-
Indlela Ukuguqulwa Isimo KukaKristu Okukuthinta NgayoINqabayokulinda—1991 | Septhemba 15
-
-
Kwabonakala kubo uEliya enoMose; babekhuluma noJesu.
-
-
Indlela Ukuguqulwa Isimo KukaKristu Okukuthinta NgayoINqabayokulinda—1991 | Septhemba 15
-
-
Isizathu Sokuba Kubonakale UMose
Lapho kuba khona ukuguqulwa isimo, uMose ‘wayengazi lutho,’ ngoba wayefe emakhulwini eminyaka ngaphambili. (UmShumayeli 9:5, 10) NjengoDavide, wayengavusiwe futhi ngalokho wayengekho ngesiqu sakhe. (IzEnzo 2:29-31) Kodwa kungani uMose abonakala enoKristu kulombono?
UNkulunkulu wayetshele uMose: “Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.” (Duteronomi 18:18) UPetru wasisebenzisa kuJesu Kristu ngokuqondile lesiprofetho. (IzEnzo 3:20-23) Ngaphandle kukaJesu, uMose wayengumprofethi omkhulu kunabo bonke owayethunyelwe uNkulunkulu esizweni sakwaIsrayeli.
Kukhona ukufana phakathi kukaMose noMose Omkhulu, uJesu Kristu. Ngokwesibonelo, lapho beseyizinsana, ukuphila kwabo bobabili kwafakwa engozini ababusi abangomashiqela, kodwa uNkulunkulu waqikelela ukuba labantwana basinde. (Eksodusi 1:20–2:10; Mathewu 2:7-23) Womabili lamadoda azila ukudla izinsuku ezingu-40 ekuqaleni kwemisebenzi yawo njengezinceku ezikhethekile zikaJehova. (Eksodusi 24:18; 34:28; Duteronomi 9:18, 25; Mathewu 4:1, 2) Futhi uMose noJesu bobabili benza izimangaliso ngamandla kaNkulunkulu.—Eksodusi 14:21-31; 16:11-36; IHubo 78:12-54; Marku 4:41; Luka 7:18-23; Johane 14:11.
UNkulunkulu wasebenzisa uMose ukuba akhulule uIsrayeli ebugqilini baseGibithe, njengoba nje noJesu eletha inkululeko engokomoya. (Eksodusi 12:37–14:31; Johane 8:31, 32) UMose waba nelungelo lokuba umlamuleli wesivumelwano soMthetho phakathi kukaNkulunkulu namaIsrayeli, kuyilapho uJesu enguMlamuleli wesivumelwano esisha. (Eksodusi 19:3-9; 34:3-7; Jeremiya 31:31-34; Luka 22:20; Heberu 8:3-6; 9:15) Futhi uJehova wasebenzisa uMose ukuze azenzele igama ngokwaKhe phambi kwamaIsrayeli, abaseGibithe, kanye nabanye, njengoba nje noJesu Kristu eye wakhulisa igama elingcwele likaJehova. (Eksodusi 9:13-17; 1 Samuweli 6:6; Johane 12:28-30; 17:5, 6, 25, 26) Ngokwenza uMose abonakale enoJesu oguqulwe isimo, uNkulunkulu wayebonisa ukuthi uKristu wayeyokhonza kulezindawo ngezinga elikhulu ngokwedlulele.
Isizathu Sokuba Kubonakale UEliya
Nakuba umprofethi owayefile uEliya ayengavusiwe, kwakufaneleka ukuba abonakale embonweni wokuguqulwa isimo. UEliya wenza umsebenzi omkhulu ekubuyiseleni ukukhulekela okuhlanzekile nokungcwelisa igama likaJehova phakathi kwamaIsrayeli. UJesu Kristu wenza okufanayo lapho esemhlabeni futhi uyokwenza ngisho nokwengeziwe ukuze abuyisele inkolo ehlanzekile futhi alwele uYise wasezulwini ngoMbuso wobuMesiya.
Umprofethi uMalaki wabonisa ukuthi umsebenzi kaEliya wawufanekisela umsebenzi wesikhathi esizayo. NgoMalaki, uNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyakuthuma kini uEliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.”—Malaki 4:5, 6.
Lesiprofetho sagcwaliseka ngezinga elincane emsebenzini kaJohane uMbhapathizi. UJesu wakuveza lokhu ngemva kokuguqulwa isimo, lapho abafundi bakhe bebuza ukuthi kungani ababhali babethi uEliya kumelwe afike kuqala—ngaphambi kokuvela kukaMesiya. UJesu wathi: “Nempela uEliya uyeza, uyakubuyisela konke. Kepha ngithi kini: UEliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.” Ukulandisa kuyanezela: “Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.”—Mathewu 17:10-13.
UJohane wenza umsebenzi onjengokaEliya lapho ebhapathiza amaJuda ayephendukile ezonweni zawo ezimelene nesivumelwano soMthetho. Okubaluleke nangaphezulu, uJohane wayengumanduleli kaMesiya futhi wethula uJesu Kristu. (Mathewu 11:11-15; Luka 1:11-17; Johane 1:29) Kodwa kungani umsebenzi kaJohane wawumane nje uwukugcwaliseka ngezinga elincane kwesiprofetho sikaMalaki?
Kulombono, uEliya wabonakala ekhuluma noJesu. Lokhu kwakungemva kokufa kukaJohane uMbhapathizi, kanjalo okusikisela ukuthi umsebenzi onjengokaEliya wawuyokwenziwa esikhathini esizayo. Ngaphezu kwalokho, isiprofetho sabonisa ukuthi lomsebenzi wawuyokwenziwa ngaphambi ‘kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.’ Lesosenzakalo esisondela ngokushesha sihlanganisa ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni, noma eArmagedoni. (IsAmbulo 16:14-16) Lokhu kwasho ukuthi ukumiswa koMbuso kaNkulunkulu ngalesosikhathi okwakuyinto esazokwenzeka kwakuyokwandulelwa umsebenzi ofana nemisebenzi kaEliya nowamlandela esikhundleni, uElisha. Futhi esikhathini esingaphezu kwekhulu leminyaka, oFakazi BakaJehova bosuku lwanamuhla bebelokhu benza umsebenzi ohilela ukubuyiselwa kokukhulekela okuhlanzekile nokuphakanyiswa kwegama likaNkulunkulu.—IHubo 145:9-13; Mathewu 24:14.
-