Isahluko 49
Olunye Uhambo LwaseGalile Lokushumayela
CISHE ngemva kweminyaka emibili yokushumayela ngenkuthalo, ingabe uJesu manje uzoqala ukuyekelela futhi athathe kalula? Ngokuphambene, wandisa umsebenzi wakhe wokushumayela ngokuthatha olunye uhambo, olwesithathu lwaseGalile. Uvakashela yonke imizi nemizana kuleyonsimu, efundisa emasinagogeni futhi eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Akubona kuloluhambo kumqinisekisa kunanini ngaphambili ngesidingo sokwandisa umsebenzi wokushumayela.
Nomaphi lapho uJesu eya khona, ubona izixuku zidinga ukuphulukiswa okungokomoya nenduduzo. Zinjengezimvu ezingenamalusi, ezingenasikhumba nezihlakazekile, futhi uba nesihe ngazo. Utshela abafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”
UJesu unecebo lokuzokwenziwa. Ubiza abaphostoli abangu-12, abakhethé cishe esikhathini esingangonyaka ngaphambili. Ubahlukanisa ngababili, enza amaqembu ayisithupha abashumayeli, abese ebanikeza iziyalezo. Uyachaza: “Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele.”
LoMbuso okumelwe bashumayele ngawo yilowo uJesu abafundisa ukuba bawuthandazele emthandazweni oyisibonelo. UMbuso ususondele ngomqondo wokuthi iNkosi emisiwe kaNkulunkulu, uJesu Kristu, ikhona. Ukuze aqinise ubufakazi bokuthi abafundi bakhe bangabameleli balowohulumeni ongaphezu kowabantu, uJesu ubanikeza amandla okuba belaphe abagulayo bavuse ngisho nabafileyo. Ubayala ukuba benze lezinkonzo mahhala.
Ngokulandelayo utshela abafundi bakhe ukuba bangenzi amalungiselelo ezinto ezibonakalayo ngenxa yohambo lwabo lokushumayela. “Ningaphathi-golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.” Labo abazisa lesigijimi bazosabela futhi banikele ngokudla nendawo yokulala. Njengoba uJesu esho: “Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke.”
Khona-ke uJesu unikeza iziyalezo ngendlela yokukhuluma nabaninikhaya ngesigijimi soMbuso. “Ekungeneni kwenu endlini,” eyala, “niyibingelele. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyondlu noma kulowomuzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.”
Ngomuzi owenqaba isigijimi sabo, uJesu wembula ukuthi isahlulelo phezu kwawo ngempela siyoba sibi. Uyachaza: “Kuyakuba-ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowomuzi.” Mathewu 9:35–10:15; Marku 6:6-12; Luka 9:1-5.
▪ UJesu uluqala nini uhambo lwesithathu lwaseGalile lokushumayela, futhi lumqinisekisa ngani?
▪ Lapho ethuma abaphostoli bakhe abangu-12 ukuba bayoshumayela, iziphi iziyalezo abanikeza zona?
▪ Kungani kungelona iphutha ngabafundi ukufundisa ukuthi uMbuso ususondele?