Isibonakaliso—Ingabe Uyasiqaphela?
“SIFUNA ukuba abantu bawo wonke amazwe bajabulele ukuchuma, inhlalakahle nenjabulo. Indlela eya kulokhu ixhomeke ekuqhubekeleni ezweni elingenayo impi yenuzi, nelingenabudlova.”—IPerestroika, yomholi weSoviet uMikhail Gorbachev.
Ngokufanelekile, abaningi bayakungabaza ukuthi umuntu angakwazi ngempela ukuveza izimo zezwe ezinjalo. Omunye umholi, uJesu Kristu, wathembisa okuthile okuhle kunalokho—umhlaba oyipharadesi lapho ngisho nenqubo yokufa iyoqedwa khona. (Mathewu 5:5; Luka 23:43; Johane 5:28, 29) Yebo, indlela yokukufeza lokhu iwukungenela kwaphezulu. Lapho ephendula umbuzo othi ukungenela okunjalo kwakuyoba “nini,” uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.” Ekuqaleni, abantu abaphawula ngokucophelela abaneso elingokomfanekiso lokhozi kuphela ababeyowubona. (Luka 17:20, 37; qhathanisa neNW) Kungani kunjalo?
Isizathu Sokuba Sidinge Isibonakaliso
Kusukela ekunyukeleni kwakhe ezulwini, uJesu Kristu ‘uhlezi ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwemuntu, nongebonwe.’ (1 Thimothewu 6:16) Ngakho-ke, amehlo omuntu angokoqobo ngeke aphinde ambone. Njengoba uJesu asho osukwini lokugcina lokuphila kwakhe kwasemhlabeni: “Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni.” (Johane 14:19) Angabonwa kuphela ngendlela engokomfanekiso.—Efesu 1:18; IsAmbulo 1:7.
Nakuba kunjalo, uJesu wathi kwakuyokwenzeka ngabafundi bakhe ukuba baqonde ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyoqala nini ukubusa. Kanjani? Ngesibonakaliso esithile. Lapho ephendula umbuzo othi, “Siyakuba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho?” uJesu wachaza ubufakazi obubonakalayo bokubusa kwakhe okungabonakali kwesikhathi esizayo.—Mathewu 24:3, NW.
Kulesibonakaliso kwakuhlanganiswe nomfanekiso obonisa ukuthi uhlobo olunjani lwabantu olwaluyozuza kuso. “Nomaphi lapho kukhona isidumbu,” kusho Wesu, “kulapho izinkozi ziyakubuthana khona.” (Mathewu 24:28, NW) Bonke abafuna ukusinda isiphelo salesimiso samanje bangene ezweni elisha likaNkulunkulu kumelwe ‘babuthane’ futhi bajabulele ukudla okungokomoya kanye ‘nabakhethiweyo’ bakaKristu abanjengezinkozi.—Mathewu 24:31, 45-47.
Ukuxwaya Ukungabekezeli
Akukho muntu ongasho ukuthi ukuphela kwesimiso samanje esibi kuyoba ngaluphi usuku. “Lolosuku nalelohora,” kusho uJesu, “akakho owazi-lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.”—Marku 13:32, 33.
Nokho, kungenzeka yini ukuba isibonakaliso senzeke ezizukulwaneni eziningi zesintu? Cha. Isibonakaliso kumelwe senzeke phakathi nesizukulwane esisodwa esikhethekile. Isizukulwane esabona ukuqala ‘kwesibonakaliso’ yisona futhi esiyobona umvuthwandaba waso ‘osizini olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa.’ Izazimlando ezintathu, uMathewu, uMarku, noLuka, zabhala isiqinisekiso sikaJesu ngalokhu.—Marku 13:19, 30; Mathewu 24:13, 21, 22, 34; Luka 21:28, 32.
Nokho, kunengozi yokuphelelwa isineke. Sekudlule iminyaka engamashumi ayisikhombisa nane kusukela ekugqashukeni kweMpi Yezwe I ngo-1914. Ngokombono wabantu, lesi kungabonakala kuyisikhathi eside kakhulu. Kodwa amanye amaKristu anamehlo ezinkozi abona iMpi Yezwe I asaphila kahle kakhulu. Isizukulwane sawo asikadluli.
Lapho enikeza isibonakaliso, uJesu waxwayisa ngengozi yokungabekezeli. Wakhuluma ngabantu ababezothi enhliziyweni yabo: “Inkosi yami ilibele.” UJesu wabonisa ukuthi imizwa enjalo, uma ingaqashelwa, yayingaholela esenzweni sobuwula. (Mathewu 24:48-51) Abaphostoli bakaKristu basho okuningi ngalokhu.
‘Abahleki Bosulu’
Ngokomlobi weBhayibheli uJuda, abaphostoli bakaKristu bazwakalisa isixwayiso esilandelayo: “Ngesikhathi sokugcina kuyakuba-khona abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.”—Juda 17, 18.
Isifiso sokuphila ezweni elisha elihlanzekile singathathelwa indawo kalula ‘izinkanuko zokungamesabi uNkulunkulu.’ Lokhu kuyingozi ikakhulukazi namuhla ngenxa yezindlela zezwe zokukhuluma nezokuxhumana. Akukaze ngaphambili emlandweni wesintu kwenzeke ukuba ubudlova, imimoya, nokuziphatha okubi kobulili kubukiswe obala ngezinga elingaka. Ngokuvamile kukhulunywa ngakho emsakazweni nasemculweni, futhi kubonwa ezinhlelweni eziningi zeTV, kumavideo, ezimemezelweni zokukhangisa, ezincwadini, nakomagazini.
Isibonakaliso sikhomba ekupheleni kwezenzo ezinjalo zokungamesabi uNkulunkulu. Khona-ke, ngokuvamile abanye abantu abanesifiso sezinto ezibonisa ukungamesabi uNkulunkulu basihleka usulu isibonakaliso. Njengoba kwabikezelwa, baphikisa ngokuthi “konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”—2 Petru 3:3, 4.
‘Uthando Luyaphola’
Muva nje, umagazini iNewsweek waxoxa nomunye umbhali waseMelika oneminyaka engama-75 ubudala, uPaul Bowles. Ephendula umbuzo othi, “Uyini umbono wakho ngezwe?” uBowles wathi: “Izwe seliye lahlukana izicucu ngomqondo wokuziphatha. Akusekho muntu othembekile ngendlela ababengayo eminyakeni engama-60 edlule. Wawukhona umqondo wokuthi iyini incwasimende; yayiyizinga elaziswayo lempucuko yethu yaseNtshonalanga. Manje akekho [onendaba]. Futhi kukhona ukugcizelelwa okweqile kwemali.
Lesimo sifana ncamashi nalokho okwabikezelwa iBhayibheli. UJesu wabikezela: “Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” (Mathewu 24:12; 2 Thimothewu 3:1-5) Njengoba ubugovu nokuhaha kwanda, uthando ngoNkulunkulu luyancipha. Abantu abaningi ngokuqhubekayo babonisa ukuthi babeka izifiso zabo siqu ngaphambi kwemithetho kaNkulunkulu ngokuhlanganyela ezenzweni zobugebengu, ubuphekula, imikhuba yokungathembeki yebhizinisi, ukuziphatha okubi kobulili, nokusetshenziswa kabi kwemilaliso.
Abanye bayakuqaphela ukugcwaliseka kwesibonakaliso kodwa bayahluleka ukwenza ngokuvumelana naso ngenxa yokuthi shi kwabo ekuzijabuliseni bona. Ngakolunye uhlangothi, ukuqaphela isibonakaliso kudinga ukukhuthazela ekuboniseni uthando olungenabugovu ngoNkulunkulu nangomakhelwane.—Mathewu 24:13, 14.
‘Ukunaka Okwalokhukuphila’
UJesu waxwayisa futhi ukuthi, ngaphandle kwezinjabulo zobugovu, abanye babengabanjwa izidingo zenyama ezidingekile kangangokuba babeyodebeselela isibonakaliso. Wanxusa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke.”—Luka 21:34, 35.
Yebo, iBhayibheli likhuthaza ukuphila komkhaya okujabulisayo. (Efesu 5:24–6:4) Ngokuvamile lokhu kudinga ukuba inhloko yomkhaya ihileleke ohlotsheni oluthile lomsebenzi noma ibhizinisi ukuze yondle umkayo nabantwana. (1 Thimothewu 5:8) Nakuba kunjalo, bekuyoba ukuba nombono olinganiselwe ngomuntu ukuba avumele ukuphila kwakhe kugxile kuphela emkhayeni, ebhizinisini, nasezintweni ezibonakalayo. Ngenxa yalengozi, uJesu waxwayisa: “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakubanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu. Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke. . . . Kuyakuba-njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.”—Luka 17:26-30; Mathewu 24:36-39.
Ingabe ‘Uyothathwa’ Noma ‘Uyoshiywa’?
Isikhathi sesiphelile. Ngokushesha, uMbuso kaNkulunkulu uzongenela ukuba uqondise izindaba. Ngalesosikhathi wonke umuntu uyothintwa ngenye yezindlela ezimbili. Njengoba uJesu achaza: “Khona-ke kuyakuba-khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiywe; ababili boba besila etsheni, omunye athathwe, omunye ashiywe.”—Mathewu 24:40, 41.
Lapho lesosikhathi esibucayi sifika, siyoba yini isimo sakho? Ingabe uyoshiyelwa ukubhujiswa, noma uyothathelwa ukusinda? Ukuze sikuqondise endleleni elungile, cabangela futhi umfanekiso owanikezwa uJesu: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho izinkozi ziyakubuthana khona.”—Luka 17:34-37, NW; Mathewu 24:28.
Ngaleyondlela uJesu wayegcizelela isidingo sesenzo sokubona kude, nesobunye. Labo abathathelwa ukusinda yilabo abahlangana njalo futhi abazuzayo ekudleni okungokomoya okulungiselelwa uNkulunkulu. Izigidi ziye zaba nokuhlangenwe nakho kokuthi ukondliwa okunjalo okungokomoya kutholakala ngobudlelwane obuseduze nelinye lamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kwezi-55 000 nangokutadisha izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezinjengalena oyifundayo.
OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezintathu babonisa ukholo esibonakalisweni ngokuhlanganyela ‘izindaba ezinhle zombuso’ nomakhelwane babo. (Mathewu 24:14) Ingabe usabela kahle ezindabeni ezinhle? Uma kunjalo, ungazindla ngesithembiso sokusindela epharadesi lasemhlabeni.
[Isithombe ekhasini 5]
Abaningi babambeke kakhulu ezinjabulweni kangangokuthi abasinaki isibonakaliso
[Isithombe ekhasini 6]
Ukuqaphela isibonakaliso kuhlanganisa ukubuthana ndawonye ngenjongo yokondliwa ngeZwi likaNkulunkulu