Izinzuzo Zokuthanda IZwi LikaNkulunkulu
“Kuthande [ukuhlakanipha], kuyakukulondoloza. . . . Kuyakukudumisa, lapho ukugona.”—IZAGA 4:6, 8.
1. Kuhilelani ukulithanda ngempela iZwi likaNkulunkulu?
UKUFUNDA iBhayibheli kubalulekile kumKristu. Nokho, ukulifunda nje kukodwa akubonisi ukulithanda iZwi likaNkulunkulu. Kuthiwani uma umuntu efunda iBhayibheli kodwa enza izinto elizilahlayo? Kusobala ukuthi akalithandi iZwi likaNkulunkulu ngendlela umlobi weHubo 119 ayelithanda ngayo. Ukuthanda iZwi likaNkulunkulu kwaholela lo mlobi ukuba aphile ngokuvumelana nezimfuneko zalo.—IHubo 119:97, 101, 105.
2. Yiziphi izinzuzo ezitholakala ngokuhlakanipha okusekelwe eZwini likaNkulunkulu?
2 Ukuphila ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu kudinga ukuba umuntu alokhu elungisa indlela acabanga ngayo naphila ngayo. Inkambo enjalo ibonisa ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu, okusho ukusebenzisa ngokoqobo ulwazi nokuqonda okutholakala ngokutadisha iBhayibheli. “Kuthande [ukuhlakanipha], kuyakukulondoloza. Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona. Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.” (IzAga 4:6, 8, 9) Yeka isikhuthazo esihle sokwakha uthando lweZwi likaNkulunkulu futhi uqondiswe yilo! Ubani ongafuni ukulondolozwa, aphakanyiswe futhi adunyiswe?
Ukulondolozwa Ekulimaleni Okuhlala Njalo
3. Kungani amaKristu edinga ukulondolozwa kunanini ngaphambili, futhi alondolozwa kubani?
3 Umuntu ulondolozwa kanjani ukuhlakanipha akutholé ngokutadisha nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu? Phakathi kokunye, uyalondolozeka kuSathane uDeveli. UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukukhululwa komubi, uSathane. (Mathewu 6:13) Namuhla, siyaphuthuma ngempela isidingo sokuhlanganisa nalesi sicelo emithandazweni yethu. USathane namademoni akhe baxoshwa ezulwini ngemva kuka-1914, futhi ngenxa yalokho uSathane ‘unentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.’ (IsAmbulo 12:9, 10, 12) Njengoba sesihambe kangaka isikhathi, kumelwe ukuba intukuthelo yakhe iyagqagqamuka njengoba elwa kodwa engaphumeleli empini ayilwa nalabo “abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.”—IsAmbulo 12:17.
4. AmaKristu alondolozwa kanjani ekucindezeleni nasezingibeni zikaSathane?
4 Njengoba ethukuthele, uSathane uyaqhubeka ebangela lezi zikhonzi ezingamaKristu izinkinga futhi egqugquzela ukuba zishushiswe ngobudlova noma ebangela ezinye izithiyo emsebenzini wazo. Futhi ufuna ukuyenga abamemezeli boMbuso ukuba bagxile ezintweni ezinjengokuvelela ezweni, ukuthanda ukunethezeka, ukuthola izinto ezibonakalayo nokuphishekela injabulo, kunokugxila emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Yini elondoloza izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zingavumeli ukucindezela kukaSathane noma ukubanjwa yizingibe zakhe? Yebo, umthandazo, ubuhlobo bomuntu siqu obuseduze noJehova nokholo lokuthi izithembiso zakhe ziqinisekile kubaluleke kakhulu. Kodwa konke lokhu kuhlobene nolwazi lwezikhumbuzo zeZwi likaNkulunkulu nokuzimisela ukuzilalela. Lezi zikhumbuzo zitholakala ngokufunda iBhayibheli nezinsiza-kufunda zeBhayibheli, ngokuya emihlanganweni yobuKristu, ngokulalela iseluleko esingokomBhalo esivela kwesikholwa naye, noma nje ngokuzindla ngezimiso zeBhayibheli esizikhunjuzwa umoya kaNkulunkulu.—Isaya 30:21; Johane 14:26; 1 Johane 2:15-17.
5. Ukuhlakanipha okusekelwe eZwini likaNkulunkulu kusilondoloza ngaziphi izindlela?
5 Labo abathanda iZwi likaNkulunkulu balondolozeka nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, bagwema ukucindezeleka ngokomzwelo nezifo ezibangelwa yizinto ezinjengokusebenzisa kabi izidakamizwa, ukusebenzisa ugwayi nokuziphatha kabi ngokobulili. (1 Korinte 5:11; 2 Korinte 7:1) Ababi nengxenye ekonakaliseni ubuhlobo ngokuhleba noma ngenkulumo engenamusa. (Efesu 4:31) Futhi ababi yizisulu zokungabaza ngokuzifaka emafilosofini adukisayo okuhlakanipha kwezwe. (1 Korinte 3:19) Ngokuthanda iZwi likaNkulunkulu, bayalondolozeka ezintweni ebezingabalahlekisela ubuhlobo babo noNkulunkulu kanye nethemba lokuphila okumi phakade. Bazigcina bematasa besiza omakhelwane babo ukuba babe nokholo ezithembisweni ezimangalisayo eziseBhayibhelini, bazi ukuthi ngokwenza kanjalo ‘bayozisindisa bona nababalalelayo.’—1 Thimothewu 4:16.
6. Ukuhlakanipha okusekelwe eZwini likaNkulunkulu kungasilondoloza kanjani ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima?
6 Yiqiniso, wonke umuntu—ngisho nalabo abalithandayo iZwi likaNkulunkulu—uhlangabezana “nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11) Akunakugwenywa ukuthi abanye phakathi kwethu bayobhekana nezinhlekelele ezingokwemvelo, ukugula okungathi sína, izingozi, noma ukufa ngaphambi kwesikhathi. Noma kunjalo, silondolozekile. Akukho nhlekelele engabangela ukulimala kwafuthi kumuntu olithanda ngempela iZwi likaNkulunkulu. Ngakho, akufanele sikhathazeke ngokweqile ngokuthi yini engase yenzeke esikhathini esizayo. Ngemva kokuba sesithathe zonke izinyathelo ezinengqondo, kungcono ukushiya izinto ezandleni zikaJehova futhi singavumeli ukungalondeki kokuphila kwanamuhla kusiphuce ukuthula. (Mathewu 6:33, 34; Filipi 4:6, 7) Khumbula ukuthi liqinisekile ithemba lovuko kanye nokuphila okungcono lapho uNkulunkulu ‘eyokwenza zonke izinto zibe zintsha.’—IsAmbulo 21:5; Johane 11:25.
Zibonakalise ‘Ungumhlabathi Omuhle’
7. Yimuphi umfanekiso uJesu awulandisa ezixukwini ezazizomlalela?
7 Ukubaluleka kokuba nombono ofanele ngeZwi likaNkulunkulu kwaqokonyiswa komunye wemizekeliso kaJesu. Njengoba uJesu ayememezela izindaba ezinhle kulo lonke elasePalestina, izixuku zabuthana zizomlalela. (Luka 8:1, 4) Nokho, akubona bonke ababelithanda ngempela iZwi likaNkulunkulu. Ngokungangabazeki, abaningi babeza bezomlalela ngoba befuna ukubona izimangaliso noma ngoba bejabulela indlela yakhe emangalisayo yokufundisa. Ngakho, uJesu walandisa ngomfanekiso ezixukwini: “Umhlwanyeli waphuma eyohlwanyela imbewu yakhe. Nokho, njengoba ehlwanyela, enye kuyo yawela eceleni komgwaqo yanyathelwa, nezinyoni zezulu zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, futhi, ngemva kokuhluma, yoma ngenxa yokungabi namswakama. Enye yawela phakathi kwameva, futhi ameva akhula kanye nayo ayiminyanisa. Enye yawela enhlabathini ekahle, futhi, ngemva kokuhluma, yathela isithelo ngokuphindwe ngekhulu.”—Luka 8:5-8.
8. Emfanekisweni kaJesu, iyini imbewu?
8 Umzekeliso kaJesu wabonisa ukuthi abantu babeyosabela ngendlela engafani ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle, kuye ngesimo senhliziyo salowo olalele. Imbewu ehlwanyelwayo “iyizwi likaNkulunkulu.” (Luka 8:11) Noma, njengoba okunye ukulandisa kwalo mzekeliso kusho, imbewu ‘iyizwi lombuso.’ (Mathewu 13:19) UJesu wayengasebenzisa noma yimaphi kula mazwi, ngoba isihloko seZwi likaNkulunkulu siwuMbuso wasezulwini ophethwe yiNkosi enguJesu Kristu oyosetshenziswa uJehova ukuze alwele ubukhosi bakhe futhi angcwelise igama lakhe. (Mathewu 6:9, 10) Ngakho-ke empeleni, imbewu iyisigijimi sezindaba ezinhle esiseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. OFakazi BakaJehova baqokomisa lesi sigijimi soMbuso njengoba behlwanyela imbewu belingisa uMhlwanyeli wokuqala, uJesu Kristu. Yikuphi ukusabela abakutholayo?
9. Yini efanekiselwa yimbewu ewela (a) eceleni komgwaqo? (b) edwaleni? (c) emhlabathini onameva?
9 UJesu wathi enye imbewu iwela eceleni komgwaqo futhi inyathelwe. Lokhu kubhekisela kubantu abamatasa kakhulu kangangokuthi imbewu yoMbuso ayikwazi ukuhluma ezinhliziyweni zabo. Ngaphambi kokuba bakhe uthando lweZwi likaNkulunkulu, ‘uDeveli uyafika alisuse izwi ezinhliziyweni zabo ukuze bangakholwa futhi basindiswe.’ (Luka 8:12) Enye imbewu iwela edwaleni. Lokhu kubhekisela kubantu abakhangwa yisigijimi seBhayibheli kodwa bangasivumeli ukuba sithonye izinhliziyo zabo. Lapho beqala ukuphikiswa, noma bekuthola kunzima ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli, “bayawa” ngoba abagxilile. (Luka 8:13) Kube sekuba nalabo abalizwayo izwi kodwa baxakwe ‘yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhu kuphila.’ Ekugcineni, njengezitshalo ezithandelwe ameva, “baminyaniswa ngokuphelele.”—Luka 8:14.
10, 11. (a) Obani abafanekiselwa yinhlabathi enhle? (b) Kumelwe senzeni ukuze ‘sigcine’ iZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu?
10 Ekugcineni, kukhona imbewu ewela enhlabathini enhle. Lokhu kubhekisela kubantu abamukela isigijimi “ngenhliziyo ekahle nenhle.” Yiqiniso, ngamunye wethu angathanda ukucabanga ukuthi ungena kulo mkhakha. Nokho, ngumbono kaNkulunkulu onqumayo. (IzAga 17:3; 1 Korinte 4:4, 5) IZwi lakhe lithi ukuthi ‘sinenhliziyo ekahle nenhle’ sikufakazela ngezenzo zethu kusukela manje kuze kube sekufeni kwethu noma kuze kube yilapho uNkulunkulu eletha isiphelo salesi simiso esibi sezinto. Uma ekuqaleni sisabela kahle esigijimini soMbuso, kuhle. Nokho, labo abanenhliziyo ekahle nenhle bamukela iZwi likaNkulunkulu bese ‘beligcina futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.’—Luka 8:15.
11 Okuwukuphela kwendlela eqinisekile yokugcina iZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu iwukulifunda nokulitadisha kokubili ngasese kanye naphakathi kwesikholwa nabo. Lokhu kuhlanganisa ukukusebenzisa ngokugcwele ukudla okungokomoya okulungiselelwa ngomzila omiswe ukuba unakekele izithakazelo ezingokomoya zabalandeli bakaJesu beqiniso. (Mathewu 24:45-47) Ngale ndlela, labo abaligcinayo iZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo bashukunyiswa uthando ukuba “bathele izithelo ngokukhuthazela.”
12. Siyini isithelo okumelwe sisiveze ngokukhuthazela?
12 Yisiphi isithelo esivezwa yinhlabathi enhle? Ngokwemvelo, imbewu ikhula ibe yizitshalo ezithela izithelo ezinohlobo olufanayo lwembewu, engase nayo isakazwe ukuze iveze ezinye izithelo. Ngokufanayo, labo abanenhliziyo ekahle nenhle, imbewu yezwi iyakhula kubo, ibenze bathuthuke ngokomoya baze bakwazi nabo ukuhlwanyela imbewu ezinhliziyweni zabanye. (Mathewu 28:19, 20) Futhi umsebenzi wabo wokuhlwanyela uphawuleka ngokukhuthazela. UJesu wabonisa ukubaluleka kokukhuthazela ekuhlwanyeleni lapho ethi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa. Futhi lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:13, 14.
‘Ukuthela Isithelo Kuyo Yonke Imisebenzi Emihle’
13. Yimuphi umthandazo uPawulu awenza owahlobanisa isithelo nolwazi lweZwi likaNkulunkulu?
13 Umphostoli uPawulu naye wakhuluma ngesidingo sokuthela isithelo, futhi wahlobanisa ukuthela isithelo neZwi likaNkulunkulu. Wathandazela ukuba amakholwa ayekanye nawo ‘agcwale ulwazi olunembile ngentando [kaNkulunkulu] kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze ahambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba ayeqhubeka ethela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’—Kolose 1:9, 10; Filipi 1:9-11.
14-16. Ngokuvumelana nomthandazo kaPawulu, yisiphi isithelo esivezwa yilabo abathanda iZwi likaNkulunkulu?
14 Ngakho uPawulu ubonisa ukuthi ukuzuza ulwazi lweBhayibheli akuwona umgomo oyinhloko. Kunalokho, uthando ngeZwi likaNkulunkulu lusishukumisela ukuba ‘sihambe ngokufanele uJehova’ ngokuqhubeka ‘sithela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’ Miphi imisebenzi emihle? Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuyisabelo esiyinhloko samaKristu kulezi zinsuku zokugcina. (Marku 13:10) Ngaphezu kwalokho, labo abathanda iZwi likaNkulunkulu benza okusemandleni abo ukuze basekele lo msebenzi njalo ngezimali. Bayalijabulela leli lungelo, bazi ukuthi “uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Iminikelo yabo isiza ekuhlangabezaneni nezindleko zokunakekela izakhiwo zaseBethel ezingaphezu kwekhulu okuqondiswa kuzo umsebenzi wokushumayela ngoMbuso, kwezinye zazo, kukhiqizwe namaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli. Iminikelo yabo isiza nasekuhlangabezaneni nezindleko zemihlangano emikhulu yamaKristu nezokuthuma ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli nabanye abashumayeli bevangeli besikhathi esigcwele.
15 Eminye imisebenzi emihle ihlanganisa ukwakhiwa nokunakekelwa kwezikhungo zokukhulekela kweqiniso. Uthando ngeZwi likaNkulunkulu lushukumisela abakhulekeli bakhe ukuba baqiniseke ukuthi amaHholo Omhlangano namaHholo OMbuso ayanakekelwa. (Qhathanisa noNehemiya 10:39.) Njengoba lezi zakhiwo zinegama likaNkulunkulu ngaphambili, kubalulekile ukuba zigcinwe zihlanzekile futhi zikhanga ngaphakathi nangaphandle nokuba ukuziphatha kwalabo abakhulekela emahholo anjalo kube okungasoleki. (2 Korinte 6:3) Amanye amaKristu ayakwazi ukwenza okuthé xaxa. Uthando ngeZwi likaNkulunkulu luwashukumisela ukuba ahambe amabanga amade ukuze ayohlanganyela ekwakheni izindawo ezintsha zokukhulekela ezingxenyeni zezwe ezinesidingo ngenxa yobumpofu noma ukuntuleka kwamakhono.—2 Korinte 8:14.
16 ‘Ukuthela isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle’ kuhlanganisa nokunakekela izibopho zomkhaya nokubonisa ukukhathalela amaKristu esikanye nawo. Uthando ngeZwi likaNkulunkulu lusishukumisela ukuba siqaphele izidingo zalabo “abahlobene nathi okholweni” futhi ‘siqhube ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu endlini yethu siqu.’ (Galathiya 6:10; 1 Thimothewu 5:4, 8) Kulokhu, kuwumsebenzi omuhle ukuvakashela abagulayo nokududuza abashonelwe. Futhi yeka umsebenzi omuhle ofezwa abadala bamabandla namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela ekusizeni abantu ababhekene nezimo eziyinselele zezokwelapha! (IzEnzo 15:29) Kube sekuba nezinhlekelele ezandayo—ezinye zazo ezingokwemvelo kanti ezinye zibangelwa ukungahluzeki kwabantu. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova baye bazakhela idumela elihle ezingxenyeni eziningi zomhlaba lokunikeza usizo oluphuthumayo kwabakholwa nabo nakwezinye izisulu zezinhlekelele nezingozi. Konke lokhu kuyizithelo ezinhle eziboniswa yilabo abathanda iZwi likaNkulunkulu.
Izinzuzo Ezinhle Zesikhathi Esizayo
17, 18. (a) Kufezani ukuhlwanyelwa kwembewu yoMbuso? (b) Yiziphi izenzakalo ezibaluleke kakhulu abathandi beZwi likaNkulunkulu abazozibona ngokushesha?
17 Ukuhlwanyelwa kwembewu yoMbuso kuyaqhubeka kuletha izinzuzo ezinkulu esintwini. Eminyakeni yamuva abantu abangaphezu kuka-300 000 unyaka ngamunye baye bavumela isigijimi seBhayibheli ukuba sigxile ezinhliziyweni zabo kangangokuthi baye banikezela ukuphila kwabo kuJehova futhi babonisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi. Yeka ikusasa elihle elibalindele!
18 Ngokushesha, abathandi beZwi likaNkulunkulu bayazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uzophakama ukuze akhulise igama lakhe. “IBabiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, uzobhujiswa. (IsAmbulo 18:2, 8) Kuyobe sekuthi labo abenqabayo ukuphila ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu babhujiswe yiNkosi, uJesu Kristu. (IHubo 2:9-11; Daniyeli 2:44) Kamuva, uMbuso kaNkulunkulu uyobuqeda unomphela ubugebengu, impi nezinye izinhlekelele. Ngeke sisaba khona isidingo sokududuza abantu ngenxa yobuhlungu, ukugula nokufa.—IsAmbulo 21:3, 4.
19, 20. Yiliphi ikusasa elikhazimulayo elilindele labo abalithanda ngempela iZwi likaNkulunkulu?
19 Yeka imisebenzi emihle nemangalisayo eyofezwa ngaleso sikhathi yilabo abathanda iZwi likaNkulunkulu! Abasinde e-Armagedoni bayoqala umsebenzi ojabulisayo wokuguqula lo mhlaba ube yipharadesi. Bayoba nelungelo elijabulisayo lokulungiselela izidingo zabantu abafile, njengamanje abaphumule ethuneni futhi abasenkumbulweni kaNkulunkulu benethemba lokuvuswa kwabafileyo. (Johane 5:28, 29) Ngaleso sikhathi iNkosi EnguMbusi, uJehova, iyoziqondisa ngokuphelele izakhamuzi zasemhlabeni, isebenzisa iNdodana yayo ephakanyisiwe, uJesu Kristu. ‘Kuyovulwa imiqulu,’ eyembula iziyalezo zikaJehova zokuphila ezweni elisha.—IsAmbulo 20:12.
20 Ngesikhathi sikaJehova esifanele, indikimba yonke yamaKristu agcotshiwe iyokhushulelwa emvuzweni wayo wasezulwini ‘njengezindlalifa ezikanye noKristu.’ (Roma 8:17) Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, bonke abantu abasemhlabeni abathanda iZwi likaNkulunkulu bayokwenziwa baphelele engqondweni nasemzimbeni. Ngemva kokuzibonakalisa bethembekile ekuvivinyweni kokugcina, bayovuzwa ngokuphila okumi phakade futhi bajabulele ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21; IsAmbulo 20:1-3, 7-10) Yeka ukuthi leso kuyoba isikhathi esijabulisa kanjani! Ngempela, kungakhathaliseki ukuthi uJehova usinike ithemba lasemhlabeni noma lasezulwini, uthando oluhlala njalo ngeZwi lakhe nokuzimisela ukuphila ngokuvumelana nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kuyosilondoloza. Futhi esikhathini esizayo ‘kuyakusidumisa, lapho sikugona.’—IzAga 4:6, 8.
Ungachaza?
◻ Uthando ngeZwi likaNkulunkulu luyosilondoloza kanjani?
◻ Iyini imbewu yasemfanekisweni kaJesu, futhi ihlwanyelwa kanjani?
◻ Singazibonakalisa kanjani ‘siyinhlabathi enhle’?
◻ Yiziphi izinzuzo abathandi beZwi likaNkulunkulu abangazilindela?
[Isithombe ekhasini 16]
Imbewu yasemfanekisweni kaJesu ifanekisela isigijimi sezindaba ezinhle esiseZwini likaNkulunkulu
[Umthombo]
Garo Nalbandian
[Isithombe ekhasini 17]
OFakazi BakaJehova balingisa uMhlwanyeli Omkhulu
[Izithombe ekhasini 18]
Abasinde e-Armagedoni bayojabulela izithelo zomhlaba