U-Isaya
2 Umoya kaJehova uyohlala phezu kwakhe, *+
Umoya wokuhlakanipha + nowokuqonda,
Umoya weseluleko nowamandla, +
Umoya wolwazi nowokwesaba uJehova.
3 Uyojabula ngokwesaba uJehova. +
Ngeke ahlulele ngokwalokho akubona ngamehlo akhe,
Noma amane asole ngokwalokho akuzwa ngezindlebe. +
4 Uyokwahlulela abantu abahluphekile ngokulunga,*
Uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.
6 Impisi iyohlala* newundlu, *+
Ingwe ilale ndawonye nezinyane lembuzi,
Ithole nebhubesi* nesilwane esikhuluphele konke kuyoba ndawonye; *+
Nomfanyana uyokuhola.
7 Inkomo nebhere kuyodla ndawonye,
Amankonyane ako alale ndawonye.
Ibhubesi liyodla utshani njengenkunzi. +
8 Umntwana oncelayo uyodlala phezu komgodi wemfezi,
Ingane eyekiswe ibele iyofaka isandla sayo emgodini wenyoka enobuthi.
Noma kubangele umonakalo kuyo yonke intaba yami engcwele, +
Ngoba nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehova
Njengamanzi egcwalisa ulwandle. +
10 Ngalolo suku impande kaJese + iyoma njengesibonakaliso* ezizweni. +
11 Ngalolo suku uJehova uyophinda elule isandla sakhe, okwesibili, ukuze alande abantu bakhe abasele e-Asiriya, + eGibhithe, + ePhatirosi, + eKushe, + e-Elamu, + eShinari,* eHamati naseziqhingini zolwandle. + 12 Uyophakamisela izizwe isibonakaliso* futhi aqoqe abahlakazekile bakwa-Israyeli, + uyobaqoqela ndawonye abahlakazekile bakwaJuda bevela emagumbini amane omhlaba. +
U-Efrayimi ngeke abe nomona ngoJuda,
NoJuda ngeke abonise ubutha ku-Efrayimi. +
14 Bayohlasela izindawo ezehlelayo* zamaFilisti ngasentshonalanga;
Ndawonye bayophanga abantu baseMpumalanga.
Ngomoya wakhe oshisayo uyoshaya imifudlana yawo eyisikhombisa,
Uyobangela abantu ukuba bawele ngezimbadada zabo.