Ukuphila Nenkonzo KaJesu
Isidingo Somthandazo Nokuthobeka
NGAPHAMBILI, ngenkathi eseJudiya, uJesu walandisa umfanekiso ngokubaluleka kokuphikelela ekuthandazeni. Manje, ohambweni lwakhe lokugcina lokuya eJerusalema, uyaphinda ugcizelela isidingo sokungakuyeki ukuthandaza. UJesu ngokunokwenzeka useseSamariya noma eGalile lapho elandisa abafundi bakhe ngalomfanekiso oqhubekayo:
“Kwakukhona emzini othile umahluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, enganaki-muntu. Kulowomuzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu efika kuye, ethi: Ngizwele esitheni sami. Kwaba-yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki-muntu, nokho-ke ngokuba lomfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.”
Khona-ke uJesu ubonisa indlela indaba yakhe esebenza ngayo, ethi: “Yizwani okushiwo ngumahluleli ongalungile. UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?”
UJesu akaqondile ukusho ukuthi uJehova uNkulunkulu ngandlela-thile ufana nalowomahluleli ongalungile. Kunalokho, uma ngisho nomahluleli ongalungile engasabela ezicelweni eziphikelelayo, kufanele kungabikho kungabaza ngokuthi uNkulunkulu, olunge ngokuphelele nomuhle, uyophendula uma abantu bakhe bengakuyeki ukuthandaza. Ngakho uJesu uyaqhubeka uthi: “Ngithi kini: [uNkulunkulu] uzakubezwela masinyane.”
Ukulunga ngokuvamile akwenziwa kwabaphansi nabampofu, kanti ngokuvamile kwabanamandla nabacebile kuyenziwa. Nokho, uNkulunkulu ngeke aqikelele nje kuphela ukuthi ababi bajeziswa ngokulunga kodwa uyoqiniseka nangokuthi izinceku zakhe ziphathwa ngokulunga ngokuzinikeza ukuphila okuphakade. Kodwa bangaki abantu abakukholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu uyobangela ukuba ukulunga kwenziwe ngokushesha?
Ebhekisela ngokukhethekile okholweni oluhlobene namandla omthandazo, uJesu uyabuza: “Nxa ifika iNdodana yomuntu, imbala iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?” Nakuba lombuzo ushiywa ungaphenduliwe, okushiwo kungase kube ukuthi ukholo olunjalo luyobe lungavamile lapho uKristu efika emandleni oMbuso. Nokho, asinakuphetha ngokuthi luyobe lungekho. Ingabe uyolubonakalisa?
Phakathi kwalabo abalalele uJesu kunabathile abazizwa beqiniseke ngempela ngokholo lwabo. Bayazethemba ukuthi balungile, futhi babukela abanye phansi. Laba bangase bahlanganise ngisho nabanye babafundi bakaJesu. Ngakho ubhekisa lomfanekiso olandelayo kwabanjalo:
“Abantu ababili benyukela ethempelini beya kukhuleka, omunye engumFarisi, omunye engumthelisi. UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu: izigcwelegcwele, abangalungile, iziphingi, nanjengalomthelisi. Ngizila ukudla kabili ngeviki, nginikela okweshumi kukho konke enginakho.”
AbaFarisi bayaziwa ngokubonisa ukulunga kwabo obala ukuze bahlabe abanye umxhwele. Izinsuku ezivamile zokuzila ukudla abazimisele zona zingoMsombuluko nangoLwesine, futhi bakukhokha ngokwethembeka okweshumi ngisho nokwezithombo ezincane zensimu. Ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, ukweyisa kwabo abantu abavamile kwabonakala phakathi noMkhosi wamaDokodo lapho bethi: “Lesisixuku esingawazi umthetho [okungukuthi, indlela abaFarisi abawuchaza ngayo] siqalekisiwe.”
Eqhubeka nomfanekiso wakhe, uJesu ulandisa ngomuntu onjalo ‘oqalekisiwe’: “Kepha umthelisi emi kude wayengafuni nakuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa washaya isifuba sakhe, ethi: Nkulunkulu, ngihawukele mina-soni.” Ngenxa yokuthi umthelisi wawavuma ngokuzithoba amaphutha akhe, uJesu uthi: “Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”
Kanjalo uJesu uyaphinda ugcizelela isidingo sokuthobeka. Njengoba bekhulele emphakathini lapho abaFarisi abazishaya abalungile benethonya elikhulu khona nalapho isikhundla nesigaba kuyizinto ezigcizelelwa njalo, akumangalisi ukuthi ngisho nabafundi bakaJesu bayathinteka. Nokho, yeka izifundo ezinhle zokuthobeka ezifundiswa uJesu! Luka 18:1-14; Johane 7:49.
◆ Kungani umahluleli ongalungile esemukela isicelo somfelokazi, futhi isiphi isifundo esifundiswa yilomfanekiso kaJesu?
◆ Yiluphi ukholo oluyobhekwa uJesu lapho efika?
◆ UJesu uwubhekisa kobani umfanekiso wakhe ophathelene nomFarisi nomthelisi?
◆ Yisiphi isimo sengqondo sabaFarisi okufanele sigwenywe?