Injabulo Yeqiniso Ekukhonzeni UJehova
“Uyajabula yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.”—IHUBO 146:5, NW.
1, 2. Yini eye yashiwo maqondana nencazelo yenjabulo, futhi injabulo isho ukuthini kubantu abaningi namuhla?
IYINI injabulo? Sekungamakhulukhulu eminyaka ababhali bezichazamazwi, izazi zefilosofi, nezazi zenkolo bezama ukuyichaza. Kodwa abakayinikezi incazelo eyamukelwa yibo bonke. IEncyclopædia Britannica iyavuma: “Igama elithi ‘injabulo’ lingelinye lamagama okunzima ukuwachaza.” Injabulo ngokusobala isho izinto ezihlukahlukene kubantu abahlukahlukene, kuye ngombono wabo ngokuphila.
2 Kubantu abaningi injabulo ihambisana nempilo enhle, izinto ezibonakalayo, nobungane obuhle. Nokho, kunabantu abanakho konke lokho kodwa abangajabuli. Ngabesilisa nabesifazane abazinikezele kuJehova uNkulunkulu, iBhayibheli linikeza umqondo wenjabulo ohluke kakhulu embonweni ovamile.
Umbono Ohlukile Wenjabulo
3, 4. (a) Obani uJesu athi bayajabula? (b) Yini engaphawulwa maqondana nezici zenjabulo uJesu akhuluma ngazo?
3 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu Kristu akashongo ukuthi injabulo ixhomeke empilweni enhle, izinto ezibonakalayo, nokunye okunjalo. Wathi bayajabula ngempela labo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” nalabo “abalambele futhi bomele ukulunga.” Okuhlobene nalezici ezimbili ezidingekayo ukuze kutholakale injabulo yeqiniso ngamazwi kaJesu abonakala eyindida: “Bayajabula abakhalayo, ngoba bayoduduzwa.” (Mathewu 5:3-6, NW) Ngokusobala, uJesu wayengasho ukuthi ngokuzenzekelayo abantu babeyojabula lapho belahlekelwa othandekayo. Kunalokho, wayekhuluma ngalabo abakhala ngenxa yesimo sabo esinesono nemiphumela yaso.
4 Umphostoli uPawulu wakhuluma ngendalo engabantu ebubula ngaphansi kwesono ngethemba lokuthi ‘iyokhululwa ebugqilini bokubhubha.’ (Roma 8:21, 22) Abantu abemukela ilungiselelo likaJehova lokususa izono ngomhlatshelo kaKristu wesihlengo futhi abenza intando kaNkulunkulu baduduzeka ngempela futhi bathola injabulo. (Roma 4:6-8) ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu futhi wathi abajabulayo yilabo “abamnene,” “abanesihawu,” “abanenhliziyo ehlanzekileyo,” nalabo “abalamulayo.” Wanikeza isiqinisekiso sokuthi ngisho nalapho beshushiswa, abanjalo abamnene babengeke balahlekelwe injabulo yabo. (Mathewu 5:5-11) Kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi lezici eziphakeme zenjabulo zibeka abacebile nabampofu ezingeni elilinganayo.
Isisekelo Senjabulo Yangempela
5. Siyini isisekelo senjabulo yezinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele?
5 Umthombo wenjabulo yeqiniso awutholakali engcebweni yezinto ezibonakalayo. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.” (IzAga 10:22) Ezidalweni eziqaphela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke, injabulo ihlobene ngokungenakuhlukaniswa nesibusiso sikaNkulunkulu. Umuntu ozinikezele onaso futhi osizwayo isibusiso sikaJehova kuye uyajabula ngempela. Uma ibhekwa ngokweBhayibheli, injabulo ihilela umuzwa wokwaneliswa, ukwaneliseka, nowokufeza okuthile enkonzweni kaJehova.
6 .Yini edingekayo ngabantu bakaJehova ukuze bajabule ngempela?
6 Injabulo yeqiniso ixhomeke ebuhlotsheni obufanelekayo noJehova. Isekelwe othandweni ngoNkulunkulu nokwethembeka kuye. Izinceku zikaJehova ezizinikezele zivumelana ngenhliziyo yonke namazwi kaPawulu: “Akakho phakathi kwethu oziphilela yena . . . Siphilela iNkosi . . . SingabeNkosi.” (Roma 14:7, 8) Ngakho-ke, injabulo yeqiniso ayinakufinyelelwa ngaphandle kokulalela uJehova nokuzithoba ngenjabulo entandweni yakhe. UJesu wathi: “Babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”—Luka 11:28.
Izici Zenjabulo Eziguquguqukayo
7, 8. (a) Izici zenjabulo zingahlukaniswa kanjani? (b) Yini engashiwo ngomshado nokuzala abantwana?
7 Izici zenjabulo ezicatshangelwe ngenhla zingabizwa ngokuthi “eziyisisekelo,” noma “ezingaguquki,” ngoba zisebenza ezincekwini zikaJehova ezizinikezele ngaso sonke isikhathi. Ngaphezu kwalokho, kukhona lezo ezingase zibizwe ngokuthi eziguquguqukayo, izici ezingase ziphumele enjabulweni ngesinye isikhathi kodwa ngesinye ibe ncane kakhulu noma ingabibikho kwanhlobo. Ezikhathini zezinzalamizi nezangaphambi kobuKristu, umshado nokuzala abantwana kwakubhekwa njengokubaluleke kakhulu ukuze kutholakale injabulo. Lokhu kubonakala esicelweni sikaRaheli esidabukisayo kuJakobe: “Ngiphe abantwana, funa ngife.” (Genesise 30:1) Lesimo sengqondo ngokuzala abantwana sasiyifanelekela injongo kaJehova ngalesosikhathi.—Genesise 13:14-16; 22:17.
8 Umshado nokuzala abantwana kwakubhekwa njengezibusiso ezivela kuNkulunkulu phakathi kwabantu bakaJehova bezikhathi zangaphambili. Nokho, usizi lwaluhlangene nalezimo kanye nezinye phakathi nezikhathi zenhlekelele emlandweni wabo. (Qhathanisa amaHubo 127, 128 noJeremiya 6:12; 11:22; IsiLilo 2:19; 4:4, 5.) Ngakho-ke, kusobala ukuthi umshado nokuzala abantwana akuzona izici zenjabulo ezihlala njalo.
Injabulo Ngaphandle Komshado Esikhathini Esidlule
9. Kungani indodakazi kaJefta yayituswa minyaka yonke?
9 Izinceku zikaJehova eziningi ziye zathola injabulo yeqiniso ngaphandle komshado. Ihlonipha isifungo sikayise, indodakazi kaJefta yahlala ingashadile. Isikhathi esithile yona nabangane bayo bamantombazane babulilela ubumsulwa bayo. Kodwa yeka injabulo eyaba nayo ekukhonzeni isikhathi esigcwele endlini kaJehova, mhlawumbe iphakathi ‘kwabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana’! (Eksodusi 38:8) Ngenxa yalokhu, yathola ukutuswa minyaka yonke.—AbAhluleli 11:37-40.
10. Yini uJehova ayifuna kuJeremiya, futhi ingabe kubonakala sengathi wayephila ukuphila okungajabulisi ngenxa yalokho?
10 Ngenxa yezikhathi eziphawulekayo umprofethi uJeremiya ayephila kuzo, uNkulunkulu wamyala ukuba akugweme ukushada nokuthola abantwana. (Jeremiya 16:1-4) Kodwa uJeremiya wakubona ukuba yiqiniso kwamazwi kaNkulunkulu: “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.” (Jeremiya 17:7) Kuyo yonke iminyaka engaphezu kwengu-40 yenkonzo yobuprofethi, uJeremiya wakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka njengendoda engashadile. Ngokwalokho esikwaziyo, akazange ashade futhi abe nabantwana. Nokho, ubani ongakungabaza ukuthi uJeremiya wayejabule, njengensali yamaJuda ethembekile ‘eyajabula kukho okuhle kukaJehova’?—Jeremiya 31:12.
11. Iziphi ezinye izibonelo ezingokomBhalo zezinceku zikaJehova ezithembekile ezazijabula nakuba zazingenaye umngane womshado?
11 Abanye abantu abaningi baye bakhonza uJehova ngokujabula ngaphandle komngane womshado. Kungaba ukuthi babengashadile, bengabafelokazi, noma bengabafelwa. Phakathi kwabo kwakunomprofethikazi uAna; cishe noDorka, noma uThabitha; umphostoli uPawulu; nesibonelo esikhulu kunazo zonke—uJesu Kristu.
Ukungashadi Kodwa Ujabule Namuhla
12. Yini ezinye zezinceku zikaJehova ezijabulayo nezizinikezele eziye zayamukela namuhla, futhi ngani?
12 Namuhla, izinkulungwane zoFakazi BakaJehova zikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka ngaphandle komngane womshado. Abanye baye bakwazi ukwamukela isimemo sikaJesu: “Ongakwamukela lokho [isipho sokungashadi] akwamukele.” Baye bakwenza lokhu “ngenxa yombuso wezulu.” (Mathewu 19:11, 12) Lokhu kusho ukuthi baye bayisebenzisa kahle inkululeko yabo evela kuNkulunkulu ngokunikela ngesikhathi esengeziwe namandla ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso. Abaningi babo bakhonza njengamaphayona, izithunywa zevangeli, noma njengamalungu omkhaya waseBethel endlunkulu yomhlaba wonke yeWatch Tower Society noma kwelinye lamagatsha ayo.
13. Iziphi izibonelo ezibonisa ukuthi umKristu angaba ongashadile futhi ajabule?
13 Omunye udade othandekayo osekhulile wanika indaba yokuphila kwakhe isihloko esithakazelisayo esithi “Angishadile Futhi Ngiyajabula Njengephayona.” (INqabayokulinda, May 1, 1985, amakhasi 23-6) Omunye udade owachitha iminyaka engaphezu kwengu-50 ekhonza eBethel wathi: “Nganeliseke ngokugcwele ngokuphila kwami nangomsebenzi wami. Ngimatasa manje kunanini ngaphambili emsebenzini engiwuthanda kakhulu. Angizisoli ngalutho. Ngingenza isinqumo esifanayo futhi.”—INqabayokulinda, December 1, 1982, ikhasi 17.
14, 15. (a) Ngokomphostoli uPawulu, yini edingekayo ukuze umuntu ahlale engashadile? (b) Kungani uPawulu ethi umuntu ongashadile wenza “kangcono” futhi “ujabula ngokwengeziwe”?
14 Phawula igama elithi “isinqumo.” UPawulu wabhala: “Omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa-lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina [ubumsulwa bakhe], wenza kahle. Kanjalo [nonikela ngobumsulwa bakhe emshadweni wenza kahle, kodwa onganikeli ngabo emshadweni wenza kangcono].” (1 Korinte 7:37, 38, qhathanisa neNW.) Kungani enza “kangcono”? UPawulu wachaza: “Ngifuna ukuba ningabi-nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. . . . Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi . . . Ngisho lokhu ukuba kube-lusizo kinina; . . . nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazamiseki.”—1 Korinte 7:32-35.
15 Ingabe ‘ukubambelela eNkosini ngokungaphazamiseki’ ngombono ‘wokuzuza ukwamukelwa iNkosi’ kuhlangene nenjabulo? Ngokusobala uPawulu wayecabanga kanjalo. Ekhuluma ngomfelokazi ongumKristu, wathi: “Ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube-seNkosini. Kepha [ujabula ngokwengeziwe] ngokubona kwami uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.”—1 Korinte 7:39, 40, qhathanisa neNW.
Izinzuzo Zokungashadi
16. Iziphi ezinye izinzuzo ezijatshulelwa oFakazi BakaJehova abangashadile?
16 Kungakhathaliseki ukuthi umKristu akashadile ngenxa yokuzinqumela ngokwakhe noma ngokuphoqwa izimo, ukungashadi kuhambisana nezinzuzo eziningi zomuntu siqu. Abantu abangashadile ngokuvamile banesikhathi esengeziwe sokutadisha iZwi likaNkulunkulu futhi bazindle ngalo. Uma besisebenzisa ngokunenzuzo lesimo, ingokomoya labo liyajula. Njengoba bengenaye umngane womshado abangahlanganyela naye izinkinga, abaningi bafunda ukuncika kakhulu kuJehova nokufuna isiqondiso sakhe kuzo zonke izinto. (IHubo 37:5) Lokhu kusiza ekubeni nobuhlobo obuseduze ngokwengeziwe noJehova.
17, 18. (a) Imaphi amathuba emikhakha eyandisiwe yenkonzo avulekele izinceku zikaJehova ezingashadile? (b) Ezinye izinceku zikaJehova ezingashadile ziye zayichaza kanjani injabulo yazo?
17 AmaKristu angashadile anamathuba emikhakha eyandisiwe yenkonzo eletha udumo kuJehova. Ukuqeqesha okukhethekile okunikezwayo manje eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo okwabazalwane abangashadile kuphela noma abafelwa. Odade abangashadile nabo bakhululeke ngokwengeziwe ukuba balwele ukufanelekela amalungelo enkonzweni kaNkulunkulu. Udade osekhulile okukhulunywe ngaye ngaphambili wazinikela ngokuzithandela ukuba ayokhonza ezweni laseAfrika ngesikhathi lapho, uma simcaphuna, ayengowesifazane “obuthakathaka oneminyaka engaphezu kwengu-50 ubudala.” Futhi wahlala lapho, ngisho nangesikhathi sokuvinjelwa, ngenkathi zonke izithunywa zevangeli zixoshiwe. Usakhonza khona njengephayona, nakuba manje eneminyaka engaphezu kwengu-80 ubudala. Ingabe uyajabula? Endabeni yokuphila kwakhe wabhala: “Ngangikwazi ukusebenzisa inkululeko enkudlwana nokuhamba ukungashadi okukuvumelayo ukuze ube matasa enkonzweni, futhi lokhu kuye kwangilethela injabulo enkulu. . . . Eminyakeni eminingi ubuhlobo bami noJehova buye bajula. Njengowesifazane ongashadile ezweni laseAfrika, ngiye ngambheka njengoMvikeli.”
18 Okuphawulekayo futhi, amazwi omzalwane owakhonza endlunkulu yeWatch Tower Society amashumi amaningi eminyaka. Wayejabule, nakuba engakaze ashade futhi nakuba enethemba lasezulwini elingenalo ithemba lokushada. Lapho eneminyaka engu-79, wabhala: “Nsuku zonke ngicela usizo nokuhlakanipha kuBaba wethu othandekayo osezulwini ukuze ngizigcine ngiphilile futhi ngiqinile ngokomoya nangokwenyama ukuze ngikwazi ukuqhubeka ngenza intando yakhe engcwele. Phakathi naleminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye edlule ngisenkonzweni kaJehova ngiye ngayijabulela ngempela indlela yokuphila ejabulisayo, enomvuzo nebusisekile. Futhi ngomusa kaJehova ongafanele ngibheke phambili enkonzweni eqhubekayo kube udumo nenkazimulo kuye nesibusiso kubantu bakhe. . . . Injabulo kaJehova ingisiza ukuba ngiqhubeke nokulwa okuhle kokukholwa, ngibheke phambili esikhathini lapho izitha zikaJehova zingasekho futhi wonke umhlaba usugcwele inkazimulo yakhe.”—Numeri 14:21; Nehemiya 8:10; INqabayokulinda yesiNgisi, November 15, 1968, amakhasi 699-702.
Injabulo Yeqiniso Ixhomeke Kuphi?
19. Injabulo yethu iyohlala ixhomeke kuphi?
19 Ubuhlobo bethu obuyigugu noJehova, ukuvunyelwa nguye, nesibusiso sakhe—lokhu kuyizici eziyosinika injabulo yeqiniso kuze kube phakade. Zinalombono ofanele ngalokho okuletha injabulo yangempela, ngisho nezinceku zikaJehova ezishadile ziyaqaphela ukuthi umshado wazo awuyona into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwazo. Zilalela iseluleko somphostoli uPawulu: “Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe-njengabangenabo.” (1 Korinte 7:29) Lokhu akusho ukungabanaki omkabo. Amadoda avuthiwe angamaKristu abeka inkonzo kaJehova kuqala, ngokufanayo nomkawo abesaba uNkulunkulu, abanothando, nabasekelayo, abanye baze bakhonze ngisho nesikhathi esigcwele njengabahambisana nabayeni babo.—IzAga 31:10-12, 28; Mathewu 6:33.
20. Isiphi isimo sengqondo esifanele amaKristu amaningi anaso ngamalungelo awo omshado?
20 Abazalwane abashadile abangababonisi abajikelezayo, izikhonzi zaseBethel zokuzithandela, abadala bamabandla—empeleni, wonke amaKristu ashadile abeka izithakazelo zoMbuso kuqala—abalisebenzisi ‘lelizwe ngokugcwele’; basebenzela ukuvumelanisa amalungelo abo omshado nokuphila kwenkonzo yokuzinikela kuJehova. (1 Korinte 7:31) Nokho, bayajabula. Ngani? Ngoba isizathu esiyinhloko senjabulo yabo akuwona umshado wabo kodwa inkonzo yabo kuJehova. Futhi amadoda nabafazi abaningi—yebo, kanye nabantwana babo—bayajabula ukuba kube ngaleyondlela.
21, 22. (a) Ngesisekelo sikaJeremiya 9:23, 24, yini okufanele isigcwalise ngenjabulo? (b) Iziphi izici zenjabulo okukhulunywe ngazo kuzAga 3:13-18?
21 Umprofethi uJeremiya wabhala: “Usho kanje uJehova, uthi: Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe, kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.”—Jeremiya 9:23, 24.
22 Kungakhathaliseki ukuthi asishadile noma sishadile, umthombo wethu omkhulu kakhulu wenjabulo kumelwe ube ulwazi lwethu ngoJehova nokuqiniseka ukuthi sinesibusiso sakhe ngenxa yokuthi senza intando yakhe. Siyajabula futhi ngokuqonda lokho okunquma isilinganiso sangempela sezindinganiso, izinto uJehova athokoza ngazo. INkosi eyayisishade kaningi uSolomoni ayizange ibheke umshado njengokuphela kwesihluthulelo senjabulo. Yathi: “Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.”—IzAga 3:13-18.
23, 24. Kungani singaqiniseka ngokuthi zonke izinceku zikaJehova ezithembekile ziyojabula esimisweni esisha sezinto?
23 Kwangathi labo kithi abashadile bangathola injabulo yaphakade ekwenzeni intando yaphezulu. Futhi kwangathi abafowethu nodadewethu abathandekayo abangashadile ngokuzikhethela noma ngokuphoqwa yizimo bangakhuthazelela zonke izilingo zabo futhi bathole injabulo nokwaneliseka ekukhonzeni uJehova manje naphakade. (Luka 18:29, 30; 2 Petru 3:11-13) Esimisweni sezinto esizayo sikaNkulunkulu, “izincwadi” ziyovulwa. (IsAmbulo 20:12) Lezi ziyobe ziqukethe imiyalo emisha ethakazelisayo nezimiso eziyoba nengxenye enjabulweni yesintu esilalelayo.
24 Ngokuqinisekile, singazizwa siqinisekile ngokuthi “uNkulunkulu ojabulayo” usibekele izinto ezinhle ngokumangalisayo eziyophumela enjabulweni yethu ephelele. (1 Thimothewu 1:11, NW) UNkulunkulu uyoqhubeka ‘evula isandla sakhe, asuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.’ (IHubo 145:16) Akumangalisi ukuthi kukhona, futhi kuyohlale kukhona, injabulo yeqiniso ekukhonzeni uJehova.
Ungaphendula Uthini?
◻ Siyini isisekelo senjabulo yezinceku zikaJehova ezizinikezele?
◻ Ezikhathini zeBhayibheli, obani ababengezinye zezinceku zikaJehova ezingashadile ezazijabula?
◻ Kungani uPawulu atusa ukungashadi, futhi amanye amaKristu aye akuthola kanjani lokhu kuwukuphila okujabulisayo?
◻ Injabulo yethu iyohlala ixhomeke kuphi?
◻ Kungani kufanele siqiniseke ngokuthi bonke abathembekile bayojabula esimisweni esisha sezinto?
[Isithombe ekhasini 16]
Odade abaningi abangashadile bakhonza uJehova ngenjabulo njengezikhonzi zesikhathi esigcwele
[Isithombe ekhasini 18]
Ukukhonza izithakazelo zikaJehova kuwumthombo oyinhloko wenjabulo