Indlela Amazwi KaJesu Aletha Ngayo Injabulo
“[UJesu] wakhuphukela entabeni; . . . abafundi bakhe beza kuye; . . . wabafundisa.”—MATH. 5:1, 2.
1, 2. (a) UJesu wayinikeza ngaphansi kwaziphi izimo iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni? (b) UJesu wayiqala kanjani inkulumo yakhe?
MANJE unyaka ka-31 C.E. UJesu ulunqamula okwesikhashana uhambo lwakhe lokushumayela eGalile ukuze ayogubha iPhasika eJerusalema. (Joh. 5:1) Lapho ebuyela eGalile, uthandaza ubusuku bonke ecela isiqondiso sikaNkulunkulu ekukhetheni abaphostoli abangu-12. Ngakusasa, isixuku sibuthanela kuJesu njengoba ephulukisa abagulayo. Enabafundi bakhe kanye nabanye, uhlala phansi eceleni kwentaba aqale ukufundisa.—Math. 4:23–5:2; Luka 6:12-19.
2 UJesu uqala inkulumo yakhe—iNtshumayelo YaseNtabeni—ngokubonisa ukuthi injabulo itholakala ngokuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. (Funda uMathewu 5:1-12.) Injabulo ‘iwumuzwa wokwenama ohlanganisa ukwaneliseka nentokozo enkulu.’ Izinjabulo ezingu-9 uJesu akhuluma ngazo ziqokomisa ukuthi kungani amaKristu ejabula, futhi la mazwi asenenzuzo nanamuhla njengoba ayenjalo eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. Manje, ake sicabangele ngayinye yalezi zinkulumo.
“Abaqaphela Isidingo Sabo Esingokomoya”
3. Kusho ukuthini ukuqaphela isidingo sethu esingokomoya?
3 “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Math. 5:3) Labo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” bayabona ukuthi bampofu ngokomoya futhi badinga isihe sikaNkulunkulu.
4, 5. (a) Kungani bejabula labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya? (b) Singasanelisa kanjani isidingo sethu esingokomoya?
4 Labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya bayajabula “ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” Ukwamukela uJesu njengoMesiya kwavulela abafundi bakhe bokuqala ithuba lokubusa naye eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (Luka 22:28-30) Kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lokuba izindlalifa kanye noKristu ezulwini noma sibheke phambili ekuphileni okuphakade epharadesi emhlabeni lapho sekubusa lowo Mbuso, singajabula uma sisiqaphela ngempela isidingo sethu esingokomoya nokuthi sincike kuNkulunkulu.
5 Akubona bonke abantu abasiqaphelayo isidingo sabo esingokomoya, ngoba abaningi bantula ukholo futhi abazazisi izinto ezingcwele. (2 Thes. 3:1, 2; Heb. 12:16) Izindlela zokwanelisa isidingo sethu esingokomoya zihlanganisa ukutadisha iBhayibheli ngenkuthalo, ukuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokwenza abafundi nokuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu.—Math. 28:19, 20; Heb. 10:23-25.
Abantu Abalilayo ‘Abajabulayo’
6. Bangobani “abalilayo,” futhi kungani ‘bejabula’?
6 “Bayajabula abalilayo, ngoba bayoduduzwa.” (Math. 5:4) Labo “abalilayo” bayefana nalabo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” Abaliliswa izimo zabo ekuphileni kodwa yingoba badatshukiswa isimo sabo sokuba yizoni nezimo ezibangelwa ukungapheleli kobuntu. Kungani laba bantu abalilayo ‘bejabula’? Yingoba babonisa ukholo kuNkulunkulu nakuKristu futhi baduduzwa ukuba nobuhlobo obuhle noJehova.—Joh. 3:36.
7. Kufanele sizizwe kanjani ngezwe likaSathane?
7 Ingabe thina ngabanye siyalila ngenxa yokungalungi okudlangile ezweni likaSathane? Sizizwa kanjani ngempela ngalokho leli zwe elisinunusela ngakho? Umphostoli uJohane wabhala: “Konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho—akuveli kuBaba.” (1 Joh. 2:16) Kodwa kufanele senzeni uma sinomuzwa wokuthi ingokomoya lethu lincishiswa “umoya wezwe,” amandla ashukumisayo abusa umphakathi wabantu odediselwe kude noNkulunkulu? Kufanele sithandaze ngobuqotho, sitadishe iZwi likaNkulunkulu futhi sifune usizo lwabadala. Njengoba sisondela kuJehova, ‘siyothola induduzo,’ kungakhathaliseki ukuthi sicindezelwe yini.—1 Kor. 2:12; IHu. 119:52; Jak. 5:14, 15.
Bayajabula “Abanomoya Omnene”!
8, 9. Kusho ukuthini ukuba onomoya omnene, futhi kungani abantu abanomoya omnene bejabula?
8 “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Math. 5:5) ‘Umoya omnene’ awusho ukuba buthakathaka noma ukuzotha kokuzenzisa. (1 Thim. 6:11) Uma sinomoya omnene, siyowubonisa ngokwenza intando kaJehova nangokwamukela isiqondiso sakhe. Ukuba nomoya omnene kuyobonakala nasendleleni esisebenzelana ngayo namanye amaKristu kanye nabanye. Ubumnene obunjalo buvumelana neseluleko somphostoli uPawulu.—Funda eyabaseRoma 12:17-19.
9 Kungani abanomoya omnene bejabula? UJesu, naye onomoya omnene, wathi bayajabula ngoba “bayokudla ifa lomhlaba.” Nguye oyiNdlalifa eyinhloko yomhlaba. (IHu. 2:8; Math. 11:29; Heb. 2:8, 9) Nokho, “izindlalifa ezikanye noKristu” ezinomoya omnene ziyohlanganyela naye ekudleni ifa lomhlaba. (Roma 8:16, 17) EMbusweni kaJesu, izindimbane zabanye abamnene ziyothola ukuphila okuphakade emhlabeni.—IHu. 37:10, 11.
10. Ukuntula ubumnene kungawathinta kanjani amalungelo ethu enkonzo nobuhlobo bethu nabanye?
10 Kufanele sibe nomoya omnene njengoJesu. Kodwa ukwaziwa njengabantu abathanda ukulwa kungaba namiphi imiphumela? Isimo sengqondo esinjalo sokuthanda ukulwa nezingxabano singase senze abantu basixwaye. Uma singabazalwane futhi sifisa ukuba nemithwalo yemfanelo ebandleni, lesi simo sengqondo sisenza singafaneleki. (1 Thim. 3:1, 3) UPawulu watshela uThithu ukuba aqhubeke ekhumbuza amaKristu aseKrethe ukuba ‘angabi yizilwi, abe alinganiselayo, ebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’ (Thithu 3:1, 2) Yeka isibusiso oba yiso kwabanye uma unomoya omnene!
Balambele “Ukulunga”
11-13. (a) Kusho ukuthini ukulambela nokomela ukulunga? (b) ‘Basuthiswa’ kanjani labo abalambele futhi abomele ukulunga?
11 “Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga, ngoba bayosuthiswa.” (Math. 5:6) “Ukulunga” uJesu ayekhuluma ngakho kuyimfanelo yokwenza okulungile ngokuphila ngokuvumelana nentando kanye nemiyalo kaNkulunkulu. Umhubi wathi ‘wayechotshozwe ukulangazelela’ izinqumo zokwahlulela zikaNkulunkulu ezilungile. (IHu. 119:20) Ingabe sikwazisa kakhulu ukulunga kangangokuba siyakulambela futhi sikomele?
12 UJesu wathi labo abalambele futhi abomele ukulunga bayojabula ngoba “bayosuthiswa,” noma bayokwaneliswa ngokugcwele. Lokhu kwaqala ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., ngoba umoya ongcwele kaJehova waqala ngaleso sikhathi ‘ukunikeza izwe ubufakazi obukholisayo ngokuphathelene nokulunga.’ (Joh. 16:8) Esebenzisa umoya ongcwele, uNkulunkulu waphefumulela abantu ukuba balobe imiBhalo yamaKristu yesiGreki enenzuzo kakhulu ‘ekuyaleni ekulungeni.’ (2 Thim. 3:16) Umoya kaNkulunkulu usenza sikwazi ‘nokugqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso.’ (Efe. 4:24) Akududuzi yini ukwazi ukuthi labo abaphendukayo bacele ukuthethelelwa izono zabo ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo bangabhekwa uNkulunkulu njengabalungile?—Funda eyabaseRoma 3:23, 24.
13 Uma sinethemba lasemhlabeni, ukulambela nokomela kwethu ukulunga kuyokwaneliswa ngokuphelele lapho sithola ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo ezilungile emhlabeni. Okwamanje, masizimisele ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova. UJesu wathi: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu].” (Math. 6:33) Ukwenza lokhu kuyosenza sihlale simatasa emsebenzini kaNkulunkulu futhi kusijabulise ngempela.—1 Kor. 15:58.
Okwenza “Abanesihe” Bajabule
14, 15. Singasibonisa kanjani isihe, futhi kungani “abanesihe” bejabula?
14 “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Math. 5:7) “Abanesihe” bashukunyiswa ububele nesihawu ngabanye. UJesu wenza izimangaliso ezasiza abaningi ababesezinhlungwini ngoba wayenesihawu ngabo. (Math. 14:14) Isihe sibonakala lapho umuntu ethethelela omonile, njengoba nje noJehova ebathethelela ngesihe abaphendukayo. (Eks. 34:6, 7; IHu. 103:10) Singabonisa isihe ngale ndlela nangamazwi omusa nezenzo ezilethela abantu abasebunzimeni impumuzo. Indlela enhle yokubonisa isihe iwukutshela abanye amaqiniso eBhayibheli. Eshukunyiswe isihawu ngesixuku, uJesu “wasifundisa izinto eziningi.”—Marku 6:34.
15 Sinesizathu sokuvumelana nala mazwi kaJesu: “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” Uma siphatha abanye ngesihe, cishe nabo bayosiphatha ngendlela efanayo. Singase sithole ukuthi isihe esiye sasibonisa abanye siyoba nomthelela endleleni uNkulunkulu ayosahlulela ngayo. (Jak. 2:13) Intethelelo nokuphila okuphakade kuyotholwa yilabo abanesihe kuphela.—Math. 6:15.
Okwenza “Abahlanzekile Enhliziyweni” Bajabule
16. Kusho ukuthini ukuba ‘ohlanzekile enhliziyweni,’ futhi labo abanale mfanelo ‘bambona kanjani uNkulunkulu’?
16 “Bayajabula abahlanzekile enhliziyweni, ngoba bayobona uNkulunkulu.” (Math. 5:8) Uma ‘sihlanzekile enhliziyweni,’ kuyobonakala ezifisweni, ezisuseni nasebuhlotsheni bethu nabanye. Siyobonisa “uthando oluvela enhliziyweni ehlanzekile.” (1 Thim. 1:5) Ngokuba abahlanzekile ngaphakathi, ‘siyobona uNkulunkulu.’ Lokhu akusho ukuthi siyombona ngokoqobo uJehova, ngoba ‘akukho muntu ongabona uNkulunkulu kodwa aphile.’ (Eks. 33:20) Nokho, ngenxa yokuthi wabonakalisa ubuntu bukaNkulunkulu ngokuphelele, uJesu wayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Joh. 14:7-9) Njengabakhulekeli bakaJehova emhlabeni, ‘singambona uNkulunkulu’ ngokuqaphela lokho asenzela kona. (Jobe 42:5) KumaKristu agcotshiwe, ukubona uNkulunkulu kufinyelela emvuthwandaba wako lapho evuselwa ekuphileni komoya futhi embona ngokoqobo uYise osezulwini.—1 Joh. 3:2.
17. Ukuba abahlanzekile enhliziyweni kuyosithinta kanjani?
17 Ngenxa yokuthi umuntu onenhliziyo ehlanzekile uhlanzekile ngokokuziphatha nangokomoya, akacabangi ngezinto uJehova azibheka njengezingcolile. (1 IziKr. 28:9; Isaya 52:11) Uma sihlanzekile enhliziyweni, amazwi nezenzo kuyohlanzeka, futhi siyofeza inkonzo yethu kuJehova ngobuqotho.
“Abanokuthula” Baba Amadodana KaNkulunkulu
18, 19. Abantu “abanokuthula” baziphatha kanjani?
18 “Bayajabula abanokuthula, ngoba bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu.’” (Math. 5:9) “Abanokuthula” babonakala ngalokho abakwenzayo nangalokho abangakwenzi. Uma siwuhlobo lwabantu uJesu ayekhuluma ngalo, siba nokuthula futhi ‘asiphindiseli ukulinyazwa ngokulimaza kunoma ubani.’ Kunalokho, ‘ngaso sonke isikhathi siphishekela okuhle kwabanye.’—1 Thes. 5:15.
19 Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “abanokuthula” kuMathewu 5:9 ngokwezwi nezwi lisho “abenzi bokuthula.” Ukuze nathi saziwe njengabantu abanokuthula kumelwe sikukhuthalele ukukhuthaza ukuthula. Abenzi bokuthula abenzi lutho ‘oluhlukanisa abangane.’ (IzAga 16:28) Njengabantu abanokuthula, sithatha izinyathelo ezifanele ‘zokuphishekela ukuthula nabantu bonke.’—Heb. 12:14.
20. Obani manje ‘abangamadodana kaNkulunkulu,’ futhi obani abanye abayogcina bengabantwana bakaNkulunkulu?
20 Abanokuthula bayajabula ngoba “bayobizwa ngokuthi ‘amadodana kaNkulunkulu.’” AmaKristu agcotshiwe athembekile aye amukelwa uJehova futhi ‘angamadodana akhe.’ Kakade asenobuhlobo obuseduze naye njengabantwana bakhe ngoba abonisa ukholo kuKristu futhi akhulekela “uNkulunkulu wothando nokuthula” ngenhliziyo yawo yonke. (2 Kor. 13:11; Joh. 1:12) Kuyokwenzekani ‘kwezinye izimvu’ zikaJesu ezinokuthula? UJesu uyoba ‘uYise wazo Ongunaphakade’ phakathi nokuBusa kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane, kodwa ekupheleni kwayo, lapho uJesu ebuyisela ubukhosi kuJehova ziyoba abantwana bakaNkulunkulu ngomqondo ophelele.—Joh. 10:16; Isaya 9:6; Roma 8:21; 1 Kor. 15:27, 28.
21. Siyoziphatha kanjani uma “siphila ngomoya”?
21 Uma “siphila ngomoya,” ukuthula kuyoba enye yezimfanelo abanye abasheshe bayibone kithi. Ngeke ‘sibhebhezele ukuncintisana’ noma ‘siqalane.’ (Gal. 5:22-26; iBhayibheli lesiZulu elivamile) Kunalokho, siyolwela ukuba “nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.
Bayajabula Noma Beshushiswa!
22-24. (a) Yini eyenza labo abashushiswa ngenxa yokulunga ukuba bajabule? (b) Yini esizoyidingida ezihlokweni ezimbili ezilandelayo?
22 “Bayajabula abaye bashushiswa ngenxa yokulunga, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Math. 5:10) Enezela kulokhu, uJesu wathi: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu emazulwini; ngoba babashushisa ngaleyo ndlela abaprofethi ngaphambi kwenu.”—Math. 5:11, 12.
23 Njengabaprofethi bakaNkulunkulu basendulo, amaKristu akulindele ukuhlanjalazwa, ukushushiswa nokuqanjelwa amanga—‘ngenxa nje yokulunga.’ Nokho, lapho lolo vivinyo silukhuthazelela ngokwethembeka, sithola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi sijabulisa futhi sidumisa uJehova. (1 Pet. 2:19-21) Ukuhlupheka ngeke kuyinciphise injabulo esiyithola ngokukhonza uJehova manje noma esikhathini esizayo. Ngeke kunciphise nenjabulo yokubusa noKristu eMbusweni wasezulwini noma yokuthola ukuphila okuphakade njengezikhonzi zasemhlabeni zalowo hulumeni. Izibusiso ezinjalo ziwubufakazi bokuthi uNkulunkulu unomusa futhi uyephana.
24 Kusenokuningi esingakufunda eNtshumayelweni YaseNtabeni. Izihloko ezimbili ezilandelayo zizodingida izifundo ezihlukahlukene ezikuyo. Ake sibone ukuthi singawasebenzisa kanjani lawo mazwi kaJesu Kristu.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani labo “abaqaphela isidingo sabo esingokomoya” bejabula?
• Yini eyenza “abanomoya omnene” bajabule?
• Kungani amaKristu ejabula nakuba eshushiswa?
• Iyiphi injabulo kwezashiwo uJesu ekuhlaba umxhwele ngokukhethekile?
[Isithombe ekhasini 7]
Izinjabulo ezingu-9 uJesu aziqokomisa zisazuzisa nanamuhla njengoba zazinjalo ngaleso sikhathi
[Isithombe ekhasini 8]
Indlela enhle yokubonisa isihe iwukutshela abanye amaqiniso eBhayibheli