Isahluko 48
Ukuphuma Emzini KaJayiru Nokuvakashela ENazaretha Futhi
UJESU ubenosuku olumatasa—uhambo olwandle ngomkhumbi ukusuka eDekapholi, ukwelapha owesifazane onesifo sokopha, nokuvusa indodakazi kaJayiru. Kodwa usuku alukapheli. Ngokusobala njengoba uJesu ephuma emzini kaJayiru, amadoda amabili ayizimpumputhe ayalandela, ememeza: “Sihawukele, Ndodana kaDavide.”
Ngokubiza uJesu ngokuthi “Ndodana kaDavide,” lamadoda ngalokhu abonakalisa ukukholelwa ekutheni uJesu uyindlalifa esihlalweni sobukhosi sikaDavide, kanjalo ukuthi unguMesiya othenjisiwe. Nokho, kubonakala sengathi uJesu akakunaki ukucela kwawo usizo, mhlawumbe ukuze avivinye ukuphikelela kwawo. Kodwa lamadoda awayeki. Alandela uJesu aya lapho ehlala khona, futhi lapho engena endlini, ayamlandela angena ngaphakathi.
Lapho uJesu uyabuza: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?”
“Yebo, Nkosi,” ephendula ngokuqiniseka.
Ngakho, ethinta amehlo awo, uJesu uthi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” Ngaso lesosikhathi ayabona! Khona-ke uJesu uyawayalisisa: “Qaphelani ukuba kungaziwa-muntu.” Kodwa egcwele injabulo, awawunaki umyalo kaJesu futhi akhuluma ngaye yonke indawo.
Lapho lamadoda ephuma, abantu baletha indoda enedemoni eselayenza isimungulu. UJesu ukhipha lelodemoni, futhi ngaso lesosikhathi lendoda iqala ukukhuluma. Izixuku ziyamangala ngalezimangaliso, zithi: “Akuzange kubonwe okunje kwaIsrayeli.”
AbaFarisi nabo bakhona. Abanakuziphika izimangaliso, kodwa ngenxa yokungabi nalukholo kwabo okubi baphinda ukusola kwabo umthombo wezenzo zikaJesu zamandla, bethi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.”
Ngokushesha ngemva kwalezenzakalo, uJesu uphindela edolobheni lakubo eNazaretha, kulokhu uhamba nabafundi bakhe. Esikhathini esingangonyaka ngaphambili, wayevakashele esinagogeni futhi wafundisa khona. Nakuba abantu ekuqaleni bamangala ngamazwi akhe athokozisayo, kamuva bacasukela ukufundisa kwakhe futhi bazama ukumbulala. Manje, ngomusa, uJesu wenza omunye umzamo ukuze asize labantu ababengomakhelwane bakhe.
Nakuba kwezinye izindawo abantu bethutheleka kuJesu, lapha ngokusobala abenzi kanjalo. Ngakho, ngeSabatha, uya esinagogeni uyofundisa. Abaningi balabo abamlalele bayamangala. “Lo ukuthathaphi lokhukuhlakanipha nalawamandla na?” bebuza. “Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda, na? Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?”
‘UJesu ungumuntu wakulendawo njengathi,’ becabanga. ‘Simbonile ekhula, futhi siyawazi umkhaya wakubo. Angaba kanjani uMesiya?’ Ngakho naphezu kwabo bonke ubufakazi—ukuhlakanipha kwakhe okukhulu nezimangaliso—bayamenqaba. Ngenxa yokujwayelana kakhulu naye, ngisho nezihlobo zakhe ziyakhubeka ngaye, okubangela uJesu aphethe: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.”
Yebo, uJesu uyamangala ngokuntula kwabo ukholo. Ngakho akenzi zimangaliso lapho ngaphandle kokubeka izandla phezu kwabambalwa abagulayo ebaphulukisa. Mathewu 9:27-34; 13:54-58; Marku 6:1-6; Isaya 9:7.
▪ Ngokubiza uJesu ngokuthi “Ndodana kaDavide,” yini amadoda ayizimpumputhe abonisa ukuthi ayayikholelwa?
▪ Iyiphi incazelo ngezimangaliso zikaJesu abaFarisi abaye babambelela kuyo?
▪ Kungani kuwumusa ngoJesu ukuba aphindele ayosiza labo abaseNazaretha?
▪ Iyiphi indlela uJesu amukelwa ngayo eNazaretha, futhi ngani?