IzAga
4 Madodana ami, lalelani isiyalo sikababa; +
Nakani ukuze nizuze ukuqonda,
2 Ngoba ngizoninika isiyalo esihle;
4 Ubaba wangifundisa wathi: “Kwangathi inhliziyo yakho ingawabambisisa amazwi ami. +
Gcina imiyalo yami uqhubeke uphila. +
5 Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda. +
Ungakukhohlwa engikushoyo futhi ungaphambuki kukho.
6 Ungakulahli ukuhlakanipha, kuyokuvikela.
Kuthande, kuyokulonda.
7 Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kunazo zonke, *+ ngakho zuza ukuhlakanipha,
Kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda. +
8 Kubheke njengento eyigugu ukuhlakanipha, kuyokuphakamisa. +
Kuyokunika udumo ngoba ukwamukela ngokuphelele. +
9 Kuyoba umhlobiso omuhle ekhanda lakho;
Kuyokuhlobisa ngomqhele omuhle.”
12 Lapho uhamba, ngeke uqhuzuke;
Uma ugijima, ngeke ukhubeke.
13 Bamba isiyalo; ungasidedeli. +
Silonde, ngoba singukuphila kwakho. +
16 Ngoba abakwazi ukulala bengakakwenzi okubi.
Abafikelwa ubuthongo bengakabangeli othile ukuba awe.
17 Bazondla ngesinkwa sobubi,
Baphuze iwayini lobudlova.
18 Kodwa indlela yabalungile injengokukhanya okukhulu kwasekuseni
Okuya kukhanya nakakhulu kuze kube semini. +
19 Indlela yababi injengobumnyama;
Abazi ukuthi yini ebenza bakhubeke.
21 Ungawasusi emehlweni akho;
Wagcine ekujuleni kwenhliziyo yakho, +
22 Ngoba awukuphila kulabo abawatholayo +
Nempilo kuwo wonke umzimba wabo.
23 Ngaphezu kwazo zonke izinto oziqaphayo, qapha inhliziyo yakho, +
Ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.
27 Ungaphambukeli kwesokudla noma kwesobunxele. +
Susa izinyawo zakho kokubi.