Abantu BakaNkulunkulu Kumelwe Bathande Umusa
“Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”—MIKA 6:8.
1, 2. (a) Kungani kungafanele kusimangaze ukuthi uJehova ulindele ukuba abantu bakhe babonise umusa? (b) Imiphi imibuzo okufanele siyihlole mayelana nomusa?
UJEHOVA unguNkulunkulu womusa. (Roma 2:4; 11:22) Yeka indlela okumelwe ukuba umbhangqwana wokuqala, u-Adamu no-Eva, wawukwazisa ngayo lokho! Ensimini yase-Edene, babezungezwe indalo ebonakalayo eyayiwubufakazi bomusa kaNkulunkulu kubantu, ababekwazi ukuyijabulela. Futhi uNkulunkulu uyaqhubeka enomusa kuwo wonke umuntu, ngisho nakubantu abangabongi nababi.
2 Njengoba benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, abantu bangabonisa izimfanelo zikaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Akumangalisi ukuthi uJehova ulindele ukuba sibonise umusa. Njengoba kusho uMika 6:8, abantu bakaNkulunkulu kumelwe ‘bawuthande umusa.’ Kodwa uyini umusa? Uhlobene kanjani nezinye izimfanelo zikaNkulunkulu? Njengoba abantu bekwazi ukubonisa umusa, kungani izwe linonya nokhahlo kangaka? Kungani thina maKristu kufanele sizame ukuphatha abanye ngomusa?
Uyini Umusa?
3. Ungawuchaza kanjani umusa?
3 Umusa uboniswa ngokuba nesithakazelo esihambisana nezenzo enhlalakahleni yabanye. Uboniswa ngezenzo zokusiza nangamazwi okucabangela. Ukuba nomusa kusho ukwenza okuhle, kunokwenza okulimazayo. Umuntu onomusa unobungane, umnene, unozwela. Unesimo sengqondo sobubele nesokucabangela abanye. Umphostoli uPawulu wayala amaKristu: “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.” (Kolose 3:12) Ngakho, umusa uyingxenye yezembatho ezingokomfanekiso zawo wonke amaKristu eqiniso.
4. UJehova uye wahola kanjani ekuboniseni isintu umusa?
4 UJehova uNkulunkulu uye wahola ekuboniseni umusa. Njengoba kwasho uPawulu, ‘kwakulapho kubonakaliswa umusa nothando uMsindisi wethu, uNkulunkulu, analo ngomuntu’ lapho “asisindisa ngokugeza okwasiletha ekuphileni nangokusenza basha ngomoya ongcwele.” (Thithu 3:4, 5) UNkulunkulu ‘ugeza,’ noma uhlanza, amaKristu agcotshiwe egazini likaJesu, esebenzisa kuwo izinzuzo zomhlatshelo kaKristu wesihlengo. Futhi enziwa masha ngomoya ongcwele, abe “yindalo entsha” njengamadodana kaNkulunkulu azelwe ngomoya. (2 Korinte 5:17) Ngaphezu kwalokho, umusa nothando lukaNkulunkulu kufinyelela ‘nesixuku esikhulu,’ esiye ‘sahlanza izembatho zaso zaba mhlophe egazini leWundlu.’—IsAmbulo 7:9, 14; 1 Johane 2:1, 2.
5. Kungani labo abaholwa umoya kaNkulunkulu kufanele babonise umusa?
5 Umusa futhi ungesinye sezithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu, noma amandla akhe asebenzayo. UPawulu wathi: “Izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba. Akukho mthetho omelene nezinto ezinjalo.” (Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, akufanele yini labo abaholwa umoya kaNkulunkulu babonise abanye umusa?
Umusa Wangempela Awubona Ubuthakathaka
6. Kunini lapho umusa uwubuthakathaka khona, futhi ngani?
6 Abanye abantu babheka umusa njengobuthakathaka. Banomuzwa wokuthi umuntu kumelwe abe lukhuni, kokunye aze achwense, ukuze abanye babone ukuthi unesibindi. Nokho, eqinisweni kudinga isibindi sangempela ukugwema ukubonisa umusa oyiphutha ubonise umusa wangempela. Njengoba umusa wangempela ungesinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu, awunakuba isimo sengqondo sokungabi nandaba nokuziphatha okungalungile nokukushalazela. Ngakolunye uhlangothi, umusa oyiphutha uwubuthakathaka obenza umuntu ashalazele ukona.
7. (a) U-Eli wadebesela kanjani? (b) Kungani kumelwe abadala baqaphele ukuba bangabonisi umusa oyiphutha?
7 Ngokwesibonelo, cabanga ngompristi ophakeme wakwa-Israyeli, u-Eli. Wayekudebeselela ukuyala amadodana akhe, uHofini noFinehasi, ayengabapristi etabernakele. Enganelisekile ngengxenye yomhlatshelo ayeyabelwe ngokoMthetho kaNkulunkulu, atshela isikhonzi ukuba sifune inyama engaphekiwe kumuntu ozonikela ngaphambi kokuba kuthunqiswe amanoni alowo mnikelo e-altare. Amadodana ka-Eli ayelala nanabesifazane ababekhonza emnyango wetabernakele. Nokho, kunokuba awaxoshe kule misebenzi, u-Eli wamane wawakhuza ngomoya ophansi. (1 Samuweli 2:12-29) Akumangalisi ukuthi “izwi elivela kuJehova laliyivelakancane ngalezo zinsuku”! (1 Samuweli 3:1) Abadala abangamaKristu kumelwe baqaphele ukuba bangabonisi umusa oyiphutha kubenzi bokubi abangase bafake ingokomoya lebandla engozini. Umusa wangempela awuwashalazeli amazwi nezenzo ezimbi eziphambene nezindinganiso zikaNkulunkulu.
8. UJesu wawubonisa kanjani umusa wangempela?
8 UJesu Kristu, iSibonelo sethu, wayengalokothi abonise umusa oyiphutha. Wayeyisibonelo esizidlula zonke ekuboniseni umusa wangempela. Ngokwesibonelo, wahawukela abantu ngoba ‘babephundlekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ Abantu abanhliziyo-ziqotho babezizwa bekhululekile ukuza kuJesu, baze balethe nabantwana babo abancane kuye. Cabanga umusa nesihawu akubonisa lapho ‘ebasingatha abantwana ebabusisa, ebabeka izandla.’ (Mathewu 9:36; Marku 10:13-16) Nakuba uJesu ayenomusa, wayengayekethisi kokulungile phambi kukaYise wasezulwini. UJesu akazange abushalazele ububi; wayenesibindi ayesinikwe nguNkulunkulu sokulahla abaholi benkolo ababengabazenzisi. Njengoba kubonakala kuMathewu 23:13-26, wawaphinda kaningana la mazwi: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi!”
Umusa Nezinye Izimfanelo Zokuhlonipha UNkulunkulu
9. Umusa uhlobene kanjani nokubekezela nobuhle?
9 Umusa uhlobene nezinye izimfanelo ezivezwa umoya kaNkulunkulu. Ubekwe phakathi ‘kokubekezela’ ‘nobuhle.’ Ngempela, umuntu ohlakulela umusa ubonisa leyo mfanelo ngokuba obekezelayo. Uba nesineke ngisho nakubantu abangenamusa. Umusa uhlobene nobuhle ngokuthi ngokuvamile uboniswa ngezenzo eziwusizo ezizuzisa abanye. Ngezinye izikhathi, igama lesiGreki elisetshenziswe eBhayibhelini elisho “umusa” lingahunyushwa ngokuthi “ubuhle.” Ukubonisana kwamaKristu okuqala le mfanelo kwamangaza amaqaba kangangokuthi, ngokusho kukaTertullian, abiza labo balandeli bakaJesu ngokuthi ‘abantu abenziwe ngomusa.’
10. Umusa nothando kuhlobene kanjani?
10 Umusa uhlobene nothando. Mayelana nabalandeli bakhe, uJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Futhi ekhuluma ngalolu thando, uPawulu wathi: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa.” (1 Korinte 13:4) Umusa futhi uhlobene nothando egameni elithi “umusa wothando,” elivamile ukusetshenziswa emiBhalweni. Lona umusa osuka othandweni oluqotho. Ibizo lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “umusa wothando” lihlanganisa okungaphezu kokuthanda. Lisho umusa onamathela ngothando entweni kuze kube yilapho injongo yawo isifezekile. Umusa wothando kaJehova, noma uthando lwakhe oluqotho, uboniswa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ubonakala ngezenzo zakhe zokusindisa abantu nokubavikela.—IHubo 6:4; 40:11; 143:12.
11. Umusa wothando kaNkulunkulu usinika siphi isiqinisekiso?
11 Umusa wothando kaJehova udonsela abantu kuye. (Jeremiya 31:3) Lapho izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zidinga ukusindiswa noma ukusizwa, ziyazi ukuthi umusa wakhe wothando uwuthando oluqotho ngempela. Ngeke ziphoxeke. Ngakho, zingathandaza ngokholo, njengoba kwenza umhubi owathi: “Kepha mina, ngithembelé emseni wakho wothando; inhliziyo yami mayijabule ngensindiso yakho.” (IHubo 13:5) Njengoba uthando lukaNkulunkulu luqotho, izinceku zakhe zingathembela ngokuphelele kuye. Zinalesi siqinisekiso: “UJehova ngeke abashiye abantu bakhe, noma ashiye ifa lakhe.”—IHubo 94:14.
Kungani Izwe Linonya Kangaka?
12. Ukubusa okucindezelayo kwaqala nini futhi kanjani?
12 Impendulo yalo mbuzo ihlobene nalokho okwenzeka ensimini yase-Edene. Ngasekuqaleni komlando wesintu, isidalwa somoya esase sinobugovu nokuzazisa sakha icebo lokuba sibe umbusi wezwe. Ngenxa yecebo laso, ngempela saba “umbusi waleli zwe,” ongumcindezeli omkhulu. (Johane 12:31) Sabizwa ngokuthi uSathane uDeveli, umphikisi omkhulu kaNkulunkulu nabantu. (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) Icebo laso lobugovu lokwakha ukubusa okubangisa ukubusa kukaJehova okunomusa ladaluleka ngemva nje kokuba kudalwe u-Eva. Ngakho, ukubusa okubi kwaqala lapho u-Adamu ekhetha inkambo yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu, ewulahla ngokuphelele umusa waKhe. (Genesise 3:1-6) Kunokuba bazibuse ngempela, empeleni u-Adamu no-Eva babuswa uDeveli ngobugovu nangokuqhosha.
13-15. (a) Yaba yini eminye yemiphumela yokulahla ukubusa okulungile kukaJehova? (b) Kungani leli zwe linokhahlo kangaka?
13 Cabanga ngeminye yemiphumela. U-Adamu no-Eva baxoshwa engxenyeni yomhlaba eyayiyipharadesi. Basuka endaweni enothile eyayinemifino nezithelo ezinempilo ezitholakala kalula bayophila kanzima ngaphandle kwensimu yase-Edene. UNkulunkulu wathi ku-Adamu: “Ngenxa yokuthi ulalelé izwi lomkakho wadla emthini engakuyala ngawo ngathi, ‘Ungadli kuwo,’ uqalekisiwe umhlabathi ngenxa yakho. Uzodla umkhiqizo wawo ngobuhlungu zonke izinsuku zokuphila kwakho. Uzokuvezela ameva namakhakhasi.” Ukuqalekiswa komhlabathi kwasho ukuthi kwase kuzoba nzima kakhulu manje ukuwulima. Imiphumela yokuqalekiswa komhlabathi, owawunameva namakhakhasi, yezwakala kakhulu ezizukulwaneni zika-Adamu kangangokuthi uyise kaNowa, uLameka, wakhuluma ‘ngobuhlungu bezandla zabo ngenxa yomhlabathi uJehova ayewuqalekisile.’—Genesise 3:17-19; 5:29.
14 U-Adamu no-Eva futhi balahla ukuthula, bazilandela usizi. UNkulunkulu wathi ku-Eva: “Ngizobandisa kakhulu ubuhlungu bokukhulelwa kwakho; uyozala abantwana ngemihelo, futhi uzonxanela umyeni wakho, yena uzokubusa.” Kamuva, uKhayini, izibulo lika-Adamu no-Eva, wenza isenzo sonya sokubulala umfowabo u-Abela.—Genesise 3:16; 4:8.
15 Umphostoli uJohane wathi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Njengombusi walo, izwe namuhla libonisa izimfanelo ezimbi ezihlanganisa ubugovu nokuqhosha. Ligcwele ukhahlo nonya, okuyinto engasimangazi! Kodwa ngeke lihlale linjalo unomphela. UJehova uzoqiniseka ukuthi eMbusweni wakhe kubusa umusa nesihawu, hhayi ukhahlo nonya.
Ngaphansi KoMbuso KaNkulunkulu Kuyobusa Umusa
16. Kungani ukubusa kukaNkulunkulu ngoKristu Jesu kuyoba nomusa, futhi lokhu kusenza sibe nesibopho sokwenzani?
16 UJehova neNkosi emisiwe yoMbuso wakhe, enguKristu Jesu, bafuna ukuba izikhonzi zabo zaziwe ngokuba nomusa. (Mika 6:8) UJesu Kristu wasinika amazwibela ezinga umusa oyovama ngalo ekubuseni akuphathiswe uYise. (Hebheru 1:3) Lokhu kungabonakala emazwini kaJesu adalula abaholi benkolo bamanga, ababecindezela abantu ngemithwalo enzima. Wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:28-30) Ababusi abaningi balo mhlaba, benkolo nabanye, bakhahlameza abantu ngemithwalo enzima ewuhide lwemithetho nemisebenzi abangabongwa ngayo. Nokho, lokho uJesu akufuna kubalandeli bakhe kufanelana nezidingo namandla abo. Yijoka eliqabulayo nelomusa ngempela! Asishukumiseleki yini ukuba sibe njengaye ekuboniseni abanye umusa?—Johane 13:15.
17, 18. Kungani singaba nethemba lokuthi labo ababusa noKristu ezulwini nalabo abangamanxusa akhe asemhlabeni bayobonisa umusa?
17 Amazwi kaJesu aphawulekayo kubaphostoli bakhe aqokomisa indlela ukubusa koMbuso kaNkulunkulu okuhluke ngokuphawuleka ngayo ekubuseni kwabantu. IBhayibheli lithi: “Kwavela futhi impikiswano evuthayo phakathi kwabo [abafundi] ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke. Kodwa wathi kubo: ‘Amakhosi ezizwe azenza izingqongqo phezu kwazo, futhi labo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi aBenzi Bokuhle. Nokho, nina akumelwe nibe njalo. Kodwa omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke, osebenza njengenduna abe njengokhonzayo. Ngoba yimuphi omkhulu, yilowo ohlezi etafuleni noma yilowo okhonzayo? Ingabe akuyena ohlezi etafuleni? Kodwa mina ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo.’”—Luka 22:24-27.
18 Ababusi abangabantu bazama ukubonisa ukuthi bakhulu ‘ngokuzenza izingqongqo’ phezu kwabantu nangokufuna amagama ayiziqu ezinkulu, njengokungathi amagama anjalo abenza babe ngcono kunalabo abababusayo. Kodwa uJesu wathi ubukhulu bangempela butholakala ngokukhonza abanye—ukuzama ngenkuthalo nangokuphikelela ukukhonza. Bonke abayobusa noKristu ezulwini noma abakhonza njengamanxusa akhe emhlabeni kumelwe balwele ukulandela isibonelo sakhe sokuthobeka nokuba nomusa.
19, 20. (a) UJesu walibonisa kanjani izinga lomusa kaJehova? (b) Singamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni umusa?
19 Ake sibheke esinye iseluleko sothando uJesu asinikeza. Ebonisa izinga lomusa kaJehova, uJesu wathi: “Uma nithanda labo abanithandayo, kunanzuzoni kini? Ngoba ngisho nezoni zithanda abazithandayo. Uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ngempela kunanzuzoni kini? Ngisho nezoni zenza okufanayo. Uma nibaboleka ngaphandle kwenzalo labo eninethemba lokwamukela kubo, kunanzuzoni kini? Ngisho nezoni ziziboleka ngaphandle kwenzalo izoni ukuze ziphinde zithole okungako. Kunalokho, qhubekani nithanda izitha zenu futhi nenza okuhle, nibolekisa ngaphandle kwenzalo, ningathembi ukubuyiselwa utho; umvuzo wenu uyoba mkhulu, futhi niyoba amadodana oPhezukonke, ngoba yena unomusa kwabangabongiyo nababi. Qhubekani niba nesihe, njengoba nje noYihlo enesihe.”—Luka 6:32-36.
20 Umusa ofuze okaNkulunkulu awuzifuneli okwawo. Awufuni nkokhelo futhi awulindeli kubuyiselwa. Ngomusa uJehova ‘wenza ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi enze imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.’ (Mathewu 5:43-45; IzEnzo 14:16, 17) Silingisa uBaba wethu osezulwini, asigcini ngokugwema ukubalimaza abangabongi kodwa sibenzela okuhle, ngisho nalabo abaye baziphatha njengezitha zethu. Ngokubonisa umusa, sibonisa uJehova noJesu ukuthi sifisa ukuphila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, lapho umusa nezinye izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu kuyovama kubo bonke ubuhlobo babantu.
Kungani Kufanele Sibonise Umusa?
21, 22. Kungani kufanele sibonise umusa?
21 KumKristu weqiniso, ukubonisa umusa kubaluleke ngokukhethekile. Kuwubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu uyasebenza kithi. Ngaphezu kwalokho, lapho sibonisa umusa wangempela, silingisa uJehova uNkulunkulu noKristu Jesu. Umusa futhi uyimfuneko kulabo abayoba izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. Ngakho-ke, kumelwe siwuthande umusa futhi sifunde ukuwubonisa.
22 Iziphi ezinye zezindlela ezingokoqobo esingawubonisa ngazo umusa ekuphileni kwethu kwansuku zonke? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokho.
Ungaphendula Kanjani?
• Uyini umusa?
• Kungani izwe linonya nokhahlo?
• Sazi kanjani ukuthi ekubuseni kukaNkulunkulu kuyovama umusa?
• Kungani ukubonisa umusa kubalulekile kulabo abafisa ukuphila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 13]
Abadala abangamaKristu bazama ngokuzimisela ukuphatha umhlambi ngomusa
[Isithombe ekhasini 15]
Umusa wothando kaJehova ngeke uzidumaze izinceku zakhe ezikhathini ezinzima
[Izithombe ekhasini 16]
Ngomusa uJehova uvumela ilanga nemvula kutholwe yibo bonke abantu