Benza Intando KaJehova
UMariya Ukhetha “Isabelo Esihle”
NGOSUKU lukaJesu, abesifazane abangamaJuda babevinjelwe amasiko orabi. Ngakho, babengakhuthazwa ukuba batadishe uMthetho. Eqinisweni, omunye umbono ocashunwe kuyiMishnah wawuthi: “Uma umuntu enikeza indodakazi yakhe ulwazi loMthetho kufana nokuthi uyifundisa ubufebe.”—Sotah 3:4.
Ngenxa yalokho, abesifazane abaningi eJudiya lekhulu lokuqala babenemfundo ephansi. “Abukho ubufakazi obubonisa ukuthi ngaphambi kwesikhathi senkonzo kaJesu abesifazane abangamaJuda babeke bavunyelwe ukuba abafundi bomfundisi omkhulu, kungasaphathwa ukuhamba nalowo mfundisi, noma ukufundisa nanoma ubani omunye ngaphandle kwabantwana,” kuphawula i-Anchor Bible Dictionary. Belulaza abesifazane ngokwengeziwe, abanye abaholi benkolo baze babeka nomthetho othi umuntu wesilisa akufanele akhulume nowesifazane phambi kwabantu!
UJesu wazishaya indiva izimo zengqondo ezinjalo zokungamesabi uNkulunkulu. Wafundisa abesilisa nabesifazane, futhi abalandeli bakhe kwakungabesilisa nabesifazane. (Luka 8:1-3) Ngesinye isikhathi, uJesu wamenywa uMarta noMariya. (Luke 10:38) Laba besifazane ababili babengodadewabo kaLazaru, futhi bobathathu babengabafundi bakaJesu nabangane bakhe abakhulu. (Johane 11:5) Kungenzeka ukuthi lo mkhaya wawaziwa, uma ucabangela inani elikhulu labantu abeza ukuzoduduza uMarta noMariya lapho kushone uLazaru. Noma ngabe ikuphi, okwenzeka ekhaya labo lapho uJesu ebavakashele kwaba isifundo esibalulekile, hhayi kubo kuphela kodwa nakithi.
Ukufunda Ezinyaweni ZikaJesu
Ngokungangabazeki, uMarta noMariya babemagange ngokulungiselela uJesu isidlo esihlwabusayo, futhi mhlawumbe lokhu kwakungengaphezu kwamandla abo. (Qhathanisa noJohane 12:1-3.) Nokho, lapho isivakashi sabo sifika, uMariya “wahlala phansi ezinyaweni zeNkosi futhi waqhubeka elalela izwi layo.” (Luka 10:39) Akukho siko labantu elalizovimbela uJesu ukuba afundise owesifazane oqotho owayemagange kangaka ngokufunda! Singambona uMariya ngeso lengqondo ehlezi phambi kukaJesu, ezibeka esikhundleni somfundi ovule izindlebe elalele ukufundisa kweNkosi yakhe.—Qhathanisa noDuteronomi 33:3; IzEnzo 22:3.
Ngokungafani noMariya, uMarta “wayethikanyezwa ukunakekela imisebenzi eminingi.” Njengoba ayelungiselela leso siphihli sedili, wayematasa impela naleyo misebenzi eyayingamnike thuba. Ngokushesha, uMarta wacasuka ngokuthi wonke umsebenzi wawusele naye yedwa kuyilapho udadewabo ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu! Ngakho uMarta wangena uJesu emlonyeni njengoba ayekhuluma noMariya, mhlawumbe esho ngokushesha, ethi: “Nkosi, akunandaba yini kuwe ukuthi udadewethu ungishiye ngingedwa ukuba nginakekele izinto? Ngakho-ke, mtshele ukuba ahlanganyele ekungisizeni.”—Luka 10:40.
Kwakungekho lutho olungalungile ngesicelo sikaMarta ngokwaso. Kakade, ukulungiselela iqembu labantu ukudla kuwumsebenzi onzima, futhi lowo msebenzi akufanele uthwalwe umuntu oyedwa. Nokho emazwini kaMarta uJesu wabona ithuba lokufundisa isifundo esibalulekile. Wathi: “Marta, Marta, ukhathazwa futhi uphazanyiswa izinto eziningi. Nokho, kudingeka izinto ezimbalwa, noma eyodwa kuphela. UMariya yena ukhethe isabelo esihle, ngeke aphucwe sona.”—Luka 10:41, 42.
UJesu wayengasho ukuthi uMarta wayengenaso isithakazelo ezintweni ezingokomoya. Ngokuphambene nalokho, wayemazi engowesifazane onokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okujulile.a Ngokungangabazeki yikho lokho okwamenza wamemela uJesu ekhaya kwasekuqaleni. Nokho, ngalokhu kumsola kwakhe okulula, uJesu wayebonisa ukuthi uMarta, ngokukhathazeka kwakhe ngokudla, wayephuthelwa ithuba eliyivelakancane lokuthola ukufundiswa ngokuqondile yiNdodana kaNkulunkulu.
Yiqiniso, kungenzeka ukuthi isiko langaleso sikhathi lalisekela umbono wokuthi ukuba yigugu kowesifazane kubonakala kangcono kakhulu ekhonweni lakhe emisebenzini yasekhaya. Kodwa amazwi kaJesu abonisa ukuthi abesifazane, njengabesilisa, babengahlala phansi ngasezinyaweni zeNdodana kaNkulunkulu bathole amazwi okuphila! (Johane 4:7-15; IzEnzo 5:14) Uma kucatshangelwa lokhu, kwakuyoba ngcono kakhulu ukuba uMarta alungise izinhlobo ezimbalwa zokudla—noma ngisho nohlobo olulodwa—uma lokho kwakuyomnika ithuba lokuhlala ngasezinyaweni zoMfundisi afunde kuye.—Qhathanisa noMathewu 6:25.
Esikufundayo
Namuhla, kokubili abesilisa nabesifazane bayasabela esimemweni sikaJesu ‘sokuthatha amanzi okuphila mahhala.’ (IsAmbulo 22:17) Abanye, beshukunyiswa uthando—njengoMarta—benza konke okusemandleni abo ukuba bakhonze izidingo zabakholwa nabo. Bangabantu abakhuthele, abasheshayo ukuthatha isinyathelo, futhi uJehova uthembisa ukuyivuza imisebenzi yabo yothando. (Heberu 6:10; 13:16) Abanye mhlawumbe bafana kakhudlwana noMariya. Bangabantu abathule nabathambekele ekuzindleni. Ukufisa kwabo ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kubasiza ukuba bahlale begxilile okholweni.—Efesu 3:17-19.
Zombili lezi zinhlobo zabantu zigcwalisa isidingo esibalulekile ebandleni lobuKristu. Nokho, ekugcineni bonke kufanele ‘bakhethe isabelo esihle’ ngokugcizelela kakhulu ezintweni ezingokomoya. Ngokuqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe, siyothola umusa nesibusiso sikaJehova.—Filipi 1:9-11.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuthi uMarta wayengowesifazane ongokomoya onokholo olujulile kufakazelwa yingxoxo yakhe noJesu ngemva kokufa komfowabo, uLazaru. Ngaleso sikhathi, nguMarta owabonisa isifiso esikhulu sokuhlangana neNkosi yakhe.—Johane 11:19-29.