Lokho Umthandazo WeNkosi Okushoyo Kuwe
UMTHANDAZO WENKOSI, owanikezwa uJesu eNtshumayelweni YaseNtabeni utholakala eBhayibhelini kuMathewu isahluko 6, amavesi 9 kuya ku-13. Ngaphambi nje kokunikeza lo mthandazo, uJesu wathi: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga ukuthi bayozwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi.”—Mathewu 6:7.
Ngakho-ke kusobala ukuthi uJesu wayengahlosile ukuba uMthandazo WeNkosi uphindaphindwe izwi nezwi. Kuyiqiniso ukuthi waphinde wawusho lo mthandazo ukuze kuzuze ezinye izilaleli. (Luka 11:2-4) Kodwa amazwi alo mthandazo awafani nse ekulandiseni kweVangeli likaMathewu nelikaLuka. Ngaphezu kwalokho, lapho uJesu nabafundi bakhe bethandaza kamuva, abazange basebenzise amazwi afana ncamashí namazwi omthandazo wakhe oyisibonelo.
Kungani uMthandazo WeNkosi ulotshiwe eBhayibhelini? Ngalo mthandazo oyisibonelo, uJesu usifundisa indlela imithandazo yethu engamukeleka ngayo kuNkulunkulu. Kulo mthandazo, sithola nezimpendulo zemibuzo ethile eyisisekelo ehlobene nokuphila. Ngakho ake sihlole ingxenye ngayinye yoMthandazo WeNkosi.
Ubani Igama LikaNkulunkulu?
“Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) La mazwi okuqala omthandazo oyisibonelo asisiza ukuba sisondele kuNkulunkulu ngokumbiza ngokuthi “Baba wethu.” Njengengane esondelana ngokwemvelo nomzali onothando noqondayo, singakhuluma noBaba wethu osezulwini siqiniseka ukuthi uyafuna ukusizwa. INkosi uDavide yahlabelela: “O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.”—IHubo 65:2.
UJesu usiyala ukuba sithandazele ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu. Kodwa ubani igama likaNkulunkulu? IBhayibheli liphendula ngala mazwi: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” (IHubo 83:18) Wake walibona igama elithi Jehova eBhayibhelini?
Empeleni, igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, livela izikhathi ezicishe zibe ngu-7 000 emibhalweni yesandla yeBhayibheli yasendulo. Nokho, abanye abahumushi baba nesibindi sokulikhipha leli gama ezinguqulweni zabo zeBhayibheli. Ngakho, sithandaza kufanele ukuba uMdali wethu angcwelise igama lakhe. (Hezekeli 36:23) Enye indlela yokwenza ngokuvumelana nomthandazo onjena ukulisebenzisa igama elithi Jehova lapho sithandaza kuNkulunkulu.
Owesifazane ogama lakhe linguPatricia wakhuliswa njengomKatolika futhi wayewazi impela uMthandazo WeNkosi. Wasabela kanjani lapho omunye woFakazi BakaJehova embonisa igama likaNkulunkulu eBhayibhelini? Wathi: “Angikholwanga! Ngakho ngathatha elami iBhayibheli, futhi lalikhona nakulo. UFakazi wabe esengibonisa uMathewu 6:9, 10 futhi wachaza ukuthi igama likaNkulunkulu lihlobene noMthandazo WeNkosi. Ngangijabule ngempela futhi ngamcela ukuba angifundele iBhayibheli.”
Intando KaNkulunkulu Izokwenzeka Emhlabeni
“Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Iyogcwaliseka kanjani le ngxenye yomthandazo kaJesu oyisibonelo? Abantu abaningi bacabanga ukuthi izulu indawo yokuthula. ImiBhalo ikhuluma ngezulu njengendawo kaJehova “yokuhlala ephakeme yobungcwele nobuhle.” (Isaya 63:15) Yingakho sithandazela ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni “njengasezulwini”! Kodwa kuyoke kwenzeke nje lokhu?
Umprofethi kaJehova uDaniyeli wabikezela: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso [yasemhlabeni], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Ngokushesha lo Mbuso wasezulwini, noma uhulumeni, uzothatha isinyathelo sokuletha ukuthula emhlabeni wonke ngokubusa kokulunga.—2 Petru 3:13.
Lapho umuntu ethandazela ukuza koMbuso kaNkulunkulu nokuba intando yakhe yenzeke emhlabeni usuke ebonisa ukholo olungeke lumdumaze. Umphostoli ongumKristu uJohane wabhala: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’” UJohane wabe esenezela: “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: . . . ’Loba, ngoba la mazwi athembekile ayiqiniso.’”—IsAmbulo 21:3-5.
Umthandazo Nezidingo Zethu Ezingokwenyama
Lokho uJesu akusho emthandazweni oyisibonelo kubonisa ukuthi lapho sithandaza kufanele sikhathalele ngokuyinhloko izinto ezihlobene negama likaNkulunkulu nentando yakhe. Noma kunjalo, umthandazo oyisibonelo uqhubeka ukhulume ngezicelo zomuntu siqu okufanelekayo ukuba ziyiswe kuJehova.
Esokuqala kulezi zicelo yilesi: “Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku.” (Mathewu 6:11) Lesi akusona isicelo sokuceba ngokwezinto ezibonakalayo. UJesu wasikhuthaza ukuba sithandazele “isinkwa sethu sosuku ngokwesidingo sosuku.” (Luka 11:3) Ngokuvumelana noMthandazo WeNkosi, singathandaza sinokholo lokuthi uNkulunkulu uyozinakekela izidingo zethu zansuku zonke uma simthanda futhi simlalela.
Ukukhathazeka ngokungadingekile ngezinkinga zemali kungenza ukuba sidebeselele isidingo sethu esingokomoya bese sehluleka ukwenza lokho uNkulunkulu akulindele kithi. Kodwa uma sibeka ukukhulekela uNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu, singaqiniseka ukuthi uyozizwa izicelo zethu zezinto ezingokwenyama esizidingayo, ezifana nokudla nokokugqoka. UJesu wathi: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu], khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Mathewu 6:26-33) Ukufuna ukulunga kukaNkulunkulu kuyinselele, njengoba sonke sinesono futhi sidinga ukuthethelelwa. (Roma 5:12) UMthandazo WeNkosi uyayihlanganisa naleyo ndaba.
Imithandazo Yethu Nokuthethelelwa
“Sithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.” (Mathewu 6:12; Luka 11:4) Ingabe uJehova uNkulunkulu uyosithethelela ngempela izono zethu?
Nakuba inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide yayenze izono ezingathí sina, yaphenduka futhi yathandaza ngokuqiniseka: “Wena Jehova, umuhle futhi ukulungele ukuthethelela; umusa wothando kubo bonke abakubizayo uyachichima.” (IHubo 86:5) Kwaze kwaduduza lokho! UBaba wethu osezulwini “ukulungele ukuthethelela” izono zalabo abambiza benomoya wokuphenduka. Njengoba nje isikweletu singacinywa siphele, noJehova uNkulunkulu angasithethelela izono zethu ngokuphelele.
Nokho, uJesu wabeka umbandela: Ukuze sithethelelwe nguNkulunkulu, kumelwe sithethelele abanye. (Mathewu 6:14, 15) Nakuba indoda elungile uJobe yaphathwa kabi abangane bayo abathathu, yabathethelela, yaze yabathandazela. (Jobe 42:10) Uma sibathethelela labo abasonayo, siyojabulisa uNkulunkulu futhi sikwazi ukuthola umusa wakhe.
Ukuzimisela kukaNkulunkulu ukuzwa izicelo zethu kufanele kusishukumisele ukufuna ukuvunyelwa nguye. Futhi singakwazi ukufuna ukuvunyelwa nguye ngisho noma singaphelele. (Mathewu 26:41) Nalapha futhi, uJehova angasisiza, njengoba nje uJesu abonisa lapho ephetha umthandazo oyisibonelo ngesicelo esibalulekile.
Usizo Ekuphishekeleni Inkambo Yokulunga
“Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Mathewu 6:13) UJehova akasishiyi sodwa ukuba sihlaselwe isilingo noma enze ukuba siwele esonweni. IZwi lakhe lithi: “UNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) UNkulunkulu akasivumeli ukuba silingwe, kodwa angasophula kuMlingi Omkhulu—“omubi” owaziwa ngokuthi uSathane uDeveli.
Umphostoli uPetru wanxusa amaKristu ayekanye nawo: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.” (1 Petru 5:8) Phela uSathane waze walinga indoda ephelele uJesu Kristu! Wayehloseni uDeveli? Wayehlose ukudonsa uJesu amkhiphe ekukhulekeleni okuhlanzekile kukaJehova uNkulunkulu. (Mathewu 4:1-11) Uma ufuna ukukhonza uNkulunkulu, uSathane unomgomo wokukushwabadela nawe!
Esebenzisa izwe alibusayo, uDeveli angase asilingele ekwenzeni izinto ezingafunwa uNkulunkulu. (1 Johane 5:19) Ngakho kubalulekile ukuba siphendukele kuNkulunkulu njalo sicele usizo, ikakhulukazi lapho sibhekene nesilingo esibeleselayo. Futhi uma sikhulekela uJehova ngokuvumelana neZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli, uyosikhulula ngokusisiza simelane noDeveli. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uthembekile, futhi ngeke akuvumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala.”—1 Korinte 10:13.
Ukholo KuNkulunkulu Lubalulekile
Yeka indlela okuthokozisa ngayo ukwazi ukuthi uBaba wethu osezulwini unesithakazelo komunye nomunye wethu! Waze wasifundisa indlela yokuthandaza esebenzisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu. Ngokuqinisekile, lokhu kusenza sifune ukumjabulisa uJehova uNkulunkulu. Singamjabulisa kanjani?
IBhayibheli lithi: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa [uNkulunkulu] ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Lungatholakala kanjani ukholo olunjalo? IBhayibheli lithi: “Ukholo lulandela into ezwiweyo.” (Roma 10:17) OFakazi BakaJehova bayakuthanda ukuxoxa ngezinto ezisemiBhalweni nabo bonke abalangazelela ukukhonza uNkulunkulu ngokholo lweqiniso.
Sethemba ukuthi le ngxoxo yoMthandazo WeNkosi iye yajulisa ukukuqonda kwakho lokho lo mthandazo okushoyo. Ngokungenisa ulwazi olwengeziwe ngoJehova nangemivuzo azoyinika labo “abamfuna ngobuqotho,” ungenza ukholo lwakho kuNkulunkulu luqine. Kwangathi ungafunda okwengeziwe ngaye nangezinjongo zakhe ukuze ube nobuhlobo obuseduze noBaba wakho osezulwini kuze kube phakade.—Johane 17:3.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
“Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini. Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku; futhi usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi. Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.”—Mathewu 6:9-13
[Isithombe ekhasini 7]
UJehova uyabanika abakudingayo labo abamthandayo
[Isithombe ekhasini 7]
UNkulunkulu usisiza nokuba simelane noDeveli
[Isithombe ekhasini 7]
Uma njengoJobe, sibathethelela labo abasonayo, singazuza emseni kaNkulunkulu