokuthi igama elithi inkolo lalihlanganisa konke ukukhulekela okwakusekelwe emasikweni abantu, esikhundleni seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Nokho, ngo-1950, lapho kukhishwa i-New World Translation of the Christian Greek Scriptures, imibhalo yaphansi kuzEnzo 26:5, abaseKolose 2:18, noJakobe 1:26, 27 yabonisa ukuthi igama elithi inkolo lingasetshenziswa ngokufanelekile ekukhulekeleni kweqiniso noma kwamanga. Lokhu kwabuye kwacaciswa ku-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-March 15, 1951, ikhasi 191, nasencwadini ethi INkolo Isenzeleni Isintu?, amakhasi 8-10.
c Okunye ukufakaza emgwaqweni ngomagazini kwakwenziwe ngenjongo yokulinga ngonyaka owawandulele, eCalifornia, e-U.S.A. Ngisho nasemuva kakhulu ngo-1926, abaFundi BeBhayibheli babehlanganyele ekusakazeni emgwaqweni izincwajana ezazinezigijimi ezibalulekile. Esikhathini esithile ngaphambili, ngo-1881, babesakaze izincwadi eduze kwamasonto ngamaSonto.
d INqabayokulinda, November 1, 1981, kk. 7-11 (May 15, 1981, ngesiNgisi).
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 556[
Nomaphi lapho ayethola khona abantu, uJesu wayekhuluma ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu
[Ibhokisi ekhasini 559]
Isibusiso Esikhethekile Emsebenzini Wendlu Ngendlu
“Njengasekufikeni kukaKristu kokuqala, umsebenzi wendlu ngendlu, esikhundleni sokushumayela epulpiti, ubonakala ubusiswa yiNkosi ngokukhethekile.”—“INqabayokulinda” (yesiNgisi), July 15, 1892.
[Ibhokisi ekhasini 570]
Isizathu Sokuba OFakazi Bafike Bephindelela
Ichaza isizathu esenza oFakazi BakaJehova bafike bephindelela emzini ngamunye, “INqabayokulinda” (yesiNgisi) ka-July 1, 1962, yathi: “Izimo zishintsha njalo. Namuhla umuntu angase angabibikho ekhaya, ngesikhathi esilandelayo abe khona. Namuhla angase abe matasa kakhulu ukuba alalele, kodwa ngesikhathi esilandelayo kungabi njalo. Namuhla ilungu elithile lomkhaya yilona elivula umnyango, ngesikhathi esilandelayo kuba ngelinye; futhi oFakazi abakhathaleli kuphela ukufinyelela yonke imizi ezabelweni zabo, kodwa uma kunokwenzeka, ukufinyelela umuntu ovuthiwe emzini ngamunye. Ngokuvamile imikhaya ihlukene phakathi ngenkolo, ngakho akwenzeki ngaso sonke isikhathi ukuba ilungu elilodwa likhulumele wonke umkhaya. Ngaphandle kwalokho, abantu bahlale bethutha ngakho oFakazi abaqiniseki ukuthi ubani abazomthola endlini ethile.
“Akuzona kuphela izimo ezishintshayo, kodwa abantu ngokwabo bayashintsha. . . . Ngenxa yento engenamsebenzi kungenzeka umuntu ubengajabule futhi engazimisele neze ukukhuluma ngenkolo noma nganoma yini kungakhathaliseki ukuthi ubani obezofika emzini wakhe, kodwa akusho ukuthi uyoba nalesosimo sengqondo nangesinye isikhathi. Noma, ukuthi nje umuntu akabanga nasithakazelo sokuxoxa ngenkolo ngenyanga edlule akusho ukuthi angase angabi naso kulenyanga. Kusukela esikhathini uFakazi ayehambele ngaso kungenzeka lomuntu uye waba nokuhlangenwe nakho okucindezela kakhulu noma ngandlela-thile wathola okuthile okwamenza wathobeka wayeka ukuqhosha, walamba futhi waqaphela isidingo sakhe esingokomoya esikhundleni sokuzizwa anelisekile ngakwenzayo.
“Ngaphandle kwalokho, isigijimi oFakazi abasilethayo sizwakala singavamile kubantu abaningi futhi bayahluleka ukuqaphela ukuphuthuma kwaso. Kulapho besizwa ngokuphindaphindiwe kuphela lapho belithola khona iphuzu kancane kancane.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 574]
Ukusebenzisa “Zonke Izindlela Ezitholakalayo”
“Thina esisenhlanganweni yeNkosi siye sazama, ngazo zonke izindlela ezitholakalayo, ukuphendulela ukunakekela [kwezwe] esigijimini sokuphila. Siye sasebenzisa iziqubulo, izikhangiso ezigcwele amakhasi, umsakazo, izimoto ezinemibhobho, amagilamafoni athwalekayo, imihlangano emikhulukazi, ukumasha kwabahambisa ukwaziswa bephethe izimpawu, kanye nebutho elandayo lezikhonzi zasendlini ngendlu. Lomsebenzi uye wahlukanisa abantu—abamukela uMbuso kaNkulunkulu omisiwe babe ngakolunye uhlangothi, labo abamelene nawo babe ngakolunye. Lona umsebenzi uJesu abikezela ukuthi uyokwenziwa esizukulwaneni sami.”—Kubhala uMelvin Sargent ngo-1987, eneminyaka engu-91 ubudala.
[Isithombe]
UMelvin Sargent
[Igrafu ekhasini 574]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ukwanda Kwezifundo ZeBhayibheli Zasekhaya
4 000 000
3 000 000
2 000 000
1 000 000
1950 1960 1970 1980 1992
[Izithombe ekhasini 557]
Amashumi ezigidi alamapheshana asakazwa, mahhala, eduze kwamasonto, endlini ngendlu, nangeposi
[Izithombe ekhasini 558]
Abashumayeli bevangeli abangama-“colporteur” basakaza izincwadi ezazichaza iBhayibheli
[Isithombe ekhasini 559]
U-Anna Andersen wafinyelela cishe wonke amadolobha eNorway ngezincwadi zeBhayibheli
[Izithombe ekhasini 560]
Izikhangiso zamaphephandaba zasiza ekufinyeleleni abantu okwaku-ngaxhunyanwa neze nabo ngezinye izindlela
[Izithombe ekhasini 561]
Amaphephandaba angaphezu kwangu-2 000 emazwekazini amane ayenezintshumayelo zikaMfoweth’ uRussell ngesikhathi esisodwa
[Izithombe ekhasini 562]
I-“Photo-Drama of Creation” yanikeza ubufakazi obunamandla ezigidini zabantu emazweni amaningi
[Isithombe ekhasini 563]
Ngomsakazo, uJ. F. Rutherford wakwazi ukufakaza ezigidini zabantu emhlabeni wonke khona kanye emizini yabo
[[Isithombe ekhasini 564]
Balungele ukuhamba ngamabhayisikili bayofakaza njengeqembu eNgilandi
[Isithombe ekhasini 565]
Kusukela ngo-1933, kwasetshenziswa amakhadi obufakazi anyathelisiwe
[Isithombe ekhasini 566]
Izinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe zanikeza ubufakazi obunamandla phakathi nawo-1930 nawo-1940
[Isithombe ekhasini 567]
Izimoto ezinemibhobho, ngezinye izikhathi eziningi zazo (njengalapha e-Australia), zazisetshenziselwa ukusakaza iqiniso leBhayibheli ezindaweni zomphakathi
[Isithombe ekhasini 568]
Izimpawu ezikhanyisiwe emafasiteleni emizini yoFakazi BakaJehova zazinikeza ubufakazi ubusuku nemini
[Isithombe ekhasini 568]
Izingqwembe zokukhangisa nezimpawu zaba nengxenye ebufakazini obabunikezwa obala ngesibindi (njengalapha eScotland)
[Isithombe ekhasini 569]
Ukusakazwa emgwaqweni kwe-“Nqabayokulinda” ne-“Consolation” (njengoba kuboniswe lapha e-U.S.A.) kwaqala ngo-1940
[Isithombe ekhasini 569]
Kusukela ngo-1943, abazalwane emabandleni baqeqeshelwa ukukhuluma eningini
[Izithombe ekhasini 571]
Izifundo zeBhayibheli zasekhaya ziqhutshelwa abantu abathakazelayo. Izincwadi ezingezansi zihlelelwe lokho ngokukhethekile—ziqale zinyatheliswe ngesiNgisi, bese kuba ngezinye izilimi
[Izithombe ekhasini 572, 573]
OFakazi abancane nabadala, abesilisa nabesifazane, embulungeni yonke bahlanganyela ekufakazeni endlini ngendlu
ERomania
EBolivia
EZimbabwe
EHong Kong
EBelgium
E-Uruguay
EFiji