Mesabeni UJehova, UMuzwi Wemikhuleko
“Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.”—IHUBO 65:2.
1. Kungani kumelwe silindele ukuba uJehova abe nezimfuneko ngalabo abafisa ukuya kuye ngomthandazo?
UJEHOVA UNKULUNKULU ‘uyiNkosi yaphakade.’ Futhi ‘unguMuzwi wemikhuleko, abeza kuye bonke abantu.’ (IsAmbulo 15:3; IHubo 65:2, qhathanisa neNW.) Kodwa kumelwe beze kanjani kuye? Amakhosi asemhlabeni abeka imithetho ngezinto ezinjengokugqoka nokuziphatha kwalabo abavumelekile ukuza kuwo. Khona-ke, ngokuqinisekile kumelwe silindele iNkosi Yaphakade ukuba ibe nezimfuneko bonke labo abafisa ukuza phambi kwayo ngokunxusa nokubonga okumelwe bahlangabezane nazo.—Filipi 4:6, 7.
2. Yimiphi imibuzo ephakamayo ngendaba yomthandazo?
2 Yini iNkosi Yaphakade eyifunayo kulabo abaya kuyo ngomthandazo? Obani abangathandaza futhi bazwiwe? Futhi yini abangathandaza ngayo?
Ukuya ENkosini Yaphakade
3. Yiziphi izibonelo ongazinikeza zemithandazo eyenziwa yizinceku zikaNkulunkulu zokuqala, futhi ingabe zaya kuye ngommeleli?
3 Ngaphambi kokuba abe yisoni, uAdamu, “indodana kaNkulunkulu,” ngokusobala wayekhulumisana neNkosi yaphakade. (Luka 3:38; Genesise 1:26-28) Lapho indodana ka-Adamu uAbela enikela “amazibulo ezimvu zakhe” kuNkulunkulu, ngokungangabazeki lomnikelo wawuhambisana namazwi okunxusa nokudumisa. (Genesise 4:2-4) UNowa, uAbrahama, uIsaka, noJakobe bakha ama-altare futhi baya kuJehova ngomthandazo neminikelo yabo. (Genesise 8:18-22; 12:7, 8; 13:3, 4, 18; 22:9-14; 26:23-25; 33:18-20; 35:1, 3, 7) Futhi imithandazo kaSolomoni, uEzra, nabahubi abaphefumlelwe ngokwaphezulu ibonisa ukuthi amaIsrayeli ayeya kuNkulunkulu ngaphandle kommeleli.—1 AmaKhosi 8:22-24; Ezra 9:5, 6; IHubo 6:1, 2; 43:1; 55:1; 61:1; 72:1; 80:1; 143:1.
4. (a) Iyiphi indlela entsha yokusondela kuNkulunkulu ngomthandazo eyamiswa ngekhulu lokuqala leminyaka? (b) Kungani kufaneleka ngokukhethekile ukuba umthandazo wenziwe egameni likaJesu?
4 Indlela entsha yokuya kuNkulunkulu ngomthandazo yamiswa ekhulwini lokuqala leSikhathi sethu Esivamile. KwakungeNdodana yakhe, uJesu Kristu, eyayinothando olukhethekile ngesintu. Ekuphileni kwakhe kwangaphambi kobuntu, uJesu wakhonza ngenjabulo ‘njengengcweti yomsebenzi,’ ezithanda izinto eziphathelene nesintu. (IzAga 8:30, 31) Njengomuntu emhlabeni, uJesu wasiza ngothando abantu abangaphelele ngokomoya, waphulukisa abagulayo, wavusa ngisho nabafileyo. (Mathewu 9:35-38; Luka 8:1-3, 49-56) Ngaphezu kwakho konke, uJesu ‘wanikela ngokuphila kwakhe kwaba yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Khona-ke, yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba labo abazibeka esimweni sokuzuza ngesihlengo kumelwe baye kuNkulunkulu ngalona osithanda kangaka isintu! Lena manje iwukuphela kwendlela yokuya eNkosini Yaphakade, ngoba uJesu ngokwakhe wathi: “Akakho oza kuBaba ngaphandle kwami” futhi, “Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.” (Johane 14:6; 16:23) Ukucela izinto egameni likaJesu kusho ukumqaphela njengendlela yokuya kuMuzwi wemikhuleko.
5. Siyini isimo sikaNkulunkulu ngezwe lesintu, futhi lokhu kuwuthinta kanjani umthandazo?
5 Ikakhulukazi kumelwe sazise uthando uJehova alubonisa ngokulungiselela isihlengo. UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ukujula kothando lukaNkulunkulu kuboniswe kahle emazwini omhubi: “Njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:11-14) Yeka indlela okuthokozisa ngayo ukwazi ukuthi imithandazo yoFakazi BakaJehova abazinikezele inyukela kuBaba onjalo onothando ngeNdodana yakhe!
Ilungelo Elinemingcele
6. Yisiphi isimo sengqondo okumelwe kuyiwe ngaso kuJehova ngomthandazo?
6 Amakhosi angabantu awavumeli nje noma ubani ukuba angene endlini yasebukhosini engabikwanga. Ukubonana nenkosi kuyilungelo elinemingcele. Nomthandazo unjalo eNkosini yaphakade. Yebo, labo abaya kuye ngoJesu Kristu bebuqaphela ngokufanelekile ubukhosi bukaNkulunkulu obukhazimulayo bangalindela ukuba bazwiwe. Kumelwe kuyiwe eNkosini Yaphakade ngesimo sengqondo senhlonipho, sokukhulekela. Futhi labo abafisa ukuzwiwa kumelwe babonise “ukumesaba uJehova.”—IzAga 1:7.
7. Kuyini “ukumesaba uJehova”?
7 Kuyini “ukumesaba uJehova”? Kuyinhlonipho ejulile ngoNkulunkulu, ehambisana nokwesaba ngokunempilo ukumdumaza. Lokhu kwesaba kuvela ekwaziseni okujulile ngomusa wakhe wothando nobuhle. (IHubo 106:1) Kuhilela ukumqaphela njengeNkosi yaphakade, enelungelo namandla okuletha isijeziso, kuhlanganise nokufa, kunoma ubani ongamlaleli. Abantu ababonakalisa ukumesaba uJehova bangathandaza kuye ngethemba lokuzwiwa.
8. Kungani uNkulunkulu eyizwa imithandazo yalabo abamesabayo?
8 Ngokusobala, uNkulunkulu akayiphenduli imithandazo yabantu ababi, abangathembekile, nabazazisayo. (IzAga 15:29; Isaya 1:15; Luka 18:9-14) Kodwa labo abesaba uJehova bayazwiwa ngoba baye bazivumelanisa nezindinganiso zakhe zokulunga. Nokho, baye benza okwengeziwe. Abesaba uJehova baye bazinikezela kuNkulunkulu ngomthandazo futhi babonakalisa lokhu ngokubhapathizwa emanzini. Kanjalo banelungelo lomthandazo elingenamingcele.
9, 10. Ingabe abantu abangabhapathiziwe bangathandaza ngethemba lokuba bazwiwe?
9 Ukuze azwiwe uNkulunkulu, umuntu kumelwe azwakalise imizwa engokomthandazo evumelana nentando yaphezulu. Yebo, kumelwe abe qotho, kodwa kudingeka okwengeziwe. “Ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa [uNkulunkulu],” kuloba umphostoli uPawulu, “ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Khona-ke, ingabe abantu abangabhapathiziwe bangakhuthazwa ukuba bathandaze ngethemba lokuzwiwa?
10 Iqaphela ukuthi umthandazo uyilungelo elinemingcele, iNkosi uSolomoni yacela ukuba uJehova ezwe abezizwe kuphela ababethandaza ethempelini likaNkulunkulu eJerusalema. (1 AmaKhosi 8:41-43) Emakhulwini eminyaka kamuva, oweZizwe uKorneliyu ‘wakhuleka kuNkulunkulu njalo’ njengendoda eqotho. Lapho ezuza ulwazi oluqondile, uKorneliyu wazinikezela kuNkulunkulu, owabe esemupha umoya ongcwele. Ngemva kwalokhu, uKorneliyu nabanye beZizwe babhapathizwa. (IzEnzo 10:1-44) NjengoKorneliyu, noma ubani namuhla othuthukela ekuzinikezeleni angakhuthazwa ukuba athandaze. Kodwa umuntu ombuluzayo ngokutadisha imiBhalo, ongazazi izimfuneko zaphezulu ngomthandazo, futhi ongakasibonakalisi isimo sengqondo esithokozisa uNkulunkulu akunakushiwo ukuthi uyamesaba uJehova, unalo ukholo, noma umfuna ngobuqotho. Umuntu onjalo akekho esimweni sokwenza imithandazo eyamukelekayo kuNkulunkulu.
11. Yini eye yenzeka kwabanye ababethuthukela ekuzinikezeleni, futhi yini okumelwe bazibuze yona?
11 Abanye abake bathuthukela ekuzinikezeleni kamuva bangase babonakale behlehla. Uma bengenalo uthando olwanele ngoNkulunkulu enhliziyweni yabo ukuze bazinikezele kuye ngokungagodli, kumelwe bazibuze ukuthi basenalo yini ilungelo elimangalisayo lomthandazo. Ngokusobala akunjalo, ngoba labo abasondela kuNkulunkulu kumelwe bamfune ngobuqotho kanye nokulunga nomusa. (Zefaniya 2:3) Noma ubani omesaba ngempela uJehova uyikholwa elizinikezelayo kuNkulunkulu nelikubonakalisa ngokubhapathizwa. (IzEnzo 8:13; 18:8) Futhi amakholwa abhapathiziwe kuphela anelungelo elingenamingcele lokusondela eNkosini Yaphakade ngomthamdazo.
“Nikhuleke Ngomoya Ongcwele”
12. Kunini lapho kungathiwa umuntu ‘ukhuleka ngomoya ongcwele’?
12 Ngemva kokuba umuntu esezinikezele kuNkulunkulu futhi wakubonakalisa ngokubhapathizwa, usesimweni ‘sokuthandaza ngomoya ongcwele.’ Ngalokhu, uJuda wabhala: “Kepha nina-bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube-ngukuphila okuphakade.” (Juda 20, 21) Umuntu uthandaza ngomoya ongcwele uma ethandaza ngaphansi kwethonya lomoya kaNkulunkulu, noma amandla asebenzayo, futhi ngokuvumelana nezinto ezishiwo eZwini laKhe. ImiBhalo, eyalotshwa ngaphansi kokuphefumlelwa umoya kaJehova, isibonisa indlela yokuthandaza nokuthi yini esingayicela ngomthandazo. Ngokwesibonelo, singathandaza ngesibindi ukuba uNkulunkulu asiphe umoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13) Lapho sithandaza ngomoya ongcwele, imithandazo yethu yembula isimo senhliziyo uJehova asithandayo.
13. Uma sithandaza ngomoya ongcwele, yini esiyoyigwema, futhi yisiphi iseluleko sikaJesu esiyosisebenzisa?
13 Lapho sithandaza ngomoya ongcwele, imithandazo yethu ayigcwali amazwi obuciko. Ayinawo amazwi aphindwaphindwa njengesilandelo. Cha, ayinayo imicikilisho engenangqondo, amazwi okudumisa ambuluzayo. Imithandazo yalolohlobo igcwele kweLobukholwa nakulo lonke iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Kodwa amaKristu eqiniso alalela iseluleko sikaJesu: “Nalapho nikhuleka, ningabi-njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu . . . Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba [ngephutha] bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke maningafani nabo.”—Mathewu 6:5-8.
14. Yimaphi amazwi okuqonda abanye abaye bawasho ngomthandazo?
14 Ngaphandle kukaJesu nabalobi beBhayibheli, abanye baye baveza amazwi okuqonda ngokuphathelene nomthandazo. Ngokwesibonelo, umlobi oyiNgisi uJohn Bunyan (1628-88) wathi: “Umthandazo uwukuthulula kobuqotho, okunengqondo, nokothando umphefumulo kuNkulunkulu, ngoKristu, ngamandla nangosizo loMoya, ngenxa yezinto ezinjengalezo uNkulunkulu azithembisile.” Umfundisi ongumPuritan uThomas Brooks (1608-80) waphawula: “UNkulunkulu akabheki ubuciko bemithandazo yakho, ukuthi mihle kangakanani; noma igeometry yemithandazo yakho, ukuthi mide kangakanani; noma izibalo zemithandazo, ukuthi miningi kangakanani; akabheki ubuhlakani bemithandazo yakho, ukuthi ihlelwe kanjani; kodwa ubheka ubuqotho bayo.” Kulamazwi kunganezelwa amazwi kaBunyan: “Emthandazweni kungcono ukuba nenhliziyo engenawo amazwi, kunamazwi angenayo inhliziyo.” Kodwa uma siqotho futhi sihlangabezana nezimfuneko zaphezulu, singaqiniseka kanjani ukuthi iNkosi yaphakade iyoyizwa imithandazo yethu?
Akalokothi Afulathele
15. Empeleni, wayethini uJesu kuLuka 11:5-8?
15 UJehova uNkulunkulu akalokothi angayilaleli imithandazo yezinceku zakhe ezizinikezele. Lokhu kwenziwa kwakhanya emazwini kaJesu aduduzayo lapho abafundi bakhe becela ukufundiswa ukuthandaza. Ngokwengxenye wathi: “[Yi]muphi kini oyakuba-nomhlobo, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe-zintathu, ngokuba kufiké kimi umhlobo wami evela ekuhambeni, kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe; yena-ke ophakathi aphendule athi: Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, nabantwana bami balele kanye nami; anginakuvuka, ngikunike, na? Ngithi kini: Noma engazukuvuka amnike ngokuba engumhlobo wakhe, nokho ngenxa yokukhongisisa kwakhe uyakuvuka amnike konke akudingayo.” (Luka 11:1, 5-8) Laliyini iphuzu lalomfanekiso?
16. Ngokuqondene nomthandazo, yini uJesu ayefuna ukuba siyenze?
16 Ngokuqinisekile uJesu wayengasho ukuthi uJehova akazimisele ukusisiza. Kunalokho, uKristu ufuna ukuba sithembele kuNkulunkulu ngokuphelele futhi simthande ngokwanele ukuba sithandaze ngokungayeki. Ngalokho, uJesu waqhubeka: “Ngithi kini, Qhubekani nicela, futhi nizophiwa; qhubekani nifuna, futhi nizothola; qhubekani ningqongqoza, futhi nizovulelwa. Ngoba noma ubani ocelayo uyamukela, futhi noma ubani ofunayo uyathola, futhi noma ubani ongqongqozayo uzovulelwa.” (Luka 11:9, 10, NW) Ngokuqinisekileyo-ke, kumelwe siqhubeke sithandaza lapho sibhekene nokushushiswa, sicindezelekile ngenxa yobuthakathaka obuthile obugxilile bobuntu, noma nganoma yiluphi olunye uvivinyo. UJehova uhlala ekulungele ukusiza izinceku zakhe ezithembekile. Akalokothi athi kithi: “Ungangihluphi.”
17, 18. (a) UJesu wasikhuthaza kanjani ukuba sicele umoya ongcwele futhi yini eyandisa amandla amazwi akhe? (b) UJesu waziqhathanisa kanjani izenzo zomzali wasemhlabeni nalezo zikaNkulunkulu?
17 Uma sifuna ukujabulela ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu, sidinga umoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo. Ngakho-ke, uJesu waqhubeka: “[Yi]muphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.” (Luka 11:11-13) UMathewu 7:9-11 ukhuluma ngokunikeza itshe esikhundleni sesinkwa. Amandla amazwi kaJesu ayanda uma siqaphela ukuthi isinkwa sasemazweni eBhayibheli asendulo sasingangetshe eliyisicaba, eliyindilinga futhi simise okwalo. Ezinye izinhlobo zezinyoka zifana nezinhlobo ezithile zezinhlanzi, futhi kukhona ufezela omncane omhlophe othi mawufane neqanda. Kodwa luhlobo luni lukababa okungathi uma kucelwa kuye isinkwa, inhlanzi, noma iqanda anike umntanakhe itshe, inyoka, noma ufezela?
18 Ngokulandelayo uJesu waqhathanisa ukusebenzelana komzali wasemhlabeni nezenzo zikaNkulunkulu emalungwini omkhaya waKhe wabakhulekeli. Uma thina, nakuba eqinisweni sibabi ngenxa yokuba nesono esakuzuza njengefa, sipha abantwana bethu izipho ezinhle, kumelwe silindele kakhulu kangakanani-ke ukuba uBaba wethu wasezulwini aphe izinceku zakhe ezithembekile ezimcela ngokuzithoba isipho esihle somoya ongcwele!
19. (a) Asikiselani amazwi kaJesu alotshwe kuLuka 11:11-13 noMathewu 7:9-11? (b) Uma siholwa umoya ongcwele, siyokubheka kanjani ukuvivinywa kwethu?
19 Amazwi kaJesu asikisela ukuthi kumelwe sicele kuNkulunkulu umoya waKhe ongcwele owengeziwe. Uma siholwa yiwo, ngeke ‘sikhononde ngesabelo sethu ekuphileni’ futhi sibheke uvivinyo nokudumazeka njengokusilimaza ngempela. (Juda 16) Yiqiniso, “umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza,” futhi abaningi abazange baphile baze babone ukuphela kwezinkinga zabo noma izinkathazo. (Jobe 14:1) Kodwa masingalokothi sibheke uvivinyo lwethu njengamatshe, izinyoka, nofezela uMuzwi wemikhuleko asinikeze khona ngandlela-thile. Uluthando olwenziwe samuntu kakhulu futhi akalingi-muntu ngezinto ezimbi. Kunalokho, usipha ‘izipho zonke ezinhle neziphiwo ezipheleleyo.’ Ekugcineni, uyokwenza konke kubalungele labo abamthandayo nabamesabayo. (Jakobe 1:12-17; 1 Johane 4:8) Labo asebeneminyaka behamba eqinisweni bazi ngokuhlangenwe nakho ukuthi olunye lovivinyo lwabo olunzima kakhulu, ngomthandazo nokholo, lwaphumela enzuzweni yabo futhi baye bandisa izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwabo. (3 Johane 4) Eqinisweni, iyiphi indlela engcono ebesingafunda ngayo ukuncika kuBaba wethu wasezulwini futhi sisizwe ukuba sihlakulele izithelo zomoya eziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukukholeka, ubumnene, nokuzithiba?—Galathiya 5:22, 23.
20. Amazwi kaJesu alotshwe kuLuka 11:5-13 kumelwe asithinte kanjani?
20 Kanjalo amazwi kaJesu alotshwe kuLuka 11:5-13 asinikeza isiqinisekiso esibusisiwe sothando nokunakekela kukaJehova. Lokhu kumelwe kugcwalise izinhliziyo zethu ngokubonga okujulile nothando. Kumelwe kuqinise ukholo lwethu futhi kwandise isifiso sethu sokuya njalo esenabelweni sezinyawo seNkosi Yaphakade futhi sihlale endaweni yakhe yothando. Ngaphezu kwalokho, amazwi kaJesu asiqinisekisa ngokuthi asisoze sabuya silambatha. UBaba wethu wasezulwini ujabula kakhulu uma siphonsa imithwalo yethu kuye. (IHubo 55:22; 121:1-3) Futhi uma thina, njengezinceku zakhe ezithembekile ezizinikezele, sicela umoya wakhe ongcwele, usipha wona ngokungagodli. Lona uNkulunkulu wethu onothando, futhi singaba nokholo olugcwele lokuthi unguMuzwi wemikhuleko yethu.
Uyakhumbula?
◻ Ubani okumelwe siye kuNkulunkulu ngaye ngomthandazo, futhi ngani?
◻ Kungayiphi indlela umthandazo uyilungelo elinemingcele?
◻ Kusho ukuthini ‘ukukhuleka ngomoya ongcwele’?
◻ Ungakubonisa kanjani ngokomBhalo ukuthi imithandazo yoFakazi BakaJehova abathembekile ababhapathiziwe iyazwiwa?
[Izithombe ekhasini 14]
Njengoba obaba abangabantu bepha abantwana babo izipho ezinhle, uJehova upha umoya ongcwele kulabo abamcelayo