“Niqaphe Yonke Inhlobo Yokuhaha”
“Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—LUKA 12:15.
1, 2. (a) Yini oye wayiphawula ngezinto abantu abanesithakazelo kuzo nabaziphishekelayo namuhla? (b) Zingasithonya kanjani lezi zimo zengqondo?
IMALI, impahla, isikhundla, imisebenzi eholela kahle, umkhaya—lezi zinto ziphakathi kwalezo abantu abaningi abazibheka njengenkomba yempumelelo noma njengesiqinisekiso sekusasa elilondekile. Kusobala ukuthi emazweni amaningi acebile nampofu, abantu abaningi banesithakazelo ezintweni ezibonakalayo nasekuzithuthukiseni futhi bayakuphishekela. Ngakolunye uhlangothi, isithakazelo sabo ezintweni ezingokomoya—uma benaso—sincipha ngokushesha.
2 Kunjengoba nje iBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.” (2 Thimothewu 3:1-5) Njengoba amaKristu eqiniso ephila nalolu hlolo lwabantu nsuku zonke, ahlale enengcindezi yokuzivumelanisa nale ndlela yokucabanga neyokuphila. Yini engasisiza ukuba simelane nemizamo yezwe ‘yokusilolonga sifane nalo’?—Roma 12:2, The New Testament in Modern English, kaJ. B. Phillips.
3. Yisiphi iseluleko sikaJesu esizosicabangela manje?
3 ‘NjengoMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu,’ uJesu Kristu wasifundisa izifundo ezinamandla ngale ndaba. (Hebheru 12:2) Ngesinye isikhathi lapho ekhuluma nesixuku esikhanyisela ngezinto ezithile ezingokomoya, umuntu othile wamngena emlonyeni wenza lesi sicelo: “Mfundisi, tshela umfowethu ahlukaniselane nami ifa.” Ephendula, uJesu wanikeza lo muntu—nabo bonke ababelalele—iseluleko esibaluleke ngempela. Wabanikeza isixwayiso esinamandla ngokuhaha futhi wasisekela ngomfanekiso osenza sicabange. Senza kahle uma sicabangisisa ngalokho uJesu akusho ngaleso sikhathi bese sibona indlela esingazuza ngayo ngokukusebenzisa ekuphileni kwethu.—Luka 12:13-21.
Isicelo Esingafaneleki
4. Kungani ukungena kwalo muntu uJesu emlonyeni kwakungafaneleki?
4 Ngaphambi kokuba lo muntu aphazamise, uJesu wayekhuluma nabafundi bakhe nabanye ngokuqapha ubuzenzisi, ngokuba nesibindi sokuvuma ukuba sebunyeni neNdodana yomuntu nangokuthola usizo lomoya ongcwele. (Luka 12:1-12) Ngokuqinisekile lezi yizindaba ezibalulekile abafundi okwakudingeka bazibheke ngokungathí sina. Nokho, phakathi naleyo nkulumo efuna umuntu azihlole, lo muntu wangenela kungalindelwe wacela uJesu ukuba ahlulele indaba eyayibonakala iyingxabano yomkhaya ngezinto ezibonakalayo. Noma kunjalo, kunesifundo esibalulekile esingasifunda kulesi senzakalo.
5. Isicelo salo muntu sasembulani ngaye?
5 Kuye kwathiwa “ubunjalo bomuntu buvame ukubonakaliswa yilokho akucabangayo lapho elalele iseluleko esiphathelene nokukholwa.” Njengoba uJesu ayekhuluma ngezindaba ezingokomoya ezingathí sina, cishe lo muntu wayecabanga ngalokho ayengakwenza ukuze azuze ngokwezimali. Ukuthi wayenesizathu esizwakalayo sokukhononda ngokuphathelene nalelo fa akushiwo. Mhlawumbe wayezama ukusizakala ngegunya likaJesu nangedumela lakhe njengomahluleli ohlakaniphile ezindabeni zabantu. (Isaya 11:3, 4; Mathewu 22:16) Kunoma yikuphi, umbuzo wakhe usikisela ukuthi enhliziyweni yakhe, wayentula kakhulu ukwazisa izinto ezingokomoya. Lokhu akusona yini isizathu esihle sokuba sizihlole? Ngokwesibonelo, emihlanganweni yobuKristu kulula ukuvumela ingqondo yethu izule noma icabange ngezinto esingazenza kamuva. Kunalokho, kufanele silalelisise okushiwoyo futhi sicabange ngezindlela zokusebenzisa lokho kwaziswa ukuze sithuthukise ubuhlobo bethu noBaba wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, nabafowethu abangamaKristu.—IHubo 22:22; Marku 4:24.
6. Kungani uJesu enqaba ukwenza ngokwesicelo salo muntu?
6 Kungakhathaliseki ukuthi yini eyashukumisela lo muntu ukuba enze leso sicelo, uJesu wenqaba ukwenza ngokwesicelo sakhe. Kunalokho, uJesu wathi kuye: “Ndoda, ubani ongimise umahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu?” (Luka 12:14) Ngokusho lokho, uJesu wayebhekisela kokuthile labo bantu ababekwazi kahle, ngoba ngokoMthetho KaMose, kwakumiswa abahluleli emizini ukuze benze izinqumo ezindabeni ezinjalo kanye. (Duteronomi 16:18-20; 21:15-17; Ruthe 4:1, 2) Ngakolunye uhlangothi, uJesu wayekhathazeke ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe—ukufakaza ngeqiniso loMbuso nokufundisa abantu intando kaNkulunkulu. (Johane 18:37) Kunokuba siphazanyiswe izinto zezwe, sisebenzisa isikhathi namandla ethu ukuze sishumayele izindaba ezinhle futhi ‘senze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi,’ njengoba kwenza uJesu.—Mathewu 24:14; 28:19.
Qaphela Ukuhaha
7. Yimaphi amazwi ashiwo uJesu abonisa ukuqonda okujulile?
7 Njengoba ayekwazi ukuqonda lokho okwakusekujuleni kwenhliziyo yomuntu, uJesu waqaphela ukuthi kwakunokuthile okungathí sina okwakuhilelekile esicelweni salo muntu sokuba angenele ezindabeni zabo. Ngakho esikhundleni sokumane asenqabe, uJesu waqonda khona kanye emnyombweni wendaba wathi: “Hlalani nivulé amehlo futhi niqaphe yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.
8. Kuyini ukuhaha, futhi kungaholelaphi?
8 Ukuhaha kungaphezu nje kokuba yisifiso sokuba nemali noma izinto ezithile ezingase zisetshenziswe kahle nangenjongo efanele. Kuyisifiso esingapheli sokuba nengcebo noma izinto noma sokuhalela izinto zomunye umuntu. Kungahlanganisa umuzwa ongapheli wobugovu wokuba nezinto—mhlawumbe ezingezomunye umuntu—hhayi ngoba uzidinga, kodwa ukuze nje ube nazo, futhi ungacabangi ngokuthi kuyobathinta kanjani abanye. Umuntu ohahayo uvumela ukuba into ayifisayo ibuse ukucabanga nezenzo zakhe, empeleni ize ibe unkulunkulu wakhe. Khumbula ukuthi umphostoli uPawulu uthi umuntu ohahayo uyafana nomuntu okhonza izithombe, ongenasabelo eMbusweni kaNkulunkulu.—Efesu 5:5; Kolose 3:5.
9. Umuntu angabonakala kanjani ukuthi uyahaha? Nikeza izibonelo ezimbalwa.
9 Kuyathakazelisa ukuthi uJesu waxwayisa ngazo ‘zonke izinhlobo zokuhaha.’ Ukuhaha kubonakala ngezindlela eziningi. Umyalo wokugcina weMiyalo Eyishumi wabalula ezinye zazo, lapho uthi: “Ungafisi indlu yomunye umuntu. Ungafisi umfazi womunye umuntu, noma isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe noma inkomo yakhe noma imbongolo yakhe nanoma yini engeyomunye umuntu.” (Eksodusi 20:17) IBhayibheli ligcwele izibonelo zabantu abaye bawela esonweni esingathí sina ngenxa yokuhaha kohlobo oluthile. USathane waba ngowokuqala ukuhahela into okwakungeyomunye umuntu—inkazimulo, udumo negunya okungokukaJehova kuphela. (IsAmbulo 4:11) U-Eva wahahela ilungelo lokuzinqumela, futhi ukukhohliswa kwakhe kule ndaba kwafaka uhlanga lwesintu esonweni nasekufeni. (Genesise 3:4-7) Amademoni ayizingelosi ezingazange zaneliswe “isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele” ngenxa yokuthile ezazingavunyelwe ukukwenza. (Jude 6; Genesise 6:2) Cabanga futhi ngoBhalami, u-Akhani, uGehazi noJuda Iskariyothe. Kunokuba baneliswe ababenakho, bavumela isifiso esingapheli sezinto ezibonakalayo ukuba sibenze basebenzise kabi izikhundla zabo, kwaholela encithakalweni nasekubhujisweni.
10. Kufanele ‘sihlale sivule amehlo’ ngayiphi indlela njengoba kweluleka uJesu?
10 Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba uJesu andulelise isixwayiso sakhe ngokuhaha ngamazwi athi “hlalani nivulé amehlo”! Ngani? Ngoba akuve kulula ngabantu ukubona omunye umuntu ukuthi uyahaha, kodwa akuvamile ukuba bavume ukuthi kwabona bayahaha. Noma kunjalo, umphostoli uPawulu uthi “uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Umfundi uJakobe uchaza ukuthi isifiso esibi, “lapho sesakhekile, sizala isono.” (Jakobe 1:15) Ngokuvumelana nesiyalo sikaJesu, kufanele ‘sihlale sivule amehlo,’ hhayi ngenjongo yokubona ukuthi abanye bayahaha noma cha, kodwa ukuze sizihlole thina ngokwethu sibone ukuthi izinhliziyo zethu sizigxilisephi, bese sikwazi ‘ukuqapha yonke inhlobo yokuhaha.’
Ukuphila Kokutamasa
11, 12. (a) Yisiphi isixwayiso uJesu asinikeza ngokuhaha? (b) Kungani kudingeka silalele isixwayiso sikaJesu?
11 Kunesinye futhi isizathu sokuqapha ukuhaha. Phawula lokho uJesu akusho ngokulandelayo: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Lawa amazwi okufanele sicabangisise ngawo ngempela kule nkathi yethu yokuthanda izinto ezibonakalayo, lapho abantu bethi ukuceba nokuchuma kuletha injabulo nempumelelo. Ngalawo mazwi, uJesu wayebonisa ukuthi ukuphila okunenjongo nokwanelisa ngempela akuveli futhi akuxhomekile ezintweni ezibonakalayo, kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani.
12 Nokho, abanye abantu bangase bangavumi. Bangase bathi izinto ezibonakalayo zenza ukuphila kube mnandi futhi kujabulise ngokwengeziwe, ngakho kuzuzisa kakhulu ukuba nazo. Yingakho bezinikela ekuphishekeleni izindlela zokuthola zonke izinto ezibonakalayo nezesimanje abazifisayo. Bacabanga ukuthi lokhu kuyokwenza ukuphila kwabo kube mnandi. Kodwa ngokucabanga kanjalo, balahlekelwa iphuzu likaJesu.
13. Yimuphi umbono olinganiselayo ngokuphila nezinto ezibonakalayo?
13 Esikhundleni sokugxila ephuzwini lokuthi kulungile noma akulungile yini ukuba nensada, uJesu wayeveza iphuzu lokuthi ukuphila komuntu akuveli “ezintweni anazo,” okungukuthi asenazo kakade. Kule ndaba, siyazi sonke ukuthi ukuze siphile, noma sisekele ukuphila kwethu, akudingeki izinto eziningi ngempela. Kudingeka nje okuncane esingakudla, okokugqoka nendawo yokulala. Abacebile banensada yalezi zinto, kanti abampofu kungase kudingeke batabalase ukuze bathole abakudingayo. Nokho, noma ikuphi ukungafani kwalaba bantu kuyaphela lapho befa—konke kuba ize. (UmShumayeli 9:5, 6) Ngakho, ukuze ukuphila komuntu kube nenjongo, akakwazi ukumane nje akhathazeke ngezinto angase azithole noma abe nazo futhi akufanele. Leli phuzu liba sobala lapho sicabangela uhlobo lokuphila uJesu ayekhuluma ngalo.
14. Singafundani egameni elisho “ukuphila” elitholakala kule ndaba yeBhayibheli?
14 Lapho uJesu ethi ‘ukuphila akuveli ezintweni umuntu anazo,’ igama alisebenzisa kwelithi “ukuphila” eVangelini likaLuka (ngesiGreki, zo·eʹ) alisho indlela yomuntu yokuphila, kodwa lisho ukuphila ngokwako ngomqondo ophelele.a UJesu wayethi kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma simpofu, kungakhathaliseki ukuthi siphila ngokunethezeka noma siyaciciyela, asinawo amandla okulawula ukuthi siyophila isikhathi eside kangakanani noma nje ngisho nokuthi siyobe sisaphila yini kusasa. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila?” (Mathewu 6:27) IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi nguJehova yedwa ‘ongumthombo wokuphila,’ futhi uyena kuphela onganikeza abathembekileyo “ukuphila kwangempela,” noma “ukuphila okuphakade,” ukuphila okungenasiphelo ezulwini noma emhlabeni.—IHubo 36:9; 1 Thimothewu 6:12, 19.
15. Kungani abaningi bethembela ezintweni ezibonakalayo?
15 Amazwi kaJesu aveza indlela okulula ngayo ngabantu ukuba nombono ohlanekezelwe noma osontekile ngokuphila. Kungakhathaliseki ukuthi bacebile noma bampofu, bonke abantu abaphelele futhi banesiphetho esisodwa. UMose wasendulo waphawula: “Ngokwazo, izinsuku zeminyaka yethu ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa; uma kungenxa yamandla akhethekile, ziyiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, nokho ukuphikelela kwazo kusezinkathazweni nasezintweni ezilimazayo; ngoba kumelwe kudlule masinyane, futhi sindize simuke.” (IHubo 90:10; Jobe 14:1, 2; 1 Petru 1:24) Ngenxa yalokhu, abantu abangazenzelanga ubuhlobo obuhle noNkulunkulu ngokuvamile baba nesimo sengqondo umphostoli uPawulu akhuluma ngaso sokuthi “masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:32) Bebona ukuthi ukuphila kuyashesha ukudlula futhi akuqinisekile, abanye bazama ukuthola ukulondeka ezintweni ezibonakalayo. Mhlawumbe banomuzwa wokuthi ukuba nezinto eziningi ezibonakalayo ngandlela-thile kuyokwenza ukuphila kulondeke kakhudlwana. Ngakho basebenza umshawushile ukuze baqongelele ingcebo nezimpahla, benza iphutha lokuhlobanisa lezi zinto nokulondeka nenjabulo.—IHubo 49:6, 11, 12.
Ikusasa Elilondekile
16. Ukuphila okunenjongo ngempela akusekelwe kuphi?
16 Kungenzeka ukuthi kuyiqiniso ukuthi izinga lokuphila elithe ukuphakama—ukuba nensada yokudla, izingubo, indawo yokuhlala nezinye izinto ezenza ukuphila kube lula—lingenza ukuphila kunethezeke kakhudlwana noma lingaze futhi lisenze sithole ukwelashwa okungconywana, ngaleyo ndlela sinezele iminyaka ethile ekuphileni kwethu. Nokho, ingabe ngempela impilo enjalo iyazuzisa futhi ilondeke ngokwengeziwe? Ukuphila okunenjongo ngempela akukalwa ngeminyaka umuntu angase ayiphile noma ngobuningi bezinto ezibonakalayo angase abe nazo noma azijabulele. Umphostoli uPawulu waveza ingozi yokuncika kakhulu ezintweni ezinjalo. Wabhalela uThimothewu: “Yala labo abacebile esimisweni samanje sezinto ukuba bangaqhoshi, futhi bangabeki ithemba labo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.”—1 Thimothewu 6:17.
17, 18. (a) Yiziphi izibonelo ezivelele ngokuphathelene nezinto ezibonakalayo okufanele sizilingise? (b) Yimuphi umzekeliso kaJesu ozocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
17 Ukubeka ithemba engcebweni akuhlakaniphile ngoba ‘ayiqinisekile.’ Inzalamizi uJobe yayimi kahle kakhulu, kodwa lapho kugadla inhlekelele kungazelelwe, ingcebo yayo ayikwazanga ukuyisiza; yashabalala ngokuphazima kweso. Ngubuhlobo obuqinile eyayinabo noNkulunkulu obayilondoloza kuzo zonke izinsizi nezinkathazo zayo. (Jobe 1:1, 3, 20-22) U-Abrahama akazange avumele ukuba kwakhe nensada yezinto ezibonakalayo kumvimbele ukuba amukele isabelo esivela kuJehova esasiyinselele, futhi wabusiswa ngokuba “uyise wesixuku sezizwe.” (Genesise 12:1, 4; 17:4-6) Kuyafaneleka ukuba silingise lezi zibonelo nezinye. Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, kudingeka sizihlole ukuze sibone ukuthi yini ebaluleke ngempela ekuphileni kwethu nokuthi ithemba lethu silibeke kuphi.—Efesu 5:10; Filipi 1:10.
18 Amazwi ambalwa uJesu awasho ngokuhaha nangombono ofanele ngokuphila abalulekile futhi aweve efundisa. Nokho, uJesu wayecabanga nangokunye futhi, ngakho waqhubeka walandisa umfanekiso noma umzekeliso owenza umuntu acabange ngempela, okhuluma ngomuntu ocebile owayengenangqondo. Lowo mfanekiso usebenza kanjani ekuphileni kwethu kwanamuhla, futhi singafundani kuwo? Isihloko esilandelayo sizoyiphendula le mibuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Elinye igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ukuphila” yilelo elithi biʹos, okuvela kulo amagama esiNgisi anjengelithi “biography” nelithi “biology.” Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words, elithi biʹos libhekisela “enkathini noma ebudeni bokuphila,” “indlela yokuphila” nalokho umuntu “aziphilisa ngakho.”
Ungaphendula Kanjani?
• Singafundani ekwenqabeni kukaJesu ukwenza ngokwesicelo somuntu othile owayesesixukwini?
• Kungani kumelwe siqaphe ukuhaha, futhi singakwenza kanjani lokho?
• Kungani ukuphila kungaveli ezintweni ezibonakalayo?
• Yini engenza ukuphila kube nenjongo futhi kulondeke ngempela?
[Isithombe ekhasini 23]
Kungani uJesu asenqaba isicelo somuntu othile?
[Isithombe ekhasini 23]
Ukuhaha kungaba nemiphumela ebuhlungu
[Isithombe ekhasini 25]
U-Abrahama wawubonisa kanjani umbono ofanele ngezinto ezibonakalayo?