Isahluko 1
Ungaba Nalo Ikusasa Elijabulisayo!
1, 2. Yini uMdali wakho afuna ube nayo?
UKWANGIWA ngokufudumele othile omthandayo. Ukuhleka kuze kuvele elomhlathi ngenkathi kudliwa kamnandi nabangane abathandekayo. Injabulo yokubuka abantabakho bedlala bejabule. Izikhathi ezinjengalezi ziyizikhathi ezijabulisayo ekuphileni. Nokho, kwabaningi ukuphila kubonakala kuletha izinkinga ezingathi sína zilandelana. Uma isimo sakho siye saba njalo, yima isibindi.
2 Intando kaNkulunkulu iwukuba ube nenjabulo ehlala njalo ngaphansi kwezimo ezingcono kakhulu endaweni enhle kakhulu. Lokhu akulona nje iphupho, ngoba eqinisweni uNkulunkulu ukunikeza isihluthulelo sekusasa elinjalo elijabulisayo. Leso sihluthulelo ulwazi.
3. Yiluphi ulwazi oluyisihluthulelo senjabulo, futhi kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu angalunikeza lololwazi?
3 Sikhuluma ngohlobo olukhethekile lolwazi olukudlula kude ukuhlakanipha komuntu. ‘Luwulwazi ngoNkulunkulu.’ (IzAga 2:5) Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, umlobi weBhayibheli wathi: “Yileyo naleyondlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Heberu 3:4) Cabanga ngolwazi okumelwe ukuba uMenzi wazo zonke izinto unalo! IBhayibheli lithi uNkulunkulu ubala zonke izinkanyezi futhi aziqambe amagama. Yeka ukuthi kushaqisa kanjani ukucabanga ngakho, njengoba kunamakhulu ezinkulungwane zezigidi zezinkanyezi emthaleni wethu, futhi izazi zezinkanyezi zithi kuneminye imithala engaba izigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu! (IHubo 147:4) Futhi uNkulunkulu wazi konke ngathi, ngakho ubani omunye obenganikeza izimpendulo ezingcono zemibuzo ebalulekile yokuphila?—Mathewu 10:30.
4. Kungani kufanele silindele ukuba uNkulunkulu anikeze iziyalezo zokusiqondisa, futhi iyiphi incwadi ehlangabezana nalesi sidingo?
4 Ake ubheke ngeso lengqondo amadoda amabili ezama ukulungisa izimoto zawo. Ikhungathekile, enye yalamadoda ilahla phansi amathuluzi ayo. Enye ngokungaphamazeli ilungisa inkinga, ishaya ukhiye, bese iyamomotheka njengoba injini iduma kahle. Ubungeke ube nenkinga yokuqagela ukuthi iyiphi kulamadoda amabili ebinencwadi yeziyalezo ebhalwe umklami walemoto. Ingabe akunangqondo ukuthi uNkulunkulu ubeyonikeza iziyalezo ukuze asiqondise ekuphileni? Njengoba kungenzeka uyazi, iBhayibheli lithi liyilokho kanye—incwadi yeziyalezo nesiqondiso evela kuMdali wethu, eklanyelwe ukunikeza ulwazi ngoNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:16.
5. Lubaluleke kangakanani ulwazi oluqukethwe iBhayibheli?
5 Uma lokho okushiwo iBhayibheli kuyiqiniso, ake ucabange ngamagugu olwazi okumelwe ukuba leyoncwadi inawo! KuzAga 2:1-5, lisinxusa ukuba sifune ukuhlakanipha, simbe ngendlela ebesingenza ngayo uma sifuna amagugu afihliweyo—hhayi emhlabathini wokucabanga kwabantu, kodwa eZwini likaNkulunkulu uqobo. Uma sifunisisa lapho, ‘siyothola ulwazi ngoNkulunkulu.’ Njengoba uNkulunkulu eqonda ukulinganiselwa nezidingo zethu, usinikeza imfundo ezosisiza ukuba siphile ukuphila okunokuthula, nokujabulisayo. (IHubo 103:14; Isaya 48:17) Ngaphezu kwalokho, ulwazi ngoNkulunkulu lusinikeza izindaba ezinhle ezijabulisayo.
UKUPHILA OKUMI PHAKADE!
6. Yisiphi isiqinisekiso uJesu Kristu asinikeza ngokuqondene nolwazi ngoNkulunkulu?
6 Umuntu owaziwa kakhulu emlandweni uJesu Kristu wachaza lesi sici solwazi ngoNkulunkulu ngokucacile. Wathi: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Cabanga nje—ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade!
7. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uNkulunkulu wayengahlosile ukuba sife?
7 Ungasheshi uchilize umqondo wokuphila okumi phakade uthi kumane nje kuyiphupho. Kunalokho, ake ubheke indlela umzimba womuntu owenziwe ngayo. Uklanywe ngokuhlakanipha ukuba unambithe, uzwe, uhogele, ubone, futhi ube nemizwa. Kunokuningi kakhulu emhlabeni okujabulisa izinzwa zethu—ukudla okumnandi, umculo omnandi wezinyoni, izimbali ezinamakha, indawo enhle, ubungane obujabulisayo! Futhi ubuchopho bethu obumangalisayo buyidlula kude i-computer enkulu enamandla kakhulu, ngoba busenza sikwazi ukuqaphela futhi sijabulele zonke izinto ezinjalo. Ingabe ucabanga ukuthi uMdali wethu ufuna sife bese silahlekelwa yikho konke lokhu? Bekungeke yini kube nengqondo kakhudlwana ukuphetha ngokuthi ufuna siphile ngenjabulo futhi sijabulele ukuphila phakade? Yilokho-ke ulwazi ngoNkulunkulu olungase lukusho ngawe.
UKUPHILA EPHARADESI
8. Lithini iBhayibheli ngekusasa lesintu?
8 Lokho iBhayibheli elikushoyo ngekusasa lomhlaba nangesintu kungase kufingqwe ngegama elilodwa—IPharadesi! UJesu Kristu wakhuluma ngalo lapho etshela indoda eyayifa: “Uyoba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Ngokungangabazeki ukuphatha iPharadesi kwakhumbuza leyondoda isimo esijabulisayo sabazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva. Lapho uNkulunkulu ebadala, babephelele futhi baphila epaki elinjengensimu elaliklanywe futhi lalinywa uMdali. Ngokufanelekile labizwa ngokuthi insimu yase-Edene, okuyigama elibonisa injabulo.
9. Kwakunjani ukuphila ePharadesi lokuqala?
9 Yeka ukuthi leyonsimu yayiyinhle kanjani! Yayiyipharadesi langempela. Phakathi kwemithi yayo kwakukhona eyayithela izithelo eziconsisa amathe. Njengoba u-Adamu no-Eva babehambe bebuka lendawo yabo, bephuza amanzi ayo amtoti, futhi bekha nezithelo zemithi yayo, babengenasizathu sokukhathazeka noma ukwesaba. Ngisho nezilwane zazingelona usongo, ngoba uNkulunkulu wayebeke lendoda nomkayo phezu kwazo zonke ukuze bazibuse ngothando. Ngaphezu kwalokho, laba bantu ababili bokuqala babephile sáka. Lapho beqhubeka belalela uNkulunkulu, babeyolokhu benekusasa laphakade, elijabulisayo. Babenikezwe umsebenzi owanelisayo wokunakekela ikhaya labo elihle eliyiPharadesi. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wanikeza u-Adamu no-Eva umyalo wokuba ‘bagcwalise umhlaba, bawunqobe.’ Bona kanye nenzalo yabo babeyonweba imingcele yePharadesi kuze kube yilapho yonke iplanethi yethu iba indawo enhle nejabulisayo.—Genesise 1:28.
10. Lapho uJesu ekhuluma ngePharadesi, wayeshoni?
10 Nokho, lapho uJesu ekhuluma ngePharadesi wayengaceli leyondoda eyayifa ukuba icabange ngesikhathi esadlula kudala. Cha, uJesu wayekhuluma ngesikhathi esizayo! Wayazi ukuthi lonke ikhaya lethu lasemhlabeni laliyoba ipharadesi. Ngaleyondlela uNkulunkulu wayeyofeza injongo yakhe yasekuqaleni ngesintu nomhlaba wethu. (Isaya 55:10, 11) Yebo, iPharadesi liyobuyiselwa! Futhi liyoba njani? Vumela iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele, liphendule.
UKUPHILA EPHARADESI ELIBUYISELWE
11. EPharadesi elibuyiselwe, kuyokwenzekani ngokugula, ukuguga, nokufa?
11 Ukugula, ukuguga, nokufa ngeke kusaba khona. “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.” (Isaya 35:5, 6) “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso [isintu]. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
12. Kungani singaqiniseka ukuthi ePharadesi elizayo ngeke bube khona ubugebengu, ubudlova, nobubi?
12 Ubugebengu, ubudlova, nobubi buyosuswa phakade. “Ababi bazakuchithwa . . . Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho . . . Uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba.” (IHubo 37:9-11) “Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”—IzAga 2:22.
13. UNkulunkulu uyokuletha kanjani ukuthula?
13 Ukuthula kuyovama emhlabeni wonke. “[UNkulunkulu] uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto.” (IHubo 46:9) “Olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.”—IHubo 72:7.
14, 15. Lithini iBhayibheli ngezindlu, imisebenzi, nokudla ePharadesi elibuyiselwe?
14 Izindlu ziyoba eziqinisekile futhi umsebenzi uyokwanelisa. “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo . . . Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko.”—Isaya 65:21-23.
15 Ukudla okunempilo kuyoba inala. “Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.” (IHubo 72:16) “Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.”—IHubo 67:6.
16. Kungani ukuphila ePharadesi kuyoba okujabulisayo?
16 Ukuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi kuyoba okujabulisayo. “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.” (IHubo 37:29) “Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.”—Isaya 35:1.
ULWAZI NEKUSASA LAKHO
17. (a) Kufanele wenzeni uma ukuphila ePharadesi kukuhlaba umxhwele? (b) Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uzokwenza izinguquko ezinkulu emhlabeni?
17 Uma ukuphila ePharadesi kukuhlaba umxhwele, ungavumeli lutho lukuvimbele ukuba uzuze ulwazi ngoNkulunkulu. Uyasithanda isintu futhi uzokwenza izinguquko ezidingekayo ukuze umhlaba ube ipharadesi. Yebo, ukuba ubunamandla okuqeda ukuhlupheka nokungabi nabulungisa okwande kangaka emhlabeni, ubungeke yini ukuqede? Ingabe singalindela ukuba uNkulunkulu enze okungaphansi kwalokho? Eqinisweni, iBhayibheli likhuluma ngokucacile ngesikhathi uNkulunkulu ayosusa ngaso lesi simiso esigcwele izingxabano esikhundleni saso alethe ukubusa okuphelele, okunokulunga. (Daniyeli 2:44) Kodwa iBhayibheli lenza okungaphezu nje kokusitshela ngakho konke lokhu. Lisibonisa ukuthi singasindela kanjani ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe.—2 Petru 3:13; 1 Johane 2:17.
18. Lungakwenzelani ulwazi ngoNkulunkulu manje?
18 Futhi ulwazi ngoNkulunkulu lungakuzuzisa ngisho kwamanje. Imibuzo ejulile nephazamisa kakhulu ekuphileni iyaphendulwa eBhayibhelini. Ukwamukela isiqondiso salo kuyokusiza ukuba ube nobungane noNkulunkulu. Yeka ilungelo elikhulu! Futhi lokhu kuyokwenza ukwazi ukujabulela ukuthula okunguNkulunkulu kuphela ongakunikeza. (Roma 15:13, 33) Njengoba uqala ukungenisa lolu lwazi olubalulekile, uqala umsebenzi obaluleke kakhulu nonomvuzo ekuphileni kwakho. Awusoze wazisola ngokuthola ulwazi ngoNkulunkulu oluholela ekuphileni okumi phakade.
19. Yimuphi umbuzo esizowucabangela esahlukweni esilandelayo?
19 Siye sabiza iBhayibheli ngokuthi incwadi equkethe ulwazi ngoNkulunkulu. Nokho, sazi kanjani ukuthi aliyona incwadi enokuhlakanipha komuntu, kodwa ukuthi lingokuthile okungaphezulu kakhulu kwalokho? Sizocabangela lombuzo esahlukweni esilandelayo.
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Kungani ulwazi ngoNkulunkulu lungakuholela enjabulweni yaphakade?
Kuyoba njani ukuphila ePharadesi lasemhlabeni elizayo?
Kungani uyozuza ngokungenisa ulwazi ngoNkulunkulu manje?