Isibonakaliso—Asiwona Umlando Nje Wesikhathi Esidlule
EJERUSALEMA, eMpumalanga Ephakathi, kunesiza esingokomlando esithakazelisayo esidonsa ukunakekela kwabantu abacabangayo namuhla. Indawo ephakeme lapho kwakwakhiwe khona “ithempeli lomcebo omkhulu,” ngokwamazwi esazi-mlando esingumRoma sekhulu lokuqala leminyaka uTacitus. Ayikho imvuthu yezakhiwo zethempeli esele, kodwa indawo yesikhulumi isekhona. Inikeza ubufakazi bokuba iqiniso kwesibonakaliso esingokwesiprofetho esikuthintayo.
Abavubukuli baye bathola okuningi ngaseningizimu yendawo yesikhulumi yethempeli. “Okunye okwatholwa okuthakazelisa kakhulu,” kusho uJ. A. Thompson kwethi The Bible and Archaeology, “kwakungamatshe amakhulu abaziwe awuhlobo olwalusetshenziswa ngesikhathi sikaHerode aqheshulwa phezu kodonga lweThempeli ngesikhathi sokubhujiswa kweJerusalema ngoA.D. 70.”
Ukubhujiswa kweJerusalema nethempeli lalo kwakubikezelwe eminyakeni engama-37 ngaphambi kokuba kwenzeke. Izazi-mlando ezintathu zabhala amazwi kaJesu Kristu athi ‘akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.’ (Luka 21:6; Mathewu 24:1, 2; Marku 13:1, 2) Kwalandela ingxoxo ethinta wonke umuntu namuhla, kuhlanganise nawe.
“Mfundisi,” abafundi bakhe bambuza, “nesibonakaliso siyakuba-yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?” NgokukaJesu, inkathi eholela ekubhujisweni kwethempeli yayiyophawulwa ngezimpi, ukuzamazama komhlaba, ukuntuleka kokudla, nemiqedazwe yezifo. “Lesisizukulwane,” enezela, “asiyikudlula, kungakenzeki konke.”—Luka 21:7, 10, 11, 32.
Ingabe lesosizukulwane sakubona ukugcwaIiseka ‘kwesibonakaliso’? Yebo. IBhayibheli libhekisela’endlaleni enzima’ kanye nasekuzamazameni komhlaba okuthathu, okubili kwakho ‘kuwukuzamazama komhlaba okukhulu.’ (IzEnzo 11:28; 16:26; Mathewu 27:51; 28:1, 2) Ngokomlando wezwe, okunye ukuzamazama komhlaba nokuntuleka kokudla kwenzeka phakathi naleyonkathi. Futhi kwakuyinkathi yezimpi, ezimbili zazo zalwiwa amabutho amaRoma ngokumelene nezakhamuzi zaseJerusalema. Ukuvinjezelwa kwesibili kweJerusalema kwaphumela endlaleni nasemiqedazweni yezifo emibi, okwaholela ekubhujisweni kwalowomuzi nethempeli lawo ngonyaka ka-70 C.E. Indawo eJerusalema lapho ithempeli lalikhona, injengofakazi oyisimungulu walezozenzakalo ezimbi zekhulu lokuqala leminyaka.
‘Kuyathakazelisa,’ omunye angase asho, ‘kodwa kungithinta kanjani?’ Ngokuthi isibonakaliso asiwona umlando nje wesikhathi esidlule. Ekhulwini lokuqala leminyaka sagcwaliseka ngokwengxenye kuphela. Ngokwesibonelo, uJesu wabikezela futhi ngesikhathi lapho isintu sasiyoba nokwesaba okukhulu ngenxa ‘yezibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini nangokuduma kolwandle.’ Lesici sesibonakaliso sasiyophawula ukuba seduze ‘kombuso kaNkulunkulu’—uhulumeni oyoletha ukukhululeka okuhlala njalo ezinkathazweni zezwe.—Luka 21:25-31.
Izinto ezinjalo azenzekanga ekhulwini lokuqala leminyaka. Namuhla, eminyakeni eyi-1 900 kamuva, isintu sisalindele ukukhululwa ezimpini, ekuzamazameni komhlaba, ekuntulekeni kokudla, nasemiqedazweni yezifo. Khona-ke, isibonakaliso kumelwe sibe nokugcwaliseka kwesibili okugcwele. Iqinisekisa lokhu, incwadi yesAmbulo iqukethe imibono engokwesiprofetho ehambisana nesibonakaliso, kodwa eyabhalwa ngemva kokubhujiswa kweJerusalema. (IsAmbulo 6:1-8) Ngakho-ke, kuphakama umbuzo obalulekile: Ingabe isibonakaliso siye sabonwa osukwini lwethu?